“NgoJulayi 6–12. ‘Kukhona UMphrofethi kwa-Israyeli’: 2 AMakhosi 2–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoJulayi 6–12. ‘Kukhona UMphrofethi kwa-Israyeli,’” Wozani, Ngilandeleni: iTestamente eliDala 2026
EMphethweni woMfula, ngu-Annie Henrie Nader
NgoJulayi 6–12: “Kukhona UMphrofethi kwa-Israyeli”
2 AMakhosi 2–7
Inhloso yomphrofethi ukufundisa nokufakaza ngoMsindisi uJesu Kristu. Kepha, umbhalo wethu ngomphrofethi u-Elisha, awuqukethe okuningi ngezimfundiso zakhe nokufakaza kwakhe. Okuqukethwe embhalweni yizimangaliso u-Elisha azenza, okubala ukuvusa umntwana kwabafileyo (bheka ku 2 AMakhosi 4:18–37), ukupha isixuku sabantu ukudla okuncane (bheka ku 2 AMakhosi 4:42–44), kanye nokwelapha onochoko (bheka ku 2 AMakhosi 5:1–14). Ngakho-ke nakuba singenawo amazwi ka-Elisha ngoKristu, sinayo inkonzo nezimangaliso zika-Elisha, ezifakaza ngoKristu. Ziyizibonakaliso ezinamandla zamandla eNkosi aphilisayo, ondlayo, kanye naphilisayo. Izimangaliso zenzeka kaningi ezimpilweni zethu kunalokho esikuqaphela ngezinye izikhathi. Ukuzibona, kumele sifune ukholo u-Elisha ayenalo ngesikhathi ekhulekela inceku yakhe encane eyayesaba, “Jehova, ngyakhuleka, ake uvule amehlo akhe ukuba abone” (2 AMakhosi 6:17).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
2 AMakhosi 2–6
UNkulunkulu angenza izimangaliso empilweni yami.
Izimangaliso zisitshengisa amandla kaNkulunkulu. Zingasisiza sinqobe ubunzima bempilo yasemhlabeni—njengomhlaba owugwadule odinga amanzi ahlanzekile (bheka 2 AMakhosi 2:19–22) noma imbazo elahlekile edinga ukutholwa (bheka 2 AMakhosi 6:4–7). Kodwa okubaluleke kakhulu, izimangaliso zingasibuyisela eNkosini. Ngesikhathi ufunda 2 AMakhosi 2–6, cabanga ukubhala izimangaliso ozitholayo, bese ucabangisisa izifundo zangokomoya ozitholayo ngesimangaliso ngasinye.
Ungase futhi uqhathanise izimangaliso u-Elisha azenza nezimangaliso ezenziwa uJesu Kristu (bheka 2 AMakhosi 4:8–37 kanye no NgokukaLuka 7:11–16; 2 AmaKhosi 4:42–44 kanye no NgokukaJohane 6:1–13; 2 AmaKhosi 5:1–15 kanye no NgokukaLuka 17:11–19). Ngabe lezi zimangaliso zikufundisani ngoMsindisi nabaphrofethi Bakhe?
Bheka futhi 2 Nefi 26:12–13; 27:23; Moroni 7:35–37; isigaba “Seek and expect miracles” kuRussell M. Nelson, “The Power of Spiritual Momentum,” iLiyahona, ngoMeyi 2022, 99–100.
[Elisha Raising the Son of the Shunamite] U-Elisha Evusa Indodana YomShunemi, nguFrederic Leighton
2 AMakhosi 4:8–17; 7:1–16
INkosi izowagcwalisa amazwi Ayo anikezwe ngabaphrofethi Bayo.
INkosi yagqugquzela u-Elisha ukuba aphrofethe ngezinto ezizayo—izinto ezazibonakala zingenakwenzeka. Ngesikhathi ufunda 2 AMakhosi 4:8–17; 7:1–16, cabanga ngokuthi uphendula kanjani kwizwi leNkosi ngabaphrofethi Bayo namuhla. Yiziphi izimfundiso, iziphrofetho noma izethembiso ozizwe kwabaphrofethi abaphilayo? Yikuphi okwenzayo ukusebenza ngokholo emazwini abo?
