Wozani, Ngilandeleni
NgoMashi 2–8. “Vumela UNkulunkulu Anqobe”: IGenesisi 24–33


“NgoMashi 2–8. ‘Vumela UNkulunkulu Anqobe‘,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoMashi 2–8. ‘Vumela UNkulunkulu Anqobe’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

U-Esawu udayisa ngobuzibulo bakhe kuJakobe ngesitsha nokudla kwembumba

Esau Sells His Birthright [U-Esawu uDayisa ngobuZibulo Bakhe], ngu Glen S. Hopkison (imininingwane)

NgoMashi 2– 8: “Vumela UNkulunkulu Anqobe”

IGenesisi 24–33

Uzitholela kanjani isibusiso kuNkulunkulu? Ungahle usho ukuthi indaba kaJakobe, umzukulu ka-Abrahama noSara, yindaba yendoda eyayithola impendulo kulowo mbuzo. Kusikompilo lapho inkosana yayithola khona isibusiso sokuba yizibulo, uJakobe wazalwa waba ngowesibili, ebambe isithende somfowabo ayeyiwele lakhe, u-Esawu. Igama elithi “Jakobe” lisho “ongena esikhundleni”—othatha isikhundla somunye. UJakobe waphila waba yilokho okwakushiwo yilelo gama ngokuzama, kaningi, ukungena esikhundleni sika-Esawu njengendlalifa yesibusiso sokuba yizibulo ngenxa yokuthi u-Esawu wayengasifanele (bheka IGenesisi 25:30–34; 26:34–35; 27:36). Umphumela waba wukungezwani emndenini, futhi kwadingeka ukuthi uJakobe abalekele ehlane ukuze asindise impilo yakhe.

Sekudlule iminyaka, uNkulunkulu wayala uJakobe ukuba abuyele ekhaya. Endleleni, uJakobe, ngokuzithoba, waphinde wazifunela isibusiso kuNkulunkulu. Imibhalo engcwelele isichaza lesisikhathi njengoku “bambana” kukaJakobe, futhi washo nokusho ukuthi wayengeke adele “ngaphandle kokuthi ungibusise” (IGenesisi 32:26). Kwabe sekufika isifundo—nesibusiso. UNkulunkulu walishintsha igama likaJakobe laba ngu Israyeli—okusho ukuthi, phakathi kwezinye izinto, “Vumela UNkulunkulu Abuse.” U-Israyeli wafunda ukuthi ukuze athole izibusiso zikaNkulunkulu ezibaluleke kakhulu, izibusiso Zakhe zesivumelwano, akudingekile ukuba angene esikhundleni somunye umuntu. Izibusiso Zakhe azithengwa noma azithathwa noma zinqotshwe. Uzipha ngokukhululeka kubo bonke abaphila babe yilokho okushiwo yigama lika-Israyeli—abavumela uNkulunkulu abuse ezimpilweni zabo.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IGenesisi 24

Umshado wesivumelwano ubalulekile ohlelweni lukaNkulunkulu lwaphakade.

Ngesikhathi ufunda kuGenesisi 24, zibuze ukuthi kungani u-Abrahama ayecabanga ukuthi umshado wendodana yakhe wawubaluleke ngalendlela. Kungani umshado ubalulekile kuNkulunkulu?

Yiziphi izimfanelo ozithola kuRebeka ezazizolekelela ukwakha umshado nomndeni oqinile? (Bheka ikakhulukazi amavesi 15–28, 57–61).

Bheka futhi IziHloko nemiBuzo, “UMshado,“ Umtapo Wolwazi weVangeli.

IGenesisi 25:29–34

Ngingazenza igugu izinto zaphakade kunezinto zesikhashana.

Kusikompilo luka Rebeka no-Isaka, indodana endala yayithola ubuzibulo, okwakusho ukuthola ifa elikhudlwana, kubalwa nezibopho ezinkulu zokunakekela umndeni. Ngesikhathi ufunda kuGenesisi 25:29–34, zindla ngokuthi kungani u-Esawu ayengavuma ukudela ifa lakhe ngenxa yokudla. Yiziphi izifundo ozitholela zona kulendaba? Kungahle kusize ukwenza izinhlu ezimbili: (1) izibusiso zaphakade uNkulunkulu afuna ukukunika zona (2) izinto zasemhlabeni ezingakuthikameza. Bese ke ungabe usufunda isiqeshana, ufake esikhundleni segama “ubuzibulo” okuthile okusohlwini lokuqala ne“ndishi yembumba“ ufake okuthile okusohlwini lwesibili. Uzogxila kanjani kuMsindisi kanye nakuzibusiso zevangeli Lakhe?

