Wozani, Ngilandeleni
NgoMashi 9–15. “INkosi yayinoJosefa”: IGenesisi 37–41


“NgoMashi 9–15. ‘INkosi yayinoJosefa ’: IGenesisi 37–41,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoMashi 9–15. ‘INkosi yayinoJosefa’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

Abafowabo bakaJosefa bemphuca ijazi

Joseph nabaFowabo, nguSam Lawlor

NgoMashi 9–15: “INkosi yayinoJosefa”

IGenesisi 37–41

Siyazi ukuthi uNkulunkulu uyababusisa abantu abamthembayo futhi nabagcina imiyalo Yakhe. Kodwa ngezinye izikhathi akubonakali kunjalo. Kwesinye isikhathi umuntu othembela kuNkulunkulu uyahlukunyezwa futhi alahlwe amalungu omndeni. Ngezinye izikhathi umuntu owenqaba ngesibindi ukwephula umthetho wobumsulwa noma kunjalo uyamangalelwa ngamanga. Lapho izinto ezinjalo zisehlela, singase silingeke ukuba sithukuthelele uNkulunkulu. Singase sizibuze, “Liyini iphuzu lokuzama ukwenza okulungile uma kubonakala kwenza impilo ibenzima?”

UJosefa, indodana kaJakobe, yayingazibuza lokho. Ngezinye izikhathi, lendoda ethembekile yayiphumelela; ngezinye izikhathi, kubonakala sengathi lapho ayebaqotho khona kakhulu, kwakuyilapho ayebhekana khona nobunzima obukhulu. Kepha uJosefa akazange ayishiye iNkosi, futhi neNkosi ayizange imshiye uJosefa. Lokho akusho ukuthi uJehova wayevimbele izinto ezimbi ukuba zenzeke kuJosefa, kepha kukho konke, “iNkosi yayinaye” (IGenesisi 39:3).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IGenesisi 37:1–28; 39; 41:9–45

INkosi izoba nami ebunzimeni bami.

Ezikhathini ezilandelanayo, inhlanhla yayibonakala imlahlekela uJosefa, kodwa iNkosi ayizange imlahle. Njengoba ufunda indaba kaJosefa, zindla ngemibuzo enjenganalena: Yini eyenziwa uJosefa ukuze ahlale eseduze neNkosi? INkosi “yayinaye” kanjani? (bheka IGenesisi 39; 40:1–19; 41:9–45). Yikuphi okufundayo endabeni kaJosefa engakusiza ubone ubukhona beNkosi empilweni yakho?

Ungase futhi uzibuze imibuzo efanayo mayelana nempilo yakho. Yibuphi ubufakazi obubonile bokuthi iNkosi ayikulahlile phakathi nezikhathi zokulingwa na? Cabanga indlela ongabelana ngayo namalunga omndeni wakho nezizukulwane ezilandelayo ngosekwenzeke kuwe (bheka 1 Nefi 5:14).

Yebo, uzoba nezinye izilingo esikhathini esizayo. Yini ongayenza manje ukuze usize ekuqinisekiseni ukuthi lezi zilingo azikudonseli kude neNkosi? Cabanga ngokubhala incwadi ukuzikhuthaza wena esikhathini esizayo ukuthi uhlale useduze Naye noma ngabe kwenzekani. Ungafaka phakathi imininingwane evela empilweni kaJosefa noma evela kumlayezo weGosa u-D. Todd Christofferson “Our Relationship with God” (iLiyahona, NgoMeyi 2022, 78–81).

Bheka futhi NgkukaJohane 14:18; AbaseRoma 8:28; Alima 36:3; IMfundiso neziVumelwano 121:7–8; “Abide with Me!,” Amaculo, no. 166.

IGenesisi 37:5-11; 40; 41:1-38

Uma ngithembekile, iNkosi izongiqondisa futhi ingikhuthaze.

UJosefa wayenesiphiwo sokuqonda imiyalezo evela eNkosini ngamaphupho. Yini ongayifunda ku Genesisi 37:5–11; 40:5–8; 41:14–25, 37–38 mayelana nokwamukela nokuqonda isambulo esivela eNkosini? Isibonelo, yini ongayifunda esibonelweni sikaJosefa lapho isambulo sibonakala sinzima ukusiqonda? (bheka IGenesisi 40:8; 41:16).

