“U-Elisha Welapha UNahamani,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“U-Elisha Welapha UNahamani,” Izindaba zeTestamente eliDala
II AmaKhosi 5
U-Elisha Welapha UNahamani
Indlela isimangaliso esikhulu esalandela ngayo ukholo olulula
Kude eSiriya kwakukhona indoda eyayibizwa ngoNahamani. Wayeyinduna enkulu yebutho laseSiriya. Kodwa uNahamani wayenesifo sesikhumba esibuhlungu esibizwa ngochoko.
II AmaKhosi 5:1
Incekukazi yomkaNahamani kwakuyintombazane yakwa-Israyeli. Lentombazane yayinokholo eNkosini. Yathi uma uNahamani wayengavakashela umprofethi u-Elisha, wayengalapheka esifweni sakhe.
II AmaKhosi 5:2–4
UNahamani wahamba ibanga elide ukuze athola u-Elisha. UNahamani wayecabanga ukuthi wayezolashwa yisimangaliso esikhulu.
II AmaKhosi 5:5–8
UNahamani wafika endlini ka-Elisha nezinceku zakhe, namahhashi, kanye nezinqola. U-Elisha wathumela inceku yakhe ukuba inikeze uNahamani imiyalelo yeNkosi. INkosi yayizomelapha uNahamani uma wayezozigeza kasikhombisa eMfuleni iJordani.
II AmaKhosi 5:9–10
UNahamani wayethukuthele ngoba yena wayefuna umprofethi weNkosi aphume azomelapha ngokushesha. UNahamani wayekhononda ethi imifula emikhulu yaseSiriya yayingcono kakhulu kunoMfula iJordani.
II AmaKhosi 5:11–12
Kodwa izinceku zikaNahamani zambuza uNahamani ukuthi kungani wayehlulwa ukwenza umsebenzi olula kangaka na. Ngisho noma kwakungenamqondo kuNahamani, kepha ngumprofethi weNkosi owayemucelile ukuba akwenze lokho.
II AmaKhosi 5:13
UNahamani wayeka ukuzikhukhumeza walalela izinceku zakhe. Wazigeza kasikhombisa eMfulenia iJordani. INkosi yase imelapha uNahamani, njengoba wayeshilo u-Elisha. UNahamani wayesazi ukuthi u-Elisha wayengumprofethi nokuthi iNkosi ikhona ngempela.
II AmaKhosi 5:14–15