Bheka futhi NgokukaMathewu 6:19–33; M. Russell Ballard, “Remember What Matters Most,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 105–7.

UJakobe eBethele

Jacob at Bethel [uJakobe eseBethele], ngu James Smetham

IGenesisi 28

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Isivumelwano sendlu yeNkosi siletha amandla kaNkulunkulu empilweni yami.

Ngesikhathi elele emqamelweni wamatshe, uJakobe waba nephupho eliguqula impilo. Kwakuyisehlakalo esingcwele kangangokuthi uJakobe wayiqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, noma “yindlu kaNkulunkulu,” esho nokusho ukuthi, “Imbala uJehova ukulendawo” (IGenesisi 28:16).

Njengoba ufunda IGenesisi 28, ungahle uzibuze ukuthi yini eyenza lesi sehlakalo saba ngesingcwele kangako kuJakobe? Wayebhekene nani ngaleso sikhathi? Kungabe yayinjani indlela okwakungenzeka ukuthi wayezizwa ngayo? Ungabheka futhi amagama kanye nemishwana ema vesini 10–22 akukhumbuza ngendlu yeNkosi. Yimiphi imibono ekufikelayo ngoNkulunkulu, indlu Yakhe, kanye nezivumelwano Zakhe?

Ekugcineni kwaloluhlaka kunomdwebo obonisa iphupho likaJakobe; ungahle ubheke kuwo njengoba ufunda. Uma ubungazenzela owakho umfanekiso wobuciko wephupho lakhe, ubungenzenjani? Yimaphi amaqiniso asendabeni ongazama ukuwaveza?

­Ihubo u “Nearer, My God, to Thee” (Amaculo, nombolo 100) leli hubo lisekelwe kulokho okwenzeka kuJakobe. Yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwaleliculo noGenesisi 28:10–22? Likusiza kanjani iThempeli ukuba uzizwe useduze noNkulunkulu? Cabanga ngokufuna izimpenduo zalombuzo kumlayezo ka President Russell M. Nelson “The Temple and Your Spiritual Foundation” (iLiyahona, kaNovemba 2021, 93–96). Ungahle uthande ukubuyekeza izivumelwano kanye nezibusiso zendlu yeNkosi kwi General Handbook, 27.2 (Umtapo woLwazi weVangeli). Kuwaletha kanjani amandla kaNkulunkulu empilweni yakho ukugcina lezizivumelwano?

Yiba nobuciko. Ziningi izindlela zokufunda emibhalweni engcwele ngaphandle kokuyifunda nje. Abanye abantu bathola ukuthi bayiqonda kangcono imibhalo engcwele uma bedweba imifanekiso ngendaba. Abanye bathola ulwazi lwangokomoya emculweni ohambisana nemibhalo engcwele. Ungazikhawuli endleleni eyodwa yokufunda; vuleleka ekuzameni izindlela ezahlukahlukene.

IGenesisi 29:31–35; 30:1–24

INkosi iyangikhumbula ezilingweni zami.

Njengoba ufunda IGenesisi 29:31–35 naku 30:1–24, bheka amagama achaza umusa kaNkulunkulu kuRaheli noLeya. Zindla ngokuthi uzibheke kanjani uNkulunkulu “izinhlupheko [zakho]” waphinde “wakukhumbula” (IGenesisi 29:32; 30:22).

IGenesisi 32–33

UMsindisi angawelapha umndeni wami.

Njengoba uJakobe ayesebuyela eKhanani, “wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazekile” ngendlela umfowabo, u-Esawu, ayezomamukela ngayo (IGenesisi 32:7). Njengoba ufunda IGenesisi 32–33, zindla ngobudlelwano bomndeni wakho—mhlawumbe ikakhulukazi lobo obudinga ukwelashwa. Mhlawumbe lendaba ingakugqugquzela ukuze ufinyelele komunye. Imibuzo efana nalena ingaqondisa ukufunda kwakho:

  • Wakulungiselela kanjani ukuhlangana no-Esawu uJakobe?

