“NgoJuni 1–7. ‘Inhliziyo Yami Iyethaba kuSimakade’: URuthi; 1 USamuweli 1–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoJuni 1–7. ‘Inhliziyo Yami Iyethaba kuSimakade,’” Wozani, Ngilandeleni: iTestamente eliDala 2026
Whither Thou Gost [Lapho Oya Khona], nguSandy Freckleton Gagon
NgoJuni 1–7: “Inhliziyo Yami Iyethaba kuSimakade”
URuthi; 1 USamuweli 1–7
Ngezinye izikhathi sicabanga ukuthi izimpilo zethu kumele zilandele indlela ecacile kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni. Ibanga elincane kakhulu phakathi kwezindawo ezimbili wumugqa oqondile, vele. Kepha impilo igcwele ukulibaziseka nezindlela ezingahleliwe okusiyisa ezindleleni ebesingazilindele.
URuthi noHana kufanele ukuthi babekwazi kahle lokhu. URuthi wayengayena owakwa-Israyeli, kepha washada owakwa-Israyeli, futhi ngesikhathi umyeni wakhe eshona, wayenesinqumo okwakumele asithathe. Ngabe wayezobuyela emindenini wakhe, nasempilweni yakhe yakudala ayeyijwayele, noma wayezokwamukela inkolo yabakwa-Israyeli nekhaya elisha nomamezala wakhe na? (bheka URuthi 1:4–18). Isu likaHana ngempilo yakhe kwakungukuthi athole abantwana, kodwa wayengakwazi, futhi lokho kwashiya “umoya wakhe unomunyu” (bheka ku 1 USamuweli 1:1–10). Ngesikhathi ufunda ngoRuthi noHana, cabanga ngokholo okwakumele ukuba babenalo ukuhamba izindlela zabo ekade bengazilindele. Nawe cabanga ngohambo lwakho. Lwehlukile kunohambo lukaRuthi noluka Hana—kanye noluka noma ubani omunye. Kepha kuzo zonke izinhlupheko nokumangala phakathi kwalapha nalapho olubangise khona empilweni engunaphakade, ungafunda kanye noHana ukuthi, “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade” (1 USamuweli 2:1).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
uRuthi
UJesu Kristu angaphendula usizi lube ukunqoba.
Impilo inzima kumfelokazi kunanoma yisiphi isikhathi. Kodwa ngesikhathi umyeni kaRuthi eshona, isimo sakhe sasinzima kakhulu. Osikweni lakwa-Israyeli ngaleso sikhathi, owesifazane ongenamyeni noma amadodana wayengakwazi ukuthola umhlaba futhi kukhona izindlela ezincane engaziphilisa ngazo. Ngesikhathi ufunda indaba kaRuthi, naka indlela iNkosi yaguqula ngayo usizi lwaba yizibusiso ezinkulu. Ngabe yikuphi okunakayo ngoRuthi okungabe kwamusiza na? UBhowazi wamkhulula kanjani uRuthi esimweni sakhe sokucindezeleka na? (bheka URuthi 4:4–10). Bobabili uRuthi noBhowazi babefana kanjani noJesu Kristu?
Bheka futhi “Be Still, My Soul,” Amaculo, no. 124.
URuthi; 1 USamuweli 1
Ngingathemba ukuthi uNkulunkulu uzongihola aphinde angisize noma ngabe isimo sami sinjani.
Mhlawumbe ulahlekelwe kakhulu, njengoRuthi noNawomi (bheka URuthi 1:1–5). Noma mhlawumbe, njengoHana, ufisa izibusiso ongakazitholi (bheka 1 USamuweli 1:1–10). Laba besifazane balubonisa kanjani ukholo lwabo kuNkulunkulu? Ufundani ezibonelweni zabo?
