Wozani, Ngilandeleni
NgoFebhruwari 9–15. “UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi”: IGenesisi 6–11; Mose 8


“NgoFebhruwari 9–15. ‘UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi’: IGenesisi 6–11; Mose 8,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoFebhruwari 9–15. ‘UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

izilwane ziphuma emkhunjini noNowa kanye nomkakhe bemi phezu kwedwala

Jehova Keeps a Promise [UJehova Uyasigcina isiThembiso], nguSam Lawlor

NgoFebhruwari 9–15: “UNowa Wathola Umusa Emehlweni eNkosi”

IGenesisi 6–11; Mose 8

Njengoba siphila ezinsukwini zokugcina, sinesizathu esikhethekile sokunaka indaba yaZamcolo. Ngesikhathi uJesu Kristu efundisa ukuthi kufanele sikubheke kanjani uKuza Kwakhe kwesiBili, wathi, “Njengoba kwakunjalo ezinsukwini zikaNowa, kuyoba njalo futhi ekuzeni kweNdodana yoMuntu” (Joseph Smith—Mathewu 1:41). Phezu kwalokho, amazwi achaza izinsuku zikaNowa njengokuthi “umhlaba wonakele” kanye nokuthi “ ugcwele udlame,” singasho kalula sithi achaza isikhathi sethu (IGenesisi 6:12–13; Mose 8:28). Indaba yomBhoshongo waseBabele nayo izwakala ihambisana nezinsuku zethu, njengoba ichaza ngokuzikhukhumeza okwalandelwa wukudideka kanye nenhlukano.

Lezi zindaba zasendulo zibalulekile hhayi nje ngoba zisikhombisa ukuthi ububi buphinde bube khona emlandweni womhlaba. Okubaluleke kakhulu, zisifundisa ukuthi senzeni mayelana nalokhu. UNowa “wathola umusa emehlweni eNkosi” (uMose 8:27). Futhi imindeni kaJarede nomfowabo yaphendukela eNkosini futhi yavikelwa ekudidekeni kanye nasekuhlukanisweni eBabele (bheka u-Etere 1:33–43). Uma sizibuza ukuthi singazigcina kanjani siphephile nemindeni yethu ngesikhathi senkohlakalo kanye nodlame, lezindaba ezitholakala kulezi zahluko zinokuningi ezingasifundisa kona.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IGenesisi 6; Mose 8

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Khona ukuphepha ngokomoya ekulandeleni umphrofethi weNkosi.

Ingabe ubona okuthile encazelweni yezinsuku zikaNowa okubonakala kufana nezimo zezinsuku zethu? Ikakhulukazi, bheka ku-Mose 8:15–24, 28. Yiziphi izindikimba ozibona ziphindaphindiwe?

Okukodwa okubalulekile okufanayo ozokubona ukuthi uNkulunkulu wabiza uNowa ukuba abe umphrofethi, futhi ubize umphrofethi nanamuhla. Ungase futhi wakhe uhlu lwamaqiniso owafundayo ngabaphrofethi ku-Mose 8:13–30. Ngabe umphrofethi wethu ophilayo ufana kanjani noNowa? Kunjalo, umphrofethi weNkosi namuhla akaxwayisi ngoZamcolo noma asimeme ukuthi sisize ukwakha umkhumbi. Kepha usixwayisa ngani? Futhi usimema ukuba senzeni? Ukusiza ukuphendula lemibuzo, ungabuyekeza isahluko esiqhamuka kwi-Teachings of Presidents of the Church [Imfundiso zoMongameli beBandla] kuMtapo Wolwazi Wevangeli, ikakhulukazi esigabani esithi “Invitations and Promised Blessings [Izimemo neziBusiso eziThenjisiwe]”. Mhlawumbe ungakhetha isixwayiso esisodwa kanye nesimemo esisodwa esibukeka sibalulekile kuwe.

