Wozani, Ngilandeleni
NgoJuni 15–21. “Ukulwa kungokukaJehova”: 1 USamuweli 17–18; 24–26; 2 USamuweli 5–7


“NgoJuni 15–21. ‘Ukulwa kungokukaJehova’: 1 USamuweli 17–18; 24–26; 2 USamuweli 5–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJuni 15–21. ‘Ukulwa kungokukaJehova”,’” Wozani, Ngilandeleni: iTestamente eliDala 2026

UDavide ebambe isihlilingi

David and Goliath (UDavide noGoliyathi), nguSteve Nethercott

NgoJuni 15–21: “Ukulwa kungokukaJehova”

1 USamuweli 17–18; 24–26; 2 USamuweli 5–7

Kusukela lapho izizwe zakwa-Israyeli zazinza ezweni lesethembiso, amaFilisti ayelokhu ewusongo oluqhubekayo ekuphepheni kwazo. INkosi yayibakhulule izikhathi eziningi esikhathini esidlule, kepha manje abadala bakwa-Israyeli babethi, “Sifuna kube khona inkosi… [ukuze] iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu” (1 USamuweli 8:19–20). Ngakho-ke, uSawuli wagcotshwa waba yinkosi. Kepha ngenkathi umdondoshiya owesabekayo uGoliyathi uphonsa inselelo yawo emabuthweni akwa-Israyeli, uSawuli—njengalo lonke ibutho lakhe—“besaba kakhulu” (1 USamuweli 17:11). Ngalolo suku, kwakungeyona iNkosi uSawuli eyasindisa u-Israyeli kodwa umfana ongumelusi othobekile ogama lakhe linguDavide, owayengagqokile izembatho zempi kodwa wayegqoke ukholo olungagudluki eNkosini. Lempi yafakazela ku-Israyeli, nakunoma ngubani onezimpi zomoya abhekene nazo, ukuthi “uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto” nokuthi “ukulwa kungokukaJehova” (1 USamuweli 17:47).

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

1 USamuweli 17

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ngosizo lweNkosi, nginganqoba noma yibuphi ubunzima.

Indaba kaDavide noGoliyathi ingenye yezindaba ezaziwa kakhulu emibhalweni engcwele. Empeleni, sivamise ukugxila kuDavide. Kodwa kulokhu, ngesikhathi ufunda 1 USamuweli 17, cabanga futhi amazwi abanye abantu kulesi sahluko (bheka uhlu olungezansi). Yini oyifundayo ngabo nezisusa zabo? Yikuphi okufundayo ngoDavide? Uhluke kanjani?

  • UGoliyathi: amavesi 8–10, 43–44

  • U-Eliyabe: ivesi 28

  • USawuli: ivesi 33

  • UDavide: amavesi 26, 32, 34–37, 39, 45–47

Indaba yakho, nakuba ingaziwa kakhulu njenge kaDavide, ngokuqinisekile ifaka ubunzima obulingana noGoliyathi okufanele ubunqobe kanye namathuba okusebenzisa ukholo eNkosini. Isibonelo sikaDavide sikufundisani ngokubhekana nobunzima endabeni yakho? Ungase futhi ufunde umyalezo kaMongameli uCamille N. Johnson “Invite Christ to Author Your Story” (iLiyahona, Nov. 2021, 80–82) unobunye bobunzima bakho engqondweni. Bheka izimpendulo zemibuzo efana nalena: INkosi ifuna ngibubheke kanjani ubunzima bami? Ungisize kanjani esikhathini esidlule? Ngingakhombisa kanjani ukuthi ngiyamethemba ukuthi Abhale indaba yami?

Kungenzeka ukuthi usuyazi ukuthi kunezahluko ezibuhlungu kamuva endabeni kaDavide (bheka, isibonelo, 2 USamuweli 11). Uma ubungathola ithuba lokunikeza uDavide iseluleko ngemva kwempi yakhe noGoliyathi, ubungathini? Lesi seluleko singasebenza kanjani empilweni yakho?

Bheka futhi isihloko esithi “The Lord Will Deliver Me” (ividiyo), Umtapo woLwazi lweVangeli

3:24

The Lord Will Deliver Me

1 USamuweli 17:26–50

Umuntu oyedwa onokholo kuKristu angenza umehluko.

