“Ngo-Agasti 31–Septhemba 6. ‘Konke Okuphefumulayo Makudumise uJehova’”: AmaHubo 102–103; 110; 116–119; 127–128; 135–139; 146–150,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“Ngo-Agasti 31–Septhemba 6. ‘Konke Okuphefumulayo Makudumise uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
Reverential Return [Ukubuya kukaMfundisi], nguKelsy kanye noJesse Lightweave
Ngo-Agastit 31–Septhemba 6: “Konke Okuphefumulayo Makudumise iNkosi”
AmaHubo 102–103; 110; 116–119; 127–128; 135–139; 146–150
Igama lendabuko lamaJuda lencwadi yamaHubo lithi Tehillim, igama lesiHeberu elisho “indumiso.” Kuhlobene nesibabazo haleluya (okusho ukuthi “dumisani uJehova” noma “dumisani iNkosi”). Uma bekufanele ukhethe igama elilodwa ukufingqa umlayezo oyinhloko wamaHubo, dumisa kungaba ukukhetha okuhle. Amanye amahubo aqukethe isimemo esiqondile sokuthi “dumisani uJehova” (bheka ikakhulukazi AmaHubo 146–50), futhi zonke zingakhuthaza ukukhulekela nokudumisa. AmaHubo asimema ukuba sivume amandla eNkosi, umusa Wayo, nezinto ezinkulu ezenzile. Asikwazi neze ukumbuyisela nganoma yikuphi kwalokhu, kodwa singamdumisa. Lokho kudumisa kungase kwenzeke ngezindlela ezihlukahlukene kubantu abahlukene—kungase kuhlanganise ukucula, ukuthandaza, noma ukunikeza ubufakazi. Kuvamise ukuholela ekuzinikeleni okujulile eNkosini nasekulandeleni izimfundiso Zayo. Noma ngabe “dumisani iNkosi” kusho ukuthini empilweni yakho, ungathola ugqozi lokukwenza njengoba ufunda futhi uzindla amaHubo.
Amasu Okufunda Ekhaya Nasebandleni
AmaHubo 102–3; 116
INkosi ingangiduduza ekuzweni ubuhlungu kwami.
Qaphela ukuthi iHubo 102:1–11 lichaza imizwa yokukhathazeka nokuhlukaniswa okuvame ukuza ngesikhathi sezinselele. Mhlawumbe wena noma abanye obaziyo baye baba nemizwa enjalo. Njengoba ufunda AmaHubo 102:12–28; 103; 116, bheka imishwana ekunika ukuzethemba “kokubiza igama leNkosi” ezivivinyweni zakho (iHubo 116:13). Ungafuna ukumaka, ukukhumbula ngekhanda, noma ukwabelana nabanye imishwana ekunika ithemba Kuye.
Bheka futhi Isaya 25:8; amaHebheru 2:17–18; U-Alima 7:11–13; uCamille N. Johnson, “Christ Is Relief,” eLiahona, Meyi 2023, 81–83; “Where Can I Turn for Peace?” (Hymns, no. 129).
UCarl Heinrich Bloch (1834-1890), Christ Healing the Sick at Bethesda (UKristu Ephulukisa Abagulayo eBethesda), 1883, oil kucanvas, 100 3/4 × 125 1/2 inches. IBrigham Young University Museum of Art, ethengwe ngemali enikezwe uJack R. noMary Lois Wheatley, ngo-2001.
AmaHubo 110; 118
UJesu Kristu wagcwalisa iziprofetho ezivela encwadini yamaHubo.
AmaHubo aqukethe izindima ezikhomba empilweni nasebufundisini bukaJesu Kristu. Nazi izibonelo ezimbalwa:
-
AmaHubo 110:1–4 (bheka NgokukaMathewu 22:41–45; amaHebheru 5:4–10; 6:20)
-
AmaHubo 118:22 (bheka NgokukaMathewu 21:42; IzEnzo 4:10–11; 1 kaPetru 2:7)
-
AmaHubo 118:25–26 (bheka NgokukaMathewu 21:9)
Lamavesi akufundisani ngoJesu Kristu? Kungani kubalulekile ukwazi lokhu Ngaye?
