“Imicabango okumele uyigcine emqondweni: IsiVumelwano,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi yeziFundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“IsiVumelwano,” Wozani, Ngilandeleni: 2026
Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni
IsiVumelwano
Kulo lonke iTestamente eliDala, uzovamisa ukuhlangabezana negama elithi isivumelwano. Namuhla sijwayele ukucabanga ngezivumelwano njengezethembiso ezingcwele noNkulunkulu, kepha emhlabeni wasemandulo, izivumelwano zaziyingxenye ebalulekile yokuphilisana kwabantu. Ukuze baphephe futhi baphile, abantu kwakumele bakwazi ukwethembana, kanti ukwenza izivumelwano kwakuyiyona ndlela ephephile yokwethembana.
Ngakho lapho uNkulunkulu ekhuluma noNowa, no-Abrahama, noma noMose ngezivumelwano, wayebamema ukuba bakhe ubudlelwano bokwethembana Naye. Lesi sivumelwano sisibiza ngesivumelwano esisha nesaphakade noma isivumelwano sika Abrahama—okubhekiswe esivumelwaneni uNkulunkulu asenza no-Abrahama no Sara wase eseyasivuselela nezizukulwane zabo u-Isaka no Jakobe (obizwa futhi ngokuthi u-Israyeli). ETestamenteni eliDala, sasaziwa ngokuthi nje “yisivumelwano.” Uzobona ukuthi iTestamente eliDala ngokuyisisekelo liyindaba yabantu ababezibona beyizindlalifa zalesi sivumelwano—abantu besivumelwano.
Isivumelwano sika Abrahama sisaqhubeka nokubaluleka nanamuhla, ikakhulukazi kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ngobani? Ngoba nathi singabantu besivumelwano, noma siyinzalo ngqo ka-Abrahama, no-Isaka, kanye noJakobe noma cha. Ngokwalesi sizathu, kubalulekile ukuba siqondisise ukuthi isivumelwano sika Abrahama siyini futhi sisebenza kanjani kithina namuhla.
Siyini isiVumelwano sika Abrahama?
U-Abrahama wayefuna ukuba “ngumlandeli omkhulu wokulunga” (Abrahama 1:2), ngakho-ke uNkulunkulu wamumema ukuba angene ebudlelwaneni besivumelwani. U-Abrahama wayengesiye owokuqala ukuba nalesi sifiso, futhi wayengesiye owokuqala ukuthola isivumelwano. Phela kwakuyisivumelwano saphakade. U-Abrahama wafuna “izibusiso zobaba” (Abrahama 1:2)—izibusiso ezanikezwa ngesivumelwano ku-Adamu no-Eva ngemva kwalokho kubantu ababefuna lezi zibusiso ngenkuthalo.
Isivumelwano sikaNkulunkulu no-Abrahama sathembisa izibusiso ezimangalisayo: ifa lomhlaba, inzalo eningi, ukufinyelela kwizimiso zobuphristi, kanye negama elalizohlonishwa yizizukulwane ezizayo. Kepha lesi sivumelwano sasingagxilile nje kuphela kwizibusiso u-Abraham nomndeni wakhe ababezozithola kepha futhi nakwisibusiso ababezoba yiso kwabanye abantwana bakaNkulunkulu. “Uzakuba [uyoba] yisibusiso,” kusho uNkulunkulu, “futhi imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe” (IGenesisi 12:2–3).
Ngabe lesi sivumelwano sanika u-Abrahama, uSara, kanye nenzaloyabo ilungelo phakathi kwabantwana bakaNkulunkulu na? Kuphela ngomqondo wokuthi liyilungelo lokubusisa abanye. Umndeni ka-Abrahama kwakufanele “[ulethe] lobu bufundisi nobuPhristi ezizweni zonke,” babelane “ngezibusiso zeVangeli, okuyizibusiso zensindiso, ngisho ukuphila okuphakade” (Abrahama 2:9, 11). Ukuba ngabantu baNkulunkulu besivumelwano kwakungasho ukuthi babengcono kunabanye; kwakusho ukuthi babenomsebenzi wokusiza abanye ukuba babengcono.
