Wozani, Ngilandeleni
NgoMeyi 11–17. “Qaphela Ukuba Ungakhohlwa uJehova”: IDuteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34


“NgoMeyi 11–17. ‘Qaphela Ukuba Ungakhohlwa uJehova’: IDuteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoMeyi 11–17. ‘QaphelaUkuba Ungakhohlwa uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

UMose eNtabeni iNebo

Moses on Mount Nebo [UMose eNtabeni iNebo], nguJohn Steel, © Providence Collection/licensed from goodsalt.com

NgoMeyi 11–17: “Qaphela Ukuba Ungakhohlwa uJehova”

IDuteronomi 6–8; 15; 18; 29–30; 34

Ubufundisi basemhlabeni bukaMose baqala entabeni, ngesikhathi uNkulunkulu ekhuluma naye esihlahleni esivuthayo (bheka I-Eksodusi 3:1–10). Kwaphinde kwaphelela entabeni futhi, emuva kweminyaka eminingi kunama-40, ngesikhathi uNkulunkulu embonisa umhlaba wesethembiso esesiqongweni seNtaba iNebo (bheka IDuteronomi 34:1–4). UMose wayechithe impilo yakhe elungiselela abantwana bakwa-Israyeli ukuba bangene emhlabeni wesethembiso, futhi incwadi kaDuteronomi ilobe imiyalo yakhe yokugcina, yizikhumbuzo, yizimfundiso, nezicelo kwabakwa-Israyeli. Ukufunda amazwi akhe kuyacacisa ukuthi injongo yangempela yobufundisi bukaMose—ukulungiselela abantu ababekudinga—kwakungaphathelene nokuphila ehlane, ukunqoba izitha, noma ukwakha isizwe. Kwakungukufunda ukuthanda uNkulunkulu, ukumlalela, futhi nokwethembeka Kuye. Yilawo malungiselelo esiwadingayo sonke ukuze singene emhlabeni wethu wesethembiso wempilo engunaphakade. Ngakho-ke, yize noma uMose engazange alubeke “ezweni elichichima ubisi noju” (I-Eksodusi 3:8), ngenxa yethemba lakhe nokwethembeka kwakhe, wakwazi ukungena emhlabeni wesethembiso uNkulunkulu awulungiselele bonke abamulandelayo.

Ukuze uthole ulwazi olufingqiwe ngencwadi kaDuteronomi, bheka “IDuteronomi” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IDuteronomi 6:4–7; 8:2–5, 11–17; 29:18–20; 30:6–10, 14–20

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
“Thanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke.”

Umthetho kaMose wawuhlanganisa imigidi eminingi yangaphandle nemikhuba. Njengoba uzobona eselulekweni sikaMose kuDuteronomi, iNkosi yayikhathazekile futhi ngesimo sangaphakathi sabantu Bayo—isimo sikamoya sezinhliziyo zabo.

Ezindimeni ezingezansi, bheka igama elithi inhliziyo, bese ucabanga ngokuthi lifanekisani. Ungase ucabange ngalezi zindima njengokuhlola okungokomoya enhliziyweni yakho. Yisiphi isifo ongazinikeza sona? Yiziphi izindlela zokwelapha ongazinikeza ukuze uthuthukiseimpilo yenhliziyo yakho engokomoya? Bhala phansi okucabangayo:

  • IDuterenomi 6:4–7:

  • IDuterenomi 8:2–5:

  • IDuteronomi 8:11–17:

  • IDuterenomi 29:18–20:

  • IDuterenomi 30:6–10:

  • IDuterenomi 30:14–20:

Enye indlela yokuhlela imicabango yakho kungaba ukudweba inhliziyo futhi ubhale ngaphakathi kuyo izinto iNkosi ethi kufanele ube nazo enhliziyweni yakho. Bese ubhala ngaphandle kwayo izinto okufanele uzisuse enhliziyweni yakho.

Ubonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu umthanda ngenhliziyo yakho yonke? Eminye imibono, bheka “Love God, love your neighbor” ku For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices, 10–12.

