Wozani, Ngilandeleni
NgoSepthemba 7–13. “Uyoqondisa Izindlela Zakho”: Izaga 1–4; 15–16; 22; 31; UMshumayeli 1–3; 11–12


“NgoSepthemba 7–13. ‘Uyoqondisa Izindlela Zakho’: Izaga 1–4; 15–16; 22; 31; UMshumayeli 1–3; 11–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoSepthemba 7–13. ‘Uyoqondisa Izindlela Zakho,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

uJesu nabantwana

UJesu nabaNtwana, nguDilleen Marsh

NgoSepthemba 7–13: “Uyoqondisa Izindlela Zakho”

Izaga 1–4; 15–16; 22; 31; UMshumayeli 1–3; 11–12

Ungase ucabange ngencwadi yeZaga njengeqoqo lezeluleko ezihlakaniphile ezivela kubazali abanothando (bheka Izaga 1:8). Umyalezo wayo oyinhloko uwukuthi uma ufuna ukuhlakanipha—ikakhulukazi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu—ukuphila kuzohamba kahle. Kodwa incwadi yeZaga ilandelwa yincwadi yoMshumayeli, okubonakala ngathi ithi, “Akulula kangako.” Umshumayeli ocashunwe encwadini yoMshumayeli waphawula ukuthi “wanikela inhliziyo [yakhe] ukuba azi ukuhlakanipha” kodwa wathola “ukufuna umoya” kanye “nokukhathazeka okuningi” (UMshumayeli 1:17–18). Ngezindlela ezihlukahlukene, lencwadi iyabuza, “Kungaba khona incazelo yangempela ezweni lapho yonke into ibonakala iyize, ingokwesikhashana, futhi ingaqinisekile?”

Kanti futhi, ngenkathi lezincwadi ezimbili zibheka impilo ngezindlela ezahlukene, zifundisa amaqiniso afanayo. UMshumayeli uthi: “Nakhu ukuphela kwendaba lapho sekuzwakale konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe: ngokuba lokho kungokwabantu bonke” (UMshumayeli 12:13). Umgomo otholakala kuzo zonke Izaga: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho” (Izaga 3:5; bheka futhi ivesi 7). Impilo ihlezi ingcono—uma ingaphelele njalo—uma sithemba futhi silandela iNkosi uJesu Kristu.

uphawu lokufunda

Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni

Izaga 1–4; 15–16; UMshumayeli 1–3; 11–12

“Beka indlebe yakho ekuhlakanipheni.”

Incwadi yeZaga NeyoMshumayeli igcwele ukuqonda ngokuhlakanipha. Cabanga ukumaka igama elithi “ukuhlakanipha” namagama ahlobene, njengokuthi “ulwazi” kanye “nokuqonda,” njengoba uwathola Izaga 1–4; 15–16; UMshumayeli 1–3; 11–12. Ngabe lezahluko ziyithinta kanjani indlela ocabanga ngayo ngokuhlakanipha na? Ngokuya ngalokho okutholayo, ungakuchaza kanjani ukuhlakanipha “uJehova akunikayo”? (Izaga 2:6). Ngabe yiziphi izibusiso ezivela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu na?

Bheka futhi NgokukaMathewu 7:24–27; 25:1–13.

Siza abafundi babelane ngalokho abakufundayo. “Nika abafundi amathuba okuthi babelane ngalokho abakufundayo ngoMsindisi kanye nevangeli Lakhe. Ukwenza lokho kuzobasiza bawafake ezinhliziyweni amaqiniso abafundiswa wona futhi bawasho. Kuyobasiza nokuba bathole ukwethemba ikhono labo lokuhlanganyela amaqiniso kwezinye izimo” (Teaching in the Savior’s Way26). Isibonelo, ungase ucele abafundi ukuba babhale izinkomba ezithile encwadini yeZaga noma yoMshumayeli lapho bethole khona ukuqonda ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Bese umema abafundi ukuthi bakhulume ngalokho abakufundile.

