“Ngo-Ephreli 27–Meyi 3. ‘Ubungcwele eNkosini: I-Eksodusi 35–40; ILevithikhusi 1; 4; 16; 19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“Ngo-Ephreli 27–Meyi 3. ‘UbungcweleeNkosini,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
IThempeli laseRio de Janeiro eBrazil
Ngo-Ephreli 27–Meyi 3: “Ubungcwele eNkosini”
I-Eksodusi 35–40; ILevithikhusi 1; 4; 16; 19
Ukushiya iGibithe—nakuba kwakubalulekile—akuzange kuzifeze ngokugcwele izinhloso zikaNkulunkulu ngabantwana bakwa-Israyeli. Ngisho nokuchuma kwempilo ezweni lesithembiso kwakungeyona inhloso yokugcina kaNkulunkulu ngabo. Lezi kwakuyizinyathelo nje ezibheke kulokho uNkulunkulu ayekufunela abantu Bakhe: “Niyoba ngcwele ngokuba Mina iNkosi uNkulunkulu wenu ngingcwele” (ILevithikhusi 19:2). UNkulunkulu wafuna kanjani ukwenza abantu Bakhe ukuba babe ngcwele ngemva kokuba babephile ekuthunjweni izizukulwane ngezizukulwane? Wabayala ukuba bakhe indawo yobungcwele ehlane—itabernakele. Wabanika izivumelwano kanye nemithetho ukuqondisa izenzo zabo futhi ukuguqula izinhliziyo zabo. Futhi Wabayala ukuba benze iminikelo yezilwane ukubafundisa ngenhlawulo yezono zabo. Konke lokhu kwakwenzelwe ukuqondisa imiqondo yabo, izinhliziyo zabo, kanye nezimpilo zabo kuMsindisi. Uyindlela eyiqiniso eya ebungcweleni, kwabakwa-Israyeli nakithi. Sonke sichithe isikhathi esithile ekuthunjweni yisono, futhi sonke simenyiwe ukuba sishiye isono ngemuva silandele uJesu Kristu, othembisile wathi, “Ngiyakwazi ukunenza nibengcwele” (IMfundiso neziVumelwano 60:7).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
I-Eksodusi 35–40; ILevithikhusi 19
INkosi ifuna ngibengcwele.
I-Eksodusi 35–40 ichaza imizamo yabakwa-Israyeli mayelana nokwakhiwa kwetabernakele, lapho izimiso ezingcwele ezazizobasiza ukuthi babe ngabantu abangcwele. Ngesikhathi ufunda kulezi zahluko, bheka izinto iNkosi eyacela abantu Bayo ukuba bazibeke kwitabernakele. Lezi zinto zingamelani na? Ngabe ziphakamisani kuwe ngokukhula ebungcweleni na? Ikakhulukazi cabanga ukuthi lezi zinto ziyiphendula kanjani imicabango yakho kuMsindisi. Itafula elinje lingakusiza:
|
Yini into oyitholile na? |
Lokhu kungafanekiselani na? |
|---|---|
Yini into oyitholile na? Umphongolo wesivumelwano (I-Eksodusi 37:1–9; 40:20–21) | Lokhu kungafanekiselani na? (Bheka I-Eksodusi 25:20–22; iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Umphongolo wesiVumelwano”) |
Yini into oyitholile na? I-althare lempepho (I-Eksodusi 40:26–27; bheka futhi I-Eksodusi 30:1, 6–8) | Lokhu kungafanekiselani na? (Bheka ISambulo 8:3–4) |
Yini into oyitholile na? Isibani samakhandlela noma uthi lwesibani (I-Eksodusi 37:17–24) | Lokhu kungafanekiselani na? (Bheka NgokukaMathewu 5:14–16; NgokukaJohane 8:12) |
Yini into oyitholile na? I-althare lomnikelo (I-Eksodusi 38:1–7; bheka futhi I-Eksodusi 27:1; 29:10–14) | Lokhu kungafanekiselani na? (Bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Umnikelo”) |
Yini into oyitholile na? Umcengezi (ubheseni) wamanzi (I-Eksodusi 30:17–21) | Lokhu kungafanekiselani na? (Bheka 2 IZikhronike 4:6; U-Izaya 1:16; UJeremiya 33:8) |
Vele, ukuba sezindaweni ezingcwele nje kuphela akusenzi sibe ngcwele. ILevithikhusi 19 ichaza imithetho kanye nemiyalelo iNkosi eyayinika ukusiza abakwa-Israyeli ukuthi bande ebungcweleni. Ngabe yikuphi okutholayo kule miyalelo okungakusiza ukuba ubheke ubungcwele eNkosini na? Ngabe yikuphi ozizwa unentshisekelo yokuba ukwenze ukuze uyiphile ngobugcwele lemigomo na?
