Wozani, Ngilandeleni
NgoSepthemba 14–20. “UNkulunkulu UyiNsindiso Yami”: Isaya 1–12


“NgoSepthemba 14–20. ‘UNkulunkulu UyiNsindiso Yami’: Isaya 1–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoSepthemba 14–20. ‘UNkulunkulu UyiNsindiso Yami,’” Wozani, Ngilandelenii: ITestamente eliDala 2026

U-Isaya ebhala emqulwini

UMprofethi u-Isaya Ubikezela Ukuzalwa KukaKristu, nguHarry Anderson

NgoSepthemba 14–20: “U Nkulunkulu UyiNsindiso Yami”

Isaya 1–12

Noma ngabe uyaqala ukufunda incwadi ka-Isaya, ungathola amavesi azwakala ejwayelekile. Lokho kungenxa yokuthi, kubo bonke abaprofethi beTestamente eliDala, u-Isaya nguye ocashunwa kakhulu kwezinye izincwadi zombhalo, okuhlanganisa noMsindisi uqobo Lwakhe. Amazwi ka-Isaya abuye avele kaningi ezihlabelelweni nakomunye umculo ongcwele.

Kungani u Isaya ecashunwa kaningi kangaka? Ngokuqinisekile esinye isizathu siwukuthi u-Isaya wayenesiphiwo sokuveza izwi likaNkulunkulu ngolimi olucacile nolukhumbulekayo. Kodwa kungaphezu kwalokho. U-Isaya ufake ugqozi kubaprofethi izizukulwane ngezizukulwane ngoba amaqiniso awafundisa ayedlula esakhe isizukulwane–ama-Israyeli aphila phakathi kweminyaka engama-740 nengama-701 ngaphambi kokuzalwa kuka Kristu. Wabhala ngomsebenzi omkhulu kaNkulunkulu wokuhlenga, omkhulu kakhulu kunesizwe esisodwa noma inkathi yesikhathi esisodwa. UNefi wafunda ku-Isaya ukuthi yena nabantu bakhe, yize babehlukaniswe no-Israyeli wonke, babeseyingxenye yabantu besivumelwano sikaNkulunkulu. Ku-Isaya, ababhali beTestamente eLisha bathola iziprofetho ngoMesiya ezagcwaliseka phambi kwamehlo abo. Futhi ku-Isaya, uJoseph Smith wathola ugqozi lomsebenzi wezinsuku zokugcina wokuqoqa u-Israyeli nokwakha iSiyoni. Uma ufunda u-Isaya, ngabe uzotholani na?

uphawu sokufunda

Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni

Isaya 1–12

Amazwi ka-Isaya azogcwaliseka wonke.

UMsindisi wafundisa ukuthi “zonke izinto [u-Isaya] azikhuluma zike zaba khona futhi ziyokwenzeka, ngisho ngokwamazwi awakhulumayo” (3 Nefi 23:3). Njengoba ufunda incwadi ka-Isaya, cabanga ngokwenza ishadi leziprofetho elinezihloko ezifana nalezi: Usuku luka-Isaya, Ubufundisi bukaMsindisi basemhlabeni, kanye Nezinsuku zokugcina.

UMongameli uDallin H. Oaks wafundisa: “Incwadi ka-Isaya iqukethe iziphrofetho eziningi ezibonakala zinokugcwaliseka okuningi. Enye ibonakala ibandakanya abantu bosuku luka-Isaya noma izimo zesizukulwane esilandelayo. Enye incazelo, ngokuvamile engokomfanekiso, ibonakala ibhekisela ezenzakalweni zenkathi yesikhathi eside, lapho iJerusalema ibhujiswa futhi abantu bayo behlakazwa ngemva kokubethelwa kweNdodana kaNkulunkulu. Enye futhi incazelo noma ukugcwaliseka kwesiprofetho esifanayo kubonakala kuhlobene nezehlakalo zokuza kwesiBili koMsindisi. Iqiniso lokuthi eziningi zalezi ziprofetho zingaba nezincazelo eziningi kugcizelela ukubaluleka kokufuna kwethu isambulo esivela kuMoya oNgcwele ukuze asisize sizichaze” (“Scripture Reading and Revelation,” Ensign, Jan. 1995, 8).

Ukuqonda U-Isaya. UMsindisi wathi, “Zihlolisiseni lezi zinto ngokucophelela; ngoba makhulu amazwi ka-Isaya” (3 Nefi 23:1; bheka futhi amavesi 2–3). Kodwa kwabaningi, u-Isaya kungabanzima ukumqonda. Imibono elandelayo ingasiza:

  • Zindla ngezimpawu nezingathekiso u-Isaya ayezisebenzisa.

