“NgoFebhruwari 16–22. ‘Ukuba Ngumlandeli Omkhulu Wokulunga’: IGenesisi 12–17; Abrahama 1–2” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoFebhruwari 16–22. ‘Ukuba Ngumlandeli Omkhulu Wokulunga ’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026
Melchizedek Blesses Abram [UMelkisedeki uBusisa u-Abrama], nguWalter Rane (imininingwane)
NgoFebhruwari 16–22: “Ukuba Ngumlandeli Omkhulu Wokulunga”
IGenesisi 12–17; Abrahama 1–2
Ngenxa yesivumelwano uNkulunkulu asenza naye, u-Abrahama ubizwa ngokuthi “ubaba wabathembekileyo” (IMfundiso Nezivumelwano 138:41) kanye “noMhlobo kaNkulunkulu” (EkaJakobe 2:23). Izigidi namhlanje zimhlonipha njengokhokho wazo ngqo, abanye sebeyingxenye yomndeni wakhe ngokuguqukela evangelini likaJesu Kristu. Nakuba kunjalo u-Abrahama wayevela emndenini owawunezinkinga—uyise, owayeshiye ukukhonza uNkulunkulu ngokuyikho, wazama ukunikela ngo-Abrahama konkulunkulu bamanga. Ngaphandle kwalokho, izifiso zika Abrahama kwakungukuba “ngumlandeli omkhulu wokulunga” (Abrahama 1:2), futhi indaba ngempilo yakhe iyakhombisa ukuthi uNkulunkulu wazihlonipha izifiso zakhe. Impilo ka-Abrahama iwubufakazi bokuthi akukhathaleki ukuthi umlando womndeni womuntu ubunjani, ikusasa lingagcwaliswa ngethemba.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UNkulunkulu uzongibusisa ngokholo lwami nezifiso ezilungile.
IGosa uNeil L. Andersen wasifundisa wathi, “Sonke sifundiswa yimindeni namasiko ethu futhi nokho ngikholwa wukuthi kukhona indawo ngaphakathi kwethu esikwazi ukuyilawula nokuyidala ngokwehlukile futhi umuntu ngamunye. … Ekugcineni, izifiso zethu zangaphakathi zinikwa ukuphila futhi zibonakala ekukhetheni kwethu nasezenzweni zethu” (“Educate Your Desires, Elder Andersen Counsels,” ChurchofJesusChrist.org Cabanga indlela u Abrahama 1:1–9 akukhombisa ngayo lokho okwafundiswa yiGosa u-Andersen. Imibuzo efana nalena ingakusiza:
-
Wayefisani u-Abrahama? Zazibonakala kanjani ezenzweni zakhe izifiso zakhe? Wazisekela kanjani isifiso zakhe uNkulunkulu?
-
Yiziphi izifiso zakho? Zibonakala kanjani ezenzweni zakho? Ukusekela kanjani uNkulunkulu?
-
Yimuphi umyalezo oqukethwe yilamavesi kubantu abanamalungu omndeni angakufisi ukulunga?
Esinye sezifiso ezinkulu zika-Abrahama noSara—sokuba nomntwana—asizange sigcwaliseke iminyaka eminingi (bheka IGenesisi 15:1–6). Ufundani kumaHeberu 11:8–13 mayelana nendlela u-Abrahama noSara ababhekana ngayo nalolu vivinyo? Ukusiza kanjani uMsindisi ukuba “wamukele” izithembiso Zakhe, noma “zikude”?
Bheka futhi (ividiyo) i“Deliverance of Abraham”, UMtapo woLwazi weVangeli
Deliverance of Abraham
IGenesisi 12:1–3; 13:15–16; 15:1–6; 17:1–8, 15–22; Abrahama 2:6–11
UNkulunkulu ufuna ngenze futhi ngigcine izivumelwano Naye.
Kubaluleke ngani kuwe ukuba wazi ngesivumelwano uNkulunkulu asenza no-Abrahama? Ngoba uNkulunkulu ufuna ukwenza isivumelwano esifanayo nawe. Wathembisa ukuthi lesi sivumelwano sasizoqhubeka esizukulwaneni sika-Abrahama, noma “imbewu,” nokuthi “bonke abemukela leliVangeli kuzaku… thiwa yinzalo yakho” (bheka ku Abrahama 2:10–11). Ngamanye amazwi, isivumelwano siyaqhubeka kuwe—lapho ubhabhadiswa futhi ngokuphelele lapho wenza izivumelwano ethempelini (bheka KwabaseGalathiya 3:26–29.; IMfundiso neziVumelwano 132:30–32).