Bheka futhi uHenry B. Eyring, “Holiness and the Plan of Happiness,” iLiyahona, ngoMeyi 2019, 100–103; “The Tabernacle” (ividiyo), Umtapo Wolwazi weVangeli.
The Tabernacle
Sebenzisani umculo ongcwele. Umculo unamandla amakhulu okumema ithonya likaMoya futhi wakhe ukholo kuJesu Kristu. Imiyalezo kwimihlabelelo ivamise ukuqinisa imfundiso emibhalweni engcwele. Ngokwesibonelo, ukucula iculo elithi “More Holiness Give Me” (Amaculo, no. 131) ingaqinisekisa eminye imiyalezo eku-Levithikhusi 19. Kungakusiza futhi ukuthi ucabange ngokuthi kusho ukuthini ukuba ngcwele kakhulu njengoMsindisi futhi uzindle ukuthi ukusiza kanjani ukuthi ukhule ebungcweleni.
I-Eksodusi 35:4–35; 36:1–7
INkosi ingicela ukuthi ngenze iminikelo yami ngenhliziyo evumayo.
Ngonyaka ngemuva kokuphuma eGibithe, ubudlelwano babantwana bakwa-Israyeli noJehova babungachazwa njengobabungavumelani. Nakuba kunjalo, ngesikhathi ufunda I-Eksodusi 35:4–35 kanye 36:1–7, qaphela ukuthi abakwa-Israyeli basabela kanjani emyalweni wokwakha ithabanakeli. Ngabe yikuphi okufundayo kwabakwa-Israyeli okungakusiza ukuthi ukhonze kangcono iNkosi na?
Angangakucela izinsimbi eziyigugu, ilineni noma ukhuni lwetabernakele. Yini ekunike yona iNkosi, futhi icela ukuthi unikele ngani? Kunini lapho “inhliziyo yakho [iku]vuselela ukuba uze kulomsebenzi?”
Futhi Bheka iziHloko Nemibuzo, “Sacrifice,” Umtapo Wolwazi Wevangeli.
Abantwana bakwa-Israyeli banikela ngeminikelo yetabernakele “ngenhliziyo ethandayo” (I-Eksodusi 35:5). Umfanekiso nguCorbert Gauthier, © Lifeway Collection/ogunyazwe ku goodsalt.com
I-Eksodusi 40:12–14
Izimiso zasethempelini zanikezwa emandulo.
I-Eksodusi 40:12–14 ibhekise ezimisweni zamandulo ezibuye zenziwe osukwini lwethu endlini yeNkosi. Nawa amanye amavesi engeziwe angakusiza ufunde ukuthi lezi zimiso zifakaza kanjani ngoJesu Kristu:
-
Ukugeza: AMahubo 51:2; UHezekeli 36:25–27
-
Ukwembatha izembatho ezingcwele: U-Izaya 61:10; NgokukaMathewu 22:11–14; ISambulo 19:7–8
-
Ukugcoba: NgokukaLuka 4:18–19; IZenzo 10:38
ILevithikhusi 1:1–9; 4; 16
Ngenxa yomnikelo kaJesu Kristu, ngingaxolelwa.
Okuningi encwadini kaLevithikhusi kungabonakala kungajwayelekile kithi—iminikelo yezilwane, amasiko enegazi kanye namanzi, nemithetho elawula imininingwane emincane yokuphila. Kodwa lamasiko kanye nemithetho yayihloselwe ukufundisa imigomo ejwayelekile—ukuphenduka, ubungcwele, kanye neNhlawulo kaMsindisi. Ukuthola lezi zimiso ngesikhathi ufunda ILevithikhusi 1: 1–9; 4; 16, cabanga ngemibuzo efana nalena:
-
Yimaphi amazwi noma imisho engiyitholayo engikhumbuza ngoJesu Kristu kanye nomnikelo Wakhe ohlawulayo?
