Wozani, Ngilandeleni
Ngo-Agasti 3–9. “Uma Ungafikanga … ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi”: U-Esteri


“Ngo-Agasti 3–9. ‘Uma Ungafikanga … ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)

“Ngo-Agasti 3–9. ‘Uma Ungafikanga … ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

u-Esteri eguqe phambi kwenkosi

Queen Esther Saves Jehovah’s People [INdlovukazi u-Esteri Usindisa Abantu BakaJehova], nguSam Lawlor

Ngo-Agasti 3–9: “Uma Ungafikanga … ngenxa Yesikhathi Esinjengalesi”

U-Esteri

Izehlakalo eziningi encwadini ka-Esteri zingabukeka ziyinhlanhla noma ukuqondana nje. Ungabuye ukuchaze kanjani ukuthi intombazane eyiJuda eyintandane yaba yindlovukazi yasePheresiya ngesikhathi esifanele ukuze isindise abantu bayo ekubhujisweni na? Yimaphi amathuba okuthi umzala ka-Esteri uMoridekayi kwakungenzeka ukuthi ezwe ngecebo lokubulala inkosi na? Ngabe lokhu kwakungukuqondana nje, noma kwakuyingxenye yesu likaNkulunkulu na? IGosa uRonald A. Rasband wathi: “Okuvela sengathi kuzenzakalele nje, empeleni, kwenganyelwe nguBaba oseZulwini onothando. … INkosi isezintweni ezincane zezimpilo zethu” (“By Divine Design,” Liahona, Nov. 2017, 56). Kungenzeka ukuthi singawuboni njalo umthelela weNkosi “kulezi zinto ezincane.” Kepha siyafunda ngokwehlela u-Esteri ukuthi Ingayihola indlela yethu futhi Isilungiselele “isikhathi esinjenganalesi” (U-Esteri 4:14) lapho singasetshenziswa Yiyo ukufeza izinhloso Zayo.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

U-Esteri

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INkosi ingibeka ezimweni lapho ngingabusisa khona abanye.

UMongameli uDieter F. Uchtdorf wafundisa ukuthi umuntu ngamunye “umi endaweni ehlukile futhi unomsebenzi obalulekile [thina] kuphela esingawenza. … INkosi ikunike izibopho zakho ngesizathu. Kungenzeka kube nabantu nezinhliziyo wena kuphela ongakwazi ukufinyelela kuzo futhi uzithinte. Mhlawumbe akekho omunye ongakwenza lokho ngendlela efanayo” (“Lift Where You Stand,” Liahona, ngoNovemba 2008, 56).

Ngesikhathi ufunda indaba ka-Esteri, cabanga ngokuthi lomusho umthinta kanjani yena. Bheka izindlela iNkosi eyamenzela ngazo ukuba akwazi ukusindisa amaJuda (isibonelo, bheka U-Esteri 2:21–23; 3:10–14; 4:14–16). Bese ucabanga ukuthi ukunikeze kanjani amathuba okubusisa abanye. Ngabe yiziphi ezinye izimo nobudlelwano Akuholele kukho “ngenxa yesikhathi esinjengalesi” na? (U-Esteri 4:14). Uma unesibusiso somphatriyakhe, cabanga ngokusifunda ukuze ufunde kabanzi ngomsebenzi iNkosi ekubekele wona ukuthi uwenze. Yini ongayenza ukuze uwufeze lomsebenzi na?

Bheka futhi “For Such a Time as This” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.

13:44

For Such a Time as This

Sifunda kakhulu ngokwenza kunokulalela. IGosa uDavid A. Bednar weluleka othisha wathi: “Injongo yethu akufanele kube wukuthi sithi ‘Ngibatsheleni na?’ Esikhundleni salokho, imibuzo okufanele sizibuze yona wukuthi ‘Ngingabamema ukuthi benzeni na? Ngabe yimiphi imibuzo efika ngentshisekelo engingayibuza okuzothi, uma bevuma ukusabela kuyo, iqale ukumema uMoya oNgcwele ezimpilweni zabo?’” (encwadini ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi,25). Uma ufundisa umndeni wakho noma ikilasi ngo-Esteri, yikuphi ongabacela ukuba bakwenze okuzobasiza bafunde na?

uMoridekayi ebuka uHamani egibele ihhashi emigwaqweni

“Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga … uHamani wagcwala ulaka” (U-Esteri 3:5).

