Wozani, Ngilandeleni
Ngo-Agasti 24–30. “Ngizakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami”: AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86


“Ngo-Agasti 24–30. ‘Ngizakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami’: AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86,“ Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“Ngo-Agasti 24–30. ‘Ngizakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

uJesu ephethe isibani ebusuku

Saving That Which Was Lost [Ukusindisa Lokho Okwakulahlekile], nguMichael T. Malm

Ngo-Agasti 24–30: “Ngizakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami”

AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86

Ababhali bamaHubo babhala ngemizwa yabo ejulile ezinkondlweni zabo. Babhala ngokuzizwa bephelelwa umdlandla, benokwesaba noma benokuzisola. Ngezinye izikhathi, babezizwa belahliwe nguNkulunkulu, futhi amanye amahubo ayezwakala enokukhungatheka noma enokuxakeka. Uma uke waba nemizwa ekanje, ukufunda amaHubo kungakusiza wazi ukuthi akuwena wedwa. Kepha ungawathola futhi amahubo angakukhuthaza ngesikhathi unalemizwa, ngoba ababhalile babebuye bayidumise iNkosi ngenxa yobuhle Bayo, bamangale ngamandla Ayo, futhi bajabule ngomusa Wayo. Babazi ukuthi sithwele kanzima ngenxa yobubi nesono kodwa nokuthi iNkosi “yinhle, ingothethelelayo” (IHubo 86:5). Babekwazi ukuthi ukuba nokholo eNkosini akusho ukuthi awusoze ulwe nokukhathazeka, isono noma ukwesaba. Kusho ukuthi uyazi ukuthi uzophendukela kubani uma uzizwa kanjalo.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

AmaHubo 49; 62:5–12

Ukuhlengwa kuza ngoJesu Kristu kuphela.

IHubo 49 linomyalezo “wabantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu” (uvesi 2). Lowomyalezo ungathi uyini? Ucabanga ukuthi IHubo 62:5–12 linezelela ngani kulowomlayezo na?

Ukufunda lamahubo kungase kukukhuthaze ukuba ucabange ngezindlela esilingeka ngazo ukuba sithembele kokuthile kunoNkulunkulu ukuze sithole ukuhlengwa (bheka AmaHubo 49:6–7). Impilo yakho ithintwe kanjani wubufakazi bakho bokuthi “uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo [wakho] esandleni sendawo yabafileyo”? (IHubo 49:15).

AmaHubo 51; 85–86

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngenxa yomusa woMsindisi, ngingathethelelwa.

Inkosi uDavide yabhala iHubo 51 ngemva kokubona isidingo sayo esikhulu sokuthethelelwa—into sonke esiyidingayo. Yimaphi amavesi achaza imizwa osuke waba nayo? Ngabe yikuphi okutholayo kulelihubo okukunika ithemba lokuthethelelwa?

Ungase futhi ulicinge iHubo 51 ukuze uthole imikhondo mayelana nokuthi kuchaza ukuthini ukuphenduka. Yenza uhlu lwalokho okutholayo. Bheka ukuthi ungakwazi yini ukwengeza ohlwini lwakho ngokucinga umlayezo kaMongameli uRussell M. Nelson othi “We Can Do Better and Be Better” (ILiyahona, ngoMeyi 2019, 67–69).

Ungakuchaza kanjani ukuthola intethelelo ngoKristu? Uma udinga usizo ngokuchaza imizwa yakho, ungabheka AmaHubo 51:1–2, 7–12; 85:2–9. Abanye abantu bayathanda ukudweba noma ukuthola izithombe ukuze baveze imizwa yabo; ungase uzame lokho nawe. ­-

Ukuze siphenduke, asidingi ukholo nje kuphela lokuthi uJesu Kristu angakwazi ukusihlanza kodwa nokuthi Uzokwenza. Ngabe yikuphi okutholayo ku maHubo 86:5, 13, 15 okukusiza wazi ukuthi uMsindisi uyakwazi futhi uzimisele ukuthethelela na?

Bheka futhi u-Alima 36; Peter F. Meurs, “He Could Heal Me!,” ILiyahona, ngoMeyi 2023, 39–41.

AmaHubo 51:13–15; 66:5–20; 71:15–24

Ubufakazi bami ngoJesu Kristu kungasiza abanye baze Kuye.

Cabanga ngokuthi wabuthola kanjani ubufakazi bakho ngoJesu Kristu namandla enhlawulo Yakhe. Bese, ngesikhathi ufunda AmaHubo 51:13–15; 66:5–20; 71:15–24, ucabanga ukuthi ungabamema kanjani abanye ukuba “beze babone izenzo zikaNkulunkulu” (IHubo 66:5). Uma “ungalandisa ngalokho [iNkosi] ekwenzele umphefumulo [wakho]” (IHubo 66:16), ungalandisa uthini?

Kusho ukuthini kuwe “ukukhuluma lonke usuku ngokulunga [Kwakhe]” na? (IHubo 71:24).

Bheka futhi ku Alima 26.

insizwa ixoxa nabanye ngemibhalo engcwele

“Wozani nizwe, … ngizakulandisa [uNkulunkulu] akwenzele umphefumulo wami” (IHubo 66:16).

AmaHubo 63; 69; 77–78

INkosi izongisiza esikhathini sami sosizi.

Amahubo ambalwa achaza ukuthi kunjani ukuzizwa uqhelelene noNkulunkulu futhi ulidinga kakhulu usizo Lwakhe (bheka AmaHubo 63:1, 8; 69:1–8, 18–21; 77:1–9). Ngabe yikuphi okutholayo kumaHubo 6369; 77–78, okwanikeza abahubi isiqinisekiso?

