Wozani, Ngilandeleni
NgoFebhruwari 23–Mashi 1. “Ngabe Ikhona Into Engahlula uJehova Na?”: IGenesisi 18–23


“NgoFebhruwari 23–Mashi 1. ‘Ngabe Ikhona Into Engahlula uJehova Na?’: IGenesisi 18–23,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoFebhruwari 23–Mashi 1. ‘Ngabe Ikhona Into Engahlula uJehova Na?’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

uSara ephethe umntwana u-Isaka

uSara no-Isaka,, nguScott Snow

NgoFebhruwari 23–Mashi 1: “Ngabe Ikhona Into Engahlula uJehova Na?”

IGenesisi 18–23

Impilo ka-Abrahama noSara, egcwele izehlakalo ezephula inhliziyo nezijabulisayo, ingubufakazi beqiniso elafundwa ngu-Abrahama embonweni—ukuthi sisemhlabeni ngoba sizovivinywa, “ukuze sibone ukuthi ngabe [sizo] zenza zonke izinto noma yini iNkosi uNkulunkulu [wethu] [azosi]yala ngazo” (u-Abrahama 3:5). Ngabe u-Abrahama noSara babezothembeka na? Ngabe babeyoqhubeka benokholo esithembisweni sikaNkulunkulu sesizukulwane esikhulu, ngisho nalapho babengenabantwana ekugugeni kwabo? Futhi ngesikhathi u-Isaka esezelwe, ngabe ukholo lwabo lwaluzokwazi nje ukuqina mhla sebebhekene nento ababengakaze bayicabange—umyalelo wokunikela ngalowo mntwana uNkulunkulu ayethembise ukufeza ngaye leso isivumelwano na?

U-Abrahama noSara babemethemba uNkulunkulu, futhi Naye wayebathemba (bheka IGenesisi 15:6; KwabaseRoma 4:3). Encwadini kaGenesisi 18–23, sithola izindaba ngempiloka-Abrahama, uSara, nabanye ezingasenza nathi sicabange ngokuzimisela kwethu ukukholwa izethembiso zikaNkulunkulu, ukubalekela ububi futhi singabheki emuva, nokuthi sithembe uNkulunkulu nakuba umkhulu umnikelo ofunekayo. Ekusivivinyeni, uNkulunkulu uyasithuthukisa.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IGenesisi 18:9–14; 21:1–7

INkosi ifeza izethembiso zayo ngesikhathi Sayo.

INkosi yenze izethembiso ezinhle kakhulu kwabathembekile, kodwa izimo zezimpilo zethu zingasenza sizibuze ukuthi ngabe lezi zethembiso zingafezeka kanjani na. U-Abrahama noSara nabo kufanele ukuthi babezizwa kanjalo. Ngabe yikuphi ongakufunda ngabadlule kukho na? Kungasiza ukuqala ukufunda kwakho ngokubuyekeza lokho iNkosi eyakuthembisa ku Genesisi 17:4, 15–22. U-Abrahama noSara baphendula kanjani? (bheka UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 17:23 [ku IGenesisi 17:17, isinezelo b]; IGenesisi 18:9–12). Ngabe iNkosi yabaphendula yathini ukubasiza baqine okholweni lwabo mayelana nezethembiso Zayo na? (Bheka ku Genesisi 18:14).

Yikuphi okutholayo kulamavesi okuqinisa ukholo lwakho na? Yikuphi okunye odlule kukho—empilweni yakho noma empilweni yomunye—okuqinise ukholo lwakho ukuthi iNkosi izozifeza izethembiso zayo ngesikhathi nangendlela Yayo na? Ungase futhi uzindle ngokuthi ungaluqinisa kanjani ukholo lwakho lapho kunezibusiso ezithenjisiwe ezingazange zitholwe kulempilo. Yisiphi iseluleko osithola KumaHeberu 11:8–13 nakumyalezo waMongameli Russell M. Nelson “Christ Is Risen; Faith in Him Will Move Mountains”? (ILiyahona, ngoMeyi 2021, 101-4).

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 88:68.

IGenesisi19:12–29

INkosi iyala ukuba ngibalekele ububi futhi ngingabheki emuva.

Ngabe yiziphi izifundo ozifundayo ngokubalekela ububi ngesikhathi ufunda ngoLoti nomndeni wakhe na? Isibonelo, yikuphi okuthandayo ngalokho okwashiwo nokwenziwa yizingelosi ukusiza uLoti nomndeni wakhe bebalekele ukubhubha na? (bheka ku Genesisi 19:12–17). Ngabe iNkosi ikusiza kanjani wena nomndeni wakho ukuba nibaleke noma nithole ukuvikeleka ebubini basemhlabeni na? Cabanga ngezimo lapho ungase ulingeke khona ukuba “[ubheke] emuva” (ivesi 26) lapho kufanele ubheke phambili ngokholo kuMsindisi. Ngabe uNgokukaLuka 9:62 wengezani ekuqondeni kwakho lomqondo?

