“NgoJuni 29–Julayi 5. ‘Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena’: 1 AmaKhosi 12–13; 17–22” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi yezifundo zaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoJuni 29–Julayi 5. ‘Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
Elijah Contends against the Priests of Baal [U-Eliya uPhikisana nabaPhristi bakaBali, nguJerry Harston
NgoJuni 29–Julayi 5: “Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena”
1 AMakhosi 12–13; 17–22
Indlu yakwa-Israyeli yabe iyinhlakanhlaka. Umbuso wakwa-Israyeli wawuhlukene phakathi, kunezizwe eziyishumi ezakha uMbuso waseNyakatho wakwa-Israyeli nezizwe ezimbili ezakha uMbuso waseNingizimu wakwaJuda. Kodwa okubi ukwedlula ukwehlukana kwabo komunye nomunye kwaba ngukwehlukana kwemibuso yomibili ezivumelwaneni zayo. Amakhosi amabi aholela abantu kude neNkosi, futhi abantu abaningi bantengantenga okholweni lwabo.
Kulesi simo, iNkosi yabiza u-Eliya ukuba abe ngumphrofethi. Impilo yakhe iyakhombisa ukuthi umuntu angaba nokholo olukhulu eNkosini ngisho nasezimweni ezimbi. Kwesinye isikhathi iNkosi iphendula okholweni olunjalo ngezimangaliso ezihlaba umxhwele ezenzeka phambi kwabantu, ezinjengomlilo owehla uvela ezulwini. Kepha Ibuye yenze izimangaliso ezithule zangasese, njengokondla umfelokazi othembekile nendodana yakhe. Futhi imvamisa izimangaliso Zayo ngezomuntu ngqo kangangoba zaziwa nguye kuphela—isibonelo, lapho iNkosi izembula kuwe “ngezwi elincane elihashazayo”(1 AMakhosi 19:12).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
1 AMakhosi 12:1–20
Abaholi abafana noKristu bayabasiza abantu ababaholayo.
Ungalichaza kanjani iphutha iNkosi uRehobowamu, indodana kaSolomoni, eyalenza Ku 1 AMakhosi 12:1–14? Yiziphi izici ezifana nezikaKristu ezazingamsiza uRehobowamu asindise umbuso wakhe na? (bheka ivesi 7; NgokukaMathewu 20:25–28; Mosiya 2:10–21). Ungazisebenzisa kanjani lezi zici njengomholi—kungaba sobizweni lwaseBandleni noma njengomholi wempilo yakho?
1 AMakhosi 17:8–16; 19:19–21
Isimemo sokunikela yithuba lokusebenzisa ukholo lwami kuJesu Kristu.
Umphrofethi u-Eliya wacela umfelokazi ukuba amnike ukudla namanzi ngaphambi kokuzondla yena nendodana yakhe elambile. Wayezokwenzelani lokhu na? Isicelo sika-Eliya singabonakala njengesibusiso kulomndeni omncane. Babezidinga izibusiso zeNkosi, futhi ukunikela kuletha izibusiso—kubandakanya nesibusiso sokholo oluqinile.
Njengoba ufunda ku 1 AMakhosi 17:18–16, zicabange uyilomfelokazi. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngaye? Ungahle futhi wenze uhlu lwezinto ongazikhetha ezidinga ukholo kuJesu Kristu (izibonelo, bheka encwadini For the Strength of Youth: A Guide to Making Choices [2022]). Yini oyifundayo kulomfelokazi ngokusebenzisa ukholo?
Ngabe izenzo zika-Elisha ku 1 AMakhosi 19:19–21 zifana kanjani nezenzo zomfelokazi ?
Cabanga ngeminikelo osuyenzile ukulandela uMsindisi. Ngabe incwadi 1 AMakhosi 17:8–16; 19:19–21 isifundisani ngaleminikelo na? Lukusiza kanjani ulwazi lwakho ngoMsindisi lapho Ekucela ukuba wenze umnikelo? Ukubusise kanjani?
Bheka futhi NgokukaMathewu 4:18–22.; 6:25–33; NgokukaLuka 4:24–26; “Elijah and the Widow of Zarephath” (ividiyo), Umtapo Wolwazi lweVangeli; “When Faith Endures,“ Amaculo, inombolo 128.
Elijah and the Widow of Zarephath
1 AMakhosi 18
“Uma uJehova enguNkulunkulu, Mlandeleni Yena.”
Abakwa-Israyeli kungenzeka ukuthi babenomuzwa wokuthi banezizathu ezizwakalayo zokukhonza uBali, owayaziwa ngokuthi ngunkulunkulu wesivunguvungu nemvula. Emva kweminyaka emithathu yesomiso, babeyidinga imvula sekuphele ithemba. Futhi ukukhonza uBali kwakwemukelekile emphakathini futhi kwavunyelwa yinkosi nendlovukazi. Njengoba ufunda 1 AMakhosi 18, cabanga ngokuthi kungani umuntu ezikhathini zethu angase abe namathizethize ngokulandela iNkosi. Kulesi sahluko, ucabanga ukuthi yini iNkosi eyayizama ukuyifundisa Ngayo? Ngabe yikuphi odlule kukho okukusize ukuba uzibophezele ekulandeleni uMsindisi?
Bheka futhi u D. Todd Christofferson, “Choice and Commitment” (worldwide devotional for young adults, ngoJanuwari 12, 2020), UMtapo woLwazi lweVangeli.
Umfanekiso ka-Eliya, ngu Wilson Ong
1 AMakhosi 19:1–18
INkosi ivame ukukhuluma ngezindlela ezithule, nezilula.