IHubo 119
Izwi likaNkulunkulu lizongigcina ngisendleleni Yakhe.
IHubo 119 liqukethe imishwana eminingi eqhathanisa izimpilo zethu nohambo lokubuyela kuBaba oseZulwini. Njengoba ufunda, bheka amagama anjengokuthi “hamba,” “indlela,” “indlela,” “izinyawo,” nelithi “zulazula.” Zindla ngohambo lwakho lwempilo—lapho ubukade ukuphi, lapho okhona manje, nalapho uphokophele khona. Ufundani kulelihubo ngohambo lwakho lokubuyela ekhaya na? Ufundeni ngokubuka izindlela zabanye? Ngokwalelihubo, yini uNkulunkulu ayilungiselele ukuze akusize uhlale endleleni Yakhe?
Cabanga ngesikhathi lapho ukulandela indlela noma ibalazwe kwakusiza ukuba uhambe endaweni ethile ngempumelelo. Lokho osubhekane nakho kukufundisani ngokulandela indlela kaNkulunkulu?
Kweminye imibhalo eminingi engcwele, iNkosi kanye nabaprofethi Bayo bakhuluma ngendlela. Ngezansi kunezibonelo ezithile. Cabanga ukusesha lamavesi nokubhala phansi noma ukwabelana nabanye ngalokho okufundayo.
|
Umbhalo Ongcwele |
Engikufundayo endleleni eya kuNkulunkulu |
|---|---|
Umbhalo Ongcwele Izaga 4:11–19 | |
Umbhalo Ongcwele NgokukaMathewu 7:13–14 | |
Umbhalo Ongcwele | |
Umbhalo Ongcwele | |
Umbhalo Ongcwele | |
Umbhalo Ongcwele |
Lamaqiniso angakusiza kanjani ukuthi uhlale endleleni kaNkulunkulu?
Yimiphi eminye imininingwane ongayifunda kulesi seluleko esivela kuMongameli uRussell M. Nelson?
“Uma uhambo lwethu ekuphileni luzophumelela, kudingeka silandele isiqondiso saphezulu. INkosi yathi, ‘Bhekani kimi kuyo yonke imicabango; ungangabazi, ungesabi‘ [IMfundiso neziVumelwano 6:36]. Futhi umhubi wabhala, ‘Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami’ [AmaHubo 119:105]. …
“Ohambweni lwakho lokuphila, uhlangabezana nezingqinamba eziningi futhi wenze amaphutha athile. Isiqondiso esingokombhalo ongcwele sikusiza ukuba ubone iphutha futhi wenze ukulungiswa okudingekayo. Uyeka ukuhamba ngendlela engafanele. Ufunda ngokucophelela ibalazwe lomgwaqo elingokombhalo ongcwele. Bese-ke uqhubeka nokuphenduka nokubuyisela okudingekayo ukuze ungene ‘endleleni ewumngcingo nencane eholela ekuphileni okuphakade’ [2 Nefi 31:18]” (“Living by Scriptural Guidance,” Ensign, Nov. 2000, 17).
Bheka futhi uDieter F. Uchtdorf, “The Prodigal and the Road That Leads Home,” eLiahona, Nov. 2023, 86–88.
AmaHubo 134:-36
INkosi inamandla kunanoma yisiphi isithombe.
Phawula ukuthi kungani, ngokwe Hubo 135:15–18, kuwubuwula ukuthembela konkulunkulu bamanga. Yini ongase ulingeke ukuba uyithembe efana nesithombe? Ungase wenze uhlu lwezinto iNkosi engazenza, njengoba kwenza abahubi kumaHubo 134–36. Yiziphi izinto ezinamandla Akwenzele zona na?
IHubo 139
INkosi iyayazi inhliziyo yami.
Yini oyitholayo kwi Hubo 139 ekusiza ukuthi uqonde ukuthi iNkosi iyakwazi—imicabango nezenzo zakho, amandla kanye nobuthakathaka bakho? Leliqiniso linomthelela kanjani empilweni yakho kanye nasekukhetheni kwakho?
AmaHubo 146–50
“Dumisani iNkosi.”
