Wozani, Ngilandeleni
NgoJulayi 27–Agasti 2. “Ngenza Umsebenzi Omkhulu”: U-Ezra 1; 3–7; UNehemiya 2; 4–6; 8


“NgoJulayi 27–Agasti 2. ‘Ngenza Umsebenzi Omkhulu’: U-Ezra 1; 3–7; UNehemiya 2; 4–6; 8,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJulayi 27–Agasti 2. ‘Ngenza Umsebenzi Omkhulu,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

izindonga zaseJerusalema zakhiwa kabusha

I Have a Great Work to Do [Nginomsebenzi Omkhulu Okufanele Ngiwenze], nguTyson Snow

NgoJulayi 27–Agasti 2: “Ngenza Umsebenzi Omkhulu”

U-Ezra 1; 3–7; UNehemiya 2; 4–68

Abantu abangamaJuda base beyizithunjwa eBhabhiloni iminyaka engaba ngama-70. Base belahlekelwe yiJerusalema nethempeli, futhi abaningi base bekhohliwe ukuzibophezela kwabo emthethweni kaNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wayengabakhohliwe. Empeleni, Wayesho nokusho ngomprofethi Wakhe ukuthi, “Ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.” (UJeremiya 29:10). Ngokuvumelana nalesi siprofetho, iNkosi yenza indlela yokuba abantu Bayo babuyele—eJerusalema futhi, okubaluleke kakhulu, nasezivumelwaneni zabo. Futhi Wavusa izinceku ezafeza “umsebenzi omkhulu” (UNehemiya 6:3): Umbusi ogama lakhe linguZerubabele wayephethe ukwakhiwa kabusha kwendlu yeNkosi. U-Ezra, umpristi nombhali, wasiza abantu ukuba babuyisele izinhliziyo zabo emthethweni weNkosi. Futhi uNehemiya wahola ukwakhiwa kabusha kwezindonga ezaziyisivikelo ezazizungeze iJerusalema. Babhekana nokuphikiswa, kodwa bathola nosizo emithonjeni eyayingalindelekile. Ababhekana nakho kungasazisa futhi kusikhuthaze ngoba nathi senza umsebenzi omkhulu. Futhi njengowabo, umsebenzi wethu uhlobene kakhulu nendlu yeNkosi, umthetho weNkosi, nokuvikelwa okungokomoya esikuthola Kuyo.

uphawu lokufunda

Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni

U-Ezra 1

INkosi ikhuthaza abantu ukuba bafeze izinjongo Zayo.

Ngemva kokuba iPheresiya inqobe iBhabhiloni, iNkosi yakhuthaza inkosi yasePheresiya, uKoresi, ukuba athumele iqembu lamaJuda eJerusalema ukuze akhe kabusha ithempeli. Njengoba ufunda U-Ezra 1, qaphela ukuthi uKoresi wenzani ukuze asekele amaJuda kulomsebenzi obalulekile. Uyibona iNkosi isebenza kanjani ngamadoda kanye nabesifazane abaseduze nawe, kuhlanganise nabantu abangewona amalungu eBandla Layo na? Ngabe lokhu kukutshelani ngeNkosi nomsebenzi Wayo na?

Bheka futhi u-Isaya 44:24–28.

U-Ezra 3:8–13; 6:16–22

Indlu yeNkosi iyindawo yenjabulo.

Ngesikhathi abaseBabele behlasela iJerusalema, baphanga ithempeli futhi balishisa langqonqa (bheka 2 AmaKhosi 25:1–10; 2 IziKronike 36:17–19). Ucabanga ukuthi wawungazizwa kanjani ukube wawungomunye wamaJuda akubona lokhu na? (bheka iHubo 137). Qaphela indlela amaJuda azizwa ngayo, emashumini eminyaka kamuva, lapho evunyelwa ukubuya azokwakha kabusha ithempeli (bheka u-Ezra 3:8–13; 6:16–22). Lokho kungase kukukhuthaze ukuthi ucabange ngemizwa yakho ngeNkosi kanye nendlu Yayo. Kungani ukwakhiwa kwethempeli kuyisizathu sokugubha na?

abapristi ngaphandle kwethempeli likaZerubabele

Ithempeli likaZerubabele; umfanekiso kaSam Lawlor

U-Ezra 4–7; uNehemiya 2; 46

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UNkulunkulu unomsebenzi obalulekile okufanele ngiwenze.

