Wozani, Ngilandeleni
Imicabango Okumele Ukugcine Emqondweni: “UJesu Uyothi Kuwo Wonke u-Israyeli, ‘Wozani Ekhaya’”


“Imicabango Okumele Ukugcine Emqondweni: ‘UJesu Uyothi Kuwo Wonke u-Israyeli, “Wozani Ekhaya,”’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“Imicabango Okumele Ukugcine Emqondweni: ‘UJesu Uyothi Kuwo Wonke u-Israyeli, “Wozani Ekhaya,”’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026

isithonjana semicabango

Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni

“UJesu Uyothi Kuwo Wonke u-Israyeli, ‘Wozani Ekhaya’”

Ehlane laseSinayi, uMose waqoqela abantwana bakwa-Israyeli endaweni ephansi kwentaba. Lapho iNkosi yamemezela ukuthi Ifuna ukuguqula leliqembu lezigqila ezisanda kukhululwa libe ngabantu abanamandla. Yathi, “Niyokuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele” (I-Eksodusi 19:6). Yabathembisa ukuthi babezoqhakaza futhi bachume, noma bezungezwe yizitha ezinkulu kakhulu nezinamandla kakhulu.

Konke lokhu kwakungeke kwenzeke ngoba abakwa-Israyeli bebaningi noma benamandla noma benekhono. Kwakuzokwenzeka, kuchaza INkosi, “uma nililalela izwi lami impela, futhi nigcina nesivumelwano sami” (I-Eksodusi 19:5). Amandla kaNkulunkulu, hhayi awabo, ayezobenza babe namandla.

Kodwa-ke ama-Israyeli akazange alilalele njalo izwi lika Nkulunkulu, futhi ngokuhamba kwesikhathi ayeka ukusigcina isivumelwano Sakhe. Abaningi bakhonza abanye onkulunkulu futhi bathatha nemikhuba yamasiko ayebazungezile. Balahla yona kanye into eyabenza baba yisizwe esihlukile kubo bonke abantu—ubudlelwano babo besivumelwano neNkosi. Ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu ayebavikele kwakungekho lutho olokuvimba izitha zabo.

Ukuhlakazeka

Izikhathi eziningana phakathi kweminyaka engama 735 nama 720 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu, ama-Asiriya ahlasela uMbuso waseNyakatho wakwa-Israyeli, ikhaya lezizwe eziyishumi kweziyishumi nambili, athumba izinkulungwane zama-Israyeli ezingxenyeni ezahlukahlukene zoMbuso wase-Asiriya. Lama-Israyeli aziwa ngokuthi “yizizwe ezilahlekile,” ngoba asuswa ezweni lawo futhi ahlakazeka phakathi kwezinye izizwe. Kodwa futhi ayelahlekile ngomqondo ojulile: ngokuhamba kwesikhathi alahlekelwa umuzwa wawo wokuzazi njengabantu bakaNkulunkulu besivumelwano.

Ekugcineni abantu abaningi eMbusweni waseNingizimu wakwaJuda nabo bayifulathela iNkosi. Abase-Asiriya bahlasela futhi banqoba ingxenye eningi yalowo mbuso; yiJerusalema kuphela eyalondolozwa ngokuyisimangaliso. Kamuva, phakathi kweminyaka engama 597 nengama 580 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu, abaseBabiloni babhubhisa iJerusalema, okubalwa nethempeli, futhi bathumba abantu abaningi. Cishe eminyakeni engama 70 kamuva, insalela yakwaJuda yavunyelwa ukubuyela eJerusalema ukuyokwakha kabusha ithempeli. Abaningi, nokho, bahlala eBabiloni.

iJerusalema ishiswa wumlilo

The Destruction of Jerusalem by Nebuzar-adan [Ukubhujiswa kweJerusalema nguNebuzaradani],, nguWilliam Brassey Hole, © Providence Collection/ogunyazwe ku goodsalt.com

Ngokuhamba kwesikhathi, abakwa-Israyeli ababevela kuzo zonke izizwe “babehlakazekile … phakathi kwezizwe zonke ababengazazi” (UZakhariya 7:14). Abanye iNkosi yabaholela kude kwamanye amazwe. Abanye bashiya i-Israyeli bebalekela ukuthunjwa noma ngezizathu zombangazwe noma ezomnotho.

