“NgoMeyi 18–24. ‘Qina, Ume Isibindi: UJoshuwa 1–8; 23–24” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoMeyi 18–24. ‘Qina, Ume Isibindi,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
Moses Ordaining Joshua [uMose eGcoba uJoshuwa], ngu Darrell Thomas (imininingwane)
NgoMeyi 18–24: “Qina Ume Isibindi”
UJoshuwa 1–8; 23–24
Kwase kuthathe izizukulwane eziningana, kepha isethembiso seNkosi sase sizogcwaliseka: abantwana bakwa-Israyeli ekugcineni babezodla ifa lezwe lesethembiso. Kepha endleleni yabo kwakumi uMfula iJordani, izindonga zaseJeriko, nabantu abanamandla ababeyenqabile iNkosi (bheka ku 1 Nefi 17:35). Futhi kwakuzodingeka babhekane nakho konke lokho ngaphandle komholi wabo othandekayo uMose. Lesi simo kungenzeka ukuthi senza abanye bakwa-Israyeli bazizwe bebuthakathaka futhi besaba, kepha iNkosi yathi, “Qina, ume isibindi.” Yisiphi isizathu ababenaso sokuba nesibindi? Kwakungave kungenxa yamandla abo—noma ngisho akaMose noma akaJoshuwa—kodwa ngoba “UJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona” (UJoshuwa 1:9). Lapho sineyethu imifula okufanele siyiwele nezindonga okufanele sizidilize, izinto ezimangalisayo zingenzeka ezimpilweni zethu, ngoba “uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi [kwethu]” (UJoshuwa 3:5).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UJoshuwa 1:1–9
UNkulunkulu uzoba nami njengoba ngizama ukwethembeka Kuye.
Cabanga ukuthi kwakunjani kuJoshuwa ukuba abizelwe ukuthatha isikhundla sikaMose. Qaphela ukuthi iNkosi yathini ku Joshuwa 1:1–9 ukumkhuthaza. Cabanga ngezinselele ezinzima obhekana nazo; yikuphi kulamavesi okukunika isibindi ?
Igama elithi Joshuwa (Yehoshua noma Yeshua ngesiHeberu) lisho ukuthi “uJehova uyasindisa.” Futhi igama elithi Jesu livela ku Yeshua.. Ngakho-ke njengoba ufunda ngoJoshuwa, cabanga ngendima yakhe ekuholeni abantwana bakwa-Israyeli ngaphesheya komfula iJordani nasezweni lesethembiso. Babufana kanjani ubuthunywa bakhe nalokho uJesu Kristu asenzela kona ?
UJoshuwa 1:8
Izwi likaNkulunkulu lingenza indlela yami iphumelele.
Njengoba yayikhuthaza uJoshuwa, iNkosi yanika iseluleko ku Joshuwa 1:8 ngemibhalo engcwele, noma “izwi lomthetho.” Ngokucabangela umthwalo osindayo kaJoshuwa, kungani lesi seluleko sasingaba wusizo ngokukhethekile?
Lapho iNkosi isimema ukuba siyifunde imibhalo engcwele, Ivamise ukusebenzisa amagama asho okungale kokufunda nje kuphela. Yethembisa futhi nezibusiso ezinkulu. Lelithebula elingezansi lingakusiza wazi ngalezi zimemo nezibusiso ezithenjisiwe:
|
Isimemo |
Izibusiso ezithenjisiswe. | |
|---|---|---|
|
UJoshuwa 1:8 | Isimemo Zindla ubusuku nemini | Izibusiso ezithenjisiswe.
|
Isimemo
| Izibusiso ezithenjisiswe.
| |
Isimemo
| Izibusiso ezithenjisiswe.
| |
Isimemo
| Izibusiso ezithenjisiswe. Phumelela ezweni | |
Isimemo
| Izibusiso ezithenjisiswe.
| |
Isimemo
| Izibusiso ezithenjisiswe.
| |
|
Russell M. Nelson, “Hear Him,” Liyahona, ngoMeyi 2020, isigaba sokugcina ekhasini 89 | Isimemo
| Izibusiso ezithenjisiswe.
|
Izigcwalise kanjani lezi zethembiso iNkosi empilweni yakho? Manje sekungaba yisikhathi esihle sokuhlola imikhuba yakho yokufunda imibhalo engcwele. Yini ehamba kahle? Yini ozizwa ugqugquzeleka ukuba uyenze ukuze ube nolwazi olunenjongo olwengeziwe ngezwi likaNkulunkulu?
