Wozani, Ngilandeleni
Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni: Izincwadi Zomlando kwiTestamente Elidala


“ Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni: Izincwadi Zomlando kwiTestamente Elidala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“Izincwadi Zomlando kwiTestamenteni Elidala,” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

isithonjana semicabango

Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni

Izincwadi Zomlando KwiTestamente Elidala

Izincwadi ezibala ekaJoshuwa kuya encwadini ka-Esteri zaziwa ngokuthi “izincwadi zomlando” zeTestamente eliDala. Lokhu akuchazi ukuthi ezinye izincwadi eTestamenteni eliDala aziqukuthe okuyigugu okuphathelene nomlando. Kunalokho, izincwadi zomlando zibizwa kanjalo ngoba inhloso enkulu yababhali bazo ukukhombisa isandla sikaNkulunkulu kumlando wabantu bakwa-Israyeli. Inhloso kwakungekona ukufingqa umthetho kaMose, njengakuLevithikhusi kanye nakuDutheronomi. Kwakungekona ukukhombisa indumiso noma ukulila ngendlela yenkondlo, njengoba kutholakala encwadini yaMahubo kanye nasencwadini yeSililo. Futhi kwakungekona ukuloba amagama abaphrofethi, njengoba kutholakala encwadini ka-Izaya kanye nasencwadi kaHezekeli. Kunalokho, izincwadi zomlando zilandisa izindaba.

Udaba Lombono

Njengokujwayelekile, lezindaba zilandwa ngemubono obukeza ngendlela ethile. Njengoba ungeke ukwazi ukubuka imbali, idwala, noma isihlahla ngezinhlangothi eziningi ngesikhathi esisodwa, akugwemeki ukuthi indaba yomlando iveze umbono waloyomuntu noma iqembu labantu abawubhalile. Lombono ubandakanya indabuko yomuntu ngokwezwe noma ngokohlanga kanye kanye nezinkambiso zamasiko abo kanye nezinkolelo. Ukwazi lokhu kungasisiza siqonde ukuthi ababhali nabahlanganisi bezincwadi zomlando bagxila olwazini oluthile bakushiya okunye. Benza ukugabadela abanye ababengeke bakwenze. Futhi bafika emaphethelweni ngenxa yale mininingwane kanye nemicabango. Siyakwazi ukuthi sibone imibono engafani ezincwadini zaseBhayibhelini (futhi ngesinye isikhathi siyibone encwadini eyodwa). Lapho siqaphela kakhulu lemibono, singaziqonda kangcono izincwadi zomlando.

Umbono owodwa ofanayo kuzo zonke izincwadi zomlando eTestamenteni eliDala umbono wabantwana bakwa-Israyeli, abantu baNkulunkulu besivumelwano. Ukholo lwabo kwiNkosi lwabasiza babone isandla Sakhe ezimpilweni zabo kanye nokungenela Kwakhe kulokho okuphathelene nesizwe sabo. Noma izincwadi zomlando wasemhlabeni zingajwayele ukubona izinto ngalendlela, lombono kamoya uyingxenye yalokho okwenza izincwadi zomlando kwiTestamente eliDala zibe yigugu kulabo abafuna ukukhulisa ukholo lwabo kuNkulunkulu.

Umongo weTestamente eliDala Osele

Izincwadi zomlando ziqala lapho incwadi kaDuteronomi ishiya khona, ngeminyaka yabakwa-Israyeli bezuluzula ehlane isizophela. Incwadi kaJoshuwa ikhombisa abantwana bakwa-Israyeli bezilungiselela ukungena eKhanani, umhlaba wabo wesithembiso, futhi ichaza ukuthi bawunqoba kanjani. Izincwadi ezilandela, Abehluleli kuya kwi-2 yeZikhronike, zikhombisa okwehlela abakwa-Israyeli emhlabeni wesithembiso, kusukela ngesikhathi behlala kuwo kuze kube yisikhathi lapho benqotshwa khona yi-Asiriya kanye neBabele. Izincwadi zika-Ezra kanye noNehemiya zilanda ngokubuya kwamaqembu ambalwa edolobheni labo elikhulu, iJerusalema, emuva kwamashumi eminyaka. Ekugcineni, incwadi ka-Esteri ilanda indaba yabakwa-Israyeli bephila ekudingisweni ngaphansi kwabaphathi basePheresiya.

