Wozani, Ngilandeleni
NgoMashi 16–22. “UNkulunkulu Wayehlose Okuhle”: IGenesisi 42–50


“NgoMashi 16–22. ‘UNkulunkulu Wayehlose Okuhle’: IGenesisi 42–50,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: IThestamente Elidala 2026 (2026)

“NgoMashi 16–22. ‘UNkulunkulu Wayehlose Okuhle’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

UJosefa ethethelela abafowabo

Forgiveness [Intethelelo], nguMegan Rieker

NgoMashi 16–22: “UNkulunkulu Wayehlose Okuhle”

IGenesisi 42–50

Cishe kwasekudlule iminyaka engama-22 kusukela uJosefa adayiswa abafowabo ebugqileni. UJosefa wayesebhekene nezilingo eziningi, okuhlanganisa ukumangalelwa ngamanga kanye nokuboshwa. Lapho ephinde ebona abafowabo futhi, uJosefa wayengumbusi walo lonke iGibhithe, engowesibili esikhundleni elandela ufaro. Wayengakwazi kalula ukuziphindiselela kubafowabo, futhi uma ucabanga lokho abakwenze kuJosefa, lokhu kungase kubonakale kunengqondo. Kodwa nokho uJosefa wabaxolela. Hhayi lokho kuphela, kodwa futhi wabasiza ukuthi babone injongo engokwasezulwini yokuhlupheka kwakhe. Wabatshela ukuthi, “UNkulunkulu wayehlose okuhle” (IGenesisi 50:20), ngenxa yokuthi kwambeka esikhundleni sokuthi asindise “nendlu yonke kayise” (IGenesisi 47:12) esomisweni.

Ngezindlela eziningi, uJosefa wayefana noJesu Kristu. Nakuba izono zethu zambangela ukuhlupheka okukhulu uJesu, Usinikeza intethelelo, usikhulula sonke esiphethweni esibi kakhulu kunendlala. Noma ngabe sidinga ukuthola intethelelo noma sithethelele—esikhathini esithile sonke sidinga ukukwenza kokubili—isibonelo sikaJosefa sisikhomba kuMsindisi, umthombo wangempela wokwelapha nokubuyisana.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IGenesisi 45:5–7; 47:12

“UNkulunkulu wangithumela ngaphambi kwenu ukuze anisindise.”

Ingabe nikubonile ukufana phakathi kwempilo kaJosefa nomsebenzi wokuhlawulela waJesu Kristu na? Ukuze ubone izibonelo zalokhu okufanayo, zama ukuqhathanisa:

  • IGenesisi 37:3 no NgokukaMathewu 3:17

  • IGenesisi 37:26–28 no NgokukaMathewu 26:14–16.

  • IGenesisi 45:5–7 no NgokukaLuka 4:18.

  • IGenesisi 47:12 no NgokukaJohane 6:35.

Yimiphi imicabango oba nayo ngoMsindisi nomsebenzi Wakhe ngesikhathi ufunda lezindaba?

IGenesisi 45; 50:15–21

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ukuthethelela kuletha ukwelapheka.

Ukufunda ngoJosefa exolela abafowabo ngezinto ezimbi abazenza kuyena kungase kukukhuthaze ukuthi ucabange ngomunutu othile okungenzeka ukuthi ukuthola kunzima ukumxolela. Imibuzo elandelayo ingasiza njengoba uphokophelela ukuphila lomgomo:

  • Kungani kwakungase kube nzima kuJosefa ukuthethelela abafowabo? (ukubuyekeza lokho abakwenza kuye, bheka ku Genesisi 37). Yiziphi izehlakalo noma izimo zengqondo okungenzeka zanikeza uJosefa amandla okuthethelela? (Isibonelo bheka ku Genesisi 45:1–15 noma 50:15–21).

  • Ngabe yiziphi izibusiso ezafika ngenxa kaJosefa ethethelela abafowabo? Ngokwesibonelo, qhathanisa ubudlelwano emndenini kaJosefa ekuqaleni kwendaba (Isibonelo bheka IGenesisi 37:3–11) nobudlelwano ekugcineni (bheka IGenesisi 45:9–15; 50:15–21). Izinto zazingaphetha kanjani ngokuhluka ukube uJosefa wayengazimisele ukuthethelela?