Ngaleso sizathu, ungahle ukuthande ukufunda u-Abrahama 2:6–11 bese wenza uhlu lwalokho, kanye, uNkulunkulu akwethembisa u-Abrahama noSara (bheka futhi UGenesise 12:1–3; 13:15–16; 15:1–6; 171–8, 15–22). Zingasebenza kanjani lezi zibusiso Kuwe
Ezinye zalezi zethembiso zinokwaphakade okuhambisana nazo. Izethembiso ezifana nezwe eliyifa noma isizukulwane esikhulu zigcwaliseke kanjani phakade? (bheka IMfundiso neziVumelwano 131:1–4; 132:20–24, 28–32).
Ngaphandle kokwethembisa izibusiso, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuba “abe yisibusiso” (IGenesisi 12:2; kwengezwe ukugcizelela). Ucabanga ukuthi kusho ukuthini lokho? Uzoba kanjani wena yisibusiso? (bheka u-Abrahama 2:11).
Ukuze afundise ngezivumelwano, iGosa uDale G. Renlund wakhuluma ngamagagasi eMfuleni i-Amazon, noMongameli Emily Belle Freeman wakhuluma ngokuhamba endleleni enamatshe neqakala elephukileyo (bheka ku- “Accessing God’s Power through Covenants,” ILiyahona, ngoMeyi 2023, 35–37; “Walking in Covenant Relationship with Christ,” ILiyahona, ngoNov. 2023, 7–79). Cinga owodwa noma yomibili yalemiyalezo ukuze uthole imisho ezosiza ukuphendula umbuzo “Kungani uNkulunkulu efuna ngenze izivumelwano Naye?”
Mema abantu ukuba bafundisane. Uma ufundisa abomndeni wakho noma ikilasi esontweni ngezivumelwano, cabanga ngokunika umuntu ngamunye ingxenye yenkulumo yeGosa uRenlund noma kaMongameli uFreeman ukuba bayifunde. Bese bangabe sebabelana nawo wonke umuntu ngezinto abazifundileyo. Lokhu kuvumela abantu ukuba babelane ngobufakazi futhi bafunde omunye komunye, futhi lokhu kumema uMoya oNgcwele. (Bheka i Teaching in the Savior’s Way, 26.)
Bheka futhi iziHloko nemiBuzo, “IsiVumelwano no-Abrahama,” Umtapo woLwazi weVangeli; “Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni,” kulensiza.
The Abrahamic Covenant [IsiVumelwano sika-Abrahama], ngu Dilleen Marsh (imininingwane)
IGenesisi 14:18–19; Ukuhumusha okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 14:25–40
“UMelkisedeki wayeyindoda yokholo.”
Zicabange ngokuthi ubuwethula uMelkisedeki kumuntu ongamazi. Ubuzothini? Bheka imibono kwi Ukuhumusha okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 14:26–27, 33–38 (esithasiselweni semiBhalo engcwele); Alima 13:13–19; IMfundiso neziVumelwano 107:1–4. Yiziphi izimfanelo ezifana nezika Kristu ozithola kulezi zincazelo ngoMelkisedeki? Ukufunda kwakho ngempilo kaMelkisedeki kuyithinta kanjani indlela obuka ngayo ubuPhristi bukaMelkisedeki?
IGenesisi 14:18–24; Ukuhumusha okwenziwa nguJoseph Smith, 14:36–40
U-Abrahama wakhokha okweshumi.
Ufundani ngendlela u-Abrahama abuka ngayo izinto maqondana nengcebo kwiGenesisi 14:18–24 naku Ukuhumusha okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 14:36–40 (KwisithasiselosemiBhalo eNgcwele) ? Isibonelo, qaphela impendulo yakhe enkosini yaseSodoma kwiGenesisi 14:23. Ngabe ukulalela uMthetho wokweshumi kuyithinte kanjani indlela obuka ngayo imali?
