“Ngo-Agasti 10–16. ‘Nokho Ngizokwethemba Kuye’: UJobe 1–3; 12–14; 19; 21–24; 38–40; 42,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)
“Ngo-Agasti 10–16. ‘Nokho Ngizokwethemba Kuye,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
The Judgments of Job [Izahlulelo zikaJobe], nguJoseph Brickey
Ngo-Agasti 10-16: “Anginathemba”
UJobe 1–3; 12–14; 19; 21–24; 38–40; 42
Kungokwemvelo ukuzibuza ukuthi kungani izinto ezimbi zehlela abantu abalungile—noma-ke, kungani izinto ezinhle zenzeka kubantu ababi. Kungani uNkulunkulu, olungile, ekuvumela lokho na? Incwadi kaJobe ihlola imibuzo enjengale. UJobe wayengomunye walabobantu abalungile abehlelwa izinto eziningi ezimbi. Ngenxa yokuvivinywa kukaJobe, abangani bakhe bazibuza ukuthi empeleni wayelungile yini. UJobe wagomela ngokuthi ulungile futhi wazibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu ulungile ngempela yini. Kodwa yize ayezwa ubuhlungu futhi ezibuza, uJobe wabugcina ubuqotho bakhe nokholo kuJesu Kristu. Encwadini kaJobe, ukholo luyabuzwa futhi luyavivinywa kodwa alulahlwa ngokuphelele. Lokho akusho ukuthi yonke imibuzo iyaphendulwa. Kodwa incwadi kaJobe ifundisa ukuthi kuze kube yilapho iphendulwa khona, imibuzo ingahlangana nokholo. Futhi akungakhathaliseki ukuthi kwenzekani okwamanje, singasho ngeNkosi yethu ukuthi, “Nokho ngizokwethemba kuye” (Jobe 13:15).
Ukubuka konke okusencwadini kaJobe, bheka “UJobe” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (Umthombo woLwazi weVangeli).
Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni
Jobe 1–3; 12–13
Ngingamethemba uNkulunkulu kuzo zonke izimo.
Izahluko zokuqala zikaJobe zigcizelela, ngendlela esankondlo, indima kaSathane njengesitha noma ummangaleli wethu; azikuchazi ukusebenzisana ngempela phakathi kukaNkulunkulu noSathane. Njengoba ufunda lokho uSathane akusho ngoJobe (bheka Jobe 1:9–11; 2:4–5), ungase uzibuze, “Kungani ngihlala ngithembekile kuNkulunkulu?” Kungani kungaba yingozi ukulalela iNkosi kuphela ngenxa yesizathu esaphakanyiswa nguSathane?
Yini ekuhlaba umxhwele ngezimpendulo zikaJobe ekuvivinyweni kwakhe? (bheka uJobe 1:20–22; 2:9–10).
Abangani bakaJobe baphakamisa ukuthi uNkulunkulu wayemjezisa (bheka uJobe 4–5; 8; 11). Yiziphi izinkinga ozibonayo ngalo mbono? Funda impendulo kaJobe kwizahluko 12–13. Yini uJobe ayeyazi ngoNkulunkulu eyamenza wakwazi ukuqhubeka amethembe na? Ngabe yikuphi okwaziyo ngoNkulunkulu okukusiza ukuba ubhekane nezinselelo na?
UJobe 19
UJesu Kristu unguMhlengi wami.
Ngezinye izikhathi sifunda amaqiniso abaluleke kakhulu phakathi nezikhathi ezinzima kakhulu. Zindla ngezivivinyo uJobe azichaze ku Jobe 19:1–22 kanye namaqiniso awamemezele emavesini 23–27. Wazi kanjani ukuthi uMhlengi wakho uyaphila? Lolulwazi lwenza mehluko muni empilweni yakho na?
Cabanga ngokucula noma ukulalela ihubo elimayelana noJesu Kristu, njengelithi “I Know That My Redeemer Lives” (Hymns, no. 136). Yimaphi amazwi akulelihubo aveza imizwa yakho Ngaye a?
Bheka futhi IMfundiso NeziVumelwano 121:1–12; 122.
UJobe 21–24
“Esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.”
Ku Jobe 21–24, uzofunda inkulumo-mpikiswano phakathi kukaJobe nabangani bakhe. Isisusa salenkulumo-mpikiswano kwakuwumbuzo abantu abaningi abaye bawubuza: Kungani abantu abalungile ngezinye izikhathi behlupheka?
Nakuba singenazo zonke izimpendulo, evangelini elibuyiselwe likaJesu Kristu, sinamanye amaqiniso angasisiza sibuqonde ubunzima nokuzwa ubuhlungu. Ngezansi kunemibhalo engcwele yezinsuku zokugcina equkethe amanye alamaqiniso. Ngabe lokhu kusifundisani ngoBaba oseZulwini kanye nesu Lakhe na?
Ungafunda futhi izimfundiso zikaMongameli uSpencer W. Kimball mayelana nobunzima “Tragedy or Destiny?” (Teachings of Presidents of the Church: Spencer W. Kimball [2011]), 11–21).
Ngokusekelwe yilokho osukufundile, ungawuphendula kanjani umbuzo othi “Kungani uNkulunkulu evumela abantu abalungile ukuba bahlupheke na?”
Calm and Stars [Ukuthula neziNkanyezi], nguYongsung Kim. Isithombe sihlonipha i-havenlight.com
UJobe 38–40; 42
Umbono kaNkulunkulu mkhulu kunowami.