  • Cabanga ngokubhala phansi igama lomuntu ongadinga ukuthethelelwa nguwe—noma ngabe sebecele ukuthethelelwa noma cha. Yini ongayenza ukuze umeme amandla okuphilisa oMsindisi kuleso simo? Uma ukuthethelela kubukeka kunzima kakhulu, cabanga ngokubuyekeza iseluleko seGosa uGerrit W. Gong ezigabeni zokugcina eziyisithupha zomlayezo wakhe “Happy and Forever [Ujabule kanye naPhakade]” (iLiyahona, ngoNov. 2022, 85). Yini oyitholayo ekunika ithemba ukuthi ungathethelela?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 64:9–11; “Forgiveness: My Burden Was Made Light” (umboniso oqoshiwe), Umtapo Wolwazi Wevangeli.

8:24

Forgiveness: My Burden Was Made Light

IGenesisi 49

UJakobe wanikeza umndeni wakhe izibusiso ezingokwesiphrofetho.

Izibusiso zikaJakobe esizukulwaneni sakhe ziqukethe umfanekiso ocacile, kodwa akulula ukuziqonda. Siyabonga, ivangeli elibuyisiwe lisinika usizo oluthile. Ngesikhathi ufunda ngezibusiso zikaJosefa kuGenesisi 49:22–26, funda futhi amavesi alandelayo, bese ubheka ukuthi yikuphi ukuqonda akunikeza kona: 1 Nefi 15:12; 2 Nefi 3:4–5; Jakobe 2:25; IMfundiso neziVumelwano 50:44.

Njengoba ufunda ngesibusiso sikaJuda kuGenesisi 49:8–12, khumbula ukuthi uJesu Kristu wayesizukulwane sikaJuda. Yini oyitholayo kulamavesi ekukhumbuza ngoMsindisi? (bheka futhi ISambulo 5:5–6, 9; 1 Nefi 15:14–15; IMfundiso neziVumelwano 45:59; 133:46–50.

Ukufunda lezi zibusiso kungase kukukhuthaze ukuthi ubuyekeze isibusiso sakho somPhatriyakhe—noma, uma ungenaso, usithole. Yimaphi amagama nemisho esibusisweni sakho aphendula imicabango yakho kuJesu Kristu?

Bheka futhi uRandall K. Bennett, “Your Patriarchal Blessing—Inspired Direction from Heavenly Father,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 42–44.

IGenesisi 50:19–21

UNkulunkulu angangisiza ngithole incazelo ekuvivinyweni kami.

Nakuba kwakungacacile ngesikhathi edlula kukho, ekugcineni uJosefa wakwazi ukubheka emuva ebunzimeni bakhe eGibhithe futhi wabona ukuthi “uNkulunkulu wayehlose okuhle” (IGenesisi 50:20). Ukube wawungavakashela uJosefa lapho esemgodini noma etilongweni, wawuyomduduza kanjani? Angakusiza kanjani uGenesisi 50:19–21 ezikhathini zakho zokulingwa?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 122; “How Firm a Foundation,” Amaculos, inombolo 85.

UJosefa waseGibhithe ebona umbono ka-Joseph Smith ethola izingcezu zegolide engelosini uMoroni.

Joseph Smith among the Prophets [UJoseph Smith phakathi kwabaPhrofethi], nguPaul Mann (imininingwane)

IGenesisi 50:24–25

“INkosi yami uNkulunkulu izovusa umboni.”

Njengoba ufunda IGenesisi 50:24–25 kanye Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 50:24–38 (Isithasiselo sebhayibheli), zindla ngokuthi yindaba kwakubalulekile kuJosefa ukuba azi ngoMose kanye noJoseph Smith eminyakeni engamakhulu ngaphambilini? UJoseph Smith wazigcwalisa kanjani iziphrofetho zikaJosefa ngaye? (bheka Imfundiso neziVumelwano 1:17–23; 20:7–12; 39:11; 135:3).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IGenesisi 42–44; 45:4–15

Ngingakhombisa umndeni wami uthando kanye nentethelelo.