  • Yini ekugqamelayo ngomkhuleko kaJakobe otholakala ku Genesisi 32:9–12?

  • Ufundani ngokuxolela esibonelweni sika-Esawu?

  • Angasisiza kanjani uMsindisi ukuba silungise ubudlelwano bomndeni?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IGenesisi 24:10–21

Ngingaba nomusa kwabanye.

  • Ukugqamisa isibonelo esincomekayo sika Rebeka somusa, ungakhombisa abantwana bakho lesi sithombe esingezansi noma ikhasi lomsebenzi lalelisonto njengoba ufinyeza lendaba eku Genesisi 24:10–21. Abantwana bakho bangase bakuthokozole ukulingisa lendaba. Lokhu kungaholela enkulumweni ngezenzo zomusa wena nabantwana bakho esenike nazibona.

  • Cabanga ngokucula ndawonye iculo elimayelana nomusa elinjengo “Kindness Begins with Me” (Amaculo Abantwana, 145). Abantwana bakho bangalalela igama elithi “umusa“ (noma igama elicishe lifane nalo) bese besukuma lapho belizwa. Singenza kanjani ukuba sibe nomusa njengo Rebeka?

isithombe sika Rebeka

Old Testament Heroes [AmaQhawe eTestamente eliDala], ngu Dilleen Marsh (imininingwane)

IGenesisi 25:21-34

Izinto zaphakade zibaluleke kakhulu kunezinto zomhlaba.

  • Cabanga ngokusebenzisa u “Jakobe no-Esawu” (kwincwadi Izindaba zeTestamente Elidala eliDala, 38–41) ukuze usize abantwana bakho bayiqonde indaba eku Genesisi 25: 21–34. Mhlawumbe abantwana bakho bangacabanga ngokuthi u-Esawu ucela iseluleko kubo mayelana nokuthi kufanele yini ahwebe ngobuzibulo bakhe ngokudla kwembumba. Bebezothini kuye?

    2:5

    Jacob and Esau

  • Yiziphi izinto ezibalulekile kuwe nakubantwana bakho? Mhlawumbe abantwana bakho bangathola izithombe noma okuthile okumele lezi zinto. Singayikhombisa kanjani iNkosi ukuthi lezi zinto zibalulekile kithi?

IGenesisi 28:10-22

Izivumelwano ziyangisiza ngibuyele kuBaba oseZulwini.

  • Njengoba nifinda IGenesisi 28:10–22 ndawonye ningasebenzisa iladi noma isitebhisi (noma isithombe esifana nalesi esisekugcineni kwalolu hlaka) ukuze nikhulume ngokuthi izivumelwano zifana kanjani nesitebhisi. Mhlawumbe abantwana bakho bangenza sengathi bagibela isitebhisi, kuthi ngesinyathelo ngasinye, nikhulume ngezikhathi lapho sithembisa ukulalela khona uNkulunkulu, njengalapho sibhabhadiswa, sidla isidlo esingcwele, noma siya ethempelini. Zisisondeza kanjani eduze noNkulunkulu izivumelwano?

IGenesisi 32:6–11; 33:1–4

UBaba oseZulwini no Jesu Kristu bangangisiza ngiwuthande umndeni wami.

  • Ukwethula lamavesi, ungachaza ukuthi emva kweminyaka eminingi yamagqubu, uJakobe wayesezohlangana no-Esawu futhi. Fundani ndawonye IGenesise 32: 6–28. Wazizwa kanjani uJakobe? Yini ayenza ukuze athole usizo? Fundani ndawonye IGenesisi 33:1–4 ukuze nifumanise ukuthi ngabe iNkosi yawuphendula kanjani umkhuleko kaJakobe. Uma uJakobe no-Esawu bengakhuluma nathi namuhla, bangathini ukuze basisize uma kukhona ingxabano emndenini yethu?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

uJakobe ephupha iladi nezingelosi zehla ezulwini

Jacob’s Dream [Iphupho likaJakobe], ngu J .Ken Spencer

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ngingaba nomusa kwabanye