Umsebenzi weNkosi awuvamile ukuhamba ungaphikiswa. Lokhu kwakunjalo ngemizamo eyayiholwa uZerubabele noNehemiya. Nansi indlela elula engakusiza ukuthi ufunde kulezi zindaba futhi ucabange ukuthi ungawenza kanjani umsebenzi weNkosi nakuba kukhona ukuphikiswa:

Umsebenzi kaNkulunkulu kaZerubabele (u-Ezra 4:3):

Umsebenzi kaNkulunkulu kaNehemiya (uNehemiah 2:17–18):

Umsebenzi kaNkulunkulu okufanele wenziwe yimi:

Ukuphikiswa uZerubabele abhekana nakho (u-Ezra 4:4–24):

Ukuphikiswa uNehemiya abhekana nakho (uNehemiah 2:19; 4:1–3, 7–8; 6:1–13):

Ukuphikiswa engibhekene nakho:

Indlela uZerubabele aphendula ngayo (u-Ezra 5:1–2):

Indlela uNehemiya aphendula ngayo (uNehemiah 2:20; 4:6, 9; 6:3–15):

Ngingaphendula kanjani:

Ukuze uthole usizo lokuqhathanisa okwenzeka kuNehemiya nempilo yakho, ungase ufunde umlayezo kaMongameli uDieter F. Uchtdorf. “We Are Doing a Great Work and Cannot Come Down” (kwiLiyahona, yangoMeyi 2009, 59–62), ikakhulukazi izigaba ezimbili zokugcina. Njengoba ucabanga ngomsebenzi uNkulunkulu akunike wona, ungase ufunde “iYoung Woman Theme” noma i “Aaronic Priesthood Quorum Theme” (UMthombo woLwazi weVangeli). Noma ungabheka eculweni elinjengaleli elithi “As Sisters in Zion” (Hymns, no. 309) noma “Ye Elders of Israel” (Hymns, no. 319).

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba “nomqondo wokusebenza” enkonzweni yoMsindisi? UNehemiya 4:6). Kungasho ukuthini ukuba “nesandla esihle … sikaNkulunkulu phezu [kwakho]” njengoba wenza umsebenzi Wakhe? (UNehemiah 2:8; bheka futhi UNehemiah 2:18; U-Ezra 7:6, 9, 27–28). Usibone kanjani isandla Sakhe emizamweni yakho yokuMsebenzela na?

UNehemiya 8

Ngiyabusiswa uma ngifunda imibhalo engcwele.

Izizukulwane ngezizukulwane esekuthunjweni, amaJuda ayengakwazi ukufinyelela “encwadini yomthetho kaMose” (UNehemiah 8:1). Ku Nehemiah 8, U-Ezra wabafundela abantu umthetho. Yikuphi okutholayo kulesi sahluko okubonisa indlela u-Ezra nabantu bakhe ababezizwa ngayo ngoNkulunkulu nangezwi Lakhe? (bheka ikakhulukazi amavesi 1–12). Yikuphi empilweni yakho okukhombisa indlela ozizwa ngayo ngoNkulunkulu nangezwi Lakhe na?

Bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Ezra Taft Benson (2014), 115-24.

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

U-Ezra 3:8–13; 6:16–22

Indlu yeNkosi iyindawo yenjabulo.

  • Ukuze ufundise abantwana bakho ngenjabulo amaJuda aba nayo lapho kwakhiwa kabusha ithempeli lawo, ungase ubabonise isithombe esinjengalesi esingezansi. Khuluma ngokuthi kungani labantu bengakujabulela ukuba sendlini yeNkosi. Ungabatshela futhi abantwana bakho ukuthi kungani ithempeli liyindawo yenjabulo kuwe. Ngabe ithempeli likusize kanjani ukuthi uzizwe usondelene noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu na?

