“UJosefa eGibithe,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UJosefa eGibithe,” Izindaba zeTestamente eliDala
UGenesise 39–41
UJosefa eGibithe
Isigqila siphenduka umholi
UJosefa wadayiswa njengesigqila endodeni ebizwa ngoPotifari. UPotifari wayesebenzela uFaro, umphathi waseGibithe. UPotifari wayebona ukuthi iNkosi yayimusiza uJosefa. Wayemethemba uJosefa futhi wamenza umphathi wendlu yakhe nakho konke okungokwakhe.
UGenesise 39:1–6
UNkosikazi kaPotifari wayemuthanda uJosefa. Wayefuna uJosefa aphule imiyalelo yeNkosi naye. UJosefa wamtshela ukuthi cha.
UGenesise 39:7–10
Unkosikazi kaPotifari wayengafuni ukulalela, ngakho-ke uJosefa wabaleka. Wamucasukela uJosefa.
UGenesise 39:11–12
Wakhombisa uPotifari ucezu lwengubo kaJosefa. Waqamba amanga kuPotifari ngoJosefa. UPotifari wafaka uJosefa ejele.
UGenesise 39:13–20
UJosefa wayehlukene nomndeni wakhe. Waba yisigqila, futhi manje wayeyisiboshwa. Kepha iNkosi yaqhubeka yamsiza uJosefa. UJosefa akaphelanga amandla. INkosi yabusisa unogada wasejele ukuba abone okuhle kuJosefa. Unogada waqala wamethemba, ngakho-ke wenza uJosefa abe umphathi wezinye iziboshwa.
UGenesisi 39:21
UJosefa wahlangana neziboshwa ezimbili, umbhaki nomphathizitsha, ababesebenzele uFaro. Zombili zazinamaphupho angajwayelekile. Ngamandla eNkosi, uJosefa wachaza ukuthi amaphupho azo ayechaza ukuthini. Iphupho lomphathizitsha lalichaza ukuthi umphathizitsha wayezokhululwa. Ezinsukwini ezintathu ezilandelayo, wakhululwa ukuba ayosebenzela uFaro futhi.
UGenesise 39:22–23; 40:1–21
Ngolunye usuku uFaro wayephatheke kabi ngenxa yamaphupho akhe. Akekho owayekwazi ukumtshela ukuthi amaphupho akhe ayechaza ukuthini.
UGenesise 41:1–8
Kwathi umphathizitsha wakhumbula ukuthi uJosefa wayekwazi ukuchaza amaphupho.
UGenesise 41:9–13
UJosefa wakhishwa ejele ukuzochaza amaphupho kaFaro. UJosefa wathi amaphupho achaza ukuthi iGibithe izoba neminyaka eyisikhombisa enokudla okuningi bese ilandelwa iminyaka eyisikhombisa yendlala nokudla okuncane kakhulu. UJosefa watshela uFaro ukuthi iGibithe kumele igcine ukudla okwengeziwe ngaleminyaka emihle.
UGenesise 41:14–36
UFaro wayazi ukuthi lokho okwakushiwo nguJosefa ngamaphupho akhe kwakuyiqiniso. Wakhulula uJosefa ejele futhi wenza uJosefa umholi omkhulu eGibithe. Iminyaka eyisikhombisa, uJosefa wasiza iGibithe igcine ukudla okwengeziwe.
UGenesise 41:37–53
Yase yakifa indlala. Ngalesi sikhathi, akekho owayekwazi ukukhulisa ukudla. Abantu babeza eGibithe ukuzothenga ukudla okwakugcinwe uJosefa. Ngenxa kaJosefa, abaseGibithe bagcina ukudla okwanele ukusiza bona nabanye ukuba baphile ngesikhathi sendlala.
UGenesise 41:54–57