Yilapho-ke kuphela khona ukulandelana kweTestamente eliDala. Abanye abafundi bokuqala beBhayibheli bayathuka ukuthola ukuthi sebeqedile ukufunda indaba yeTestamente eliDala ngaphambi kokuba bafunde okudlula uhhafu wamakhasi alo. Emuva kwa-Esteri, asitholi ulwazi oluningi ngomlando wabakwa-Israyeli. Kunalokho, izincwadi ezilandelayo—ikakhulukazi zabaphrofethi—zingena phakathi esikhathini okuthulwa ngaso izincwadi zomlando. Ubufundisi bomphrofethi uJeremiya, ngesibonelo nje, kwenzeka ngesikhathi sezehlakalo ezilotshwe encwadini 2 AMakhosi 22–25 (nendaba efanayo itholakala ku 2 IZikhronike 34–36). Ukwazi lokhu kungaba nomthelela ngendlela ofunda ngayo ngokulandiswa komlando kanye nezincwadi zabaphrofethi.

Uma Kukhona Okungahlangani

Ngesikhathi ufunda iTestamente eliDala, njenganoma yimuphi umlando, kungenzeka ufunde ngabantu abenza noma abasho izinto lezi, emehlweni esimanjemanje, ezibonakala zingajwayelekile noma zikhathaza. Lokhu kumele sikulindele—ababhali beTestamente eliDala babona umhlaba ngombono, ohluke kakhulu , ngezinye izindlela kunowethu. Udlame, ubudlelwane ngokohlanga, kanye nezindima zabesifazane ngezinye izihloko ababhali basemandulo abazibona ngokuhlukile kunathi namuhla.

Ngakho-ke, yini okumele sikwenze uma sihlangana nemibhalo engcwele ezwakala ikhathaza? Okokuqala, kungasiza ukucabanga umbhalo ngamunye ngokwesimo esibanzi. Kungena kanjani ohlelweni lwensindiso lukaNkulunkulu? Kungena kanjani kulokho okwaziyo ngemvelo kaBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu? Kungena kanjani emaqinisweni ambuliwe kweminye imibhalo engcwele nasezimfundisweni zabaphrofethi abaphilayo? Kungena kanjani kulokho ohletshelwa khona uMoya enhlizwyeni nasemqondweni wakho?

Ngezinye izikhathi, umbhalo ungabonakala ungahambisani kahle nakho konke lokhu. Ngesinye isikhathi umbhalo ungaba njengocezu lwephazeli elingabonakali ngathi linayo indawo phakathi kwezinye izingcezu osuzihlanganisile. Ukuzama ukuphoqa ucezu ukuthi lungene akuyona indlela yokwenza. Kanti futhi nokulahla ithemba kwiphazeli lonke akuyona indlela. Kunalokho, kungadingeka ulibeke celeni lolucezu okwesikhashana. Ngesikhathi ufunda okunye futhi uhlanganisa nokunye ngephazeli, ungakwazi ukuthi ubone kangcono ukuthi izingcezu zihlangana kanjani ndawonye.

Kungasiza futhi ukukhumbula ukuthi ngaphezu kokukhawuleleka embonweni othile, imilando yemibhalo engcwele ibuye ibe namaphutha abantu. Isibonelo, eminyakeni engamakhulu edlule “kube khona izinto eziningi ezisobala futhi eziyigugu ezikhishiwe [eBhayibhelini],” okuhlanganisa amaqiniso abalulekile ngemfundiso, izimiso, kanye nezivumelwano (1 Nefi 13:28; futhi bheka amavesi 26, 29, 40). Ngesikhathi esifanayo, kumele sizimisele ukuvuma ukuthi imibono yethu inomkhawulo: kuyohlezi kukhona izinto esingaziqondi ngokuphelele kanye nemibuzo esingakakwazi ukuyiphendula.

umuntu ehlanganisa iphazeli

Eminye imibhalo engcwele ingaba njengezingcezu zephazeli esingakwazi ukuzihlanganisa nephazeli lilonke.