Bheka futhi “As I Search the Holy Scriptures,“ Amaculo, no. 277.
UJoshuwa 2
Kokubili ukholo nemisebenzi kuyadingeka ukuze sisindiswe.
AmaKristu eTestamente eLisha ambona uRahabi njengesibonelo samandla okholo nemisebenzi (bheka KumaHeberu 11:31; EkaJakobe 2:25). Njengoba ufunda UJoshuwa 2, cabanga ngendima yokholo nemisebenzi kaRahabi ekuzisindiseni yena, umndeni wakhe, kanye nezinhloli zakwa-Israyeli. Kukufundisani lokhu mayelana nendlela ukholo lwakho kuKristu nemisebenzi yakho okungakuthonya ngayo wena nabanye?
uRahabi ewindini lakhe. Waiting for the Promise [Ukulindela iseThembiso], ngu-Elspeth Young (imininingwane)
UJoshuwa 3–4
Ngokholo kuJesu Kristu, ngingabona “izimangaliso” zikaNkulunkulu.
INkosi yenza izimangaliso phakathi kwabantu Bayo lapho Ibaholela ezweni lesethembiso, futhi Ingakwenzela okufanayo nawe. Nansi eminye imibuzo yokuqondisa ukufunda kwakho u Joshuwa 3–4:
-
Ucabanga ukuthi babekudingelani abakwa-Israyeli ukuzingcwelisa ngaphambi kokuwela uMfula iJordani? (bheka ku Joshuwa 3:5).
-
Qaphela ukuthi umfula wahlukana kuphela ngemuva kokuba “kucwiliswe izinyawo zabaphristi onqenqemeni lwamanzi” (UJoshuwa 3:13, 15). Kungani lokho kubaluleke kakhulu?
-
Ezinye izehlakalo ezimbalwa ezibalulekile zenzeka eMfuleni iJordani—bheka 2 AmaKhosi 2:6–15; 5:1–14; kanye no NgokukaMarku 1:9–11. Yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwalezi zehlakalo?
-
Izenze kanjani iNkosi “izimangaliso” empilweni yakho? (UJoshuwa 3:5). Ungazibona noma uziqaphele kanjani lezo zimangaliso kaningi? (isibonelo, bheka UJoshuwa 3:17).
UJoshuwa 6–8
Ukulalela kumema amandla kaNkulunkulu empilweni yami.
UJoshuwa 6–8 ukhuluma ngezimpi emazweni aseJeriko nase-Ayi. Njengoba uzifunda lezi zahluko, cabanga ukuthi ulwa kanjani nesilingo empilweni yakho (Ngokwesibonelo, bheka UJoshuwa 7:10–13). Ufundani ngokuthi uNkulunkulu angakusiza kanjani nokuthi yini odinga ukuyenza ukuze ufinyelele emandleni Akhe? Ngokwesibonelo, yini ekuhlaba umxhwele ngemiyalelo yeNkosi yokuthatha iJeriko? (bheka UJoshuwa 6:1–5).). Mhlawumbe indaba eku Joshuwa 7 izokufaka ugqozi lokuthi unqume ukuthi ngabe “kukhona okuqalekisiweyo” yini empilweni yakho okudingeka ukususe (uJoshuwa 7:13).
UJoshuwa 23–24
“Khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza.”
Izimfundiso zokugcina zika Joshuwa kwabakwa-Israyeli ku Joshuwa 23–24 zinezexwayiso, izeluleko, kanye nezibusiso ezethenjisiweyo. Mhlawumbe ungenza uhlu lwalokho okutholayo. Uma ucabanga ngakho konke abakwa-Israyeli ababedlule kukho, ucabanga ukuthi kungani uJoshuwa akhetha ukubatshela lezi zinto ekupheleni kwempilo yakhe? Yikuphi okutholayo okukukhuthaza ukuba “unamathele eNkosini”? (UJoshuwa 23:8).
