“NgoMeyi 4–10. ‘Ningahlubuki kuJehova, futhi Ningesabi: INumeri 11–14; 20–24; 27” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoMeyi 4–10. ‘Ningahlubuki eNkosini, futhi Ningesabi,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
Ugwadule eduze neNhlonhlo lase Sinayi
NgoMeyi 4–10: “Ningahlubuki kuJehova, futhi Ningesabi”
INumeri 11–14; 20–24; 27
Ngisho nangezinyawo, kwakungeke kuthathe iminyaka engama-40 ukuhamba usuka ehlane laseSinai uya ezweni lesethembiso eKhenani. Kepha yileso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli ababesidinga—hhayi ukuhamba ibanga lendawo kepha ukuhamba ibanga langokomoya: ibanga elaliphakathi kokuthi babengobani, nokuthi babengaba ngobani njengabantu bakaNkulnkulu besivumelwano.
Incwadi kaNumeri ichaza okunye okwenzeka ngaleso sikhathi seminyaka engama-40, kubalwa nezifundo abantwana bakwa-Israyeli ababedinga ukuzifunda ngaphambi kokungena ezweni lesethembiso. Bafunda ngokwethembeka ezincekwini zeNkosi (bheka kuNumeri 12). Bafunda ngokwethemba amandla eNkosi, noma ngabe ikusasa libukeka lingathembisi (bheka kuNumeri 13–14). Futhi bafunda ukuthi ukungabi nokholo kuletha ukulimala ngokomoya, kepha babengaphenduka babheke kuMsindisi ukuze bathole ukuphiliswa (bheka kuNumeri 21:4–9).
Sonke sifana nabakwa-Israyeli ngezinye izindlela. Siyazi ukuthi kunjani ukuba sehlane langokomoya, futhi izifundo abazifunda zingasisiza silungiselele ukungena ezweni lethu lesethembiso: ukuphila okuphakade noBaba wethu oseZulwini.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
INumeri 11:11–17, 24–29; 12
Isambulo singatholwa yiwo wonke umuntu, kodwa uNkulunkulu uhola iBandla Lakhe ngomphrofethi Wakhe.
KuNumeri 11:11–17, 24–29, qaphela inkinga uMose ayebhekene nayo kanye nesixazululo uNkulunkulu asiphakamisa. Ucabanga ukuthi wayechaza ukuthini uMose ngesikhathi efisa “sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi”? (evesini 29). Njengoba uzindla ngalombuzo, funa okungahle kube yimpendulo kumlayezo ka Russell M. Nelson othi, “Revelation for the Church, Revelation for Our Lives” (iLiyahona, ngoMeyi 2018, 93–96).
Ukuthi sonke singasithola isambulo, akusho ukuthi sonke singabahola abantu bakaNkulunkulu ngendlela uMose ayebahola ngayo. Isehlakalo esiku Numeri 12 siyakucacisa lokhu. Yiziphi izexwayiso ozitholayo kulesi sahluko? Yini ozwa ukuthi iNkosi ifuna ukuthi uyiqonde mayelana nesambulo somuntu siqu nokulandela umprofethi Wakhe?
Bheka futhi ku 1 Nefi 10:17; IMfundiso neziVumelwano 28:1–7; Dallin H. Oaks, “Two Lines of Communication,” iLiyahona, yangoNov. 2010, 83–86.
Gxila kulokho okubaluleke kakhulu. Abanye abantu baphela amandla ngesiphakamiso sokufunda masonto onke encwandini i Wozani, Ngilandeleni. Njengoba uzibuyekeza izihloko, landela uMoya. Cabanga ngezakho izidingo kanye nezidingo zabantu okungenzeka uyabafundisa. Ukuqonda kanye nokwenza ngokugcwele imfundiso eyodwa ngesonto elilodwa kungaba wusizo kakhulu kunokufunda izahluko ezimbalwa ngokukha phezulu nje.
INumeri 12:3
“UMose wayemnene kunabo bonke.”
Abanye abantu bayamangala ukwazi ukuthi uMose, umholi onamandla owama phambi kukaFaro futhi wenza izimangaliso ngamandla eNkosi, ukuthi futhi “wayemnene kunabo bonke” (INumeri 12:3). Kusho ukuthini ukuba mnene? Cabanga ngokufunda incazelo yeGosa uDavid A. Bednar enkulumweni yakhe ethi “Meek and Lowly of Heart” (iLiyahona, yangoMeyi 2018, 30–33) noma “Omnene, Ubumnene” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (uMtapo woLwazi weVangeli).