Bheka futhi ku 3 Nefi 29:6; IMfundiso neziVumelwano 1:37–38;“Teachings of Presidents” collection, Umtapo woLwazi lweVangeli.
2 AMakhosi 5
Uma nginesizotha futhi ngilalela, uJesu Kristu angangelapha.
Ngesikhathi ufunda 2 AMakhosi 5, cabanga ukuqhathanisa ubuchoko bukaNahamani nenkinga obhekene nayo.
Ngabe ukhona umuntu ofana “nencekukazi encane” empilweni yakho, okukhuthaza ukuthi ufune isiqondiso mayelana nenselelo yakho kubaphrofethi beNkosi? (bheka amavesi 2–3, 13).
Yini iNkosi ekumema ukuba uyenze engabukeka ilula—njengokuthi “geza, futhi uhlanzeke”? (ivesi 13). Yini engase ikuvimbele ekwamukeleni izimemo Zayo ezilula?
Ungakubonisa kanjani ukuthobeka njengoba kwenza uNahamani?
Bheka ukuthi okwenzeka kuNahamani kwaluthinta kanjani ukholo lwakhe kuNkulunkulu ka-Israyeli (bheka evesini 15). Ungafundani kulokhu?
Bheka futhi NgokukaLuka 4:27; 1 KaPetru 5:5–7; Alima 37:3–7; Etere 12:27; u-L. Whitney Clayton, “Whatsoever He Saith unto You, Do It,” ILiyahona,, ngoMeyi 2017, 97–99; “Naaman and Elisha” (ividiyo), Umtapo woLwazi lweVangeli.
Naaman and Elisha
Fanisa imibhalo engcwele nempilo yakho. Ngesinye isikhathi kulula ukuthola incazelo yomuntu siqu emibhalweni engcwele ngokuqhathanisa izinto eziphathekayo endabeni nalezo zomoya empilweni yakho. Isibonelo, ngesikhathi ufunda 2 AMakhosi 2–7, ungase uqhathanise izimo empilweni yakho nezinto ezinjengochoko, imbazo ebolekiwe, uMfula iJordani, noma ibutho elikhulu elihlaselayo. Yiziphi izifundo iNkosi engase ibe nazo kuwe kule mibhalo?
2 AMakhosi 6:8–23
“Abanathi baningi kunalabo abanabo.”
Njengoba uzama ukulandela uKristu, ingabe wake wazizwa ngendlela inceku ka-Elisha esencane yazizwa ngayo—ubhekene nabantu abaningi futhi wesaba? Zicabange usendaweni yayo njengoba ufunda ku 2 AMakhosi 6:8–23. Lendaba ishintsha kanjani indlela ocabanga ngayo ngezivivinyo zakho, imithwalo yakho, noma imizamo yakho yokuphila ivangeli na?
Ngesikhathi ucabanga, khumbula amazwi kaMongameli uHenry B. Eyring: “Njengenceku ka-Elisha, baningi abanawe kunalabo obabonayo abakuphikisayo. Abanye abanawe bayoba abangabonakali ngamehlo enyama. INkosi izokuphakamisa futhi iphinde ngezinye izikhathi ikwenza lokhu ngokubiza abanye ukuba bazoma nawe” (“O Ye That Embark,” iLiyahona, Nov. 2008, 58).
Cabanga ukwenza uhlu “lwalabo aba[nawe]” (ivesi 16)—abantu uNkulunkulu ababeke empilweni yakho ukuthi bakwesekele. Ungamcela ukuthi akusize ubabone ngokuvula amehlo akho omoya. Kungenzeka futhi ukuthi ukubeke ezimpilweni zabanye ukuze ubasize. Ningawathola kanjani amandla nokwesekelwa omunye komunye?
Ukuzwe nini ukwesekwa yiNkosi okuchawza kwiMfundiso neziVumelwano 84:88?
Ungase futhi ufunde umlayezo kaDade uMichelle D. Craig othi “The Doctrine of Belonging” (ILiyahona, Nov. 2020, 15–17). Zibuze, “Yini uNkulunkulu afuna ngiyibone?”
