“NgoMashi 23–29. ‘Ngisikhumbule isiVumelwano Sami’: I-Eksodusi 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoMashi 23–29. ‘Ngisikhumbule isiVumelwano Sami’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026
Moses and the Burning Bush [UMose Nesihlahla Esivuthayo], nguJerry Thompson
NgoMashi 23–29: “Ngisikhumbule isiVumelwano Sami”
I-Eksodusi 1–6
Isimemo sokuyohlala eGibithe sasindisa umndeni kaJakobe. Kodwa ngemva kwamakhulu eminyaka, inzalo yabo yaba yizigqila futhi yahlukunyezwa ngufaro omusha “owayengamazi uJosefa” (I-Eksodusi 1:8). Kwakuyoba yinto engokwemvelo kuma-Israyeli ukuthi azibuze ukuthi kungani uNkulunkulu evumela lokhu ukuthi kwenzeke kuwona, abantu Bakhe besivumelwano. Wasikhumbula yini isivumelwano Ayesenze nabo? Babesengabantu Bakhe na? Wayebona nje ukuthi bahlupheka kangakanani?
Kungenzeka kube nezikhathi lapho uke wazizwa ufuna ukubuza imibuzo efanayo. Ungase uzibuze, “Ngabe uNkulunkulu uyazi nje ukuthi yini engibhekene nayo? Uyazizwa nje izicelo zami zosizo?” Ukukhululwa kwabakwa-Israyeli eGibithe kuphendula imibuzo enjalo ngokucacile: UNkulunkulu akabakhohlwa abantu Bakhe. Uyazikhumbula izivumelwano Zakhe nathi futhi uzozigcwalisa ngesikhathi Sakhe nangendlela Yakhe. ”Ngiyakunihlenga ngengalo eluliweyo,” Usho kanje. “NginguJehova uNkulunkulu wenu, onikhipha emthwalweni [yenu]” (I-Eksodusi 6:6–7).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
I-Eksodusi 1–2
UNkulunkulu angasebenza ngami ukufeza izinhloso Zakhe.
Yini ekuhlaba umxhwele ngowesifazane ochazwa kwi-Eksodusi 1–2? Basiza kanjani ukugcwalisa isu likaNkulunkulu labantu Bakhe? Ikufundisani imizamo yabo ngomsebenzi kaNkulunkulu?
I-Eksodusi 1–3
UJesu Kristu UnguMkhululi wami.
Ngaphambi kokuba ufunde i-Eksodusi, ungahle ucabange ngobunzima odlula kubo—into onethemba lokuthi iNkosi izokukhulula kuyo. Yimaphi amagama nemishwana ku I-Eksodusi 1–3 ezwakala ifana nokuthunjwa ngokomoya noma ezinye izinto esibhekana nazo namuhla? Qaphela futhi ukuthi abantwana bakwa -Israyeli bakufuna kanjani ukukhululwa nokuthi iNkosi yabaphendula kanjani (njengesibonelo, bheka ku-Eksodusi 2:23–25; 3:7–8). “Yehlekanjani iNkosi “ukuba izokukhulula”?
Encwadini yonke ka I-Eksodusi, kunokwenzeka ubone ukufana phakathi kuka Mose no Jesu Kristu (bheka ku IDuteronomi 18:18–19; 1 Nefi 22:20–21). Isibonelo, yikuphi ukufana okubonayo phakathi kuka I-Eksodusi 1:22; 2:1–10 no NgokukaMathewu 2:13–16? Noma phakathi kuka I-Eksodusi 24:18 no NgokukaMathewu 4:1–2? Yini ozwa ukuthi iNkosi ifuna uyiqonde Ngayo namandla Ayo?
Bheka Izimpawu ezifakaza ngoJesu Kristu. “Ungaphinde … uthole okufana nempilo yoMsindisi ezimpilweni zabaphrofethi kanye namanye amadoda nabesifazane abathembekileyo emibhalweni engcwele. [Ukwenza njalo] kuveza amaqiniso ngoMsindisi ezindaweni obungeke uzinake” (bheka Ukufundisa Ngendlela yoMsindisi, 7; bheka futhi u Hoseya 12:10).
