Wozani, Ngilandeleni
NgoJuni 8–14. “UJehova Ubheka Okusenhliziyweni”: 1 USamuweli 8–10; 13; 15–16


“NgoJuni 8–14. ‘UJehova Ubheka Okusenhliziyweni’: 1 USamuweli 8–10; 13; 15–16” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJuni 8–14. ‘UJehova Ubheka Okusenhliziyweni,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

uJesu ephethe ubhoko

Beside Still Waters [ngaseManzini aZolile], nguSimon Dewey

NgoJuni 8–14: “UJehova Ubheka Okusenhliziyweni”

1 USamuweli 8–10; 13; 15–16

USawuli wayengumgcini wezimbongolo. Nakuba wayemude futhi ebukeka, “wayemncane emehlweni [akhe]” futhi ezenyeza ngefa lomndeni wakubo (bheka ku 1 USamuweli 9:2–3, 21; 15:17). Ngosuku okwakufanele alethwe ngalo phambi kuka-Israyeli njengenkosi yabo, akazange avele; wayenetwetwe “wacasha“ (1 USamuweli 10:21–22). Ekubukeni uSawuli, wawungeke uqagele ukuthi wayezohola abakwa-Israyeli banqobe izitha zabo—noma ukuthi kamuva wayezogcwala ukuzazisa futhi avukele iNkosi.

UDavide wayengumgcini wezimvu. Wayengancomeki ngokomzimba njengabafowabo abadala abayisikhombisa. Ngosuku uSamuweli afika ngalo ukuzokhethela u-Israyeli inkosi entsha, akuzange kubonakale kubalulekile ukufaka uDavide phakathi kwalabo ababengase bakhethwe, ngakho-ke washiywa ngaphandle emadlelweni nezimvu. Uma wawumbheka uDavide, wawungeke uqagele ukuthi wayezoba nokholo nesibindi sokwehlula isiqhwaga futhi abe yinkosi yakwa-Israyeli ephumelela kakhulu.

Kodwa iNkosi ibuka ngale kwamagama esibizwa ngawo, ukubukeka kwethu ngokomzimba, nokungazethembi kwethu. Esikhundleni salokho, ibuka “okusenhliziyweni” (1 USamuweli 16:7). Futhi ngisho lapho inhliziyo yethu ingalungile kahle, uma sifisa, Uzosinika “enye inhliziyo” (1 USamuweli 10:9).

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

1 USamuweli 8

UJesu Kristu uyiNkosi yami.

1 USamuweli 8 usitshela ngesehlakalo esasiyoshintsha lokho abakwa-Israyeli ababedalelwe kona ingunaphakade. Ukuze bavikeleke ezitheni zabo, abakwa-Israyeli babefuna lokho omakhelwane babo ababenako—inkosi eyayizobusa phezu kwabo. Njengoba ufunda ngesicelo sabo kanye nangempendulo yeNkosi, cabanga ngokuthi ngubani othembele kuye mayelana nokuphepha nokuholwa. Cabanga ngokuthi kusho ukuthini ukuvumela iNkosi “ibuse phezu [kwakho]” (1 USamuweli 8:7).

Kulamasonto ezayo, uzofunda ngedlanzana lamakhosi abizwa ukuba ahole u-Israyeli. Njengoba ufunda ngawo, cabanga ngalemibuzo elandelayo:

  • Zagcwaliseka kanjani izexwayiso zeNkosi ku 1 USamuweli 8:10–18?

  • Bathinteka kanjani abantwana bakwa Israyeli ngokuzikhethela kwabo ukuba nenkosi yasemhlabeni?

  • Uhluke kanjani uJesu Kristu emakhosini asemhlabeni? Cabanga ngokuthi yikuphi okuthandwa wumhlaba ongadinga ukukususa empilweni yakho ukuze uvumele uKristu abe yiNkosi yakho.

Bheka futhi “Rejoice, the Lord Is King!,“ Amaculo, nombolo 66.

1 USamuweli 9–10; 16:1–13

UNkulunkulu ubiza abantu ngesiphrofetho ukuba basebenze embusweni Wakhe.