Ukuthola okuyiGugu

Okwamanje, imibuzo engaphenduleki akufanele ukuthi isigcine singafinyelelanga kumagugu ayiqiniso aphakade atholakala eTestamenteni eliDala—noma kuthiwa lawo magugu abuye acashe emhlabeni onamatshe wezinkathazo esibhekana nazo kanye nezinqumo ezenziwe abantu abaphila emhlabeni. Mhlawumbe okuyigugu kakhulu kulamagugu izindaba kanye nemibhalo efakaza ngothando lukaNkulunkulu—ikakhulukazi lokho okukhomba imicabango yethu kumnikelo waJesu Kristu. Noma kungabukwa kunoma yiluphi uhlangothi, amagugu afana nalawa acwebezela ngokukhanya namhlanje njengoba kwakwenza nangalezo zinsuku. Futhi ngoba lemibhalo ilanda ngabantu besivumelwano baNkulunkulu—abesilisa kanye nabesifazane ababenobuthaka benyama kepha bethanda futhi besebenzela iNkosi—amaqiniso ayigugu agcwele ezincwadini zomlando zeThestamente Elidala.

itshe eliyigugu

AmaNothi

  1. Ukulandiswa komlando weBhayibhelini esinalo namuhla zingumsebenzi wababhali kanye nabahlanganisi abaningi futhi abangabizwanga ngemagama, ababebuye basebenze iminyaka eminingi, ngisho iminyaka engamakhulu, emuva kwesikhathi abasichazile. Bathembela kwimithombo yomlando eminingi futhi benza izinqumo ngokuthi bangafakani futhi bekhipheni emibhalweni yabo.

  2. Ngokwesibonelo, nakuba u1–2 yeZikhronike ihlanganisa cishe inkathi efanayo neku-1 uSamuweli 31 kuze kube sekupheleni wa-2 AMakhosi, umlando wa-1–2 yeZikhronike igcizelela imininingwane ehlukahlukene futhi yethula umbono ohlukile, igxile cishe kuphela eMbusweni WaseNingizimu wakwaJuda kanye evame ukushiya izindaba ezimbi ngoDavide kanye noSolomoni (qhathanisa, ngokwesibonelo, 2 USamuweli 10–12 ne 1 IZikhronike 19–20 kanye 1 AMakhosi 10–11 ne 2 IZikhronike 9). Wozani, Ngilandeleni igcizelela ukufunda umbhalo eku -1 kanye neku-2 AMakhosi, noma kukhona ongakuthola uma uqhathanisa lowo mbhalo eku-1 kanye neku-2 IZikhronike. Kungasiza ukwazi ukuthi umsebenzi oku-1 USamuweli–2 AMakhosi kungenzeka waqala ngaphambi kokuba umbuso waseBabele unqobe uJuda futhi waze waphela ngesikhathi sokudingiswa eBabele. Umbhalo owaba u1–kuya ku -2 weZikhronike, ngolunye uhlangothi, wahlanganiswa emuva kokuba amaJuda abuyele eJerusalema emuva kokudingiswa. Ngesikhathi ufunda, ungacabanga ngokuthi lezi zimo ezihlukahlukene ngabe zibe nomthelela onjani kwimibono yabahlanganisi balemibhalo ehlukahlukene.

  3. Ekuqaleni kwalensiza uzothola “Okufingqiwe ngeTestamente eliDala,” okungumugqa wesikhathi okhombisa indlela ubufundisi bomphrofethi ngamunye bungena ngayo kumlando wa-Israyeli (nangendlela okungatholakala ngayo ). Uzobona ukuthi izincwadi zesiphrofetho zeTestamente eliDala zitholakala ngasekugcineni kwaloyomugqa wesikhathi—ngaphambili futhi nangemuva kokuba abantwana bakwa-Israyeli benqotshiwe, bedingiswe, futhi behlakazwe yizitha zabo.

  4. Bheka ImiBhalo YoKholo 1:8.