IGosa u-Allen D. Haynie wafundisa ukuthi, “UBaba oseZulwini opheleleyo futhi onothando ukhethe isifanekiso sokwembula iqiniso ezinganeni Zakhe ngomphrofethi” (“A Living Prophet for the Latter Days,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 25). Cabanga ngokufunda umlayezo weGosa uHaynie, ufune izizathu zokuba nomphrofethi kuwuphawu lothando lukaBaba oseZulwini. Ngabe ukulandela umphrofethi weNkosi kukusize kanjani ukuthi uzizwe uphephile ngokuphila ezinsukwini zokugcina?

Bheka futhiIzihloko kanye Nemibuzo, “Prophets,” Umtapo Wolwazi weVangeli; “Why Do We Have Prophets?” (ividiyo), Umtapo Wolwazi weVangeli.

1:37

Why Do We Have Prophets?

IGenesisi 6:5–13

UZamcolo wawuyisenzo somusa kaNkulunkulu.

Abanye abantu bayazibuza ngobulungiswa bukaNkulunkulu ngokuthumela uZamcolo ukuze “abhubhise abantu” (IGenesisi 6:7). IGosa uNeal A. Maxwell wachaza ukuthi ngesikathi sikaZamcolo, “inkohlakalo yase ifinyelele endaweni ebhubhisa ilungelo lokukhetha kangangokuthi imimoya yayingeke, ngobulungiswa, ithunyelwe lapha” (We Will Prove Them Herewith [1982], 58). Ungase ucabange nangendlela uZamcolo owawuyisenzo sesihe. Ngabe yikuphi okutholayo ku-Genesisi 6:5–13 okukhombisa isihe kanye nothando leNkosi kubantu Bayo?

IGenesisi 9:8–17

Isifanekiselo noma izimpawu zingisiza ngikhumbule izivumelwano zami neNkosi.

Ngokuka-Genesisi 9:8–17, uthingo lenkosazana lukukhumbuzani? Ngabe ­Ukuhunyushwa Okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 9:21–25 (kwiSithasiselo seBhayibheli) kunezelelani ekuqondeni kwakho? Ungase futhi ucabange ukwenza uhlu lwezinye izinto (njengezimpawu, izinto, nanoma yini enye) uNkulunkulu akunike yona ukuze ukhumbule izivumelwano zakho. Lezi zinto zikufundisani? Zikusiza kanjani ukuba ukhumbule?

Futhi Bheka uGerrit W. Gong, “Always Remember Him,” iLiyahona, ngoMeyi 2016, 108–11; “Reverently and Meekly Now,” Isihlabelelo, no. 185.

umbhoshongo ogitshelwa amadoda ngezintambo kanye nezitebhisi

The Tower of Babel [Umbhoshongo waseBabele], nguDavid Green

IGenesisi 11:1–9

Ukulandela uJesu Kristu iyona ndlela kuphela eya kuBaba oseZulwini.

Ukulandisa kwabantu baseBabele abakha umbhoshongo kunikeza umehluko othakazelisayo uma uqhathanisa ukulandiswa kuka-Enoke nabantu bakhe abakha iSiyoni, okufunde ngesonto eledlule. Womabili amaqembu abantu ayezama ukufinyelela ezulwini kodwa ngezindlela ezahlukene. Ngabe abantu baseSiyoni balithola kanjani iZulu (bheka uMose 7:18–19, 53, 62–63, 69). Yini okufundayo ku-Genesisi 11:1–9 kanye no-Helamani 6:26–28 ngabantu baseBabele? Lokhu kusifundisani ngemizamo yethu yokubuyela phambi kukaNkulunkulu. Yikuphi uNkulunkulu asiphe kona ukusisiza “sifinyelele ezulwini”? (IGenesisi 11:4; Futhi bheka NgokukaJohane 3:16).

Funda ngokukhuthala. Ukufunda kungabadakanya okungaphezu nje kokufunda incwadi noma ukulalela. Ngokwesibonelo, lapho ufunda ngoMbhoshongo waseBabele, wena nomndeni wakho noma ikilasi lakho ningabhala, kumapheshana, izinto ezisisusa kuNkulunkulu. Emva kwalokho, kwamanye amapheshana, ungabhala izinto ezisisondeza kuNkulunkulu. Hlela iqoqo lokuqala lamaphepha ngokuma njengesimo sombhoshongo kanye neqoqo lesibili ngokuma kwethempeli.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IGenesisi 6:14–22; 7–8; Mose 8:16–24

Ukulandela umphrofethi kaNkulunkulu kuzobusisa mina kanye nomndeni wami.

