“NgoSepthemba 21–27. ‘Umsebenzi Omuhle noMangalisayo’: U-Izaya 13–14; 22; 24-30; 35,“ Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoSepthemba 21–27. ‘Umsebenzi Omuhle noMangalisayo,’” Wozani, Ngilandeleni: 2026
Sacred Grove [isiXhobo seMithi esiNgcwele], nguBreny Borup
NgoSepthemba 21–27: “Umsebenzi Omuhle noMangalisayo”
U-Isaya 13–14; 22; 24–30; 35
Into eyodwa iNkosi ecela abaphrofethi ukuba bakwenze ukuba baxwayise ngomphumela wesono. Kubaprofethi beTestamente eliDala, lokhu kwakujwayele ukuchaza ukutshela ababusi bemibuso emikhulu ukuthi kumele baphenduke. Kwakuwumsebenzi oyingozi, kepha u-Isaya wayengenavalo, futhi izexwayiso zakhe aziqondisa emibusweni yesikhathi sakhe—kubandakanye u-Israyeli, uJuda, namanye amazwe ayesondelene nawo—zazikhombisa isibindi (bheka ku Izaya 13–23).
Kepha, u-Isaya wayephinda abe nomlayezo wethemba. Noma ukubhubha okwakuprofethiwe kwehlela lemibuso, u-Isaya wabona ithuba lokubuyiselwa nokuvuselela. INkosi yayimema abantu Bayo ukuba babuyele Kuyo. Yayizokwenza “isihlabathi esibengezelayo … sibe yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi” (U-Isaya 35:7). Yayizokwenza “umsebenzi omuhle nomangalisayo” (U-Isaya 29:14), ibuyisele ku-Israyeli izibusiso eyamthembisa zona. U-Isaya nabanye abaphila ngaleso sikhathi abaphilanga ukubona lomsebenzi omuhle. Kepha siyawubona manje. Empeleni, siyingxenye yawo.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
U-Isaya 13: 1–11; 19–22; 14: 1–20
Ukuziqhenya nokuthanda izwe kuyohluleka.
Esikhathini sika-Izaya, iBabiloni laliwumbuso onamandla onombusi onamandla. Manje iBabiloni liwumlando wasendulo. Ngakho-ke, kungani umlayezo ka-Isaya obhekiswe eBabele, ku Isaya 13–14, ubalulekile kithi na? Kungoba iBabiloni lifanekisela ukuziphakamisa, ukuhala, nesono, izinto ezisasizungezile nanamuhla. Cabanga ngalomfanekiso ngesikhathi ufunda U-Isaya 13:1–11, 19–22; 14:1–20. Ungase ucabange imibuzo ekanje:
-
Yikona kuphi okufanayo okubonayo phakathi kwempakamo yenkosi yaseBabele nempakamo kaSathane na? (bheka ku-Isaya 14:4–20; Mose 4:1–4). Yiziphi izexwayiso ozitholela zona kulamavesi na?
-
Ngabe uMsindisi unikeza kanjani “[impumezo] ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho”? (U-Isaya 14:3.)
“Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade” (U-Isaya 25:8).
U-Isaya 22:22–23; 24:21–23; 25:6–8; 26:19; 28:16
UJesu Kristu unguMesiya othenjisiwe.
Izimfundiso zika-Isaya zivame ukuphatha umsebenzi woMsindisi, okubalwa kuwo umnikelo wenhlawulo, uVuko kwabaFileyo, nokuBuya kwesiBili. Yikuphi okuphathelene nomsebenzi Wakhe okufika emqondweni ngesikhathi ufunda lamavesi: U-Isaya 22:22–23; 24:21–23; 25:-6–8; 26:19; 28:16? Yimiphi eminye imibhalo oyitholayo ekukhumbuza ngoMsindisi na?