Ngokudabukisayo, isimangaliso eNtabeni iKarmeli asizange senze ubuthunywa buka Eliya bube lula. Eqinisweni, impilo yakhe yayisengozini, futhi kwadingeka acashe emgedeni ehlane. Lapho, elwa nesizungu nokudangala, okwenzeka kuye neNkosi kwakuhluke kakhulu kunalokho okwenzeka eNtabeni iKarmeli. Kukufundisani adlula kukho u-Eliya ku 1 AMakhosi 19:1–18 ngendlela iNkosi exhumana ngayo nawe ngezikhathi zakho zokweswela?
Zindla ngezikhathi lapho uzwa sengathi iNkosi ikhulumile nawe. Ungayichaza kanjani indlela Akhuluma ngayo nawe? Kungani amagama athi “elihashazayo” nelithi “elincane” eyizindlela ezinhle zokuchaza izwi likaMoya na? Yimaphi amanye amagama owatholayo ku Helamani 5:30; IMfundiso neziVumelwano 6:22–23; 11:12–14? Ngabe yikuphi okudingeka ukwenze ukuze uthole ukuholwa yiNkosi kaningi na?
Bheka futhi AmaHubo 46:10.
Sebenzisa imizwa emininginingi ukukhulisa ukufunda. Sonke sifunda ngomhlaba ngokusebenzisa imizwa yethu emihlanu. Ukusebenzisa leyo mizwa kukhulisa ukulifunda ivangeli. Isibonelo, cabanga ngemifanekiso noma imisindo ongayisebenzisa ukuchasisa amagama “elihashazayo” nelithi “elincane” ngesikhathi ufunda noma ufundisa ngezwi leNkosi encwadini 1 AMakhosi 19.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
1 AMakhosi 17
INkosi iyangibusisa lapho nginokholo Kuyo.
-
Ukusiza abantwana bakho ukuba bafunde ngezindaba zokholo ku 1 AMakhosi 17, ungabakhombisa izithombe noma izinto ukuchasisa lezo zindaba, njengezinyoni, isinkwa, noma umfana. Njengoba uxoxela abantwana bakho lezi zindaba, bameme ukuba bathole isithombe noma into ehambisana nendaba ngayinye. “U-Eliya umPhrofethi“ (e Zindabeni Testamente Elidala, 121–24) angakusiza uxoxe lezi zindaba. Isifundisani indaba ngayinye ngokukhombisa ukholo kuJesu Kristu?
1:58Elijah the Prophet
-
Siza abantwana bakho ukuba bacabange ngezindlela abangakhombisa ngazo ukholo kuJesu Kristu. Cula nabo iculo elimayelana nokholo, njengelithi “I Have faith in the Lord, Jesus Christ“ (uMtapo Wolwazi lweVangeli), bese nabelana ngokuthi nifundani ngokholo eculweni.
Umfanekiso ka-Eliya kanye nokwelashwa kwendodana yomfelokazi, ngu Charles Edmund Brock
1 AMakhosi 17:8-16
Lapho iNkosi ingicela ukuba nginikele, ngingalalela ngokholo.
-
Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba isithombe salokho iNkosi eyacela umfelokazi ukuba akunike u-Eliya (bheka 1 AMakhosi 17:12–13) nalokho umfelokazi akuthola njengembuyiselo (bheka 1 AMakhosi 17:15–16). (Bheka futhi ikhasi lomsebenzi laleli sonto.) Bangafuna futhi izithombe zabanye abantu abadela okuthile ababekufuna ukuze bazuze okungcono. Mema abantwana bakho ukuba bathole izithombe kwi Gospel Art Book (Incwadi Yobuciko beVangeli) noma ku Wozani, Ngilandeleni. Isicela ukuba sinikele ngani iNkosi? Usibusisa kanjani?
1 AMakhosi 18:17–39
Ngingakhetha ukulandela uJesu Kristu.
-
Njengoba nifunda ndawonye ku 1 AMakhosi 18:17–39 abantwana bakho bangacaphuma ivesi bese bedweba isithombe esilichazayo. Bangasebenzisa izithombe zabo ukuxoxa indaba ngawabo amagama. (Bheka futhi “U-Eliya nabaPhristi bakaBalil,” ku Izindaba zeTestamente eliDala, 125–28.)
2:17Elijah and the Priests of Baal
-
Siza abantwana bakho bacabange ngezimo lapho bengase badingeke khona ukuba bathathe isinqumo sokuthi bazomlandela yini uJesu Kristu noma cha. Mhlawumbe bangadweba izithombe zabo benza ukukhetha okulungile. Yabelanani omunye nomunye ngokuthi kungani nikhetha ukulandela uJesu.
1 AMakhosi 19:9–12
INkosi ikhuluma nami ngezwi likaMoya oNgcwele elihashazayo, elincane.
-
Njengoba ufingqa 1 AMakhosi 19:9–12, mema abantwana bakho ukuba benze izenzo ezimele umoya onamandla, ukuzamazama komhlaba, nomlilo. Bese ubamema ukuba bahlale bathule njengoba nisho ndawonye, ngezwi elithule, “emva komlilo izwi elincane elihashazyo” (ivesi 12). (Bheka futhi “INkosi Ikhuluma no-Eliya,” encwadini Izindaba zeTestamente eliDala, 129–31.) Tshela abantwana bakho ngezikhathi lapho sewake walizwa khona izwi elihashazayo, elincane lika Moya oNgcwele.
1:48The Lord Speaks to Elijah
-
– Ngabe yikuphi okungasithikameza ukuba siwuqonde uMoya? Yikuphi okungasisiza siMuzwe na?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.