Bheka futhi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 19:9–15 (Izinsiza Zokufunda)

IGenesisi 19:26

Ngabe yikuphi okubi okwenziwa umkaLoti na?

IGosa uJeffery R. Holland lasifundisa lathi:

“Njengoba kusicacela, okwakungalungile ngomkaLoti wukuthi wayengabhekile nje kuphela emuva; kodwa enhliziyweni yakhe wayefuna ukuphindela emuva. Kubukeka sengathi ngisho nangaphambi kokuba afike emngceleni walelodolobha, wayesekhumbula lokho iSodoma neGomora eyayimnika khona. …

“Kungenzeka ukuthi umkaLoti wabheka emuva ethukuthelele uJehova ngalokho ayemcela ukuba akushiye ngemuva. … Ngakho-ke akukhona nje ukuthi wabheka emuva; wabheka emuva ngokulangazelela. Kafushane, ukunamathela kwakhe esikhathini esidlule kwakungaphezu kokuqiniseka kwakhe ngekusasa. Lokho, ngokusobala, kwakuyingxenye yesono sakhe.

“… Ngiyanincenga ukuthi ningagxili ezinsukwini ezidlulile manje noma nilangazelele ngokuyize izinsuku ezidlule, noma ngabe bezizinhle kangakanani lezo zinsuku. Okwedlule kumele kufundwe kukho kodwakungaphilwa kukho. Sibheka emuva ukubiza amalahle kokuhlangenwe nakho okukhazimulayo kodwa hhayi umlotha. Futhi lapho sesifunde lokho okudingeka sikufunde futhi silethe okuhle kakhulu nathi esiye sabhekana nakho, khona-ke sibheka phambili futhi sikhumbule ukuthi ukholo ngaso sonke isikhathi luqondiswe esikhathini esizayo. …

“… Ukugxila ezimpilweni zesikhathi esidlule, okuhlanganisa namaphutha esikhathi esidlule, akulungile neze! Akusilo ivangeli likaJesu Kristu. …

“Kubo bonke [abantu] bezizukulwane zonke, ngiyamemeza ngithi, ‘Khumbulani umkaLoti’ [NgokukaLuka 17:32). Ukholo lubheke phambili. Ukholo lwakhela kokudlulile kodwa alikulangazeleli ukuhlala khona. Ukholo lunethemba lokuthi uNkulunkulu unezinto ezinhle kakhulu asibekele zona nokuthi ngempela uKristu ‘ungumphristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo’ (KumaHeberu 9:11)” (“The Best Is Yet to Be,” Ensign, Jan. 2010, 24, 26–27).

U-Abrahama ebheke ezulwini ephethe ummese esandleni sakhe, no-Isaka elele phezu kwe-altare

U-Abrahama no-Isaka, nguHarold Copping

IGenesisi 22:1–19

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ukufuna kuka-Abrahama ukunikela ngendodana yakhe kungumfanekiso kaNkulunkulu neNdodana Yakhe.

Yize noma singazazi zonke izizathu zokuba uNkulunkulu ayale u-Abrahama ukuthi anikele ngendodana yakhe u-Isaka njengomhlatshelo; siyazi ukuthi kwakuyisivivinyo sokholo lwakhe kuNkulunkulu. Futhi siyazi ukuthi “[kwaku]ngumfanekiso kaNkulunkulu kanye neNdodana yakhe eZelwe Yodwa” (uJakobe 4:5). Ngesikhathi ufunda IGenesisi 22:1–19, ungabheka izimpawu noma ukufana phakathi komnikelo ka-Abrahama ngo-Isaka kanye nomnikelo kaBaba weNdodana Yakhe, uJesu Kristu. Cabanga ukubhala lokho okuthola eshadini elifana naleli:

UAbrahama no-Isaka

UBaba oseZulwini noJesu Kristu

UAbrahama no-Isaka

U-Isaka wayeyindodana ezelwe yodwa ka-Abrahama noSara (IGenesisi 22:2; bheka futhi KumaHeberu 11:17)

UBaba oseZulwini noJesu Kristu

UJesu uyiNdodana Ezelwe Yodwa kaBaba (NgokukaJohane 3:16)

UAbrahama no-Isaka

U-Isaka wayezonikelwa esikhundleni semvana (IGenesisi 22:7–9)

UBaba oseZulwini noJesu Kristu

UJesu Kristu uyiMvana kaNkulunkulu (NgokukaJohane 1:29)

Yiziphi izimpawu noma ukufana komhlatshelo ohlawulelayo woMsindisi okuthola kunengqondo kakhulu? Cabanga ngokucula noma ukufunda amagama ehubo elikhombisa uthando lukaBaba oseZulwini ngathi, njengelithi “God Loved Us, So He Sent His Son,” Amaculo, no. 187. Ungaphinda ulobe imizwa yakho ngoBaba oseZulwini noJesu Kristu kanye nokuzinikela Kwabo ngawe.