Nika abafundi ithuba lokuba bafakaze ngoJesu Kristu. “Ukuba uthisha wevangeli likaJesu Kristu kuchaza ukusiza abanye baqonde futhi bathembele kwizimfundiso Zakhe, ukuhlengwa, amandla, kanye nothando Lwakhe oluphelele” (Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi, 8). Enye indlela elula yokwenza lokhu ukubuza umbuzo ofana nothi “Ngabe yikuphi okuthole ngenkathi ufunda imibhalo engcwele kulelisonto okukufundise okuthile ngoMsindisi?” Bese uvumela abafundi ukuthi babelane ngolwazi lwabo futhi baqinise ukholo lomunye nomunye.
U-Isaya 24:1–12; 28:1–8; 29:7–13; 30:8–14
Ukufulathela iNkosi kuletha ingozi engokomoya.
Ngomusa Wayo, iNkosi yathumela u-Isaya ukuba axwayise abantu besivumelwano ukuthi babeduka Kuye. Bheka ukuthi ungazithola yini izimpawu eziyisixwayiso ezingokomoya zalokhu ku Isaya 24:5; 29:13; 30:8–12. Kungani lezi zimo zengqondo nezenzo ziyingozi ngokomoya?
Ukuxwayisa ngomphumela wokujikela iNkosi, u-Isaya wasebenzisa iziqhathaniso ezikhumbulekayo. Njengoba ufunda ngazo, zibuze ukuthi ukufulathela iNkosi kufana kanjani:
-
Nomhlaba odabukisayo, oyincithakalo (U-Isaya 24:1–12).
-
Nokudakwa (U-Isaya 28:7–8).
-
Nokulamba nokoma (U-Isaya 29:7–10).
-
Nodonga oluphukile noma isitsha (U-Isaya 30:13–14).
Kungani kubalulekile kuwe ukuthi uhlale useduze neNkosi?
U-Isaya 29; 30:18–26; 35
INkosi iyakwazi ukubuyisa lokho okulahlekile noma okuphukile.
Ngabe uke walahlekelwa okuthile obucabanga ukuthi ngeke uphinde ukuthole? Noma mhlawumbe kukhona okwaphuka, futhi wakhathazeka ngokuthi ngeke kuphinde kulungiswe. Lapho sifulathela iNkosi, uSathane ufuna sicabange ukuthi angeke siphinde sikwazi ukubuya noma siphiliswe. Kepha, u-Izaya wachaza ezinye izinto ezinhle ezizokwenziwa yiNkosi ukusisiza sibuyele Kuyo. Yikuphi okufundayo ku-Izaya 29:13–24; 30:18–26;35 ngeNkosi, uthando Lwayo, namandla Ayo? Mhlawumbe ungathola umusho kulezi ziqephu okunikeza ithemba lapho udinga ukuphulukiswa. Ungabheka futhi emlayezweni kaDade Amy A. Wright “Christ Heals That Which is Broken” (ILiyahona, ngoMeyi 2022, 81–84).
Indlela eyodwa iNkosi eveza ngayo amandla kanye nomusa Wayo ukuBuyiselwa kweVangeli. U-Isaya 29 uqukethe imibhalo embalwa eqondene nezehlakalo zokuBuyiselwa. Isibonelo:
-
Qhathanisa U-Isaya 29:11–12 no 2 Nefi 27:6–26 no Joseph Smith—Umlando 1:63–65.
-
Qhathanisa U-Isaya 29:13–14 ne Mfundiso neziVumelwano 4 no Joseph Smith—Umlando 1:17–19.
-
Qhathanisa u-Isaya 29:18–24 ne khasi lesihloko seNcwadi kaMormoni.
Ngokubona kwakho, kungani “okumangalisayo” kanye “nokumangala” (U-Isaya 29:14) kungamagama amahle okuchaza iNkosi ibuyisela ivangeli Layo? Ungasiza kanjani ukugcwalisa iziphrofetho mayelana nokuBuyiselwa? Ukuze uthole amanye amasu, bheka noGerrit W. Gong, “All Nations, Kindreds, and Tongues,” (ILiyahona, ngoNovemba 2020, 38–41).
