Wozani, Ngilandeleni
NgoJulayi 13–19. “Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli”: 2 AMakhosi 16–25


“NgoJulayi 13–19. ‘Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli’: 2 AMakhosi 16–25,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJulayi 13–19. ‘Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

iqembu elikhulu lamaJuda eliya ekudingisweni eBabiloni

The Flight of the Prisoners [Ukubaleka kweziBoshwa], nguJames Jacques Joseph Tissot nabanye

NgoJulayi 13–19: “Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli”

2 AMakhosi 16–25

Nakuba kwakukhona ubufundisi obabuhlaba umxhwele bukamphrofethi u-Elisha, abantu boMbuso waseNyakatho wakwa-Israyeli abazange baphenduke. Ekugcineni, uMbuso wase-Asiriya wazinqoba futhi wazihlakaza izizwe eziyishumi zakwa-Israyeli. Phakathi naleso sikhathi, umbuso waseNingizimu wakwaJuda nawo wawungenzi kangcono: ukukhonza izithixo nakho kwakwandile lapho.

Kepha phakathi kwakho konke lokhu kungcola ngokomoya, imibhalo engcwele ilandisa ngamakhosi amabili kaJuda, okwathi okwesikhashana, abuyisela abantu bawo eNkosini. Omunye wabo kwakunguHezekiya. Embusweni wakhe, abase-Asiriya banqoba iningi likaJuda. Kepha uHezekiya nabantu bakhe bakhombisa ukukholwa eNkosini, eyakhulula iJerusalema ngendlela eyisimangaliso. Kamuva, emveni kwenye inkathi yokuhlubuka, uJosiya waba inkosi. Ingxenye eyamukhuthaza kwaba ukuthola kabusha incwadi yomthetho kaMose, uJosiya waletha izinguquko ezavuselela impilo yokukholwa kubantu bakhe.

Njengo-Israyeli kanye noJuda, sonke senza izinqumo ezilungile nezingalungile. Lapho sinomuzwa wokuthi ukuphila kwethu kudinga izinguquko ezithile, singathola isikhuthazo kulezo zindawo ezimbili ezikhanyayo zeminyaka yobumnyama bomlando wakwaJuda. Mhlawumbe izibonelo zikaHezekiya kanye noJosiya zingasikhuthaza ukuthi “[simethembe] uSimakade uNkulunkulu wethu” (2 AMakhosi 18:22).

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

2 AMakhosi 18–19

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingathembela eNkosini lapho ukholo lwami luvivinywa.

Iningi lethu siba nezehlakalo eziletha izinselele okholweni lwethu. KuHezekiya nabantu bakhe, esinye salezi zinselele zafika lapho ibutho lase-Asiriya lisondela eJerusalema. Njengoba ufunda ku 2 AMakhosi 18–19, zicabange uhlala eJerusalema ngalesi sikhathi. Wawungazizwa kanjani, ngokwesibonleo, ukuzwa ukuklolodela kwabase-Asiriya ku 2 AMakhosi 18:28–37; 19:10–13? Yini owawungayenza? Qhathanisa izizathu zama-Asiriya zokuthi ama-Israyeli angayithembi iNkosi nezizathu uSathane azinikezayo zokungabaza ukholo lwethu namuhla. Ungahle futhi uqhathanise izizathu zama-Asiriya nezizathu zakho zokuthi kungani wena uyithemba iNkosi.

Ufundani kulokho okwenziwa nguHezekiya kulesisimo? (bheka ku 2 AMakhosi 19:1–7, 14–19). Ngabe iNkosi yaphendula kanjani? (bheka ku 2 AMakhosi 19:35–37). Ucabanga ukuhti kungani uHezekiya walugcina ukholo lwakhe? (bheka ku 2 AMakhosi 18:5–7). Zindla ngokuthi iNkosi ikusekele kanjani ezikhathini ezinzima. Ngabe uzizwa ugqugquzeleka ukuthi wenzeni ukuze ukhulise ithemba lakho Kuye?