Ngaphezu kobunzima bomuntu siqu, siphinde sibhekane nezinkinga ezinkulu, eziyinkimbinkimbi ezithinta umhlaba wonke. Ngesikhathi amandla obubi “ebuthelwa ndawonye … ukulwa” namandla okuhle (1 USamuweli 17:1), singase sizibuze ukuthi imizamo yomuntu ngamunye ingenza kanjani umehluko. Yini oyithola endabeni kaDavide ekunika ithemba?

Bheka futhi “Let Us All Press On,” Amaculo, no. 243.

uJonathani noDavide

True Friendship and Self-Respect [Ubungani BeQiniso nokuziHlonipha], nguWilson Ong (umninigwane)

1 USamuweli 18

“UJonathani wamthanda [uDavide] njengomphefumulo wakhe.”

Ngesikhathi ufunda 1 USamuwelil 18, cabanga ukuqhathanisa uSawuli nendodana yakhe uJonathani (okwathi, uma kwakungengenxa kaDavide, wayengacabanga ukuthi uyokuba inkosi elandelayo). USawule noJonathani basabela kanjani empumelelweni kaDavide? Ungafundani kulokhu na?

Utholani esimweni sengqondo nasezenzweni zikaJonathani okukukhumbuza uJesu Kristu?

“Fanisa imibhalo nempilo” (1 Nefi 19:23). Imibhalo engcwele inikeza amathuba amahle okufunda ezisuseni nasezenzweni zabantu abafana noDavide, uJonathani, noSawuli. Uzothola ukuthi akukho noyedwa emibhalweni engcwele ongenasici. Ngakho-ke ngesikhathi ufunda, isibonelo, ngezinqumo zikaDavide zokwethembeka, vulekele ukufunda nasemaphutheni akhe. Ukwenza kanjalo kungasisiza sibone ubuthakathaka bethu obungabakhona futhi “sifunde ukuhlakanipha ngaphezu [kwabanye]” (uMormoni 9:31).

1 USamuweli 24–26

Ukuthethelela kuyindlela eqinisekile yokuthula nokwelashwa.

Ku 1 USamuweli 24–26, bheka izifundo ngokuzazisa, ukuthethelela, nokuzithiba. Ungase ucabange ukufunda umyalezo weGosa uMark A. Bragg’s “Christlike Poise” njengengxenye yokufunda kwakho (iLiyahona, ngoMeyi 2023, 60–63). UDavide, u-Abhigayili, nabanye bakubonisa kanjani—noma behluleka ukukubonisa—ukuma okunjengokukaKristu kulezi zahluko? Yimaphi amathuba onawo okubonisa ukuzola okunjengokukaKristu?­

Umyalezo kaDade uKristen Yee “Beauty for Ashes: The Healing Path of Forgiveness” (iLiyahona, Nov. 2022, 36–39) ungakusiza ufunde 1 USamuweli 25. Ngabe u-Abhigayili ufana kanjani noJesu Kristu?

2 USamuweli 5:17–25

INkosi inganginikeza indlela.

Ngisho emumva kokuba uDavide anqobe uGoliyathi, izinkinga zakhe namaFilisti zazingakapheli. Ngesikhathi ufunda 2 USamuweli 5:17–25, cabanga ngokuthi isibonelo sikaDavide singakusiza kanjani kwizinselelo obhekana nazo (bheka futhi 1 USamuweli 23:2, 10–11; 30:8; 2 USamuweli 2:1). Ngabe ubusiseka ngayiphi indlela ngokuphila ngezambulo ozitholayo na?

2 USamuweli 7

Ngabe iyiphi “lendlu” iNkosi eyayithembisa uDavide na?

Ngesikhathi uDavide ethembisa ukwakha indlu, echaza ithempeli, leNkosi (bheka ku 2 USamuweli 7:1–3), iNkosi yaphendula yathi yindodana kaDavide eyayizoyakha (bheka emavesini 12–15; bheka futhi ku 1 IziKhronike 17:1–15). INkosi yathi esikhundleni salokho Yona yayizokwakhela uDavide “indlu,” okuchaza ukuthi inzalo, nokuthi isihlalo sakhe sasizohlala ingunaphakade (bheka ku 2 USamuweli 7:11, 16, 25–29; AMahubo 89:3–4, 35–37). Lesethembiso safezeka ngoJesu Kristu, iNkosi yethu yaphakade, owayeyinzalo kaDavide (bheka ngokukaMathewu 1:1; ngokukaLuka 1:32–33; ngokukaJohane 18:33–37).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa Abantwana

1 USamuweli 17:20–54

Ukholo kuJesu Kristu lungangisiza ngibe nesibindi.

