Wozani, Ngilandeleni
NgoJulayi 20–26. “Amehlo Ethu Abheke Kuwe”: 2 IziKhronike 14–20; 26; 30


“NgoJulayi 20–26. ‘Amehlo Ethu Abheke Kuwe’: 2 IziKhronike 14–20; 26; 30,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJulayi 20–26. ‘Amehlo Ethu Abheke Kuwe,’” Wozani, Ngilandeleni: 2026

INkosi uJehoshafati ikhuleka

King Jehoshaphat’s Prayer [Umkhuleko weNkosi uJehoshafati], nguKeeley Rae

NgoJulayi 20–26: “Amehlo Ethu Abheke Kuwe”

2 IziKhronike 14–20; 2630

Umbuso wakwaJuda wawuzungeziwe. Amabutho avela ezizweni ezintathu eziyizitha ezinamandla wonke ayesondela kanye nje, elungele ukulwa. Kulomzuzu onzima wesidingo, uJehoshafati, iNkosi yakwaJuda, waphendukela eNkosini yezulu nomhlaba. UJehoshafati wahlanganisa abantu bakhe ethempelini wakhuleka. Wabuvuma ubuthakathaka babo bobuntu futhi wanxusa ukukhululwa. Kwimpendulo, iNkosi yathembisa isivikelo Sayo: “Ungesabi, ungapheli amandla” (2 IziKhronike 20:17).

Singase singabi nebutho elihlaselayo emnyango wethu elisongela ukusibhubhisa, kodwa ngezinye izikhathi sizizwa sizungezwe ubunzima nobubi. Indlela yethu eya ekukhululweni iyafana naleyo uJehoshafati ayeyifuna, futhi nomkhuleko wethu ungafana njengowakhe: “Nkulunkulu wethu, … asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.” (2 IziKhronike 20:12).

Ku 2 IziKhronike 14–30, uzofunda ngoJehoshafati namanye amakhosi akwaJuda. Cabanga ukuthi izinguquko zabo eziqhutshwa ukholo, ukunqoba, kanye nezinselele zingasebenza kanjani empilweni yakho.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

2 ziKhronike 14–16

Ukuthembela kuNkulunkulu kuzongilethela ukuthula.

Ngesikhathi u-Asa eyinkosi yakwaJuda, wabhekana nezinselele eziningi—njengathi sonke namuhla. Ngesikhathi ufunda ngezivivinyo abhekana nazo, qaphela ukuthi wayelibekaphi ithemba lakhe nokuthi lokho kwashintsha kanjani ngokuhamba kwesikhathi.

Inkomba

Izinselele u-Asa abhekana nazo

Lapho u-Asa ayethembele khona

Inkomba

2 IziKhronike 14:9–12

Inkomba

2 IziKhronike 15:1–8

Inkomba

2 IziKhronike 16:1–10

Kungani ngezinye izikhathi siyeka ukwethemba iNkosi? Yikuphi okunye okufundayo empilweni ka-Asa?

Bheka futhi iGosa uD. Todd Christofferson, “Our Relationship with God,” iLiyahona, ngoMeyi 2022, 78–80.

2 IziKhronike 18

Ngiyakwazi ukuvikela iqiniso, noma lingathandwa.

Kufanele ukuba umphrofethi uMikhaya wazizwa ecindezeleke kakhulu ukuba abikezele impumelelo yamakhosi uJehoshafati no-Ahabi empini yawo neSiriya. Bheka ubufakazi balokho kucindezela ku 2 IziKhronike 18:1–12. Yibuphi ubufakazi obutholayo besibindi nobuqotho bukaMikhaya emavesini 13–27? (Qaphela ukuthi kwivesi 14, uMikhaya unikeza impendulo ebhuqayo; impendulo yakhe yangempela kwivesi 16.) Agcwaliseka kanjani amazwi kaMikhaya kumavesi 28–34?

Yiziphi ezinye izimo ongabhekana nazo ezingakucindezela njengoMikhaya? Yini ekunika isibindi sokumela iNkosi nezimfundiso Zayo?

ibalazwe lakwaJuda

Ezinsukwini zeNkosi uJehoshafati, izizwe ezintathu zahlasela iJerusalema.

2 IziKhronike 20:1–25

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ezikhathini ezinzima, ngingaphendukela kuNkulunkulu nakubaphrofethi Bakhe.