Uma ukhathazekile, kukusiza kanjani “ukukhumbula izenzo zikaJehova” kanye “[ne]zimangaliso zasendulo” Zakhe na? (IHubo 77:11). Ezinye zalezi zimangaliso zitholakala kwi Hubo 78. Ngesikhathi ufunda ngazo, cabanga ngokuthi yikuphi okukusiza “ubeke ithemba [lakho] kuNkulunkulu” (ivesi 7).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa abaNtwana

Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lenyanga, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise okwenziwayo kokufunda okutholakala lapha “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”

AmaHubo 51; 86:5, 13, 15

Uma ngenza okungalungile, uJesu angangisiza ukuba ngiphenduke.

  • Ukuze usize abantwana bakho bathole amaqiniso ngokuphenduka kumaHubo 51, ungase udwebe inhliziyo enkulu. Ngemva kwalokho ungasiza abantwana bakho ukuba babhale ngaphakathi enhliziyweni izinto ezimbi uSathane asilinga ukuba sizenze. Sizikhipha kanjani lezi zinto ezinhliziyweni zethu? Cela abantwana bakho ukuthi bathole igama elithi “inhliziyo” kwi Hubo 51:10, 17. Xoxa ngokuthi lamavesi asifundisani ngokuphenduka. Vumela abantwana bakho basule amagama enhliziyweni bese bebhala amagama amasha achaza izindlela uJesu angasishintsha ngazo lapho siphenduka.

  • Ungase uthande ukusiza abantwana bakho bafunde ukuthi kusho ukuthini ukuba “nenhliziyo eyephukileyo nedabukileyo” (iHubo 51:17). Bangashintshisana ngokuvula ngokuphula okuthile okunegobolondo eliqinile, njengeqanda noma ikinati. Ungabasiza baqhathanise igobolondo nezinto ezisivimba ukuthi sizwe uthando lukaBaba oseZulwini. Singazithambisa kanjani izinhliziyo zethu Kuye na?

  • Ningakwazi futhi ukuthi nibuke isithombe soMsindisi ndawonye bese ubuza abantwana bakho ukuthi yimaphi amagama abangawasebenzisa ukumchaza. Bameme ukuthi bathole amagama amchazayo kuma Hubo 86:5, 13, 15. Kubalulekengani ukwazi lezi zinto Ngaye?

AmaHubo 61:2–3

UJesu Kristu uyidwala lami.

  • Abantwana bakho bangase bakujabulele ukudweba izithombe zezimpawu kwi Hubo 61: 2–3. UJesu Kristu ufana kanjani “nedwala” eliphakeme (ivesi 2), “isiphephelo,” “nombhoshongo oqinileyo”? (ivesi 3).

umbhoshongo owakhiwe ngamatshe

“Ubuyisiphephelo sami, inqaba eqinileyo” (IHubo 61:3).

AmaHubo 66:16; 77:11; 78:6–7

“Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova.”

  • Cela abantwana bakho ukuthi babelane ngezinye zezindaba abazithandayo zemibhalo engcwele (izithombe ezivela kwi Gospel Art Books zingasiza). Ngabe lezi zindaba zisifundisani ngeNkosi? Ningafunda ndawonye kwi Hubo 66:16 bese niyashintshisana ngokuphendula umbuzo othi “Yikuphi iNkosi ekwenzele umphefumulo wami”?

  • Njengoba nifunda AmaHubo 77:11; 78:6–7 ndawonye, ningabelana omunye nomunye ukuthi nizama kanjani “ukukhumbula izenzo zikaJehova” (IHubo 77:11), kuhlanganise nemisebenzi Yakhe empilweni yakho. Ngabe isidlo esingcwele sisisiza kanjani ukuthi “sikhumbule njalo”? (Moroni 4:3; 5:2).

IHubo 71:8

Ngingabatshela abanye ngoJesu Kristu.

  • Ngemva kokufunda IHubo 71:8 nabantwana bakho, bacele ukuba badwebe umlomo omkhulu. Bacele ukuba bakusize “ugcwalise” umlomo ngezithombe noma amagama amela izinto esingazitshela abanye ngoJesu Kristu.

  • Ungase udlulise isithombe sikaJesu Kristu. Umuntu ophethe isithombe angasho okukodwa akwaziyo Ngaye. Singabasiza kanjani abanye abantu ukuba bazazi lezi zinto?

Abantwana banokuningi abangabelana ngakho. “Lapho abantwana befunda into entsha, ngokwemvelo bafuna ukwabelana ngalokho nabanye. Sikhuthaze lesi sifiso ngokubanika abantwana amathuba okufundisana imigomo yevangeli, namalungu omndeni, kanye nabangani. Bacele futhi ukuba babelane nawe ngemicabango yabo, imizwa yabo, nabakubonayo nabakuzwayo okuphathelene nemigomo ofundisa ngayo. Uzothola ukuthi banolwazi olusobala, olucacile, futhi olunamandla” (Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi32).

IHubo 86:7

UBaba oseZulwini uzwa futhi aphendule imithandazo yami.

  • AmaHubo amaningi afana nemithandazo ku kuNkulunkulu. Njengoba ufunda AmaHubo nabantwana bakho, ungase ubabonise izinto esingazisebenzisa ukuze sikhulume nabantu abakude, njengocingo noma incwadi. Bese ufunda IHubo 86:7. “Sikhala” kanjani kuBaba oseZulwini? Usiphendula kanjani?

  • –­ Khulumani ngezikhathi lapho uNkulunkulu aphendula khona imithandazo yenu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

isithombe sikaJesu

Come unto Christ [Wozani KuKristu], nguCasey Childs

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: Uma ngenza okungalungile, uJesu angangisiza ukuba ngiphenduke