  • Ngesikhathi ufunda U-Ezra 3:10–13 nabantwana bakho, basize bathole amazwi abonisa indlela amaJuda azizwa ngayo lapho kwakhiwa kabusha ithempeli. Uma ufika ekupheleni kwevesi 13, mhlawumbe ningamemeza ngenjabulo ndawonye. Siza abantwana bakho bacabange ngezizathu zokujabula ngokuthi iNkosi isinikeze amathempeli. Singakukhombisa kanjani lokho kujabula na?

  • Cabanga ngokucula iculo elimayelana nethempeli nabantwana bakho, njengevesi lesibili kwelithi “Welcome Home” (Umthombo woLwazi weVangeli). Ngemva komugqa ngamunye, ungama kancane ukuze ucele umntwana ukuba abelane ngento ayithandayo ngethempeli. Ungase futhi ubheke pictures of temples ngesikhathi ucula.

umndeni omamathekayo ohamba eduze kwethempeli

UNehemiya 2:17–20; 6:1–9

INkosi izongisiza ngenze “umsebenzi [Wayo] omkhulu.”

  • Yabelana nabantwana bakho ngendaba kaNehemiya (bheka UNehemiya 2:17–20; 6:1–9; noma “UNehemiyaEzindabeni zeTestamente eliDala, 173–74). Njengoba ufunda UNehemiya 2:20, wena nabantwana bakho ‘ningasukuma’ nishaye sengathi nisiza ekwakheni izindonga zaseJerusalema. Noma abantwana bakho bangase bajabulele ukwakha udonga ngamabhulokhi noma ezinye izinto. Njengoba benza lokho, ungabasiza ukuthi bacabange ngezinto ezibalulekile uBaba oseZulwini afuna sizenze.

    1:38

    Nehemiah

  • Njengoba nifunda UNehemiya 6:9, mema abantwana bakho ukuba baphakamise izandla lapho bezwa uthi “qinisa izandla zami.” Tshela abantwana ngesikhathi lapho owezwa khona uNkulunkulu eqinisa izandla zakho ukuze wenze umsebenzi Wakhe.

UNehemiya 8:1–12

Imibhalo engcwele iyisibusiso.

  • Funda kuzwakale imishwana ethile ku Nehemiya 8:2–3, 5–6, 8–9, 12 echaza ngalokho abantu abakwenzayo lapho bezwa u-Ezra efunda imibhalo engcwele. Njengoba ufunda, abantwana bakho bangayilingisa lemisho. Ngemva kwalokho ningaxoxa omunye nomunye ngendlela enizizwa ngayo lapho nifunda noma nizwa imibhalo engcwele.

  • Ngesikhathi nifunda ndawonye ku Nehemiya 8:8, ungase ubuze abantwana bakho ukuthi yini ebasiza ukuba bayiqonde imibhalo engcwele. Bakhombise ukuthi asetshenziswa kanjani amasu okufunda emibhalo engcwele njenge ziHloko zemiBhalo eNgcwele kanye ne zihloko kanye neMibuzo (Umthombo woLwazi weVangeli). Mema abantwana bakho ukuthi babelane ngokuthile abakufundile ngoMsindisi emibhalweni engcwele.

Bheka iqiniso laphakade emibhalweni engcwele. “Imibhalo engcwele … igcwele amaqiniso evangeli, kodwa ngesinye isikhathi kudingeka umzamo wokuwathola. Ngesikhathi nifunda ndawonye emibhalweni engcwele, mana ubuze labo obafundisayo ukuthi babona maphi amaqiniso evangeli. Basize babone ukuthi lamaqiniso ahambisana kanjani nesu likaBaba oseZulwini lensindiso. Ngezinye izikhathi amaqiniso aphakade ayashiwo emibhalweni engcwele, futhi ngezinye izikhathi atholakala ezindabeni nasezimpilweni zabantu esifunda ngabo. Kungase futhi kube usizo ukuhlola ndawonye isizinda somlando wamavesi owafundayo, ngokunjalo nencazelo yamavesi nokuthi asebenza kanjani kithi namuhla.” (Teaching in the Savior’s Way22).

Ukuze uthole okunye, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

u-Ezra efunda umqulu

Ezra at the Water Gate [U-Ezra eSangweni Lamanzi], © Providence Collection/licensed from goodsalt.com

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: Imibhalo engcwele iyisibusiso