Lesi sivumelwano yisibusiso u-Abrahama ayesilangazelela. Emuva kokusithola, u-Abrahama wathi enhlizwyeni yakhe, “Inceku yakho ikufunile ngenhliziyo yayo; manje sengikufumene” (Abrahama 2:12).
Lokho kwakungokwezinkulungwane zeminyaka eyadlula, kodwa lesi sivumelwano sesibuyiselwe ezinsukwini zethu. Futhi njengamanje siyafezeka ezimpilweni zabantu bakaNkulunkulu. Ukufezeka kwesivumelwano kukhula ngomfutho ezinsukwini zokugcina njengoba umsebenzi kaNkulunkulu uqhubeka, ubusisa imindeni emhlabeni wonke. Futhi noma ngubani, njengo-Abrahama, ofuna ukuba ngumlandeli omkhulu wokulunga—noma ngubani ofuna uNkulunkulu ngokuzimisela—angaba yingxenye yawo.
Sisho ukuthini isiVumelwano sika Abrahama Kimi?
Ungumntwana wesivumelwano. Wenza isivumelwano noNkulunkulu ngesikhathi ubhabhadiswa futhi nangesikhathi udla isidlo esingcwele. Futhi wamukela isivumelwano ngokugcwele ngezimiso ezingcwele zethempeli.
Ngalezi zivumelwano nezimiso, siba ngabantu baNkulunkulu. Siboshelwe Kuye “ngezibopho zaphakade.” UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi, “Uma sesenze isivumelwano noNkulunkulu, siyayishiya indawo engathathi hlangothi unomphela. UNkulunkulu ngeke abulahle ubudlelwane Bakhe nalabo abazakhele ubuhlobo obunjalo Naye. Eqinisweni, bonke labo abenze isivumelwano noNkulunkulu banokufinyelela ohlotsheni olukhethekile lothando nesihe. Ngenxa yesivumelwano sethu noNkulunkulu, akasoze akhathala emizamweni Yakhe yokusisiza, futhi asisoze sakuqeda ukusibekezelela Kwakhe okunesihe kithi.” Nizokubona lokhu emlandweni wabantu bakaNkulunkulu besivumelwano eTestamenteni eliDala, futhi nizokubona ezimpilweni zenu njengabanye babantwana Bakhe besivumelwano.
Be Not Afraid [Ungesabi], nguDan Wilson
Lokhu ngukuqonda okuyigugu esikunikeziwe ngenxa yokuBuyiselwa kwesivumelwano no-Abrahama ngoMphrofethi uJoseph Smith. Ngakho-ke, uma ufunda ngezivumelwano kwiTestamente eliDala, ungacabangi nje kuphela ngobudlelwane bukaNkulunkulu no-Abrahama, Isaka, noJakobe. Cabanga nangobudlelwane Bakhe nawe. Lapho ufunda ngesithembiso sesizukulwane esingenakubalwa, ungacabangi kuphela ngalabo abayizigidi ababiza u-Abrahama ngoyise namuhla. Cabanga futhi nangesithembiso sikaNkulunkulu kuwe semindeni yaphakade nokwanda kwaphakade. Lapho ufunda ngesithembiso sezwe eliyifa, ungacabangi nje kuphela ngezwe elathenjiswa u-Abrahama. Cabanga futhi ngalokho umhlaba uqobo odalelwe kona ngokwesilestiyali—ifa elathenjiswa “abamnene” “abalindela uJehova” (NgokukaMathewu 5:5; AmaHubo 37:9, 11). Futhi uma ufunda ngesithembiso sokuthi abantu besivumelwano bakaNkulunkulu bazobusisa “yonke imindeni yomhlaba” (Abrahama 2:11), ungacabangi nje kuphela ngobufundisi buka-Abrahama noma babaphrofethi abehla kusukela kuye. Cabanga futhi nangokuthi ungenzani—njengomlandeli kaJesu Kristu wesivumelwano—ukuba yisibusiso emndenini eseduzane nawe.