Umyalezo kaMongameli uJeffrey R. Holland “Fear Not: Believe Only!” (ILiyahona, ngoMeyi 2022, 34–36) ineseluleko esiwusizo ngezikhathi zokwesaba nokungabaza. Ihubo elifana nelithi “Let Us All Press On” (Amaculo, no. 243) nalo lingaba nemilayezo ekhuthazayo. Yikuphi okutholayo kulezi zinsiza okukusizayo?

Bheka futhi ku 2 IZikhronike 31–32; 3 Nefi 3–4; uJörg Klebingat, “Valiant Discipleship in the Latter Days,” iLiyahona, ngoMeyi 2022, 107–10.

Sebenzisa amasu okufunda imibhalo engcwele. IBandla linikeza izinsiza eziningi ukukusiza ukuthi uqonde imibhalo engcwele. Isibonelo, kuMtapo Wolwazi Wevangeli ungathola iziHloko zemiBhalo eNgcwele, IziHloko nemiBuzo, kanye namaphephabhuku eBandla. Ngaphezu kwalokho, njengoba ufunda iTestamente eliDala, ungathola umongo owusizo kanye nemininingwane ezihlokweni ezithi “Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni” encwadini Wozani, Ngilandeleni. Isihloko esithi“UJesu Uyothi Kuwo Wonke u-Israyeli, ‘Wozani Ekhaya’” singakusiza ekufundeni kwa 2 AMakhosi 16–25.

umndeni ufunda imibhalo engcwele ndawonye

2 AMakhosi 19:20–37

Zonke izinto zisezandleni zeNkosi.

USaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, wayenesizathu esizwakalayo sokukholelwa ukuthi ibutho lakhe lalizonqoba iJerusalema (bheka 2 AMakhosi 17; 18:33–34; 19:11–13). Kodwa iNkosi yayinomyalezo kuSaneheribhi, owawunikezwe ngumphrofethi u-Izaya. Uqoshwe ku 2 AMakhosi 19:20–34. Yimaphi amaqiniso owathola kumyalezo weNkosi akusizayo ukuba ube nokholo Kuyo nasohlelweni Lwayo?

2 AMakhosi 21–23

Imibhalo engcwele ingaphendula inhliziyo yami eNkosini.

Ngabe wake wazizwa sengathi ushoda ngokuthile ngokomoya na? Mhlawumbe wezwa ukuthi ubudlelwano bakho noNkulunkulu babungaqina. Ngabe yikuphi okwakusiza ukuba ubuyele kuYe na? Zindla ngalemibuzo njengoba ufunda 2 AMakhosi 21–23, okuchaza ukuthi uMbuso wakwaJuda wawa kanjani eNkosini ngaphansi kweNkosi uManase (bheka 2 AMakhosi 21) nokuthi iNkosi uJosiya yabasiza kanjani ukuthi bazinikele Kuye (bheka 2 AMakhosi 22–23). Baguquka kanjani futhi baguqukelani uJosiya kanye nabantu bakhe? (bheka 2 AMakhosi 22:8–11; 23:1–6, 21, 24).

UMongameli uSpencer W. Kimball wabiza indaba yeNkosi uJosiya “enye yezindaba enhle kakhulu kuyo yonke imibhalo engcwele” (Teachings of Presidents of the Church: Spencer W. Kimball [2006], 62). Funda amazwi aMongameli uKimball ngeNkosi uJosiya (amakhasi 62–64). Mhlawumbe ungacabanga ngesigameko lapho isiqephu sombhalo ongcwele “[wa]sebenza ngamandla” kuwe. Ngabe yini ongayenza ukuze uthole ezinye izigameko ezifana nalezo?

Futhi bheka u Alima 31:5; “Josiah and the Book of the Law” (ividiyo), Umtapo Wolwazi Wevangeli.

12:25

Josiah and the Book of the Law

2 AMakhosi 23:1–25

Isivumelwano ukuzibophezela ngomphefumulo wonke ngokuzinikela phakathi kwami kanye noNkulunkulu.

Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngesivumelwano uJosiya asenza ku 2 AMakhosi 23:3? Njengoba uqhubeka ngokufunda isahluko 23, naka ukuthi uJosiya wenzani ukukhombisa ukuzinikela eNkosini (futhi bheka isithombe ekugcineni kwaloluhlaka). Ungakubonisa kanjani ukuzinikela Kuye?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

2 AMakhosi 18:3–6; 19:14–19

Ngingamethemba uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

  • Ku 2 AMakhosi 18:3, 5–6, siza abantwana bakho ukuba babone ukuthi yini eyenza uHezekeli abe inkosi elungileyo. Ngesikhathi nifunda ndawonye ku ­2 AMakhosi 19:14–19, bangathola ukuthi wakukhombisa kanjani ukuthi wathembela eNkosini. Ningabuka isithombe sikaJesu futhi nixoxe ngokuthi kungani ningaMethemba. Singakhombisa kanjani ukuthi siyayithemba iNkosi?

2 AMakhosi 22:1–7

UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bangangithemba.

  • Ku 2 AMakhosi 22:1, siza abantwana bakho ukuba babone ukuthi wayeneminyaka emngaki uJosiya ngesikhathi ebekwa ukuba inkosi. Yini esiyifundayo ngoJosiya ku vesi 2? Cabanga ngomsebenzi eningawenza efanekisa ukulandela iNkosi futhi ungaphambukeli “ngakwesokunene noma ngakwesobunxele.”

  • Abasebenzi abachazwe ku 2 AMakhosi 22:3–7 babethenjwe ngemali yokwakha kabusha ithempeli “ngoba babethembekile ekwenzeni kwabo” (ivesi 7). Emva kokufunda lamavesi, wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngezinto enithenjwe ngazo. Singathembeka kanjani njengalezisebenzi ezikulamavesi na?

umbhali eneNkosi uJosiya

Umbhali eletha umbhalo ogoqwayo eNkosini uJosiya; umfanekiso nguRobert T. Barrett

2 AMakhosi 22:8–11; 23:2–3

Imibhalo engcwele ingifundisa ukuthi ngilandele uJesu Kristu.

  • Ukungenisa indaba yeNkosi uJosiya ku 2 AMakhosi 22–23, ungafihla umbhalo ongcwele phakathi egumbini. Mema abantwana bakho ukuba bawuthole. Bese ungabelana ngokuthi kwenzekalani ngesikhathi abefundisi bakaJosiya bethola umbhalo ongcwele ethempelini (bheka ku 2 AMakhosi 2:8–11; futhi bheka “INkosi uJosiyaIzindaba zeTestamente Elidala, 148–49). Yini ebingenzeka kuthina uma besingenayo imibhalo engcwele? Yabelanani omunye nomunye ngokuthi kungani nijabulile ngokuba nibe nemibhalo engcwele namuhla.

    1:36

    King Josiah

  • Ngemva kokufunda 2 AMakhosi 23:2–3, wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngemibhalo engcwele enikhuthazile “ukuyilandela iNkosi” (verse 3). Ningacula futhi iculo elimayelana nemibhalo engcwele, elifana nelithi “Search, Ponder, and Pray” (Amaculo Abantwana, 109).

2 AMakhosi 23:1–3

Ngizozigcina izivumelwano zami noNkulunkulu.

  • Lapho uJosiya nabantu bakhe befunda imiyalo kaNkulunkulu, benza isivumelwano sokuyiphila. Funda ngalokhu nezingane zakho ku 2 AMakhosi 23:1–3, futhi ubasize bathole amagama noma imisho ekhombisa ukuthi bazizwa kanjani abantu ngemiyalo yeNkosi. Mhlawumbe abantwana bakho bangama futhi bakhulume ngokuthi kusho ukuthini “[ukuma] esivumelwaneni.” Bese bangahamba endaweni eyodwa futhi bakhulume ngalokho okungase kusho “ukulandela iNkosi.” Okulandelayo, bangabeka izandla zabo ezinhliziyweni zabo futhi baphakamise izindlela esingagcina ngazo izivumelwano zethu “ngenhliziyo [yethu] yonke.”

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

abantu bedonsa isifanekiso ngezintambo

Josiah’s people removing idols from the city [Abantu baJosiya bekhipha izithixo edolobheni]; umfanekiso nguWilliam Hole

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Imibhalo engcwele ingifundisa ukuthi ngilandele uJesu Kristu