Funda ngokuthi uNkulunkulu wayewakhetha kanjani amakhosi akwa-Israyeli ku 1 USamuweli 9–10 naku 16 (bheka ikakhulukazi 9:15–17; 10:1–12; 16:1–13). Funa izindinyana ezikusiza uqonde ukuthi kusho ukuthini “ukubizwa ngokukaNkulunkulu ngokwesiphrofetho” eBandleni leNkosi namuhla (ImiBhalo yoKholo 1:5). Ungahle ucabange ngokuzifaka ezicathulweni zomholi obiza omunye (uSamuweli), obizwayo (uSawuli no Davide), kanye nabantu ababizelwe ukuba babasebenzele (abakwa-Israyeli). Ufundani emazwini nasezenzweni zabo kulezi zahluko ?

uSamuweli egcoba uSawuli

Umfanekiso kaSamuweli egcoba uSawuli, ngu P. Mann, © Lifeway Collection/licensed from goodsalt.com

1 USamuweli 13:5–1415

“Ukulalela kuhle kunomhlatshelo.”

Uma sicabanga ngokuthi wayebonakala enovalo kangakanani uSawuli ku 1 Samuweli 10, kuyamangaza ukufunda “ngokuhlubuka” kanye “nenkani” yakhe emva kokuba yinkosi (1 USamuweli 15:23). Ucabanga ukuthi kungani kwenzeka lokhu? Ku 1 Samuweli 13:5–14, yiziphi izimo nokuziphatha okubonayo okwaholela ekuweni kwakhe?

Ku 1 Samuweli 15, uzofunda ngomyalelo ovela eNkosini wokuthi uSawuli akazange alalele ngoba ecabanga ukuthi wayenesizathu esihle. Ukuze ufunde ngokuzikhethela kukaSawuli okubana, bheka evesini 22 bese esikhundleni samagama “umhlatshelo” nelithi “amanoni ezinqama” ufake izinto ezibonakala zizinhle kodwa ezingabalulekile njengokuyizwa nokuyilalela iNkosi. Ubusiseke kanjani njengoba ubeke phambili intando yeNkosi empilweni yakho?

1 USamuweli 16:6–12

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
“UJehova ubheka okusenhliziyweni.”

Wake wasithatha isinqumo ngenxa “yokubukeka kwangaphandle kwento noma umuntu othile, kodwa uthole ukuthi ubunephutha? Mhlawumbe udle into ethile engalungile kahle njengoba yayibukeka. Noma-ke mhlawumbe wahlulela umuntu othile ngokungafanele.

Lapho uSamuweli efuna inkosi entsha yakwa-Israyeli, iNkosi yamfundisa indlela engcono. Funda ngayo ku 1 Samuweli 16:6–7, bese ucabanga ngokwenza uhlu lwezindlela abantu abahlulela ngazo abanye ngendlela “ababukeka ngayo ngaphandle.” Ungathola izibonelo kweminye imlayezo kaElder Christophe G. Giraud-Carrier “We Are His Children“ (iLiyahona, ngoNovemba 2023, 114–16). Kusho ukuthini ukubheka “okusenhliziyweni,” njengoba kwenza iNkosi ? (1 USamuweli 16:7). Ungathola izibonelo zalokhu futhi emlayezweni ka Elder Giraud-Carrier. Mhlawumbe ungacabanga ngezinye izikhathi lapho uMsindisi abuka ngale kokubukeka kwangaphandle komuntu. (Bheka, ngokwesibonelo, NgokukaMarku 12:41–44; NgokukaLuka 5:1–11; 19:1–9; NgokuJohane 4:5–30; Mose 6:31–36.) Ufundani kulezi zibonelo ?

Ungasilandela kanjani isibonelo soMsindisi ngendlela obuka ngayo abanye—nawe uqobo? Kungase kukuthinte kanjani ukuxhumana kwakho nabanye ukwenzenjalo? Cabanga ngokutshela umuntu othile ngobuhle obubona enhliziyweni yakhe.

Bheka futhi u Ulisses Soares, “Brothers and Sisters in Christ,“ iLiyahona, ngoNovemba 2023, 70–73.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

1 USamuweli 8

UJesu Kristu uyiNkosi yami.