  • Zibuze, “Yini engiyifundayo ngoJesu Kristu?” (bheka 1 Nefi 19:23).

  • Bheka izihloko ezizwakala zifanelekile esikhathini sethu.

  • Sebenzisa okukusizayo uma ufunda, njengesichazamazwi, izinezelo, izihloko zezahluko, kanye ne ziHloko zeMibhalo eNgcwele.

Isaya 1; 3–5

uphawuhlelo lokufundisa ivangeli
Abaprofethi baxwayisa ngesono futhi bathembisa ithemba ngokuphenduka.

Njengabaprofethi ngazo zonke izikhathi, u-Isaya wayehlala exwayisa abantu ngesimo sabo esingokomoya. Njengoba ufunda Isaya 1; 35, bheka imishwana echaza ukuthi abantu babeqhuba kanjani ngokomoya (bheka, isibonelo, Isaya 1:2–4, 21–23; 3:9, 16–17; 5:11–12, 20–23). Yiziphi izinkinga ezifanayo ozibonayo esikhathini sethu? Ungase futhi ufune amavesi axwayisa ngemiphumela yesimo esingokomoya sama-Israyeli (njengalezi Isaya 1:7; 3:17–26; 5:5–7, 13–15).

Ngaphezu kwezixwayiso, u-Isaya wanikeza imiyalezo yethemba lokuhlengwa ngoMsindisi (bheka, isibonelo, Isaya 1:16–19, 25–27; 3:104). Yikuphi esikufundayo ngeNkosi kulamavesi na? Ngabe wehluke kanjani umyalezo weNkosi kulamavesi kulokho uSathane afuna sikukholwe na?

Njengo-Isaya, abaprofethi namuhla bayasixwayisa ngesono nemiphumela yaso, futhi banikeza imiyalezo yethemba ngoJesu Kristu. Yiziphi izibonelo ongacabanga ngazo? Ungase ufune ukubuyekeza umlayezo ovela kwingqungquthela yebandla lonke edlule, ufuna izixwayiso ezinjalo kanye nezethembiso.

Isaya 2; 4; 11–12

UNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omkhulu ezinsukwini zokugcina.

Iziprofetho eziningi zika-Isaya zinencazelo eqondile osukwini lwethu. Ukuze uzithole, bheka izenzo zesikhathi esizayo (ezifana nokuthi “uzoba” noma “uzohamba”). Isibonelo, bheka lezi zenzo njengoba ufunda Isaya 2; 4; 11–12. Ungase uzame nokuwashintsha wenze izenzo zesikhathi samanje (njengokuthi kuyinto noma uyahamba). Yiziphi iziprofetho ezikukhuthaza kakhulu? Ufundani kulezi ziprofetho mayelana neSiyoni, ukwakha amathempeli, nokuqoqa u-Israyeli?

Isaya 2:2–3 ubaluleke kakhulu kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Zigcwaliseka kanjani lezi ziprofetho? Yini oyifundayo “ngezindlela” kanye “nemikhondo” yeNkosi endlini Yayo? (ivesi 3).

Bheka futhi Isaya 5:26; “High on the Mountain Top,” Hymns, no. 5.

Isaya 6

Abaprofethi babizwe nguNkulunkulu.

Ku Isaya 6, uIsaya walandisa ngobizo lwakhe lokuba umprofethi. Njengoba ufunda lesi sahluko, yini ekuhlaba umxhwele ngezehlakalo zika-Isaya? Ngabe lesahluko sinamuphi umthelela endleleni ocabanga ngayo ngeNkosi, ngabaprofethi bayo, nangomsebenzi ababizelwe wona na?

UMariya ephethe umntwana uJesu

“Ngokuba sizalelwe umntwana, saphiwa indodana” (Isaya 9:6).

Isaya 7–9

UNkulunkulu wathembisa ukuthumela uJesu Kristu ukuba abe nguMsindisi wami.

Phakathi nenkonzo ka-Isaya, u-Israyeli wenza umfelandawonye neSiriya ukuze azivikele ngokumelene ne-Asiriya. U-Israyeli neSiriya babefuna ukuphoqa u-Ahazi, inkosi yakwaJuda, ukuba ahlanganyele nabo. Kodwa u-Isaya waprofetha ukuthi lolubumbano lwaluyohluleka futhi weluleka u-Ahazi ukuba athembele kuJehova (Isaya 7:7–9; 8:12–13).