Yebo, akubona bonke abathandazela abantwana ababatholayo, futhi akubona bonke abashonelwa abashadene nabo abaphinde bashade. Kepha wonke umuntu ophendukela kuMsindisi uthola usizo kanye nesiqondiso Sakhe. Cabanga ngokuthi ufike kanjani “ekwethembeni” iNkosi (URuthi 2:12) ezikhathini zakho ezinzima.
Bheka futhi ku-Amy A. Wright, “Abide the Day in Christ,” iLiyahona, Nov. 2023, 9–11.
For This Child I Prayed [Ngamkhulekela LoMntwana], ngu-Elspeth Young
1 USamuweli 2; 4–7
Ukuthola usizo lweNkosi, ngidinga ukumethemba futhi ngilalele imiyalelo Yakhe.
Ngesikhathi izitha zawo ziwahlasela, kubonakala sengathi ama-Israyeli ayecabanga ukuthi ukuba nomphongolo wesivumelwano kwakuyowavikela. Ngesikhathi ufunda 1 USamuweli 4–6, cabanga ngokuthi kungani lokho kungasebenzanga. (Qaphela futhi izenzo ezingalungile zamadodana ka-Eli, ayekhonza njengabaphristi etabernakele, ku 1 USamuweli 2:12–25.) Ucabanga ukuthi iNkosi yayizama ukubafundisani abantu Bayo? Ufundani kulokho okwenzeka kumaFilisti ngemva kokuthumba umkhumbi? (bheka izahluko 5–6). Yini oyifundayo emizamweni ka-Israyeli yokuthola kabusha isivikelo seNkosi ku 1 USamuweli 7?
Ungase ukhuthazeke ngokufunda inkondlo kaHana yokudumisa ku 1 USamuweli 2:1–10. Utholani emazwini akhe okwakungasiza amadodana ka-Eli nawo wonke ama-Israyeli?
1 USamuweli 3
Ngiyakwazi ukuzwa nokulalela izwi leNkosi.
Ngezinye izikhathi, ungase uzizwe njengoSamuweli, owezwa izwi leNkosi kodwa wangaliqaphela. Njengathi sonke, uSamuweli kwakumele afunde indlela yokuzwa izwi leNkosi. Ngesikhathi ufunda ku 1 USamuweli 3, ufundani kulo mfanyana ngokuzwa nokulalela izwi leNkosi na? Ungase futhi ubheke le mibhalo eyengeziwe futhi wenze uhlu lweziqondiso ezingasiza umuntu abone izwi leNkosi: 1 Amakhosi 19:11–12; NgokukaLuka 24:15–32; 3 Nefi 11:3–7; IMfundiso neziVumelwano 6:22–23; 8:2–3; 9:7–9.
Ngezinye izikhathi, ungase ube nomuzwa wokuthi amazulu avaliwe nokuthi uNkulunkulu akafuni ukuxhumana nawe. UMongameli uRussell M. Nelson wathi, “Ngabe uNkulunkulu ngempela uyafuna ukukhuluma nawe na? Yebo!” (“Revelation for the Church, Revelation for Our Lives,” iLiyahona, yangoMeyi 2018, 93–96 Ngesikhathi ufunda umlayezo kaMongameli Nelson, yini oyitholayo ekukhuthaza ukuthi uzwe futhi ulalele izwi leNkosi? UMongameli Nelson ukumema ukuthi wenzeni, futhi yiziphi izibusiso azithembisayo? Ungathola futhi izimemo kanye nezibusiso ezithenjisiwe mayelana nesambulo ku “Walk in God’s light” (For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices, 16–20). Cabanga ukukhetha into eyodwa ongayenza ukuze “ukhulise amandla akho angokomoya ukuze uthole isambulo.”
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
uRuthi
Ngingabonisa uthando nomusa kubantu abaseduze kwami.