Zindla ngendlela iNkosi eyembula ngayo intando Yayo kuwena. Yini oyenzayo ukuze uthathe isinyathelo ngesambulo Yona ekunikeze sona? Usifuna kanjani isiqondiso esengeziwe esivela kuYona?

UJosefa echaza amaphupho

Joseph Interpreting the Butler and Baker’s Dreams [UJosefa Etolika Amaphupho Omphakeli kanye Nombhaki], nguFrançois Gérard

IGenesisi 39:1–20

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ngosizo lweNkosi, ngingakwazi ukubalekela isilingo.

Uma uJosefa wayengase anikeze iseluleko sendlela yokumelana nesilingo sokwenza isono socansi, ucabanga ukuthi wayeyothini? Cabanga ngalokho ngesikhathi ufunda ngalokho adlula kukho kuGenesisi 39. Isibonelo, cabanga ngendlela uJosefa angasabela ngayo ezinkingeni ezinjengalezi:

  • Uma kungekho omunye umuntu owaziyo ukuthi ngenzani, yini enkulu kangaka? (bheka amavesi 8–9).

  • Ngiyazama ukumelana, kodwa isilingo asibonakali siyeka (bheka ivesi 10).

  • Yini okufanele ngiyenze uma ngisesimweni lapho isilingo sinamandla ? (bheka uvesi 12).

Ungachaza kanjani ukuthi kungani kubalulekile ukuthobela umthetho wobumsulwa? (bheka For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices, 23–28).

Yiqiniso, isibonelo sikaJosefa singasebenza nakwezinye izinhlobo zezilingo. Unesehlakalo sikaJosefa engqondweni, cabanga ukwenza isu lokugwema nokumelana nesilingo. Isibonelo, ungase ucabange ngesilingo bese ubhala phansi izimo okufanele uzigweme nokuthi ‘uyobaleka’ kanjani lapho isilingo sifika.

Isilingo

Izimo okufanele uzigweme

Hlela ukuphendula

Nansi eminye imibhalo engcwele engazisa isu lakho. Ufundani kumbhalo ngamunye mayelana nendlela uMsindisi angakusiza ngayo ukumelana nesilingo? NgokukaMathewu 4:1–11; 1 AbaseKorinte 10:13; 1 Nefi 15:23–24; 3 Nefi 18:17–18.

Ngesikhathi wenza uhlelo lwakho, kungase kusize nokucabanga ngezikhathi zesikhathi esidlule lapho ugweme noma umelane nesilingo ngokuphumelelayo. Wakusiza kanjani uMsindisi? (bheka 2 Nefi 4:18–33).

IGenesisi 41:15–57

INkosi izongisiza ngilungiselele ubunzima obungenzeka.

Incazelo kaJosefa yephupho likaFaro yaholela eselulekweni esihlakaniphe kakhulu nesisebenzayo sokusinda endlaleni (bheka IGenesisi 41:15–57). Cabanga ngemiyalezo yomoya iNkosi engaba nayo yakho kulendaba. Uzwa ukuthi Ufuna ubulungiselele kanjani ubunzima esikhathini esizayo?

Bheka futhi uDavid A. Bednar, “We Will Prove Them Herewith,” iLiyahona, ngoNovemba 2020, 8-11.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IGenesisi 37

Ngingaba nomusa emndenini wami.

  • Ukufunda ngemizwa ebuhlungu emndenini kaJosefa kungase kuvuse ingxoxo mayelana nendlela okufanele siwaphathe ngayo amalungu omndeni. Ukuxoxa indaba kaJosefa nabafowabo evela kuGenesisi 37, ungasebenzisa izithombe kuloluhlaka noma “KumaPhupho kaJosefa Aphefunyulelwe” (kwi Zindaba zeTestamente eliDala, 47–51). Vumela abantwana babelane ngemininingwane abayaziyo ngendaba. Ungase ucele abantwana bakho ukuba bazicabange besemndenini kaJosefa. Yini ababengayisho noma bayenze ukuze babe umenzi wokuthula emndenini? Isibonelo, kusho ukuthini ‘ukukhuluma ngokuthula’ emndenini wethu? (ivesi 4). UJesu Kristu ungumenzi wokuthula kanjani emndenini kaNkulunkulu?