Yikuphi okufundayo ezibonelweni zikaMose zobumnene ku Eksodusi 18:13–25; INumeri 11:26–29; INumeri 12; KumaHeberu 11:24–27; kanye naku Mose 1:10–11? Ungase futhi uzindle ngokuthi uMsindisi wakukhombisa kanjani ukuba mnene (bheka ku NgokukaMathewu 11:29; 27:11–14; NgokukaLuka 22:41–42; NgokuJohane 13:4–5). Zikufundisani lezi zibonelo?
INumeri 13–14
Ngokholo eNkosini, ngingaba nethemba ngekusasa.
Njengoba ufunda INumeri 13–14, zama ukuzifaka ezicathulweni zabakwa-Israyeli. Ucabanga ukuthi kungani babefuna “ukubuyela eGibithe”? (INumeri 14:3). Ungawuchaza kanjani lo omunye “umoya” uKalebi ayenawo? (INumeri 14:24). Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngokholo lukaKalebi noJoshuwa, futhi ungazisebenzisa kanjani izibonelo zabo ezimweni obhekana nazo ?
Abayishumi bezinhloli zakwa-Israyeli zazesaba; uJoshuwa noKalebi babenokholo. Joshua and Caleb: Obedient Spies [uJoshuwa noKalebi: iziNhloli eziHloniphayo], ngu Douglas Klauba. @ Lifeway Collection/licenced from goodsalt.com
INumeri 21:4–9
Uma ngibheka kuJesu Kristu ngokholo, Angangelapha ngokomoya.
Abaphrofethi beNcwadi kaMormoni babeyazi indaba ebhalwe ku Numeri 21:4–9 futhi beqonda ukubaluleka kwayo ngokomoya. Funda izimfundiso zabo ngalendaba ku 1 Nefi 17:40–41; Alima 33:18–22; naku Helamani 8:13–15. Nansi eminye imibuzo ongazindla ngayo njengoba ufunda:
-
Ngabe inyoka yethusi imeleni ?
-
Ngabe ukulunywa yizinyoka kumeleni ?
-
Abakwa-Israyeli kwakumele “[babheke] inyoka yethusi” (INumeri 21:9) ukuze basinde Ucabanga ukuthi kungani abanye abantu benqaba ukubuka? Ngabe kuyenzeka okufanayo nakuwe?
-
Yikuphi ozizwa unogqozi lokukwenza “ukubheka iNdodana kaNkulunkulu ngokholo” usinde? (Helamani 8:15).
Ukufunda lezi zindinyana kungase kukukhumbuze ezinye izikhathi emibhalweni engcwele lapho abantu babedinga khona ukugxila kuKristu. Isibonelo, qhathanisa umyalezo kaNumeri 21:4–9 no NgokukaMathewu 14:25–31 kanye no 1 Nefi 8:24–28 (bheka futhi izithombe ngasekugcineni kwalesi sifundo salelisonto). Yini ejwayele ukukudonsela kude noKristu? Ubabusisa kanjani abantu abahlezi begxile Kuye?
Bheka futhi “Jesus, the Very Thought of Thee” (Amaculo, no. 141).
INumeri 22– 24
Ngingakwazi ukulandela intando kaNkulunkulu, ngisho noma abanye bezama ukungincenga ukuba ngingakwenzi lokho.
Ngesikhathi uBalaki, iNkosi yakwaMowabi, izwa ukuthi abakwa-Israyeli base besondela, wabiza uBalami, indoda eyayaziwa ngokuphimisa izibusiso neziqalekiso. UBalaki wayefuna aqalekise abakwa-Israyeli. Naka indlela uBalaki azama ngayo ukuncenga uBalami (bheka u Numeri 22:5–7, 15–17), bese ucabanga ngezilingo ongase ubhekane nazo ukuba uphikisane nentando kaNkulunkulu. Yini ekuhlaba umxhwele ngempendulo kaBalami ku Numeri 22:18, 38; 23:8, 12, 26; 24:13? Ngokudabukisayo, uBalami wagcina ehlulwa yingcindezi futhi wadayisa u-Israyeli (bheka u Numeri 31:16; EkaJuda 1:11). Zindla ngokuthi ungahlala kanjani uthembekile eNkosini nakuba kukhona ingcindezi evela kwabanye.