-
Yikuphi engikufundayo kuleminikelo ngomnikelo woMsindisi?
-
Ngabe ngifana kanjani nalabo bantu ababenza leminikelo?
INkosi ayisayidingi iminikelo yezilwane. Kodwa ukunikela kuwumgomo osabalulekile wevangeli. Ukufunda ngenzinhlob zeminikelo iNkosi eyidingayo, funda ku 3 Nefi 9:19–20; IMfundiso neziVumelwano 64:34. Ngabe uzinikela kanjani lezinhlobo zeminikelo? Ngabe uMose 5:7 ukufundisani ngokuba kumele uyibuke kanjani iminikelo yakho na?
Bheka futhi “ Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni: ITabernakele kanye noMnikelo.”
Amasu okuFundisa Abantwana
I-Eksodusi 35:20–29; 36:1
UNkulunkulu ungiphe izipho zokusiza emsebenzini Wakhe.
-
Ekupheleni kwalolu hlaka kunesithombe setabernakele lama-Israyeli ehlane. Ungase uthande ukulibheka nezingane zakho bese uzibuze ukuthi iziphi izinto ezaziyodingeka ukuze kwakhiwe itabernakele. Bese ningafunda ndawonye I-Eksodusi 35:20–29 ukuthola ukuthi zatholwa kanjani lezizinto. INkosi isimeme kanjani ukuba sinikele ekwakhiweni kombuso Wayo?
-
Cabanga ngokufunda nazo I-Eksodusi 36:1 ukuthola ukuthi yini iNkosi anika uBhezaleli kanye no-Oholiyabhe ukusiza ukwakha itabernakele. Usungabuye ukhulume nabantwana bakho ngokuba wena uzwa ukuthi iNkosi ibapheni ukusiza ukwakha umbuso Wayo. Singazisebenzisa kanjani lezi zinto ukubusisa abanye?
IThempeli lase Roma e-Italy
I-Eksodusi 40:17–34
Ngiyabuzwa ubukhona beNkosi ezindaweni ezingcwele.
-
I-Eksodusi 40:17–34 ibala izinto ezaziyingxenye yetabernakele yabase-Israyeli. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningazithola kulamavesi nasesithombeni setabernakele ekugcineni kwalolu hlaka. Khulumani ngokuthi ingxenye ngayinye yethabanakeli ingasifundisa kanjani ngoMsindisi noma uBaba oseZulwini. Ngokwesibonelo, umphongolo wesivumelwano ungasikhumbuza ngemiyalelo kaNkulunkulu, i-althare ingasikhumbuza ngomnikelo kaJesu Kristu, njalo njalo.
-
Yiziphi izindawo ezingcwele esinazo namuhla ezisisizayo ukuba sizizwe sisondele maduze kuJesu Kristu? Okungaba ingxenye yalengxogxo, ningabuka ndawonye ividiyo ethi “Temples” (Umtapo Wolwazi Wevangeli). Ningabuye nicule iculo elithi “Holy Places” (Umtapo Wolwazi Wevangeli). Abelananani ndawonye ngokuthi nizizwa kanjani ngezindawo ezingcwele njengethempeli.
What Is a Temple?
ILevithikhusi 1:1–4
Ngenxa yomnikelo kaJesu Kristu, ngingaxolelwa.
-
Iminikelo yezilwani echaziwe kwiTestamentini Elidala yayimele ukufindisa izingane zakwa-Israyeli ngokuxolelwa okwenzeka ngoJesu Kristu. Cabanga ngokuthi ukufunda ngaleminikelo kungabenzelani okufanayo abantwana bakho. Ungakhombisa izithombe zikaJesu Kristu eGetsemane futhi nasesiphambanweni (bheka incwadi yobuciko beVangeli, izinombolo 56, 57) ngesikhathi ufunda ILevithikhusi 1:1–4 nabantwana. Basize bathole amazwi noma imisho ebakhumbuza umnikelo kaJesu Kristu.
-
Ningabuye nifunde ndawonye u 3 Nefi 9:19–20 ukuze nithole ukuthi yini esiyiyalelwe ukuba sinikele ngayo esikhundleni sezilwane. Ngabe kusho ukuthini ukuba nenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo eNkosini? Bheka iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Inhliziyo Edabukileyo” (Umtapo Wolwazi Wevangeli) ukuthola usizo ekuphenduleni lombuzo.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.