Lezi zehlakalo sizibiza ngokuthi ukuhlakazeka kuka-Israyeli. Futhi kubalulekile ukwazi ngalokhu kuhlakazeka ngezizathu eziningana. Okokuqala, kuyisihloko esikhulu seTestamente eliDala—abaphrofethi abaningi beTestamente eliDala babengofakazi bokuwa ngokomoya okwaholela ekuhlakazekeni kuka-Israyeli. Bakubona kusengaphambili futhi baxwayiswa ngakho. Abanye babo baphila baze bakubona lokho. Lokho kuyasiza ukukukhumbula lapho ufunda izincwadi zika-Izaya, Jeremiya, Amose, nezinye izincwadi eziningi engxenyeni yokugcina yeTestamente eliDala. Unalomongo engqondweni, ngesikhathi ufunda iziphrofetho zabo nge-Asiriya neBabiloni, ukukhonza izithombe nokuthunjwa, incithakalo nokubuyiselwa ekugcineni, uzokwazi ukuthi bakhuluma ngani.

Ukuqonda ukuhlakazeka kuka-Israyeli kuzokusiza ukuthi uyiqonde kangcono iNcwadi kaMormoni, ngoba iNcwadi kaMormoni iyindaba ekhuluma ngegatsha lika Israyeli ohlakazekile. Lendaba iqala ngomndeni kaLehi obaleka eJerusalema cishe ngonyaka wama 600 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu, ngaphambi nje kokuba abaseBabiloni bahlasele. ULehi wayengomunye walabo baphrofethi abaphrofetha ngokuhlakazeka kuka-Israyeli. Futhi umndeni wakhe wasiza ukugcwalisa leso siphrofetho, wathatha igatsha labo lendlu yakwa-Israyeli walitshala ngakolunye uhlangothi lomhlaba, emazweni aseMelika.

UkuQoqwa

Ukuhlakazeka kuka-Israyeli, nokho, kumane nje kuyingxenye yendaba. INkosi ayibakhohlwa abantu baYo, futhi Ayibashiyi, noma bona sebeYishiyile. Iziphrofetho eziningi zokuthi u-Israyeli wayezohlakazeka zazihambisana nezithembiso eziningi zokuthi ngelinye ilanga uNkulunkulu wayezobaqoqa.

Lolo suku lunamuhla—usuku lwethu. Ukuqoqwa sekuqalile. Ngonyaka we-1836, izinkulungwane zeminyaka ngemva kokuba uMose aqoqela abantwana bakwa-Israyeli phansi kweNtaba iSinayi, uMose wavela eThempelini laseKirtland ukuyonika uJoseph Smith “izikhiye zokuqoqa u-Israyeli kusuka kumagumbi amane omhlaba” (IMfundiso NeziVumelwano 110:11). Manje, ngaphansi kokuqondiswa yilabo abaphethe lezi zikhiye, izizwe zakwa-Israyeli ziyaqoqwa kuzo zonke izizwe lapho izinceku zeNkosi zikwazi ukuya khona.

uMose evela kuJoseph Smith no-Oliver Cowdery eThempelini laseKirtland

Moses, Elias, and Elijah Appear in the Kirtland Temple [uMose, u-Eliyas, no-Eliya bavela eThempelini laseKirtland], nguGary E. Smith

UMongameli uRussell M. Nelson ubize lokhu kuqoqwa ngokuthi “yinto ebaluleke kunazo zonke izinto ezenzeka emhlabeni namuhla. Akukho okunye okuqhathaniswa ngobukhulu, akukho okunye okuqhathaniswa ngokubaluleka, akukho okunye okuqhathaniswa ngobukhosi. Futhi uma ukhetha, uma ufuna, ungaba yingxenye enkulu yako.”