Faith at Water’s Edge [Ukholo oNqenqemeni lwaManzi], ngu Anne Marie Oborn
I-Eksodusi 3:1–6
Ngingakhombisa ukuhlonipha izinto nezindawo ezingcwele
Ungacabanga ngesikhathi lapho into ethile yakwenza wagcwala ukwesaba nokumangala? Wenza njani? Ungayichaza kanjani imizwa owayizwayo?
Nalokho engqondweni funda u I-Eksodusi 3:1–6. Yini ekuhlaba umxhwele ngadlula kukho uMose okukhuthazayo? Wenzani uMose ukukhombisa ukuhlonipha uNkulunkulu? Yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwezenzo zakhe nokuhlonipha izinto ezingcwele?
Ukufunda lamavesi kungakwenza ukuba ucabange ngezinto ezingcwele nezindawo ezingcwele empilweni yakho. Kungani zingcwele kuwe? Uziphatha kanjani ngendlela ehlukile kunezinto ezijwayelekile? Ukuze uqondise ukuzindla kwakho, ungabheka ingxenye enesihloko esithi “Remembering the Promises” kumyalezo weGosa uDavid A. Bednar “Exceeding Great and Precious Promises” (iLiyahona, yangoNovemba 2017, 91–93). Ungase futhi ucule noma ulalele ihubo elikhuthazayo, njengo ”I Stand All Amazed” (Amahubo, unombolo 193) futhi uzindle ngokuthi yini ekumangazayo ngevangeli.
Vele, ngisho nalapho esike saba nakho okumangalisayo kwangokomoya, kunengozi yokuba nobudedengu ngezinto ezingcwele. Ukugwema kanjani lokhu? Nansi imiyalezo emibili ebhekana naloludaba; khetha owodwa bese ufuna imisho ekusizayo: ngu-Ulisses Soares, “In Awe of Christ and His Gospel” (iLiyahona, yangoMeyi 2022, 115–17); nguGerald Causse, “Is It Still Wonderful to you?” (iLiyahona, yangoMeyi 2015, 98–100).
Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 6:10–12; 63:64.
I-Eksodusi 3–4
UNkulunkulu unikeza amandla kubantu Ababizayo ukuba benze umsebenzi Wakhe.
Namuhla uMose simazi ngokuthi wayengumphrofethi nomholi omkhulu. Kodwa uMose akazibonanga ngaleyo ndlela lapho iNkosi imbiza okokuqala. Njengoba ufunda ku-Eksodusi 3–4, yenza uhlu lwezinto ezazikhathaza uMose nokuthi iNkosi yaphendula kanjani kuyo ngayinye. Yini oyitholayo kulezi zahluko engase ikugqugquzele lapho uzizwa ungalingene nomsebenzi? Umbone nini uNkulunkulu enika wena noma abanye amandla okwenza umsebenzi Wakhe ?
Bheka futhi ”The Church Gives Us Opportunities to Assist in God’s Work” kwi “Nhlangano yeBandla” kwisihloko esithi Izihloko neMibuzo, uMtapo Wolwazi weVangeli.
I-Eksodusi 5–6
Izinjongo yeNkosi ziyogcwaliseka ngesikhathi Sayo.
Kungaqeda amandla lapho imizamo yethu eqotho yokwenza okuhle ibonakala ingasebenzi—lapho sizama ukwenza intando yeNkosi kodwa singayiboni imiphumela ebesiyilidele. Ukuze ufunde ngokufanayo uMose ayesedlule kukho, funda ku I-Eksodusi 5:4-9, 20–23. Yamsiza kanjani uMose iNkosi ukuba anqobe imizwa yakhe yokuphela amandla? (bheka ku I-Eksodusi 6:1–13). Ikusize kanjani iNkosi ukuba uphikelele ekwenzeni intando Yayo?