Bheka futhi uM. Russell Ballard, “Lovest Thou Me More Than These?,” iLiyahona, Nov. 2021, 51–53.

Funa okwakho ukuqonda okungokomoya. Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni inikeza iziqephu nemigomo ogxila kuyo emibhalweni engcwele, kepha lokhu akunganciphisi ukufunda kwakho. Ngesikhathi ufunda iDuteronomi, ungathola umgomo ongagqanyisiwe lapha. Yekelela uMoya ukuholele kulokho odinga ukukufunda.

IDuteronomi 6:4–12, 20–25

“Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova.”

Iningi lama-Israyeli ayezongena ezweni lesithembiso ayengakaze azibone izifo eGibhithe noma awele uLwandle oluBomvu. uMose wayazi ukuthi bona—nezizukulwane ezilandelayo—babezodinga ukukhumbula izimangaliso zikaNkulunkulu nemithetho kaNkulunkulu ukuhlala bengabantu bakaNkulunkulu.

Yimuphi umyalo owutholayo kuDuteronomi 6:4–12, 20–25 engakusiza ukhumbule izinto ezimangalisayo uNkulunkulu akwenzele zona? Yikuphi ozwa kufanele ukwenze ukugcina izwi leNkosi “enhliziyweni” usuku nosuku na? (uvesi 6).

Ungase futhi ufunde umyalezo kaBrother Jan E. Newman “Preserving the Voice of the Covenant People in the Rising Generation” (iLiyahona, Nov. 2023, 36–38) bese ucabanga ngokuthi uzoludlulisa kanjani ukholo lwakho kuKristu esizukulwaneni sakho esizayo.

Bheka futhi IDuteronomi 11:18–21; uDale G. Renlund, “Consider the Goodness and Greatness of God,” iLiyahona, ngoMeyi 2020, 41–44; kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

IDuterenomi 15:1–15

Ukusiza abantu abaswele kudinga izandla eziphayo nezinhliziyo ezifunayo.

Asikafiki okwamanje osukwini “lapho akuyuba bikho ontulayo phakathi kwenu” (IDuteronomi 15:4), ngakho-ke imigomo mayelana nokusiza abampofu ku IDuteronomi 15 isabalulekile, ngisho kuthiwa imikhuba ethize isishintshile. Qaphela ukuthi amavesi 1–15 afundisani ngokuthi kungani sisiza abantu abaswele nokuthi isimo sethu kumele sithini ngakho.

Kusho ukuthini “ukwelulela isandla sakho kakhulu” kubantu abaswele? (amavesi 8, 11). Yini oyifundayo esibonelweni seNkosi mayelana nokusiza abantu abaswele? (bheka ivesi 15).

Bheka futhi “Have I Done Any Good?,” Amaculo, no. 223.

IDuteronomi 18:15–19

UMose “wayefana” noJesu Kristu.

UPetru, uNefi, uMoroni, kanye noMsindisi imbala bonke baphawula ngesiphrofetho kuDuteronomi 18:15–19 (bheka IzEnzo 3:20–23; 1 Nefi 22:20–21; Joseph Smith—Umlando 1:40; 3 Nefi 20:23). Yikuphi okufundayo ngoMsindisi kulamavesi na? Cabanga ngalokho okufunde ngoMose emasontweni ambalwa edlule. UMose “ufana” kanjani noJesu Kristu?

UJesu efundisa amaNefi

UJesu Kristu watshela abantu bakhe eMelika yasendulo, “Nginguye lowo uMose akhuluma ngaye” (3 Nefi 20:23).

IDuteronomi 29:9; 30:15–20

INkosi ingimema ukuba ngikhethe phakathi kokuhle nokubi.