IGenesisi 16
UNkulunkulu uyangizwa.
Njengoba ufunda incwadi ka Genesisi 16, ungahle ucabange ngesikhathi lapho wawunomuzwa wokuthi wawuphethwe ngendlela engafanele, njengoba kwenza uHagari. Qaphela ukuthi igama u “Ishmayeli” lisho ukuthi “uNkulunkulu uyezwa.” Ukukhombise kanjani uNkulunkulu ukuthi ukuzwile?
Bheka futhi iculo elithi “ Secret Prayer,“ Isihlabelelo, no. 144.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa abaNtwana
UJesu Kristu uzongihola ngesandla.
-
Njengoba wena nabantwana bakho nifunda u-Abrahama 1:18 no 2:8, ungabamema ukuba balalele ingxenye ethile yomzimba okukhulunywa ngayo kuwo womabili amavesi. Mhlawumbe ningadlala umdlalo lapho umntwana evala khona amehlo akhe bese wena umholela endaweni ethile ngesandla. Ningabe senikhuluma ngokuthi kuzwakala kanjani ukuba uJesu Kristu asihole ngesandla noma asivikele na?
IGenesisi 13:5–12
Ngingaba ngumenzi wokuthula.
-
Abantwana bakho bangahle bakuthokozele ukulingisa indaba ekuGenesise 13:5–12, bezenza u-Abrahama, uLoti, kanye nabelusi bezinkomo. Singasilandela kanjani isibonelo sika-Abrahama sokuba ngumenzi wokuthula emindenini yethu noma kubangane? Zama ukulingisa impendulo yabo.
Lot’s Choice [Okwakhethwa nguLothi], nguWilliam Fredericks © Providence Collection/licensed from goodsalt.com
IGenesisi 13:16; IGenesisi 15:1–6; 17:1–8; Abrahama 2:9–11
UNkulunkulu ufuna ngenze izivumelwano Naye.
-
Cabanga ngokukhombisa abantwana bakho isitsha esinesihlabathi, izinkanyezi esibhakabhakeni sasebusuku, noma isithombe esisekugcineni kwalesi sifundo. Lokhu kungabasiza baqonde izithembiso zikaNkulunkulu ezikuGenesisi 13:16; 15:1–6. Khuluma ngokuthi ufunde kanjani ukwethemba izithembiso zikaNkulunkulu, nalapho zibonakala zingenakwenzeka khona.
-
Ukufundisa abantwana bakho ngezivumelwano, bacele bakutshele ngesikhathi lapho benza khona isethembiso noma lapho kukhona owenza khona isethembiso kubo. Uma kungasiza, yabelana nabo ngezibonelo zakho—okubalwa kuzo izivumelwano ozenze noNkulunkulu ngesikhathi ubhabhadiswa noma usethempelini. Zibuthinte kanjani ubudlelwane bakho noNkulunkulu izivumelwano zakho na? Khetha imishwana embalwa kuGenesise 15:1–6; 17:1–8; Abrahama 2:9–11 ukuze nabelane ngezinye zezibusiso uNkulunkulu azethembisa u-Abrahama noSara.
-
Ukusiza abantwana bakho balungiselele ukwenza isivumelwano noNkulunkulu lapho sebebhabhadiswa, ungasebenzisa amasu okwenziwayo kwi sithasiselo A noma Isithasiselo B.
Abrahama 1:12–17; IGenesisi 16:7–11
UNkulunkulu uyangizwa.
-
Lapho impilo ka-Abrahama yayisengozini, wabiza uNkulunkulu. Lapho uHagari eyedwa ehlane, wafunda ukuthi uNkulunkulu wamuzwa. Cabanga ngokwabelana nabantwana bakho ngalezi zindaba ezimbili: “Abrahama and Sarah” nethi ”UHagari” kwi zindaba zeTestamente eliDala, 28–31, 32–33. Sifundani ngoNkulunkulu kulezi zindaba? Ningabe senabelana ke futhi omunye nomunye ngesikhathi lapho nezwa khona ukuthi uNkulunkulu wayenizwile. Iculo elifana no “A Child’s Prayer” (Amaculo Abantwana, 12–13) lingabasiza ukuqinisa lesi simiso.
Abraham and Sarah
Hagar
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.