Uma ufuna ukufunda kabanzi ngomhlatshelo woMsindisi wethu, cabanga ngokufunda umlayezo waMongameli uJeffrey R. Holland. “Behold the Lamb of God” (iLiyahona, ngoMeyi 2019, 44–46). Kungani imvana iwuphawu olunamandla kangaka lweNdodana kaNkulunkulu? Yini uMongameli Holland ayifundisa ekhulisa ukuhlonipha kwakho isipho sikaBaba oseZulwini?

12:57

Akedah (The Binding)

Sebenzisa izinto ezibonakalayo ukufundisa. Ukwengeza izinhlobonhlobo ekufundiseni nasekufundeni, ungasebenzisa isithombe esisodwa noma ngaphezulu kuloluhlaka njengoba ufunda lezi zindaba kuGenesisi 18–23. Isibonelo, wena nomndeni wakho noma ikilasi ningabona imininingwane ezithombeni zika-Abrahama no-Isaka. Khuluma ngokuthi kungani lemininingwane ibalulekile endabeni, futhi uthole lemininingwane emibhalweni engcwele. ZiIyigqamisa kanjani imifanekiso yendaba yomhlatshelo weNdodana kaNkulunkulu?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IGenesisi 17:15–21; 18:14; 21:1–7

Ngingamethemba uNkulunkulu ukuthi agcine izithembiso Zakhe.

  • Ukufunda ngokuthembela kuka-Abrahama noSara ezithembisweni zikaNkulunkulu, wena nabantwana bakho ningaxoxa ngesikhathi okwakudingeka balinde okuthile ababekufuna ngempela. Ungabe usubheka isithombe sikaSara no-Isaka ekuqaleni kwaloluhlaka bese ukhuluma ngesithembiso uNkulunkulu asenza kuye naku-Abrahama. (bheka futhi “U-Abrahama noSara,” encwadini IzindabazeTestamente eliDala, 28–31). Siza abantwana bakho bacabange ngezinto uNkulunkulu asithembise zona uma sethembekile. Bakhuthaze ukuthi babekezele futhi bathembe ukuthi uNkulunkulu uzozigcina izithembiso Zakhe.

    2:20

    Abraham and Sarah

  • Ukusiza abantwana bakho bafunde iqiniso elibalulekile ku Genesisi 18:14, ungabhala igama ngalinye emushweni wokuqala walelovesi emaphepheni ahlukene. Bese uhlanganisa amaphepha, futhi umeme abantwana bakho ukuthi bahlele amagama ngendlela efanele. Wena nabantwana bakho ningafunda IGenesisi 17:15–21; 21:1–7 ukuthola isibonelo sento iNkosi eyayenza eyayibonakala ingenakwenzeka. Yabelana nabantwana bakho ngokholo lwakho lokuthi iNkosi izozigcwalisa izithembiso Zayo, noma zibonakala zingenakwenzeka noma zithatha isikhathi eside.

IGenesisi 19:15–26

Ngingakubalekela ububi.

  • Buza abantwana bakho ngezimo lapho othile angase abameme ukuba benze okuthile abaziyo ukuthi akulungile. Singazi ”balekela” kanjani lezi zimo? Finqa IGenesisi 19:15–26 ngokuchaza ukuthi umndeni kaLoti wawuhlala edolobheni elibi kakhulu futhi izingelosi zabaxwayisa ukuba bahambe. Njengoba wena nabantwana bakho nifunda ndawonye amavesi 15–17, 26, babuze ukuthi kungase kusho ukuthini kithi namuhla “ukubalekela” ububi futhi “singabheki emuva” (uvesi 17).

indoda nowesifazane bebaleka eSodoma naseGomora

iSodoma, nguJulius Schnorr von Carolsfeld

IGenesisi 22:1–14

U-Abrahama wayilalela iNkosi.

  • Ukusebenzisa izithombe zika-Abrahama no-Isaka kanye nezokuBethelwa (bheka Incwadi Yobuciko beVangeli, inombolo 957) kungasiza abantwana bakho baqhathanise indaba kuGenesisi 22 ngomnikelo woMsindisi (bheka ku NgokukaMathewu 27:26–37). Yini esingayifunda ngoBaba oseZulwini noJesu Kristu endabeni ka-Abrahama no-Isaka kanye neyokuBethelwa? (Bheka futhi “U-Abrahama no-Isaka,” encadwini Izindaba zeTestamente eliDala, 34–37.)

    2:0

    Abraham and Isaac

  • Ungawucabanga umdlalo olula ongawudlala nabantwana bakho ofuna balandele izinkombandlela? Mhlawumbe izinkombandlela zingaholela esithombeni esifihliwe soMsindisi. Umdlalo ungavusa ingxoxo ngezinto uBaba oseZulwini asiyale ukuba sizenze ukuze sikwazi ukuphila Naye kanye noJesu Kristu futhi. Cabanga ukucula iculo elifana naleli “Keep the Commandments” (Amaculo Abantwana, 146–47). Ikhasi lomsebenzi lalelisonto lingasiza nalo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

U-Abrahama ebuka u-Isaka ethwele izinkuni

U-Abrahama no-Isaka, nguJeff Ward

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: U-Abrahama wayilalela iNkosi