Izaga 1:7; 2:5; 3:7; 15:33; 16:6; 31:30; uMshumayeli 12:13

“Ungahlakaniphi emehlweni akho; yesaba uJehova.”

Esinye isihloko esitholakala kuyo yonke incwadi yeZaga noMshumayeli sithi “ukwesaba uJehova.” Buka lesi sisho njengoba ufunda. Uzwa ukuthi kusho ukuthini ukwesaba uJehova? Bheka imininingwane kumlayezo weGosa uDavid A. Bednar “Therefore They Hushed Their Fears” (eLiyahona, ngoMeyi 2015, 46–49). Ukwesaba uJehova kuhluke kanjani kwezinye izinhlobo zokwesaba?

Bheka futhi Izaga 8:13.

Izaga 3:5–74

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.”

Ungazama kanjani ukuncenga umuntu ukuthi kungcono “ukwethembela eNkosini” kunoku “ncika … kokwethu ukuqonda”? (Izaga 3:5). Yiziphi iziqhathaniso noma izifundo ongazisebenzisa? Njengoba uzindla Izaga 3:5–7, cabanga ngezindlela ongaqedela ngazo imisho efana nalena: Ukuthembela eNkosini kufana … Ukuncika kokwethu ukuqonda kufana …

Kungani kuwubuwula ukuncika kokwethu ukuqonda? Uthole kanjani ukuthi uJehova uthembekile?

Noma kunjalo, singase sikuthole kunzima ukwethemba uJehova ngezinye izikhathi. Kungani kunjalo? IGosa uGerrit W. Gong uphakamisa izizathu ezithile, kanye neseluleko esiwusizo, ku “Trust Again” (eLiyahona, Nov. 2021, 97–99). Yiziphi izindaba noma izimfundiso ozithola kulomlayezo ezingasiza omunye ukubuyisela ukuthembela kwakhe eNkosini?

Kokubili Izaga 3:6 kanye neZaga 4 kuqhathanisa impilo “nendlela” noma “indlela.” Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuvumela iNkosi “iqondise izindlela [zakho]”? (Izaga 3:6). Utholani esahlukweni 4 okukusiza “ucabange indlela yezinyawo [zakho]”? (ivesi 26). Isibonelo, amavesi 11–12 no 18–19 afundisani ngezibusiso zokulandela indlela efanele na? Asho ukuthini amavesi 26 –27 kuwe na?

Bheka futhi 2 Nefi 31:18–21; “Lord, I Would Follow Thee,” Hymns, no. 220.

Izaga 15; 16:24–32

“Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka.”

Ezinye zezaga ezahlukweni 15–16 zingakufaka ugqozi lokuthi uthuthukise indlela oxhumana ngayo nabanye, ikakhulukazi abantu obathandayo. Isibonelo, cabanga ngezikhathi ezithile lapho “impendulo ezothile” isize “[ukudambisa] ulaka” (Izaga 15:1).

Ungase ucabange nangezikhathi lapho uMsindisi enza isibonelo sezimfundiso Izaga 15:1–4, 18 (bheka NgokukaMarku 12:13–17; NgokukaJohane 8:1–11). Ungasilandela kanjani isibonelo Sakhe njengoba uxhumana nabanye?

Iseluleko kwiZaga 15; 16:24–32 singasebenza kanjani ekuxhumaneni kwedijithali kwanamuhla? Bheka ukuthi ungathola yini ivesi kulezi zahluko ongalibiza kabusha njengeseluleko mayelana nokusebenzelana ezinkundleni zokuxhumana noma ngombhalo.

Bheka futhi kuNeil L. Andersen, “Following Jesus: Being a Peacemaker,” kwiLiyahona, Meyi 2022, 17–20; uRonald A. Rasband, “Words Matter,” kwiLiyahona, Meyi 2024, 70–77; For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (2022), 11–12.

owesifazane nama-seagulls

Ubani Ongathola Owesifazane Woqobo? II, nguLouise Parker

Izaga 31:10–31

“Owesifazane owesaba uJehova, uyakudunyiswa.”

