“Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda Izinkondlo eTestamenteni eliDala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“Ukufunda Izinkondlo eTestamenteni eliDala,” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
Okufanele ukuKhumbule
Ukufunda Izinkondlo eTestamenteni eliDala
Ezincwadini zeTestamente eliDala kusukela kuGenesise kuya ku-Esteri, sithola kakhulu izindaba—izindaba ezilandwayo ezichaza izehlakalo zasemandulo ngeso langokomoya. UNowa wakha umkhumbi, uMose wakhulula u-Israyeli, uHana wakhulekela ukuba nendodana, njalo njalo. Kusukela encwadini kaJobe, sithola indlela yokubhala ehlukile. Kulezi zincwadi, ababhali beTestamente eliDala baqala ukusebenzisa ulimi lwenkondlo ukuveza imizwa ejulile noma iziprofetho ezibalulekile ngendlela ekhumbulekayo.
Sesizibonile vele izibonelo ezimbalwa zezinkondlo ezifafazwe ezincwadini zasemandulo zeTestamente eliDala. Kusukela encwadini kaJobe, sizokubona lokhu kakhulu. Incwadi kaJobe, AmaHubo, neZaga cishe zonke ziyizinkondlo, kanye nezingxenye zezincwadi zesiprofetho ezinjengo-Isaya, uJeremiya, no-Amose. Ngenxa yokuthi ukufunda inkondlo kwehlukile kunokufunda indaba, ukuyiqondisisa kudinga indlela eyehlukile. Nansi eminye imibono engakusiza uthole incazelo eyengeziwe ezinkondlweni zeTestamente EliDala.
Ukwazi Izinkondlo zamaHeberu
Okokuqala, kungakusiza ukwazi ukuthi izinkondlo zamaHeberu eTestamenteni eliDala azibhaliwe ngokusebenzisa ukuvumelana, njengezinye izinhlobo zezinkondlo. Futhi noma kuwukuthi isigqi, ukudlala ngamagama, kanye nokuphindwa kwemisindo yizinto ezijwayelekile ezinkondlweni zamaHebheru asendulo, lezi zinto ngokuvamile ziyalahleka ngesikhathi kuhunyushwa. Kepha, okukodwa ozokubona, ukuphindwa kwemicabango noma imiqondo ethile, okubuye kubizwe ngokuthi “ukulinganisana.” Nasi isibonelo esilula esivela ku-Isaya:
Wembathe amandla akho, Siyoni;
Uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema. (U-Isaya 52:1)
AmaHubo 29 anemigqa yokulinganisana eminingi—nasi isibonelo:
Izwi likaJehova linamandla;
izwi likaJehova linenkazimulo (AmaHubo 29:4)
Futhi nasi isibonelo lapho ukwazi ukuthi umugqa wesibili ulinganisana nowokuqala kwenza kube lula ukuyiqondisisa indinyana:
Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke,
nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu. (U-Amose 4:6)
Kulezi zibonelo, imbongi iphindaphinde umqondo onomehluko omncane. Lendlela ingagqamisa umqondo ophindiwe futhi isebenzise umehluko ukuwuchaza ngokuphelele noma ukuwuthuthukisa.
Ngezinye izikhathi, imisho emibili elinganiswayo isebenzisa ulimi olufanayo ukudlulisa imiqondo ephikisanayo, njengakulesi sibonelo:
Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka:
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. (IzAga 15:1)
Loluhlobo lokulinganisana alwenzekanga ngephutha. Ababhali bakwenza ngamabomu. Kwabasiza ukuba baveze imizwa yomoya noma amaqiniso ngendlela enamandla futhi enobuhle. Ngakho-ke, uma ubona ukulinganisana emibhalweni yeTestamente eliDala, zibuze ukuthi kukusiza kanjani ukuthi uwuqonde umyalezo wombhali. Isibonelo, ngabe u-Isaya wayezama ukuthini ngokuhlobanisa “amandla” “nezembatho ezinhle” kanye “neSiyoni” “neJerusalema” na? (U-Isaya 52:1). Singaqonda ukuthini ngomushwana othi “impendulo ethambileyo” uma sazi ukuthi “amazwi alukhuni” ungumqondophika awo na? (IzAga 15:1).
