“Umndeni ka-Adamu no-Eva” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“Umndeni ka-Adamu no-Eva,” Izindaba zeTestamente eliDala
uGenesise 4; uMose 5–6
Umndeni ka-Adamu no-Eva
Ukukhetha ukulandela iNkosi
Emuva kokuba u-Adamu no-Eva bashiye iNsimu yase-Edene, baqhubeka bafunda ngesu likaBaba oseZulwini lasemhlabeni elingabo. Baba nabantwana abaningi futhi babafundisa konke abakwaziyo ngeNkosi. Abanye abantwana ba-Adamu no-Eva bakhetha ukulalela iNkosi. Kepha abanye bakhetha ukungayilaleli.
Umndeni ka-Adamu no-Eva wagcina incwadi yesikhumbuzo. Babhala umlando womndeni wabo encwadini. Babhala ngokuthi iNkosi yabasiza kanjani.
UKayini no-Abele babengamadodona amabili ka-Adamu no-Eva. U-Abele wayeyithanda iNkosi futhi wakhetha ukuyilandela. UKayini akayilalelanga iNkosi. Wakhetha ukuvukela.
UGenesise 4:1-16
Umndeni ka-Adamu no-Eva waqhubeka wakhula. Abanye abantu abaningi bazalwa. Bonke babenenkululeko yokuthatha izinqumo. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye bavukela imiyalelo yeNkosi. INkosi yathumela abaprofethi ukuba bafundise abantu ukuba baphenduke.
uGenesise 4:25–26; uMose 5:13; 6:23