Bheka futhi inkulumo ka Jeffrey R. Holland ethi “Waiting on the Lord,” iLiyahona, yango Nov. 2020, 115–17.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa abaNtwana
Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lenyanga, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise imisebenzi yokufunda eku “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana ukuba bahambe Izimpilo zabo Zonke Endleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”
I-Eksodusi 1–2
UNkulunkulu angasebenza ngami ukufeza izinhloso Zakhe.
-
UMose wayenendima enkulu ekukhululweni kwabakwa-Israyeli ebuqgilini. Kodwa wayengeke akwazi ukukufeza lokhu ukuba unina, udadewabo, indodakazi kaFaro, kanye nabanye abesifazane abathembekileyo babengazange bamvikelea futhi bamnakekele. Siza abantwana bakho ukuba bafunde ngalaba besifazane ku I-Eksodusi 1:15–20; I-Eksodusi 2:2–10 (bheka futhi INumeri 26:59); kanye naku I-Eksodusi 2:16–21. Ungalisebenzisa futhi nekhasi lomsebenzi lalelisonto kanye “Umntwana uMose” (kwi Izindaba zeTestamente eliDala, 61–63) ukuze baxoxe izindaba zabo. Basiza kanjani laba besifazane ekugcwaliseni uhlelo lukaNkulunkulu? Xoxani nodwa ngabantu enibathandayo abasiza ngomsebenzi kaNkulunkulu, okubalwa kukho nezindlela ezincane futhi ezilula. Singasilandela kanjani isibonelo sabo?
1:36Baby Moses
I-Eksodusi 3:1–5
Ngiyakwazi ukuphatha izindawo ezingcwele ngenhlonipho
-
Emva kokufunda ndawonye ku I-Eksodusi 3:1–5 cela abantwana bakho bafinyeze lamavesi ngawabo amagama (bheka futhi ”UMose umPhrofethi” encwadini IziNdaba zeTestamente eliDala, 64–66). Wayikhombisa kanjani inhlonipho phambi kweNkosi uMose? Ifuna siyikhombise kanjani inhlonipho iNkosi? Ungacela futhi abantwana bakho bakusize uthole (noma udwebe) izithombe zezindawo ezingcwele noma imisebenzi lapho kufanele sihloniphe khona. Yikuphi esingakwenza ukwenza ikhaya lethu libe yindawo engcwele?
1:26Moses the Prophet
-
Culani ndawonye iculo elimayelana nenhlonipho njenge ”Reverence Is Love” (Amaculo Abantwana, 31). Njengoba nenza, abantwana bakho bangathola amagama noma imishwana echaza ngokuthi kusho ukuthini ukuhlonipha. Ukuba besiletha umngani esontweni okokuqala ngqa, besingachaza kanjani ukuthi kusho ukuthini ukuhlonipha?
Moses and Aaron Speak to the People [uMose no-Aroni baKhuluma naBantu], nguJames J. Tissot
I-Eksodusi 3–4
Lapho iNkosi ingicela ukuba ngenze okuthile, Izongisiza ukuba ngikwenze lokho.
-
Ngokusebenzisa indaba eku I-Eksodusi 3; 4:1–7, vumela abantwana bakho bashintshane ngokuzenza uMose. Kungase kubemnandi ukubala izinsiza okulula ukuzithola, njengethoshi nesitshalo esimele isihlahla esivuthayo. Basize abantwana bakho bathole ukuthi uMose wayezizwa kanjani ngalo msebenzi iNkosi eyayimabele wona (bheka I-Eksodusi 3:11; 4:1, 10). Mhlawumbe ningase nabelana omunye nomunye ngezikhathi lapho nike naba khona nemizwa efanayo. Yikuphi esasingameluleka ngakho uMose ukumsiza? Funda ngokuthi iNkosi yamkhuthaza kanjani uMose ku I-Eksodusi 3:12; 4:2–9, 11–12. Landisa abantwana bakho ukuthi wakusiza kanjani uMsindisi ukufeza ubizo, ukulandela ukugqugquzelwa, noma ukwenza into ethile ebinzima kuwe.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.