Singasiza kanjani? Kusho ukuthini ukuqoqa u-Israyeli? Ngabe kusho ukubuyisela izizwe eziyishumi nambili emuva ezweni ezake zahlala kulo na? Empeleni, kusho okuthile okukhulu kakhulu, okwaphakade. Njengoba uMongameli uNelson achaza:

“Uma sikhuluma ngokuqoqwa, simane sisho leliqiniso eliyisisekelo: bonke abantwana bakaBaba wethu oseZulwini, abasezinhlangothini zombili zesisitho, bafanele ukuzwa umyalezo wevangeli elibuyiselwe likaJesu Kristu. …

Ngaso sonke isikhathi uma wenza noma yini esiza noma ngubani—ohlangothini ngalunye lwesisitho—uma uthatha isinyathelo sokwenza izivumelwano noNkulunkulu futhi uthola izimiso ezibalulekile zokubhabhadiswa nezethempeli, usiza ukuqoqa u-Israyeli. Kulula kanjalo nje.”

Lokhu kwenzeka, njengoba u-Izaya asho, “ngabanye ngabanye” (U-Izaya 27:12) noma, njengoba uJeremiya abikezela, “abe munye edolobheni, babe babili emndenini” (UJeremiya 3:14).

Ukuqoqa u-Israyeli kusho ukubuyisela abantwana bakaNkulunkulu Kuye. Kusho ukubabuyisela kubudlelwano besivumelwano Naye. Kusho ukuvuselela “isizwe esingcwele” Ahlongoza ukusisungula kudala (I-Eksodusi 19:6).

Woza ekhaya

Njengomunye owenze isivumelwano noNkulunkulu, uyingxenye yendlu yakwa Israyeli. Uqoqiwe, futhi ungumqoqi. Indaba eyindumezulu yamakhulu eminyaka yabantu besivumelwano yakhela kuvuthondaba lwayo, futhi wena ungumdlali ophambili. Manje sekuyisikhathi lapho “uJesu ezothi kubo bonke abakwa-Israyeli, ‘Wozani ekhaya.’”

Lona ngumlayezo wabaqoqi: Wozani ekhaya esivumelwaneni. Wozani ekhaya eSiyoni. Wozani ekhaya kuJesu Kristu, oNgcwele ka-Israyeli, futhi uzoniletha ekhaya kuNkulunkulu, uBaba wenu.

AmaNothi

  1. Bheka IDuteronomi 28:1-14.

  2. Bheka 2 AMakhosi 17:6-7; 2 IziKronike 36:12-20.

  3. Bheka 2 AMakhosi 17:1-7. Izizwe eziyishumi ezathunjwa yi-Asiriya kwakunguRubeni, uSimeyoni, u-Isakare, uZebuloni, uDani, uNafetali, uGadi, u-Asheri, u-Efrayimi noManase. Isizwe sakwaLevi sasisabalele kuzo zonke izindawo zezinye izizwe ukuze senze imisebenzi yaso yobuphristi.

  4. Bheka 2 AMakhosi 19; U-Izaya 10:12–13.

  5. Bheka 2 AMakhosi 24–25; 2 IziKronike 36; UJeremiya 39; 52.

  6. Bheka ku U-Ezra 17; UNehemiya 2.

  7. Bheka ku 2 Nefi 1:1–5; Omini 1:15–16.

  8. Bheka 2 AMakhosi 25:22-26; UJeremiya 42:1–7; 43:1–7.

  9. Ngonyaka wama-70 emva kokuzalwa kukaKristu, iJerusalema nethempeli layo kwaphinde kwabhujiswa, kulokhu ngamaRoma, futhi amaJuda asala ahlakazekela ezizweni eziningi.

  10. Bheka ku Jeremiya 29:18; UHezekeli 22:15; UHoseya 9:17; U-Amose 9:9; 1 Nefi 1:13.

  11. Bheka ku 1 Nefi 15:12.

  12. Bheka ku 1 Nefi 1:13, 18–20; 10:12–14.

  13. Bheka ku U-Izaya 5:26; 27:12; 54; UJeremiya 16:14–15; 29:14; 31:10; UHezekeli 11:17; 34:12; 37:21–28; UZakhariya 10:8; 1 Nefi 10:14; 22:25; 3 Nefi 16:1–5; 17:4.

  14. NguRussell M. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018), uMtapo woLwazi lweVangeli.

  15. nguRussell M. Nelson, “Hope of Israel.

  16. Bheka ku 2 Nefi 30:2.

  17. Now Let Us Rejoice,” Amaculo, no. 3.