Amasu okuFundisa Abantwana
INumeri 11:4-10
Ngingabonga ngalokho uNkulunkulu angiphe kona.
-
Buza abantwana bakho ukuthi bayazikhumbula yini ezinye zezimangaliso iNkosi eyazenza ukusiza u-Israyeli (bheka izihloko “IziNhlupheko zaseGibithe” nesithi “IPhasika” kwi zindaba zeTestamende eliDala, 67–74). Bese ungabe usubafingqela uNumeri 11:4–10, ugcizelela ukuthi abakwa-Israyeli base bezikhohliwe izibusiso zabo futhi bekhononda. Yiziphi izibusiso esibuye sizikhohlwe kwezinye izikhathi?
-
Ngesikhathi nicula noma nilalela iculo elimayelana nokubonga, njengelithi “Count Your Blessings” (Amaculo, no. 241), abantwana bakho bangadweba izithombe zezibusiso iNkosi ebaphe zona.
INumeri 12
INkosi ifuna ngilandele umphrofethi Wayo.
-
Ukwethula incwadi ka Numeri 12, ungabatshela abantwana bakho ukuthi iNkosi yayingeneme ngo-Aroni noMiriyamu, umfowabo nodadewabo kaMose. Bameme ukuba bafunde INumeri 12:1–8 ukuthola ukuthi kungani. Cabanga ngokusebenzisa Incwadi Yobuciko beVangeli ukusiza abantwana bakho bathole izibonelo zabantu emibhalweni engcwele ababemhlonipha umphrofethi weNkosi futhi babusiswa. Sibusiswa kanjani lapho silandela umphrofethi weNkosi?
INumeri 21:6–9
Ngingabheka kuJesu Kristu.
-
Ungasebenzisa “UMose neNyoka yeThusi“ e Zindabeni zeTestamente eliDala, 83-84, ukuze usize izingane zakho zifunde okwenzeka kuNumeri 21:6–9. Ifana kanjani noJesu Kristu inyoka yethusi? (bheka ku NgokukaJohane 3:14–15). Abantwana bakho bangakuthokozela ukwenza inyoka ngephepha bese bebhala kuyo izinto ezilula abangazenza uku “buka eNdodaneni kaNkulunkulu ngokholo” (Helamani 8:15).
1:2Moses and the Brass Serpent
-
Izingane ezindala zingakhetha omunye walemibhalo engcwele futhi zabelane ngalokho owengeza ngakho ekuqondeni kwabo indaba: 1 Nefi 17:41; Alima 33:18–20; Helamani 8:13–15; IMfundiso neziVumelwano 6:36.
Bronze Serpent [iNyoka yeThusi], ngu Brent Evans
INumeri 22– 24
Ngingakwazi ukulandela intando kaNkulunkulu, ngisho noma abanye bezama ukungincenga ukuba ngingakwenzi lokho.
-
Fingqela abantwana bakho uNumeri 22:1–18 ugcizelele ukuthi uBeliyamu wenqaba kanjani ukuqalekisa abantu bakaNkulunkulu, nakuba uBalaki, inkosi yakwaMowabi, yayimnika udumo nengcebo. Bese usiza abantwana bakho ukuba bacinge imishwana kulamavesi alandelayo ababona ukuthi ikhombisa ukuthi uBeliyamu wayefuna ukulandela uNkulunkulu: INumeri 22:18; 23:26; 24:13. Mhlawumbe abantwana bakho bangakhetha umushwana owodwa abawuthandayo bese bewubhala ekhadini ukubasiza bakhumbule ukulalela iNkosi.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.
Ngakwesokunxele phezulu: The Crucifixion of Christ [ukuBethelwa kukaKristu]. Ngakwesokudla phezulu: Moses and the Brass Serpent [UMose neNyoka yeThusi], ngu Judith Mehr. Ngakwesokunxele phansi: Finisher of Faith [UMphelelisi wokuKholwa], nguKelsy noJesse Lightweave. Ngakwesokudla phansi: Lehi’s Dream [iPhupho likaLehi], nguJerry Thompson