-
Njengoba wabelana nabantwana bakho ngendaba kaRuthi (ungasebenzisa “URuthi noNawomi” kwiziNdaba zeTestamente eliDala, 100–103), bameme ukuthi baphakamise izandla njalo uma bezwa isenzo somusa endabeni. Bangakwazi nokuxoxa ngendlela abazizwa ngayo uma abanye benomusa kubo, noma ngesikhathi lapho benomusa bona kwabanye. UMsindisi ube nomusa kanjani kithi? Singasilandela kanjani isibonelo Sakhe? (bheka (see “Kindness Begins with Me,” Amaculo Abantwana, 145).
2:0Ruth and Naomi
URuthi; 1 USamuweli 1
Ngingaba nokholo eNkosini.
-
Izindaba zikaRuthi noHana zingakhuthaza abantwana bakho ukuba bahlale bethembekile ezikhathini ezinzima. Cabanga ukubasiza bakhe ishadi elilula elinezihloko ezithi Izilingo, Izenzo, Izibusiso. Ningabe senifunda ndawonye URuthi 1:3–5, 8, 16; 2:1–3, 8–12; 4:13–17; 1 USamuweli 1:1–18 bese ubhala ngaphansi kwezihloko lokho abakuthola kulamavesi. URuthi noHana balukhombisa kanjani ukholo lwabo eNkosini na? Wena noma abantwana bakho ningabelana ngezibonelo zokuthi iNkosi inibusise kanjani ezikhathini ezinzima.
I USamuweli 1:1–18
UBaba oseZulwini uzwa futhi aphendule imithandazo yami.
-
Ukuze zifunde ngoHana, abantwana bakho bangakwazi ukufunda 1 USamuweli 1:1–18 noma “uHana” kwiziNdaba zeTestamente eliDala (104–5) noma zibuke “Hannah’s Faith” (ividiyo, Umtapo wolwazi lweVangeli). Kungase kubemnandi ukuphosela umntana ibhola bese uyamumema ukuthi axoxe ingxenye yendaba ngaphambi kokudlulisela ibhola komunye umuntu. Ngabe yikuphi esikufundayo ngomkhuleko esibonelweni sikaHana?
1:15Hannah
3:9Hannah's Faith
Samuel Tells Eli the Truth [USamuweli Utshela u-Eli Iqiniso], nguRobert T. Barrett
1 USamuweli 3:1–10
Ngiyakwazi ukuzwa nokulalela izwi leNkosi.
-
Mhlawumbe ukulingisa okulula kungasiza abantwana bakho bafunde kulokho okwenzeka kuSamuweli ngesambulo. Omunye umntwana angazenza uSamuweli, omunye azenze u-Eli ngesikhathi ufunda 1 USamuweli 3:1–10 (bheka futhi “USamuweli uMphrofethi” kwiziNdaba zeTestamente eliDala, 106–9, noma ividiyo ethi “Samuel and Eli,” Umtapo woLwazi lweVangeli). Sifundani kuSamuweli mayelana nendlela okumele sizwe ngayo izwi leNkosi? Sibonisa kanjani ukuthi sizimisele ukuzwa ngesikhathi iNkosi ikhuluma nathi?
2:10Samuel the Prophet
1:58Samuel and Eli
-
Buza abantwana bakho ukuthi bangachaza kanjani komunye umuntu ukuthi iNkosi ikhuluma kanjani kubo. Ungabasiza babheke izimpendulo kwiMfundiso neziVumelwano 6:22–23; 8:2–3; 9:7–9.
Siza abantwana bakho bafunde ukuzwa uMoya. Akulula ukwehlukanisa phakathi kwemizwa yethu kanye noMoya oNgcwele. Wonke umuntu uyabhekana nobunzima ngezikhathi ezithile. Thatha wonke amathuba onawo ukuze usize abantwana bakho babone uma bezwa amandla kaMoya. Isibonelo, ngesikhathi ufunda 1 USamuweli 3:1–10 kanye namavesi aphakanyisiwe kwiMfundiso neziVumelwano, ungabelana ngolwazi lapho iNkosi ekufundise khona engqondweni nasenhliziyweni yakho.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.