  • Ungafisa ukusebenzisa “UDavide noGoliyathikwiziNdaba zeTestamente eliDala, 112–16, ukusiza abantwana bakho bazijwayeze lokhu okwenzeka ku 1 USamuweli 17:20- 54. Ngemva kwalokho ungabavumela ukuba baphinde bayixoxe indaba besebenzisa izithombe noma imidwebo yemigqa kuloluhlaka. Babuze ukuthi bacabanga ukuthi iNkosi ifuna bafundeni kule ndaba.

    2:36

    David and Goliath

  • Wena kanye nabantwana bakho ningenza uhlu lwezinselela ezinzima abangase babhekane nazo empilweni yabo. Bese ubasiza ukuthi bathole izinto azisho uDavide ezingasiza kulezi zinselele (bheka 1 USamuweli 17:26, 32, 34–37, 45–47). Yabelana ngendlela uJesu Kristu akusize ngayo ngesikhathi sezinselela.

  • Abantwana bakho bangamasha njengoDavide ezolwa noGoliyathi kuyilapho zicula iculo lokuba nesibindi njengelithi “I Will Be Valiant” (Amaculo Abantwana, 162).

1 USamuweli 18:1–4

Abangani abahle bangaba isibusiso esivela kuNkulunkulu.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho bafunde kubudlelwane bukaJonathani noDavide? Enye indlela kungaba ukunikeza umntwana ngamunye izinhliziyo ezimbili ezingamaphepha, enye imele uDavide enye imele uJonathani. Bese nifunda ndawonye imishwana embalwa evela ku 1 USamuweli18:1–4 egcizelela uthando laba bangani ababili ababenalo omunye komunye. Abantwana bakho bangabhala noma badwebe ezinhliziyweni zabo zamaphepha ukuthi bangalubonisa kanjani uthando kumngani.

2 USamuweli 5:19, 23

Uma ngidinga isiqondiso, ngingacela uBaba oseZulwini.

  • Kulezi zahluko, uDavide waba inkosi yakwa-Israyeli. Kungase kubemnandi ebantwaneni bakho ukuzenza inkosi noma indlovukazi. Yimiphi imithetho ababezoyenza? Babezoyaphi ukuze bathole usizo? Siza abantwana bakho bathole ukuthi ngesikhathi uDavide edinga usizo, ‘wayebuza,’ noma wayekhulekela izimpendulo. Isibonelo, ngesikhathi ufunda 2 USamuweli 5:19, 23, mema abantwana ukuthi balalele igama elithi “wabuza” futhi basonge izandla uma belizwa. Kungani uDavide ayedinga usizo lweNkosi endimeni yakhe entsha?

  • Tshelani omunye nomunye ngezikhathi lapho nakhulekela usizo lukaBaba oseZulwini. Kwenza mehluko muni ukuba Yena akusize?

intombazane ikhuleka

2 USamuweli 7:16–17

UJesu Kristu uyiNkosi yami yaPhakade.

  • Amakhosi esifunda ngawo eTestamenteni EliDala wonke ayenamaphutha, nemibuso yawo yonke yaphela. Kodwa uJesu Kristu uyiNkosi ephelele futhi uyobusa phakade. Ungabasiza abantwana bakho ukuba bakuthole lokhu ngokufunda ndawonye lokho umphrofethi uNathani akutshela iNkosi uDavide ku 2 USamuweli 7:16–17. Kungenzeka kanjani ukuthi umbuso kaDavide ungabi nasiphelo? Siza abantwana bakho bathole futhi bafunde izindima zemibhalo engcwele ezifundisa ukuthi uJesu Kristu, isizukulwane sikaDavide, uyiNkosi yethu, njengaku NgokukaLuka 1:32–33; NgokukaJohane 18:33–37; nakwisAmbulo 19:16. UJesu uhluke kanjani emakhosini asemhlabeni? Simdumisa kanjani uJesu Kristu njengeNkosi yethu YaPhakade?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

UDavide noGoliyathi

Umfanekiso kaDavide nguDilleen Marsh

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ukholo kuJesu Kristu lungangisiza ngibe nesibindi