U-Esteri 3; 5:9–147

Ukuzazisa nolaka kungasiholela ekuweni.

Encwadini ka-Esteri, sifunda ngokuthembeka kuka-Esteri noMoridekayi, kodwa siphinde sifunde ngokuzazisa nangolaka lukaHamani. Ngesikhathi ufunda ku Esteri 3; 5:9–14, bhala ngemizwa, amazwi nangezenzo zikaHamani. Ngabe yini evelayo ngaye nalokho akuhlosile na? Yimiphi imiphumela abhekana nayo? (bheka ku Esteri 7). Ukufunda ngoHamani kungakukhuthaza ukuba ubheke ukuthi yikuphi okuhlosile ngemizwa nangezenzo zakho. Ngabe kukhona ozwa unentshisekelo yokuba ukushintshe na? Ungaphendukela kanjani kuBaba oseZulwini ukuze uthole usizo?

Bheka futhi IzAga 16:32; Alima 5:28.

U-Esteri 3–4; 5:2–3; 8:11–12

Ukuzila ukudla kukhombisa ukuthi ngiyayethemba futhi ngibheke eNkosini.

Qaphela ukuthi kungani u-Esteri namaJuda onke bakhetha ukuba bazile ukudla (bheka U-Esteri 3:13; 4:1–3, 10–17). Ukuzila ukudla kwababusisa kanjani? (Bheka U-Esteri 5:2–3; 8:11–12). Kungani iNkosi isicela ukuba sizile ukudla na? Cabanga ukuthi ungakwenza kanjani ukuzila kube yisibusiso kakhudlwana empilweni yakho.

Bheka futhi ku­ Isaya 58:6–12; “Fasting: Young Single Adult Ward, Amanda” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.

2:41

Fasting: Young Single Adult Ward, Amanda

U-Esteri 3:1–11; 4:10–17; 5:1–4; 9:17–19

Ukwenza okulungile kuvamise ukudinga isibindi esikhulu.

Ngesikhathi uMoredikayi no-Esteri bemela izinkolelo zabo nabantu babo, babeka izimpilo zabo engcupheni. Ezethu izinqumo zingase zingabi nemiphumela emibi kangako, kepha ukwenza okulungile kusazosidinga isibindi. Yikuphi okufundayo ku Esteri 3:1–4; 4:10–17 ngokuba nesibindi sokwenza okulungile na? Bhala ngemiphumela engafani u-Esteri noMoredikayi ababhekana nayo emuva kokukhombisa isibindi (bheka ku Esteri 3:5–11; 5:1–4). Yikuphi okwakudingeka ukuthi u-Esteri noMoridekayi bakwazi ngoNkulunkulu ukuze bathathe izinqumo abazithathayo na?

Cabanga ngezimo lapho udinga khona isibindi ukuze umele okulungile. Ngabe yikuphi okufundayo ku-Esteri noMoridekayi okuzokusiza uthole isibindi eNkosini?

Isibindi sika-Esteri saholela “osukwini lokuthokoza” (bheka ku Esteri 9:17–19). Isibindi esinjengesikaKristu sikunikeze kanjani “usuku lokuthokoza” na?

-

3:19

Courage

4:20

Dare to Stand Alone

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa abaNtwana

U-Esteri 2:5–7

Ngingawusebenzela umndeni wami.