  • Kungase kube mnandi ebantwaneni bakho ukulingisa indaba kaJosefa ehlanganisa umndeni wakhe (bheka IGenesisi 42–44). Noma bangasebenzisa “UJosefa kanye neNdlala” (kwincwadi Izindaba zeTestamente eliDala, 57–60) noma izithombe kulolu hlaka ukufundisana lendaba. Nansi imibuzo engasiza abantwana bakho ukuba bafunde kulendaba:

    • Wenzani uJosefa ukukhombisa uthando ngomndeni wakhe? (bheka IGenesisi 45:4–15).

    • Ucabanga ukuthi kungani uJosefa wabathethelela abafowabo?

    • Ucabanga ukuthi abafowabo bakaJosefa bazizwa kanjani lapho bethola ukuthi uJosefa usebathethelele? Ubani empilweni yakho odinga ukuthethelelwa? Ungalikhombisa kanjani uthando nentethelelo?

    2:26

    Joseph and the Famine

Njengoba ulungiselela ukufundisa, zibuze, “abantwana bami bazokwenzani ukuze bafunde?” Ngokwesibonelo, kulo msebenzi abantwana bakho balingisa noma baxoxa kabusha indaba. Ukwenza lokhu kuzobasiza bakhumbule kokubili okwenzeka kanye nemithetho yevangeli equkethwe endabeni.

  • Wena noma abantwana bakho ningase nifune ukwabelana ngalokho okwenzeka lapho bathethelela othile noma lapho othile ebathethelela. Ningabuye nicule iculo elifana naleli “­Love One Another” (Amaculo Abantwana, 136) noma “Help Me, Dear Father” (Amaculo Abantwana, 99).

IGenesisi 48:8–9

INkosi iyangisiza ngezibusiso zobuphristi.

  • Wena nabantwana bakho ningabuka isithombe sikaJakobe ebusisa amadodana akhe ekupheleni kwalolu hlaka futhi nixoxe ngalokho okwenzekayo (bheka IGenesisi 48:8–9). Uma kudingeka, chaza ukuthi uJakobe, uyise kaJosefa, wayefuna ukunikeza izibusiso zobuphristi emndenini wakhe. Mhlawumbe ningabelana omunye nomunye nganoma iziphi izehlakalo enibe nazo ekutholeni usizo oluvela kuNkulunkulu ngesibusiso sobuphristi. Ngabe yiziphi ezinye zezizathu ezingasenza ukuba sicele isibusiso sobuphristi?

intombazanyane ithola isibusiso

IGenesisi 45:5–11

UBaba oseZulwini wathumela uJesu Kristu ukuba ngisindiswe.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba babone uMsindisi endabeni kaJosefa esindisa umndeni wakhe endlaleni? Cabanga ngokwenza ishadi ulihlukanise libe nezinhlaka ezimbili, kolunye ubhale uJosefa uphinde nakolunye ubhale uJesu Kristu. Siza abantwana bakho bacwaninge lemibhalo engcwele ehamba ngambili futhi ugcwalise ishadi ngezinto uJosefa kanye noJesu abafana ngazo: IGenesisi 37:3 kanye NgokukaMathewu 3:17; IGenesisi 37:26–28 kanye NgokukaMathewu 26:14–16; IGenesisi 45:5–7 kanye NgokukaLuka 4:18; futhi IGenesisi 47:12 kanye NgokukaJohanne 6:35.

  • Buza abantwana bakho ukuba kuchaza ukuthini ukusindisa noma ukulamulela umuntu. Uma omunye wabo eke wahlangabezana nokusindiswa noma ukutakulwa engozini, mcele ukuthi abelane. Wabasindisa kanjani abafowabo uJosefa? (bheka IGenesisi 42:1–3; 45:5–7). Bese ningabuka isithombe soMsindisi ndawonye bese uyababuza abantwana bakho ukuba bakhulume ngokuthi uJesu usisindisa kanjani

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

U-Israyeli enikeza indodana yakhe isibusiso sobuphristi

Jacob Blessing Joseph (Jacob Blessing His Sons) [UJakobe Ebusisa UJosefa (UJakobe Ebusisa Amadodana Akhe)], nguHarry Anderson

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ngingathethelela