“UHana,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UHana,” Izindaba zeTestamente eliDala
I uSamuweli 1-2
UHana
Impendulo yeNkosi kowesifazane othembekile
Njalo ngonyaka, uHana nomyeni wakhe babeya endlini yeNkosi, ethempelini. UHana wayenganabo abantwana, ngakho-ke wayezizwa ephatheka kabi kakhulu. Wazila ukudla futhi wakhulekela ingane yomfana. UHana wathembisa iNkosi ukuthi uma ethola indodana, indodana yakhe yayizokhula isebenzele Yona.
I uSamuweli 1:1–11
Umpristi okuthiwa u-Eli wabona uHana ekhala. Wamtshela ukuthi iNkosi yayizophendula umkhuleko wakhe. UHana wayeyithemba iNkosi futhi enethemba.
I uSamuweli 1:12, 17-18
Ngalowonyaka, uHana wathola umntwana omncane womfana. Wamqamba ngokuthi uSamuweli.
I Samuweli 1:20–23
UHana wagcina isethembiso sakhe eNkosini. Ngesikhathi uSamuweli esekhule ngokwanele, wamhambisa ukuba ayosebenza endlini yeNkosi. Wasebenza no-Eli, umpristi. UHana waqhubeka wamuvakashela uSamuweli. Wamulethela izingubo ayemenzele zona. INkosi yabusisa uHana ngabanye abantwana abahlanu ngaphezulu.
I uSamuweli 1:24–28; 2:21