Ekhungathekiswe yizinsolo zabangani bakhe (bheka uJobe 16:1–5; 19:1–3), UJobe wabuza uNkulunkulu kaningi ukuthi kungani kufanele ahlupheke kangaka (bheka u Jobe 19:6–7; 23:1–9; 31). INkosi ayizange inikeze isizathu esicacile encwadini kaJobe. Kodwa yafundisa umlayezo obalulekile ezahlukweni 38–40. Ungawufingqa kanjani lowo mlayezo? Isibonelo, ufundani emibuzweni yeNkosi Jobe 38:1–7, 18–24?
Uzoqaphela ukuthi iNkosi yakhuluma noJobe ngokunye ekudalileyo kanye neminye imisebenzi yamandla (bheka UJobe 38–39). Ungase ukubheke okunye kwalokho okudaliweyo (noma izithombe zakho). Ngabe lezi zinto zikusiza kanjani ukuba ucabange ngendlela ehlukile ngoNkulunkulu? mayelana nokuvivinywa kwakho na? Zawushintsha kanjani umbono kaJobe? (bheka Jobe 42:1–6; bheka futhi Mose 1:8–10).
Nansi imilayezo emibili yengqungquthela yebandla lonke engasiza ekuguquleni umbono wethu: uTamara W. Runia, “Seeing God’s Family through the Overview Lens” (kwiLiyahona, Nov. 2023, 62–69); uRussell M. Nelson, “Think Celestial!” (iLiyahona, yangoNovemba 2023, 117–20). Kunoma yimuphi walemilayezo, bheka okuthile ozofuna ukukukhumbula ngesikhathi esilandelayo lapho izivivinyo zakho zibonakala zingaphezu kwamandla akho. Uzozikhumbuza kanjani lokho okufundile?
Yiba nobuciko. Ukufunda akudingekile kuphela ukuhlanganisa ukufunda, ukucabanga, nokukhuluma. Ngezinye izikhathi ukufunda okukhumbuleka kakhulu kuza ngezindlela zokuvivinya umzimba. Isibonelo, uma ufunda ngendlela iNkosi eyashintsha ngayo umbono kaJobe kuJobe 38–40, ungase uthathe uhambo futhi ubheke okunye okudaliweyo kweNkosi, okukhulu nokuncane. Noma ungase ubheke into ngemibono ehlukene—usuka ngaphezulu, ngaphansi, eduzane, kude, njalo njalo.
Ukuze uthole okunye, bheka amaphephabhukhu alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).
Amasu okuFundisa abaNtwana
UJobe 1–2; 12; 19
Ukholo kuJesu Kristu luzongisiza ngezikhathi ezinzima.
-
Khuthaza abantwana bakho ukuthi bakutshele abakwaziyo ngoJobe. Uma bedinga usizo, ungabakhomba ku Jobe 1:1, 13–22; 2:7–10 noma “kuJobe” (ku Ezindabeni ZeTestamente eliDala, 145–47). UJobe wasabela kanjani ebhekene nezinselelo na? (bheka UJobe 1:21; 2:10).
1:55Job
-
UJobe wayethembekile ebhekene nezinselelo zakhe ngenxa yalokho ayekwazi ngeNkosi. Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabuka izithombe zikaJesu Kristu exoxa nabanye (njengalesi esingezansi noma izithombe ezisencwadini Gospel Art Book). Khuluma ngalokho okwaziyo Ngaye nokuthi Unjani. Nawa amavesi abonisa lokho uJobe ayekwazi ngeNkosi: UJobe 12:10, 13, 16; 19:25–27. Kungani kubalulekile ukwazi lezi zinto Ngaye na?
He Healed Them All [Wabelapha Bonke], nguMichael Malm
UJobe 14:14
Ngenxa kaJesu Kristu, ngizophila futhi ngemva kokufa.
-
UJobe wabuza umbuzo obalulekile ku Jobe 14:14. Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningashintshana ngokwabelana ngokuthi ningamphendula kanjani uJobe. Ungabheka imibono ku Alima 11:42–44. -
#BECAUSEofHIM: An Easter Message of Hope and Triumph
UJobe 16:1–5; 22:5
Abangani abahle bayakhuphulana futhi bayakhuthazana.
-
Lapho uJobe eyedangele khona, abangani bakhe bathi uNkulunkulu wayemjezisa ngoba onile (bheka ku Jobe 22:5). Ukube besingabangani bakaJobe, besingazama kanjani ukumsiza? Amazwi ethu angabasiza kanjani abanye lapho bedangele? (bheka ku Jobe 16:5). Cabanga ngokukhombisa isithombe esisodwa noma ngaphezulu kulesi sifundo njengoba nixoxa ngalemibuzo.
-
Cabanga ngokucela abantwana bakho ukuba babhale ezinye izimfanelo zomngani omuhle futhi basho umngani onalezi zimfanelo. Khona-ke ningabe senibuka isithombe sikaJesu Kristu. UJesu ungumngani omuhle ngaziphi izindlela komunye nomunye wethu na? Ungase ucabange ngomuntu obhekene nesikhathi esinzima. Hlela ukuthi uzoba kanjani umngani onjengoKristu kubo.
UJobe 19:23–27
UJesu Kristu unguMhlengi wami.
-
Ngemva kokufunda u Jobe 19:23–27, wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngokuthi nazi kanjani ukuthi uMhlengi wethu uyaphila. Ningase nisebenze ndawonye ukubeka ubufakazi benu (noma imidwebo kaMsindisi) encwadini (bheka ivesi 23).
-
- - Kungani kubalulekile ukwazi ukuthi uJesu Kristu uyaphila na?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).