Bheka futhi “UkuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngokuPhelele: IsiMemezelo semiNyaka engamaKhulu amaBili esibhekiswe emHlabeni” (Umtapo woLwazi weVangeli).
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).
Amasu okuFundisa abaNtwana
U-Izaya 14:3; 25:8–9; 28:16
UJesu Kristu angangisindisa esonweni nasekufeni.
-
Uzobasiza kanjani abantwana bakho babone uMsindisi emibhalweni ka-Isaya? Ungabasiza bathole imishwana ebakhumbuza Ngaye ku Isaya 14:3; 25:8; noma 28:16. Bangaphinda futhi baqondanise lamavesi aku-Isaya namanye amavesi afundisa ngoMsindisi, njengo NgokukaMathewu 11:28–30; 1 KwabaseKhorinte 15:53–57; Helamani 5:12. Ngabe yiziphi izinto ezinkulu iNkosi esenzele zona?
-
Emva kokufunda U-Isaya 25:8–9 ndawonye, ningabheka izithombe zoMsindisi eGetsemane, esiphambanweni, kanye nangemva koVuko Lwakhe. Vumela abantwana bakho bakhulume ngalokho okwenzeka ezithombeni nokuthi kungani bethanda uJesu futhi “bethokoza ngensindiso yakhe” (uvesi 9).
-
Ungase ukhethe ukutshela abantwana bakho ngokudabuka owakuzwa lapho othile omthandayo eshona. Fakaza ngenduduzo owayithola ngenxa kaJesu Kristu. Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba ubuso obukhalayo bese beyazisusa izinyembezi njengoba nifunda U-Isaya 25:8 ndawonye.
Thy Will Be Done [Mayenziwe Intando Yakho], nguKen Spencer
U-Isaya 25:4–6
UJesu unginika “ukuphepha esivunguvungwini.”
-
Ngabe wena nabantwana bakho nake nasizwa isibusiso sokuba nendawo ephephile yokuhlala ngesikhathi sesivunguvungu noma umthunzi ngosuku olushisayo ehlobo na? Noma ingabe ukujabulela ukudla okumnandi ngesikhathi nilambile? Khulumani ngalezi zehlakalo njengoba ufunda U-Isaya 25:4–6. UJesu ufana kanjani nalezi zincazelo na?
U-Isaya 29: 11–18, 24
Ukubuyiselwa kwevangeli “kuwumsebenzi omangalisayo.”
-
Njengoba wena nabantwana bakho nifunda U-Isaya 29:14, yabelana nabo ngamanye amagama asho into efanayo nelithi “isimangaliso” nelithi “ukumangala .” Bavumele bakusize uthole izinto noma izithombe ezimele eminye yemisebenzi emangalisayo yeNkosi phakathi nezinsuku zokugcina. Lokhu kungase kuhlanganise ikhophi yeNcwadi kaMormoni, isithombe sethempeli, noma isithombe soMbono WokuQala (sikhona esisekuqaleni kwalesi sifundo). Emva kwalokho abantwana bakho bangase bakhethe into ethile futhi bakutshele ukuthi kungani imangalisa kubo.
-
- Futhi mhlawumbe oseke wabhekana nakho komuntu siqu nolwazi lwakho kungasiza abantwana baqonde ukuthi kusho ukuthini ukubuyiselwa. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningaxoxa ngento ethile eyanilahlekela nokuthi nayithola kanjani. Siza abantwana bakho bafanise lokho nokuBuyiselwa kwevangeli. Ngokusho kwa-Izaya 29:13–15, kungani sidinga ukuBuyiselwa kwevangeli? Yimiphi imisebenzi emangalisayo iNkosi eyenzayo ukubuyisela ivangeli Layo? (bheka ikhasi lomsebenzi lakulelisonto).
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).