Ngesikhathi ufunda 2 IziKhronike 20:1–12, bheka ukuthi iNkosi uJehoshafati yenzani ngesikhathi izizwe eziningi zizohlasela uJuda. Ungazisebenzisa kanjani izenzo zakhe ezimweni eziyinselele obhekene nazo?

Impendulo yeNkosi emkhulekweni kaJehoshafati itholakala kumavesi 14–17. Yimiphi imishwana oyithola lapho engaduduza wena noma othile omaziyo ngezikhathi ezinzima?

Ngosuku olulandelayo, abantu baseJerusalema baphuma bayohlangabeza ibutho eliphikisayo. Ngesikhathi ufunda 2 IziKhronike 20:20, bheka umyalezo uJehoshafati awunikeza abantu baseJerusalema. Agcwaliseka kanjani amazwi akhe? (bheka amavesi 22–23). UNkulunkulu ukubusise kanjani ngokukholelwa Kuye nokulandela abaphrofethi Bakhe?

UMongameli uRussell M. Nelson wathi: “Isipiliyoni sami ukuthi uma usuyekile ukubeka izimpawu zombuzo ngemuva kwezinkulumo zomphrofethi futhi ubeke izibabazo esikhundleni salokho, uvele ukwenze, izibusiso ziyazithelekela nje. Angikaze ngizibuze, ‘Kunini lapho umphrofethi ekhuluma khona njengomphrofethi futhi nalapho engakhulumi njengaye?’ Ukuthatheka kwami bekuwukuthi, ‘Ngingafana kanjani naye?’” (kwinkulumo kaLane Johnson, “Russell M. Nelson: A Study in Obedience,” Ensign, Aug. 1982, 24).

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 21:4–6; “A Secure Anchor” (ividiyo), Umtapo woLwazi lweVangeli; “Make inspired choices,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha): Umhlahlandlela Wokwenza Izinqumo (2022), 4–5.

3:37

A Secure Anchor

Thola izinkulumo ezilula zeqiniso. IGosa uNeal A. Maxwell wafundisa ukuthi: “Imibhalo engcwele isinika amadayimane amaningi ezimfundiso. Futhi uma ukukhanya kukaMoya kudlala ezingxenyeni zazo ezimbalwa, ziyacwazimula ngomqondo wesibhakabhaka futhi zikhanyisa indlela okufanele siyilandele.” (“According to the Desire of [Our] Hearts,” Ensign, Nov. 1996, 21). Ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, cabanga ukuthatha isikhathi ukubheka, ukumaka, kanye nokuzindla ngemiyalezo emifushane kodwa enamandla. Ezinye izibonelo zingatholakala ku 2 IziKhronike 14:11; 15:7; 18:13; 20:15; 26:5. Yimaphi amanye “amadayimane ezimfundiso” ongawathola?

2 IziKhronike 26:3–21

Ukuzazisa kuholela ekubhujisweni.

Njengamanye amakhosi amaningi akwaJuda, ukubusa kuka-Uziya kwaqala ngezinto ezinkulu kodwa kwaphetha ngenhlekelele. Bheka le phethini ku 2 IziKhronike 26. Ubungathi kwakuyisiphi isikhathi soshintsho empilweni ka-Uziya?

Ngesikhathi ufunda amavesi 16–23, khumbula ukuthi ngalesi sikhathi, abaphristi kuphela ababevunyelwe ukushisa impepho ethempelini. Ucabanga ukuthi kungani iNkosi u-Uziya ingamlalelanga uNkulunkulu? Ufundani kulokhu okwamehlakalela okubuhlungu?

Bheka futhi “Be Thou Humble,” Amaculo, no. 130.

2 IziKhronike 30

Ngingaba umenzi wokuthula.

Ku 2 IziKhronike 30, uHezekiya wayeyinkosi yamaJuda. Wamema uMbuso wakwa-Israyeli oyimbangi ukuba uhlangane eJerusalema ukuzogubha iPhasika—into ama-Israyeli ayengakwazi ukuyenza iminyaka eminingi (bheka amavesi 1–12). Yini ekuhlaba umxhwele ngalesi simemo nendlela esamukelwa ngayo—ngabo bobabiili izivakashi ezingama-Israyeli nabasingathi bakwaJuda?