Izaga 31:10–31 zichaza “owesifazane woqobo,” noma owesifazane onamandla amakhulu omoya, onekhono, nomthelela. Ungase uzame ukufingqa ngamazwi akho lokho ivesi ngalinye elikushoyo ngabesifazane abaqotho. Yiziphi kulezi zici ongazilingisa?

UMshumayeli 1–312

Impilo yasemhlabeni ingeyesikhashana.

Kungani kubalulekile kuwe ukukhumbula ukuthi okuningi kulomhlaba, njengoba uMshumayeli 1–2 egomela, “kuyize” (noma okwesikhashana futhi isikhathi esiningi akubalulekile)? Ngabe yikuphi okutholayo kwisahluko 12 okunikeza impilo inani laphakade na?

Ukuze uthole okunye, bheka amaphephabhukhu alenyanga kwiLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

Izaga 1:7; 2:5; 15:33; 16:6; uMshumayeli 12:13

“Ukwesaba uNkulunkulu” kusho ukumthanda nokumlalela.

  • Ukuze usize abantwana bakho baqonde izindinyana ezikhuluma ngokuhlonipha uNkulunkulu, ungafaka igama elithi “ukwesaba” esikhundleni samagama anjengokuthi ukuhlonipha, uthando, noma ukulalela (bheka futhi AmaHebheru 12:28). Ngabe lokhu kuyithinta kanjani indlela esicabanga ngayo ngalamavesi na? Sibonisa kanjani ukuthi siyayesaba iNkosi na?

Izaga 3:5–7

Ngingathembela eNkosini ngayo yonke inhliziyo yami.

  • Wena kanye nabantwana bakho ningenza izenzo enizohamba nazo Izaga 3:5–7, njengokwenza inhliziyo ngezandla zakho, ukuncika ohlangothini olulodwa, ukuhamba endaweni, nokukhomba amehlo akho. Singabonisa kanjani ukuthi siyamethemba uJesu Kristu ngezinhliziyo zethu zonke na?

  • Ukukhombisa ukuthi kusho ukuthini “ukunganciki kokwakho ukuqonda” (Izaga 3:5), cabanga ukumema abantwana bakho ukuthi bancike entweni eqinile futhi ezinzile, njengodonga. Ngemuva kwalokho bangazama ukuncika entweni engazinzanga, njengomshanelo. Noma bangase bazame ukuncikisa induku noma ipensela ezintweni eziqinile, njengencwadi noma isiqeshana sephepha. Kungani kubalulekile “ukuthembela eNkosini” (ivesi 5) hhayi “okwethu ukuqonda”?

owesifazane ophendukile onembali

Ukufunda ukuThembela eNkosini, nguKathleen Peterson

Izaga 15:1, 18

Ngingasebenzisa amagama anomusa.

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningacabanga ngezimo lapho wena noma bona bengase bathukuthele. Fundani Izaga 15:1 ndawonye, ​​futhi usize abantwana bakho basebenzise lelivesi ezimweni abazicabangile. Mhlawumbe bangazijwayeza ezithile “izimpendulo ezothile.” Ingoma emayelana nomusa, njengokuthi “Love Is Spoken Here” (Children’s Songbook, 190–91), ingasiqinisa lesi simiso.

  • Ukuze ufunde ukuthi kusho ukuthini “ukwephuza ukuthukuthela” (Izaga 15:18), wena kanye nabantwana bakho ningabelana ngezikhathi lapho wena (noma othile omaziyo) wayecasukile kodwa wakhetha ukuba nomusa. Siza abantwana bakho bacabange ngezinto esingashesha kuzo uma “sephuza ukuthukuthela.” Isibonelo, singashesha ukucabanga ngoJesu, sicele usizo kuBaba oseZulwini, sicabange ngengoma yasePrimary, noma, uma kungenzeka, sihambe.

Ukuze uthole okunye, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

UJesu ehola izimvu ezimbili

“Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho” (Izaga 3:6). Uyangihola, nguYongsung Kim. Isithombe sihlonipha i-havenlight.com

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabantwana: Ngingasebenzisa amazwi anomusa