  • Njengoba ufunda ku 1 USamuweli 8 nabantwana bakho, basize bathole izizathu zokuba uSamuweli atshele abakwa-Israyeli ukuthi ukuba nenkosi kwakuwumqondo omubi. Kungani kungcono ukuba noJesu Kristu njengeNkosi yethu? Mhlawumbe ningenza ndawonye umqhele wephepha bese niyashintshana ngokuwugqoka futhi nabelane ngesingakwenza ukukhombisa ukuthi sifuna uJesu abe yiNkosi yethu. (Bheka futhi ku Jeremiya 23:5; IMfundiso neziVumelwano 45:59.)

1USamuwel 8:6; 9:15–17; 10:1–24; 16:1–13

Abantu abasebenzela iBandla babizwe nguNkulunkulu.

  • Izindaba zikaNkulunkulu ekhetha uSawuli kanye no Davide ukuba babe ngamakhosi kungabasiza abantwana bakho baqonde ukuthi abantu babizwa kanjani ngesambulo ukuba basize eBandleni namuhla. Ukuze ubafundise lezi zindaba, ungahle ubhale phansi izehlakalo ezisezindabeni eziqeshaneni zamaphepha, bese abantwana bakho bezibeka ngokulandelana kwazo njengoba nifunda ndawonye izindinyana zemibhalo engcwele (bheka futhi isihloko esithi “UDavide omNcane” encwadini Izindaba zeTestamente eliDala, 110–11). Ungabe ke usukhuluma ngezikhathi lapho uNkulunkulu akubusisa khona ngamandla angokomoya ukufeza isabelo noma ubizo (bheka ku 1 USamuweli 10:9–10).

    1:16

    Young David

  • Lesi kungaba yisikhathi esihle futhi sokufundisa abantwana bakho ngo mbhalo wokholo wesihlanu. Batshele ukuthi waluthola kanjani ubizo lwakho eBandleni. Wazi kanjani ukuthi wabizwa ngokuka Nkulunkulu ?

uSamuweli egcoba uDavide ukuba abe yinkosi

The Prophet Samuel Anoints David to Be King of Israel in Bethlehem [uMprofethi uSamuweli uGcoba uDavide ukuba Abe yiNkosi kwa-Israyeli eBethlehema, ngu Balage Balogh

1 USamuweli 16:1–13

UJehova ubheka inhliziyo.

  • Isifundo lapho sento ethile singabasiza abantwana bakho bawuqonde lomgomo oku 1 USamuwel 16:7. Isibonelo, ungabakhombisa ukudla noma incwadi egoqwe ngokuthile okungahambisani nokuphakathi. Uphakamisa ukuthi kumele sizibheke kanjani thina kanye nabanye abantu u 1 USamuweli 16:7 kanye nalokhu kufunda ngento ethile? Culani iculo eligcizelela lomgomo, njengelithi “­Love One Another” (Amaculo Abantwana, 136).

    Sebenzisa izifundo zezinto ezithile. Uma abantwana bakho benokuthile abakubonayo nabakuthintayo okuhambisana nomgomo wevangeli, bangahle bakukhumbule lokho. Ngokwesibonelo, njengoba ufunda nabo ku 1 USamuweli 16:7 ungabavumela bakusize uthole izibonelo zokukhohliseka kwamehlo ukucacisa iphuzu lokuthi kufanele sizame ukubuka njengoba iNkosi ibuka—ngokubuka “okusenhliziyweni”—kunokwahlulela ngenxa “yokusemehlweni”.

  • Wena kanye nabantwana bakho ningabelana ngesenikubonile lapho nafunda khona ukuthi kungani kufanele “ubheke okusenhliziyweni,” hhayi nje “okusemehlweni” (ivesi 7). Ningahle nishintshane ngokukhuluma ngezimilo ezinhle enizibonayo ezinhliziyweni zomunye nomunye.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

uSamuweli ekhuluma noSawuli

Samuel Instructing Saul [uSamuweli eFundisa uSawuli], ngu Ted Henninger

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: UJehova ubheka okusenhliziyweni