“UMose neNyoka yeThusi” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UMose neNyoka yeThusi,” Izindaba zeTestamente eliDala
uNumeri 21
UMose neNyoka yeThusi
Ukufunda ukuba nokholo eNkosini
Ngesikhathi ama-Israyeli ehamba ehlane, ayejwayele ukuyikhohlwa iNkosi futhi akhononde. INkosi yathumela izinyoka ukuwasiza abenesizotha futhi ayikhumbule. Izinyoka zabaluma abantu, futhi abantu abaningi bafa.
uNumeri 21:1–6
Maduzane abantu baphenduka. Bacela uMose akhulekele ukuthi iNkosi yenze izinyoka zihambe. INkosi ayizange izihambise izinyoka. Kepha yenza indlela yokuthi abantu basindiswe uma belunyiwe.
uNumeri 21:7
INkosi yatshela uMose ukuba enze inyoka yethusi ayifasele endukwini. Uma abantu belunyiwe futhi babuka inyoka yethusi, iNkosi yayizobasindisa. INkosi yasiza ama-Israyeli ukuba azithobe futhi athembele Kuyo.
uNumeri 21:8–9; 1 Nefi 17:41; uHelamani 8:14–15