Ebhekise endabeni ku 2 AMakhosi 6:8–23, iGosa uRonald A. Rasband wathi: “Singebe nazo izinqola zomlilo ezithunyelwa ukuzoqeda ukwesaba kwethu nokunqoba amadimoni ethu, kodwa isifundo sisobala. INkosi inathi, iyasinaka futhi iyasibusisa ngezindlela Zayo kuphela. Umthandazo ungabiza amandla nesambulo esisidingayo ukuze sigxilise imiqondo yethu kuJesu Kristu nomnikelo Wakhe ohlawulayo. INkosi yayazi ukuthi ngezinye izikhathi siyofikelwa ukwesaba. Sengike ngabakhona lapho nawe ngokunjalo. … KuleliBandla kungenzeka ukuthi simbalwa uma kubhekwa indlela izwe elibheka ngayo amaqembu anomthelela, kodwa uma sivula amehlo ethu angokomoya, ‘abanathi baningi kunalabo abanabo’ [2 AMakhosi 6:16]” (“Be Not Troubled,” iLiyahona, Nov. 2018, 18, 19). Ungawasebenzisa kanjani lamagama ukuze usize umuntu ozizwa ekhathazekile noma ethukile?
Bheka futhi “Dearest Children, God Is Near You,” Amaculo, no. 96.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
2 AMakhosi 4
UNkulunkulu angenza izimangaliso empilweni yami.
-
Ngemva kokusiza abantwana bakho ukuba baqonde ukuthi siyini isimangaliso, bameme ukuba babale izibonelo eziningi zezimangaliso. Izithombe kwiNcwadi Yobuciko beVangeli noma ezikwincwadi ethi Wozani, Ngilandeleni zingakusiza. Bangabheka izimangaliso ezitholakala ku 2 AMakhosi 4:1–7, 14–17, 32–35, 38–44. Lezi zimangaliso zifundisani ngoBaba oseZulwini?
-
Wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngendlela uNkulunkulu abonise ngayo uthando Lwakhe ngezimangaliso. Ningase futhi nicule ndawonye iculo elifana nelithi “God’s Gracious Love” (Umtapo woLwazi lweVangeli).
Ima njengoFakazi, nguKwani Povi Winder
2 AMakhosi 5:1–15
Ngingakhetha ukwenza lokho uNkulunkulu akuyalayo ngomphrofethi Wakhe.
-
Siza abantwana bakho bafunde indaba etholakala ku 2 AMakhosi 5:1–3, 9–14. Cabanga ukusebenzisa “U-Elisha WeLapha uNahamani”” (kwi ziNdaba zeTestamante eliDala, 134–37) noma isithombe sikaNahamani kuhlaka lakulelisonto. Kungani uNahamani wayengafuni ukugeza eMfuleni iJordani, nakuba u-Elisha athi lokhu kwakuyokwelapha isifo sakhe? UNahamani wabusiswa kanjani ngesikhathi elandela imiyaleloka-Elisha? Ningase nabelane omunye nomunye ngezikhathi lapho nalalela iNkosi khona, ngisho nangeskhathi lapho naningenasiqiniseko sokuthi niyafuna.
1:52Elisha Heals Naaman
-
Ungase futhi ugcizelele ku 2 AMakhosi 5:13, lapho izinceku zikaNahamani zamsiza khona ukuba anqume ukulalela umphrofethi u-Elisha. Abantwana bakho bangase bakhulume ngezindlela abangasiza ngazo abangani babo noma amalungu omndeni ukuthi alalele umphrofethi.
2 AMakhosi 6:8–17
Angingedwa.
-
Wena nabantwana bakho ningazicabanga nizungezwe ibutho elinezinkemba, amahhashi, nezinqola. Ungazizwa kanjani? Yini ongayenza? Abantwana bakho bangase bavale amehlo abo ngesikhathi ufunda 2 AMakhosi 6:16–17 kubo. (Bheka futhi “U-Elisha neButho leNkosi,” kwiziNdaba zeTestamente eliDala, 138–39, noma isithombe ekugcineni kwaloluhlaka.) Uma ufika emagameni athi “vula amehlo akhe” (ivesi 17), cela abantwana bavule amehlo abo. Khuluma ngalokho okwabonwa yinceku. Yabelana nabantwana bakho izindlela ozwe ngazo ukuthi iNkosi inawe ngesikhathi unezinselelo zakho, ngisho nalapho kwakubonakala khona sengathi uwedwa.
1:9Elisha and the Lord’s Army
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.