He Restoreth My Soul [UBuyisa uMphefumulo Wami], nguWalter Rane
Izinkondlo zabaHeberu njengoMngani oMusha
Abanye abantu baqhathanisa ukufunda izinkondlo njengokuhlangana nomuntu omusha. Ngakho-ke, ukufunda izinkondlo zeTestamente eliDala, kungase kufane nokuhlangana nomuntu ophuma ezweni elikude futhi onamasiko angajwayelekile okhuluma ulimi olungafani nalelo esilikhulumayo thina—futhi oneminyaka engaphezulu kwezinkulungwane ezimbili. Lomuntu mhlawumbe angasho izinto esingaziqondi ekuqaleni, kepha lokho akuchazi ukuthi akanakho okungase kube yigugu kithi. Kudingeka nje sichithe isikhathi naye, sizame ukubona izinto ngeso lakhe. Singathola nokuthi ezinhliziyweni zethu, eqinisweni siyezwana kahle kakhulu. Uma sikhombisa isineke nobubele, lomuntu wethu omusha esazana naye angagcina esengumngani wethu othandekayo.
Ngakho-ke, uma ufunda umushwana ku-Isaya, njengesibonelo, cabanga ngokuthi waziswa okokuqala kumuntu omusha. Zibuze ukuthi, “Yikuphi engikucabangayo?” Lomushwana ukwenza uzizwe kanjani—noma kungathiwa awuwaqondisisi wonke amagama? Bese uyawufunda futhi, izikhathi ezimbalwa uma kungenzeka. Cabanga ngokuwufunda uphimisele; abanye abantu bathola incazelo eyengeziwe ngaleyo ndlela. Naka amagama athize u-Isaya akhetha ukuwasebenzisa, ikakhulukazi amagama adweba isithombe emqondweni wakho. Ngabe lezo zithombe zikwenza uzizwe kanjani? Ngabe ziphawulani ngemizwa ka-Isaya na? Ngesikhathi uqhubeka nokuwafunda lamagama ababhali beTestemente eliDala, yilapho ozothola khona kakhulu ukuthi babekhetha amagama nendlela yokubhala ukuze badlulise umyalezo womoya ojulile.
Izinkondlo zingaba abangani abahle ngoba zisisiza siyiqonde imizwa yethu nokusehlelayo. Izinkondlo zeTestamente eliDala ziyigugu kakhulu ngoba zisisiza ukuba siyiqonde imizwa yethu nokusehlelayo okubalulekile kakhulu—okuhlobene nobudlelwano bethu noNkulunkulu.
Ngesikhathi uzifunda izinkondlo eTestamenteni eliDala, khumbula ukuthi ukufunda imibhalo engcwele kuyigugu kakhulu uma kusiholela kuJesu Kristu. Bheka izimpawu, izithombe, kanye namaqiniso akhulisa ukholo lwakho Kuye. Lalela intshisekelo kaMoya oNgcwele ngesikhathi ufunda.
Imibhalo Yokuhlakanipha
Esinye isigaba sezinkondlo zeTestamente eliDala yilokho okubizwa ngabafundi ngokuthi “imibhalo yokuhlakanipha.” Incwadi kaJobe, IzAga, kanye nomShumayeli kungena kulesisigaba. Ngesikhathi amahubo ekhombisa imizwa yokudumisa, yokulila neyokukhonza, imibhalo yokuhlakanipha igxila ezimfundisweni ezinganqunyelwe sikhathi noma emibuzweni ejulile, emayelana nempilo. Isibonelo, incwadi kaJobe ikhuluma ngokulunga kukaNkulunkulu nesizathu sokuhlupheka kwabantu. IzAga zinikeza izeluleko ngokuphila kahle, okuhlanganisa imisho enokuhlakanipha eqoqwe futhi yadluliswa ivela ezizukulwaneni ezingaphambili. UMshumayeli ubuza ngenhloso yempilo uqobo—ngesikhathi yonke into ibukeka iphephuka futhi ingenanhloso, sikuthola kuphi ukuqonda okuyiqiniso? Ungacabanga ngemibhalo yokuhlakanipha njengezingxoxo ezijulile phakathi kwakho nalabo obukela kubo abafuna ukwabelana ngabakutholile ngoNkulunkulu nangomhlaba Awudala—futhi mhlawumbe bangakusiza uziqonde lezi zinto kangconywana kunakuqala.