Ngenxa yokuthi kwase kuyisikhathi eside, ezinye izivakashi zaseJerusalema zazingayazi imininingwane yendlela yokuhlanganyela ePhasikeni. Ngesikhathi ufunda 2 IziKhronike 30:18–27, ufundani empendulweni kaHezekiya kanye nemiphumela yempendulo yakhe?

Bheka futhi uRussell M. Nelson, “Peacemakers Needed,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 98–101.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

2 IziKhronike 14–1620

Ngingamethemba uNkulunkulu.

  • Ukwethula isu lokwethemba iNkosi, ungabonisa abantwana bakho into oyethembayo ukuthi izokugcina womile uma lina, njengesambulela noma ibhantshi. Bavumele bakhulume ngokuthi kungani singazethemba lezi zinto. Bese ubasiza baqhathanise lokho nokuthembela kwethu eNkosini. Kungani simethemba ukuthi uzosigcina siphephile ngokomoya?

  • Ungasiza abantwana bakho bathole ukuthi iNkosi u-Asa kanye neNkosi uJehoshafati basabela kanjani ezinseleleni ngokuthembela eNkosini (bheka 2 IziKhronike 14:11; 20:3–5, 12). Yabelanani ngezindlela eningabonisa ngazo iNkosi ukuthi niyayethemba.

2 IziKhronike 20:1–29

UNkulunkulu uzoyizwa futhi aphendule imikhuleko yami.

  • Ikhasi lomsebenzi lalelisonto lingasiza abantwana bakho ukuba baqonde indaba yomkhuleko kaJehoshafati kanye nempendulo yeNkosi. Wena kanye nabantwana bakho ningabelana ngezikhathi lapho uNkulunkulu ezwa futhi waphendula imikhuleko yenu. Cabanga ukufaka izikhathi lapho izimpendulo zafika ngezindlela noma ngezikhathi obungazilindele. Iculo ngomkhuleko, elithi “I Pray in Faith” (Amaculo Abantwana, 14), lingase lisize ukwakha ukholo labantwana bakho.

2 IziKhronike 26:3–23

Ngingathobeka.

  • Ukuze ufunde ngezingozi bokuzazisa, abantwana bakho bangakha umbhoshongo ngamabhulokhi noma izinkomishi ezincane. Ngesikhathi bebeka ibhlokhi ngayinye noma inkomishi embhoshongweni, basize babone enye yezinto zika-Uziya azifezile kusukela ku 2 IziKhronike 26:3–15. Ngemva kokuqeda umbhoshongo, xoxa nabantwana bakho ngokuthi u-Uziya angawugcina kanjani umude futhi uqinile. Yini engawenza uwe? Ungabe usufunda ivesi 16, ukhulume ngokuthi kusho ukuthini ukuba nezinhliziyo zethu “ziphakanyiselwe ekubhujisweni [kwethu].” Yabelana nabantwana bakho ngokwenzeka ku-Uziya kumavesi 16–23. Bayeke bawise umbhoshongo wabo. Khuluma ngalokho esingakwenza ukuze sihlale sithobekile.

UHezekiya edumisa uNkulunkulu

King Hezekiah and the People Thank God [INkosi uHezekiya nabantu baBonga uNkulunkulu], © Lifeway Collection/licensed from goodsalt.com

2 IziKhronike 30

Ngingaba umenzi wokuthula.

  • Isithombe esingenhla sibonisa lapho uHezekiya emema omakhelwane bakwaJuda eMbusweni wakwa-Israyeli ukuba bazogubha iPhasika nabo. Ungabuka lesi sithombe nabantwana bakho bese ufunda ku 2 IziKhronike 30:18–19, ezichaza ukuthi ezinye zezimenywa zazingazange zizihlanze ngokomthetho kaMose. Wenzani uHezekiya? Lokhu kwakungenza izimenywa zizizwe kanjani? Siza abantwana bakho bacabange ngendlela abangamlingisa ngayo uHezekiya ngendlela abaphatha ngayo abanye.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

U-Uziya exoshwa ethempelini ngesikhathi uchoko luvela esiphongweni sakhe

Uzziah’s Pride and Punishment [Ukuzazisa nokujeziswa kuka-Uziya], ngu-A. M. Boon

Ikhasi lomsebenzi leNlangano yabaNtwana: UNkulunkulu uzoyizwa futhi ayiphendule imikhuleko yami