  • Ungase uzizwe unogqozi lokusebenzisa u-Esteri 2:7 ukuze ufundise abantwana bakho ngokusiza amalungu omndeni aswele, njengoba uMoridekayi enza ku-Esteri. Ningalifunda ndawonye leli vesi noma ulifingqe ngamazwi akho. Emva kwalokho wena nabantwana bakho ningacabanga ngamalungu omndeni angase aludinge usizo lwenu. Yenzani isu lokubasiza.

U-Esteri 3:1–11;  4:10–17

INkosi ingangisiza ngibe nesibindi.

  • Isibonelo sika-Esteri noMoridekayi singabasiza abantwana bakho baqonde ukuthi ukuba nesibindi kusho ukwenza okulungile ngisho noma wesaba. Cabanga ngokubhala imisho ethi uMoredikayi wayenesibindi ngesikhathi e … nothi u-Esteri waba nesibindi lapho e …. Ngesikhathi nifunda indaba ka-Esteri ndawonye, abantwana bakho bangaphakamisa izindlela zokuyiqedela lemisho. Ungafunda ku Esteri 3:1–11; 4:10–17 noma isihloko esithi “Queen Esther” (encwadini Old Testament Stories, 166–70) noma ubheke izithombe kulesisifundo. Bese ubhala ngizoba nesibindi ngokuthi … , umeme abantwana bakho ukuthi babhale izinto uBaba oseZulwini afuna bazenze ezidinga isibindi. -

    2:45

    Queen Esther

  • Ungafunda futhi ngezikhathi lapho uJesu Kristu ayenesibindi khona—isibonelo, lapho ezwa khona ubuhlungu ngenxa yezono zethu eGetsemane kanye nasesiphambanweni (bheka NgokukaMathewu 26:36–39; 27:33–35). Cela abantwana bakho ukuthi babelane ngesikhathi lapho babenesibindi, nawe futhi wabelane ngalokho odlule kukho.

U-Esteri 4:1–3, 10–17

Ukuzila ukudla kuletha izibusiso zeNkosi.

  • Ukufunda U-Esteri 4:1–3, 10–17 kungakusiza ufundise abantwana bakho ngokuzila ukudla. Kungani u-Esteri namaJuda bazila ukudla? Tshela abantwana bakho ukuthi kungani uzila ukudla. Ungababuza futhi ukuthi bangamchazela kanjani ngokuzila ukudla umngani wabo ongakaze akwenze lokho. Singabasiza kanjani abangani bethu baziqonde izibusiso ezitholakala ngokuzila ukudla na?

  • Khuthaza abantwana bakho bacabange ngento abangase badinge usizo lweNkosi ngayo. Phakamisa ukuthi bayenze leyonto ibe yingxenye yokuzila kwabo ukudla ngeSonto elilandelayo lokuzila ukudla.

iNdlovukazi u-Esteri imi eduze kwenkosi

Ngenxa yokuthi u-Esteri wayenesibindi, wakwazi ukusindisa abantu beNkosi.

U-Esteri 4:14

Ngingaba ngosetshenziswa nguNkulunkulu.

  • Siza abantwana bakho baqonde ukuthi lapho u-Esteri wayesaba khona, uMoridekayi wamkhuthaza ngokuchaza ukuthi uNkulunkulu wayemsizile ukuba abe yindlovukazi “ngesikhathi esinjengalesi” (U-Esteri 4:14). Ngabe wayesho ukuthini uMoridekayi ngalokhu na? Khulumani ngokuthi u-Esteri wasetshenziswa kanjani yiNkosi. Singasetshenziswa kanjani yiNkosi na?

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho baqonde ukuthi yini ithuluzi? Mhlawumbe ungase umeme othile azodlala ingoma ensimbini yomculo noma ubakhombise isithombe sothile esebenzisa ithuluzi. Ungabe usukhuluma ngokuthi kusho ukuthini ukusetshenziswa nguNkulunkulu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

INdlovukazi u-Esteri

Queen Esther [INdlovukazi u-Esteri], nguMinerva Teichert, © William noBetty Stokes

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: INkosi ingangisiza ngibe nesibindi