  • Abantwana abaningi bayayithanda indaba kaNowa nomkhumbi. Cabanga ukunikeza abantwana bakho amathuba okwabelana ngalokho abakwaziyo ngayo. Ukubasiza, ungasebenzisa izithombe kuloluhlaka, “uNowa noMndeni Wakhe” encwadiniIzindaba zeTestamente eliDala (22–25), kanye nevesi lesithathu le-”Follow The Prophet” (Amaculo Abantwana, 110–11). Abantwana bakho bangase bakujabulele ukulingisa izingxenye zendaba—ngokwesibonelo, ngokwenza sengathi basebenzisa ithuluzi ukwakha umkhumbi noma ukuhamba njengezilwane zingena emkhunjini.

  • Njengoba nikhuluma ngoNowa ndawonye, siza abantwana bakho babone ukuthi sibusiseke kangakanani ngokuba nomphrofethi kaNkulunkulu namuhla. Siza abantwana bakho babheke kuMose 8:16–24 ukuze bathole izinto uNowa azifundisa futhi ezisafundiswa abaphrofethi beNkosi namuhla. Ngabe sibusiseka kanjani uma silalela lezi zimfundiso?

IGenesisi 9:15–16

Unkulunkulu uzozigcina izithembiso Zakhe kumina.

  • Abantwana bakho bangakuthokozela ukudweba noma ukufaka umbala kuthingo lwenkosazana ngesikhathi ukhuluma ngokuthi lumele ini (bheka Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, IGenesisi 9:21–25 [Isithasiselo kwiBhayibheli]). UNkulunkulu wayefuna bacabangeni uNowa nomndeni wakhe njalo lapho bebona uthingo lwenkosazana?

  • Futhi ungase ukhombise abantwana bakho okuthile onakho okukukhumbuza okuthile okubalulekile emiplweni yakho, njengendandatho yomshado, isithombe, noma ijenali. Vumela abantwana bakho ukuba babelane ngezibonelo zabo. Lokhu kungaholela engxoxweni ngezinto ezisisiza sikhumbule izivumelwano zethu, njengesidlo esingcwele, esisisiza sikhumbule isivumelwano esasenza ngesikhathi sibhabhadiswa ukuthi siyolandela uJesu Kristu (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:75–79).

uthingo lwenkosazana oluphindeke kabili

UNkulunkulu watshela umdeni kaNowa ukuthi uthingo lwenkosazana luyoba “uphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani” (IGenisisi 9:12).

IGenesisi 11:1–9

Ukulandela uJesu Kristu iyona ndlela kuphela eya kuBaba oseZulwini.

  • Kungaba mnandi ukwakha umbhoshongo ngamabhulokhi noma ezinye izinto nezingane zakho. Njengoba wenza kanjalo, chaza ukuthi abantu baseBabele babecabanga ukuthi bangangena ezulwini ngokwakha umbhoshongo omude. Bese ningabuka isithombe soMsindisi ndawonye bese uyababuza abantwana bakho ukuthi Usisiza kanjani ukuba sifike ezulwini. Ningabe senikhuluma ndawonye mayelana nezinto eningazenza ukulandela uMsindisi.

  • Ngaphezu kokufunda indaba yombhoshongo waseBabele kuGenesisi 11:1–9, wena kanye nabantwana bakho ningafunda uHelamani 6:28. Ngokwalelivesi, kwakungani lababantu baseBabele bakha lombhoshongo? Kwakungani ukwakhiwa kwalombhoshongo kwakuyindlela engalungileyo yokufika ezulwini? Bese ungacinga ku 2 Nefi 31:20–21 futhi noHelamani 3:28 ngokuthola leyondlela elungileyo yokufika ezulwini. Isiphi iseluleko esingasinikeza abantu baseBabele?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

Umkhumbi kaNowa

Noah’s Ark [Umkhumbi kaNowa], nguAdam Klint Day. adamdayart.com

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ukulandela umphrofethi kuzobusisa mina kanye nomndeni wami