Bheka futhi kuDale G. Renlund, “Choose You This Day,” iLiyahona, yangoNovemba 2018, 104–6.
Amasu okuFundisa Abantwana
UJoshuwa 1–4; 6
“Qina, Ume Isibindi.”
-
Nansi indlela eyodwa yokusiza abantwana bakho ba “qine, bame isibindi” (UJoshuwa 1:6) ngo Jesu Kristu. Bameme ukuba bathole umushwana ophindwayo ku Joshuwa 1:6, 9, no 18, bese bewubhala phansi noma bawugcine ezingqondweni zabo. Siza abantwana bakho bacabange ngezimo lapho bengawudinga khona lomyalezo, njengoba kwenza uJoshuwa. Ningabuyekeza ndawonye ezinye zezindaba ku Joshuwa 1–4; 6 (bheka futhi u ”UJoshuwa umPhrofethi” no “URahabi neziNhloli” ku Izindaba zeTestamente eliDala, 85–91). Basikhombisa kanjani abantu abakulezi zindaba isibindi namandla eNkosini?
2:59Joshua the Prophet
1:39Rahab and the Spies
UJoshuwa 1:8
Ukufunda imibhalo kungilethela izibusiso.
-
Ukufunda u Joshuwa 1:8 kungabakhuthaza abantwana bakho ukuba bazifundele bona imibhalo engcwele. Basize bathole amagama kulelivesi elibafundisa ukuthi kufanele siyifunde kanjani futhi kungani kufanele siyifunde imibhalo engcwele. Bangabheka into efanayo ku 1Nefi 15:23–24; 2 Nefi 31:20; 32:3; Jakobe 4:6; Helamani 3:29–30. Ungabasiza futhi ukuba benze futhi basebenzise uhlelo lokuyifunda imibhalo engcwele.
UJoshuwa 3–4
Kufanele ngibhabhadiswe ukuze ngingene embusweni wezulu
-
Ungahle usebenzise indaba yabakwa-Israyeli bewela uMfula iJordani njengophawu lombhabhadiso—ukudela impilo yethu endala ehlane futhi siqala entsha kubudlelwano besivumelwano noNkulunkulu. Ngakho-ke njengoba nifunda ndawonye u Joshuwa 3–4 (noma “UJoshuwa umPhrofethit” e zindabeni zeTestamente eliDala, 85–89), ungabuka futhi isithombe sika Jesu Kristu ebhabhadiswa bese uyachaza ukuthi uJesu wabhabhadiswa emfuleni ofanayo nalowo abakwa-Israyeli abawuwela. Seningakwazi ke ukucula iculo elifana nelithi “Baptism“ (Amaculo Abantwana, 100–101) Yabelanani ngokuthi ukubhabhadiswa kufana kanjani nokuqala impilo entsha embusweni kaJesu Kristu.
2:59Joshua the Prophet
UJoshuwa 24:15
Ngingakhetha ukusebenzela uJesu Kristu.
-
Yini ongayenza ukuze usize abantwana bakho bafunde ukukhetha ukulandela uJesu Kristu, njengoba uJoshuwa amema abakwa-Israyeli ukuba benze njalo? Ungahle ubameme ukuba:
-
Bafunde ngekhanda umushwana omfishane ku Joshuwa 24:15. Zama ukukwenza lokho kubajabulise abantwana bakho. Inani lamagama abawabamba ngekhanda lingancika eminyakeni yabo.
-
Thola izindaba ngabantu abakhetha ukusebenzela uJesu Kristu. Bangabheka kwiphephabhuku iFriend (Umngani) kwi Ncwadi Yobuciko beVangeli, noma izindaba zeTestamente eliDala nezinye izincwadi zezindaba zemibhalo engcwele.
-
Balingise izimo ezithile lapho bengakhetha khona ukulandela nokusebenzela uMsindisi.
-
Sebenzisa imisebenzi eyahlukene. “Bonke abantwana bahlukile, futhi njengoba bekhula, izidingo zabo zizoshintsha. Ukuzishintshashintsha izindlela zokufundisa kuzokusiza ukuthi uhlangabezane nezidingo zabo ezahlukahlukene” (Ukufundisa Ngendlela yoMsindisi, 31).
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.