    2:17

    Joseph’s Inspired Dreams

IGenesisi 37:18–28; 39:20–23; 41:38

UNkulunkulu angangisiza lapho kwenzeka khona izinto ezimbi.

  • Ngesikhathi abantwana bakho bebhekene nezikhathi ezinzima, badinga ukwazi ukuthi iNkosi izoba nabo, njengoba Yaba noJosefa. Mhlawumbe ungasiza abantwana bakho ukuba benze uhlu lwezinto ezinzima ezenzeka kuJosefa (bheka IGenesisi 37:23–28; 39:20; noma “AmaPhupho kaJosefa Aphefunyulelwe” “noJosefa eGibhithe,” encwadini IziNdaba zeTestamente eliDala, 47–51, 52–56). Ngemva kobunzima obuthile ababutholayo, mema abantwana bakho ukuba baphindaphinde, “INkosi yayinoJosefa” (IGenesisi 39:2).

    2:17

    Joseph’s Inspired Dreams

    2:50

    Joseph in Egypt

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangabheka kuGenesisi 39:1–3, 20–23 zonke izikhathi zenkulumo ethi “INkosi yayinoJosefa” kanye nemisho efanayo. Bavumele babelane ngalokho abacabanga ukuthi lomusho usho ukuthini. Sazi kanjani ukuthi iNkosi inathi? Tshelanani omunye nomunye ngokuthi wezwakanjani ukuthi uNkulunkulu unawe ngesikhathi esinzima.

uJosefa ejele

uJosefa waseGibhithe esejele, nguJeff Ward (ukugcizelela)

IGenesisi 39:7–12

Ngosizo lweNkosi, ngingakwazi ukubalekela isilingo.

  • Nasi isifundo esingasiza abantwana bakho balingise isibonelo sikaJosefa sokubalekela umkaPotifari: Sebenzisa ozibuthe ababili ukumela uJesu Kristu noSathane. Sebenzisa into encane yensimbi, njengeklipha yephepha, ukumela thina. Bese uvumela abantwana bakho ukuthi babone ukuthi umthelela wazibuthe entweni yensimbi unamandla kangakanani lapho besondeza into kuyo. Okwenzeka kuJosefa kuGenesisi 39:7–12 kulibonisa kanjani leliqiniso? Singenzani ukuqhela esonweni futhi sisondele kuJesu? iVidiyo ethi “Temptation Fades as We Seek hrist in Every Thought [Isilingo Siyaphela Njengoba Sifuna UKristu Ngayo Yonke Imicabango]” (Umtapo woLwazi lweVangeli) neculo elifana nelithi “I Need Thee Every Hour“ (Amaculo, inombolo 98) angasiza kule ngxoxo.

    2:58

    Temptation Fades as We Seek Christ in Every Thought

    Sebenzisani umculo. “Izihlabelelo namanye amaculo angcwele angabasiza abantwana baluzwe uthando lukaNkulunkulu, bawuzwe uMoya, futhi bawafunde amaqiniso evangeli. Izindlela zokucula, izigqi, kanye nezinkondlo ezilula kungabasiza abantwana bawakhumbule amaqiniso evangeli eminyakeni eminingi ezayo. Ngesikhathi ucula nabantwana, basize bathole futhi bayiqonde imigomo efundiswa emaculweni” (Ukufundisa ngendlela yoMsindisi32).

  • Siza abantwana bakho bacabange ngezilingo abangase babhekane nazo. Bavumele balingise ukuthi “bangazibalekela” kanjani lezi zilingo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

Abafowabo bakaJosefa bemphuca ijazi

Joseph, the Dream Interpreter [UJosefa, uMchazi wamaPhupho], nguKristi Kirisberg Harmon

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ngingaba nomusa emndenini wami