Nakuba u-Isaya eluleka u-Ahazi, wenza iziprofetho eziningana ezaziwa kakhulu, njengalezo ezitholakala encwadini Isaya 7:14; 8:13–14; 9:2, 6–7. Noma ngabe lezi ziprofetho zazisho ukuthini ku-Ahazi, ngokusobala zisebenza kuJesu Kristu (bheka futhi NgokukaMathewu 1:21–23; 4:16; 21:44; NgokukaLuka 1:31–33). Kungani “u-Imanuweli” eyibizo elihle kuMsindisi? (bheka NgokukaMathewu 1:23). Uye waba kanjani “uMeluleki” noma “iNkosi yokuthula” kini? (Isaya 9:7). Yini enye oyifundayo ngoMsindisi kulamavesi?

Ukuze uthole okunye, bheka amaphephabhukhu alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu sesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

Isaya 1:2–4, 16–19

Ngenxa kaJesu Kristu, ngingaphenduka futhi ngihlanzeke.

  • Ku Isaya 1:2–4, wena kanye nabantwana bakho ningathola izizathu zokuthi iNkosi yayingathokozile ngabantu. Qaphela ukuqhathanisa nezilwane kuvesi 3—ubani “inkosi” yethu? Sibonisa kanjani ukuthi siyamazi?

  • Ukuze ubone ngeso lengqondo u-Isaya 1:16–18, wena kanye nabantwana bakho beningabuka into ebomvu ngokugqamile nento emhlophe qhwa. Noma mhlawumbe ningasebenza ndawonye ukuze niwashe okuthile. Siba kanjani abangcolile ngokomoya? UJesu usisiza kanjani ukuba sihlanzeke? Sifundani ngoMsindisi kulamavesi? Yabelana nabantwana bakho ukuthi uzizwa kanjani Ngaye nangalokho akwenzele kona.

Isaya 2:2–4

Ethempelini, ngifunda ngoJesu Kristu.

  • U-Isaya wasibona kusengaphambili isikhathi lapho “intaba yendlu kaJehova” iyokhanga abantu bazo “zonke izizwe” (Isaya 2:2). Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba bazizwe bejabule ngokuya endlini yeNkosi? Ungabamema ukuthi badwebe isithombe sendlu yabo. Bese nifunda ndawonye u-Isaya 2:2, futhi ubameme ukuba badwebe umfanekiso “wendlu yeNkosi,” eyithempeli. Fundani ndawonye u-Isaya 2:3. Bameme ukuthi bengeze ezithombeni zabo abantu abaningi abeza ethempelini, kuhlanganisa nemindeni yabo.

  • Ningafunda futhi u-Isaya 2:2–3 ndawonye futhi nikhombe okuthile okukugqugquzelayo kanye nabantwana bakho ukuthi niye ethempelini. Khona-ke, ngemva kokufunda u-Isaya 2:4 ndawonye, ​​ningaxoxa ngokuthi ithempeli libalethela kanjani ukuthula. Cabanga ukucula iculo ngethempeli. Siza abantwana bakho bathole amagama engomeni afundisa ukuthi liyini ithempeli nokuthi senzani lapho.

Ithempeli laseSalt Lake kuhwalala

Ithempeli laseSalt Lake

Isaya 7:14; 9:6–7.

UJesu Kristu weza emhlabeni ukuba abe nguMsindisi wami.

  • Ukwethula iziprofetho zika-Isaya ngoKristu, wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngamabizo abantu, njengomongameli, umbhishobhi, noma abefundisi. Lamabizo asitshelani ngalababantu? Siza abantwana bakho bathole amabizo kaJesu Kristu Isaya 7:14 kanye 9:6–7 (bheka futhi ikhasi lomsebenzi walelisonto). Lamabizo ngalinye asifundisani Ngaye? Yini enye esiyifundayo ngoJesu Kristu kulamavesi?

  • Ungase futhi wabelane nabantwana bakho “Umprofethi u-Isaya” ( kwiziNdaba zeTestamente eliDala, 150–51). Yima kancane ngezikhathi ezithile ukuze ubuze ukuthi yini u-Isaya ayeyazi ngoJesu Kristu eminyakeni eminingi ngaphambi kokuba azalwe. Ungasebenzisa NgokukaMathewu 1:21–23; NgokukaLuka 1:31–33 ukukhuluma ngendlela iziprofetho zika-Isaya Isaya 7:14; 9:6–7 zagcwaliseka ngayo.

    1:18

    Isaiah the Prophet

Ukuze uthole okunye, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

umbani ushaya esibhakabhakeni ngaphezu kwethempeli

U-Isaya wafundisa ukuthi ithempeli laliyoba “indawo yesiphephelo” “nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni” (Isaya 4:6). Ithempeli lase-Idaho e Idaho Falls

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabantwana: U-Isaya waprofetha ngoJesu Kristu