Njengoba ufunda lamahubo okugcina okudumisa, cabanga ngezizathu onazo zokuyidumisa iNkosi. Kungani kubalulekile ukuyidumisa na? Yiziphi ezinye izindlela ongayidumisa ngayo?
Ukuze uthole okwengeziwe, bheka amaphephabhukhu alenyanga eLiahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).
Amasu okuFundisa Abantwana
AmaHubo 102:1–2
INkosi iyangiduduza, ingiphe ithemba.
-
Wena noma omunye wabantwana bakho ningakwazi ukufunda AmaHubo 102:1–2, nibheke ukuthi iNkosi isisiza kanjani ebunzimeni bethu. Singaluthola kanjani usizo Lwayo? Ningakwazi futhi ukwabelana ngezikhathi lapho nidinga usizo futhi nizwa sengathi uNkulunkulu uyizwile imithandazo yenu.
AmaHubo 119:105
Izwi likaNkulunkulu lifana nokukhanya.
-
Abantwana bakho bangase bajabulele ukuxoxa ngokuthi kunjani ukuba sebumnyameni. Noma bangaxoxa ngezinto okunzima ukuzenza ebumnyameni. Ungase ubameme ukuba benze okuthile bevale amehlo, njengokudweba isithombe. Sifundani kumaHubo 119:105 mayelana nokukhanya kanye nezwi likaNkulunkulu?
-
Bheka okuthile uBaba oseZulwini asinike kona ukusisiza ukuthi sihlale endleleni Yakhe kumavesi alandelayo: AmaHubo 119:47–48; 119:105; 1 Nefi 11:25; 2 Nefi 31:20. Yini esingayenza ukuze sihlale endleleni kaNkulunkulu?
-
Abantwana bakho bangase bakujabulele ukubuka izithombe zezinto ezishiwo kwiHubo 119:105. Babekwazi ukuhlela izithombe ngokulandelana kwazo lapho befunda ivesi. Ningakwazi futhi ukucula ingoma ehlobene ndawonye enjengalena ethi “Teach Me to Walk in the Light” (Children’s Songbook, 177) or “I Will Walk with Jesus” (Gospel Library).
IHubo 139:1–3, 23–24
UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bayangazi futhi bayangithanda.
-
Cabanga ukwenza uhlu olufushane lwezinto ozaziyo ngomntwana wakho ngamunye. Njengoba ufunda uhlu olulodwa ngesikhathi, cela abantwana ukuthi baqagele ukuthi uchaza bani. Khona-ke, ngemva kokufunda AmaHubo 139:1–3 ndawonye, ningabhala izinto uBaba oseZulwini kanye noJesu abazaziyo ngathi.
-
Bhala amazwi eHubo 139:23–24 ephepheni noma ebhodini. Mema abantwana bakho ukuthi badwebele amagama achaza izinto uNkulunkulu angasenzela zona. Kungani singafuna uNkulunkulu enze lezi zinto?
IHubo 146:1, 5–9
Ngingayidumisa iNkosi.
-
Mhlawumbe abantwana bakho bangabelana ngolwazi lapho othile ebancoma noma ebatshela ukuthi benze umsebenzi omuhle. Yabelana ngezinye zezinto ezinhle ezivela kumaHubo 146:6–9 iNkosi ekwenzile (siza abantwana bakho baqonde amazwi abangawajwayele). Mema abantwana bakho ukuthi bakhulume ngezinye izinto esenzela zona. Singayidumisa kanjani ngalezo zinto?
Funda ekhaya; wabelane nabanye. UMongameli uRussell M. Nelson usifundise ukuthi ikhaya kufanele libe “yilapho kufundwa khona ivangeli” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” eLiahona,, Nov. 2018, 13). Yini ongayenza kulelisonto ukuze ujulise ukufunda kwakho komuntu siqu noma komndeni kwencwadi yamaHubo? Ngemva kokufunda, cabanga ukwabelana nabanye ngalokho okufundile nalokho okuzwile. Lokhu ungakwenza engxoxweni, ngombhalo noma ezinkundleni zokuxhumana, noma esontweni.
Ukuze uthole okunye, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).