Kungakuhle ukuqhathanisa amazwi kaMose ku IDuteronomi 29:9; 30:15–20 nezinye izimfundiso zokugcina zikaLehi emdenini wakhe ku 2 Nefi 2:26–29; 4:4. ULehi wandisa kanjani kulokho uMose akufundisa? Yini oyitholayo kulezi zindimana ezikukhuthaza ukuba “ukhethe impilo”? (IDuteronomi 30:19).

isithonjana sesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

IDuteronomi 6:5

Ngingamthanda uNkulunkulu ngenhliziyo yami yonke.

  • Ukusiza abantwana bakho baqonde IDuteronomi 6:5, ungadweba inhliziyo, uhlaka lomzimba, nengalo enamandla. Abantwana bakho bangakhomba izithombe ngesikhathi ufunda amagama athi “inhliziyo,” “umphefumulo,” nelithi “amandla” evesini. Siyikhombisa kanjani iNkosi ukuthi siyithanda ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo yethu, namandla ethu na?

IDuteronomi 6:6–15

Ngigcina izwi likaNkulunkulu enhliziyweni yami.

  • Funda nabantwana bakho iseluleko seNkosi kuma-Israyeli sokubeka iziqephu zemibhalo lapho babezozibona khona nsuku zonke (bheka IDuteronomi 6:6–9). Lokhu kungase kukukhuthaze wena nabantwana bakho ukuthi nicabange izindlela zokwenza isiqiniseko sokuthi “aniyikhohlwa iNkosi” (ivesi 12) nokukhumbula ukuthi Inenzeleni.

  • Ungakuveza ukuthi IDuteronomi 6:13, 16 no 8:3 kwasiza uMsindisi ngesikhathi esibalulekile empilweni Yakhe. Ukubona ukuthi kanjani, fundani ndawonye NgokukaMathewu 4:1–10. Ngemva kwalokho ningabelana omunye nomunye izindinyana zemibhalo engcwele ezinisizile ngezikhathi zokweswela.

insizwa ifunda imibhalo engcwele

IDuteronomi 18:15–18

Abaphrofethi bafundisa ngoJesu Kristu.

  • Ngesikhathi nifunda IDuteronomi 18:18 ndawonye, siza abantwana bakho baqonde ukuthi umphrofethi onjengoMose kuleli vesi uJesu Kristu. Mhlawumbe ungabheka izithombe zezinto uMose azenza kanye nezinto ezenziwa uJesu Kristu, futhi uvumele abantwana bakho baziqhathanise (bheka Incwadi Yobuciko beVangeli, nos. 15, 16, 3839). Yini umphrofethi wethu asifundise yona namuhla ngoMsindisi?

IDuteronomi 29:12–13; 30:8–10

Ngenxa yezivumelwano zami, ngiyingxenye yabantu bakaNkulunkulu.

  • Ukuxoxa nge IDuteronomi 29:12–13 kwakha ithuba lokuba wena nabantwana bakho nikhulume ngezivumelwano abazozenza noma abazenzile noBaba oseZulwini. Ngabe kusho ukuthini ukuba abantu baNkulunkulu na? Izithembiso zethu zisenza kanjani sibe abantu bakaNkulunkulu? (bheka ivesi 13; bheka futhi uMosiya 18:8–10).

  • Uma abantwana bakho bedinga usizo lokuqonda ukuthi siyini isivumelwano, phakamisa ukuthi bathole incazelo “kwiSivumelwano” kwiziHloko zeMibhalo eNgcwele (Umtapo woLwazi lweVangeli). Yiziphi izithembiso uNkulunkulu nama-Israyeli abazenza komunye nomunye ku IDuteronomi 30:8–10? Yiziphi izithembiso esizenzile noNkulunkulu? (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:37, 77). Lezi zithembiso zisixhumanisa kanjani Naye? Cabangea ngokucula ndawonye ingoma ngezivumelwano, njengokuthi “Ukuma Ezithembisweni” (Umtapo woLwazi lweVangeli)

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

UMose ebheke ezweni lesethembiso

The Lord Shewed Him All the Land [UJehobva Wamukhombisa Wonke Umhlaba], nguWalter Rane

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ngingagcina izwi likaNkulunkulu enhliziyweni yami.