Wozani, Ngilandeleni
NgoFebhruwari 2–8. “INkosi Yabiza Abantu Bayo ngeSiyoni”: Mose 7


“NgoFebhruwari 2–8. ‘INkosi Yabiza Abantu Bayo ngeSiyoni’: Mose 7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoFebhruwari 2–8. ‘INkosi Yabiza Abantu Bayo ngeSiyoni’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

U-Enoke eba nombono ngoJesu Kristu

Enoch Sees the Meridian of Time [U-Enoke Ubona Imaphakathi Yesikhathi], nguJennifer Paget

NgoFebhruwari 2–8: “INkosi Yabiza Abantu Bayo ngeSiyoni”

Mose 7

Kuwo wonke umlando, abantu baye bazama ukufeza lokho u-Enoke nabantu bakhe abakufeza: ukwakha umphakathi okahle lapho bungekho khona ubumpofu noma udlame. Njengabantu bakaNkulunkulu, nathi siyakufisa lokhu. Sikubiza ngokwakha iSiyoni, futhi kuhlanganisa—ngaphezulu kokunakekela abantu abaswele nokukhuthaza ukuthula—ukwenza izivumelwano, ukuhlala ndawonye ngokulunga, nokuba munye omunye nomunye noJesu Kristu, “iNkosi yeSiyoni” (uMose 7:53). Uma umhlaba, umphakathi, noma umndeni wakho ungesiko lokhu okufisayo, kuyasiza ukubuza ukuthi, ngabe u-Enoke nabantu bakhe bona bakwenza kanjani lokhu na? Bona bakwenza kanjani ukuthi babe “nhliziyonye futhi [babe] mqondomunye” (uMose 7:18) nakuba babezungezwe yingxabano na? Olwazini oluningi esiluthola encwadini kaMose 7 ngeSiyoni, okubaluleke kakhulu kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina kungaba yilokhu: iSiyoni akulona idolobha nje—yisimo senhliziyo nesomoya. ISiyoni, njengoba iNkosi ikufundisile, “ngabacwebileyo ngenhliziyo” (IMfundiso neziVumelwano 97:21). Ngakho-ke, mhlawumbe indlela enhle kakhulu yokwakha iSiyoni ukuba siqale ezinhlizyweni zethu nasemakhaya ethu.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

UMose 7:16–21, 27, 53, 62–69

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingasiza ukwakha iSiyoni.

Ngesikhathi uMphrofethi uJoseph Smith efunda kokuqala ngo-Enoke neDolobha lakhe lobuNgcwele, wagqugquzeleka. “Wayazi ukuthi usuku lwase lufikile lapho iNkosi yayizobuyisa futhi iSiyoni emhlabeni” (Saints, 1:108–9), futhi waqala indlela yempilo yakhe yonke yokwakha iSiyoni. Ukufunda uMose 7 kungakugqugquzela ukuthi uqhubeke lowomzamo namuhla.

Ungaqala ngokuhlola imibuzo ethi “Iyini iSiyoni?” nokuthi “Ihluke ngani kumhlaba wonke?” Cabanga ukubhala izimpendulo ezifikayo kuwena ngesikhathi ufunda uMose 7, ikakhulukazi amavesi 16–21, 27, 53, 62–69.

Izimpendulo zakho kulemibuzo zingenza kucace ukuthi sisanomsebenzi omningi okumele siwenze ukwakha iSiyoni. Ngakho-ke singakwenza kanjani lokho? Kungase kusize ukucabanga ngezikhathi lapho uzizwe unomuzwa wokuthi “unhliziyonye nengqondo eyodwa” nothize (uMose 7:18). Mhlawumbe bekusewadini, emndenini, noma eqenjini emsebenzini noma esikoleni. Abantu benzani ukuze bakhe ubunye obulungile?

Nazi ezinye izinsiza ongazihlola ukuze uthole amasu nokugqugquzeleka. Khetha okukodwa noma ngaphezulu ozokufunda, bese ubhala phansi lokho ozizwa ugqugquzeleka ukuthi ukwenze ukwakha iSiyoni:

Abangane beduduzana ekilasini leqembu

UNkulunkulu ufuna abantu bakhe babe “nhliziyonye futhi babe mqondomunye” (Mose 7:18).

uMose 7:53

UJesu Kristu “uyiNkosi yeSiyoni.”

Ngabe kusho ukuthini kuwe ukuba noJesu Kristu njengeNkosi yakho na? Qaphela ezinye izibongo zikaJesu Kristu kuleli vesi. Ngabe bakufundisani Ngaye na? Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukungena ngesango futhi [ukhuphuke] ngaKuye”?

Bheka futhi “Come, O Thou King of Kings,” Amaculo, no. 59

Mose 7:28–69

UNkulunkulu uyakhala—futhi athokoze—ngabantwana Bakhe.

Abanye abantu uNkulunkulu bambona njengomuntu okude ongathinteki emizweni Yakhe ngalokho okwenzeka kithi. U-Enoke waba nombono ohlukile ngoNkulunkulu embonweni olotshwe ku Mose 7. Wafundani ngoNkulunkulu—futhi ufundani wena— kumavesi 28–40? Ucabanga ukuthi kungani u-Enoke wamangala ukubona uNkulunkulu ekhala? Kungani kubalulekile kuwena ukwazi ukuthi uyakhala?

Njengoba umbono uqhubeka, u-Enoke naye wakhala. Kepha uNkulunkulu wamtshela nezizathu zokuthokoza. Zibheke kuMose 7:41–69. Yini oyifundayo embonweni ka-Enoke engakusiza “uphakamise inhliziyo yakho, ujabule,” naphezu “komunyu” empilweni yakho (uvesi 44)?

Bheka futhi kuJeffrey R. Holland, “The Grandeur of God,” iLiyahona, Nov. 2003, 70–73.

Mose 7:59–67

UJesu Kristu uzoza futhi ngezinsuku zokugcina.

Umbono ka-Enoke, ikakhulukazi olotshwe kuMose 7:59–67, ungesinye seziphrofetho zokuqala zomlando wokuZa kwesiBili koMsindisi. Yini ekuhlaba umxhwele ngendlela lamavesi achaza ngayo izinsuku zokugcina? Isibonelo, cabanga ngokuthi uzwa ukuthi iziphrofetho ezivela ku vesi 62 zifezeka kanjani. Ngabe lemishwana ikufundisani ngomsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina na?

Bheka futhi uHenry B. Eyring, “Sisters in Zion,” iLiyahona, Nov. 2020, 67–69.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

Mose 7:18–21, 62–63, 68–69

UNkulunkulu ufuna sibe “nhliziyonye futhi mqondomunye.”

  • Ukusiza abantwana bakho bafunde ngo-Enoke neSiyoni, ungasebenzisa“U-Enoke uMhprofethikwiZindaba zeTestamente EliDala (19–21) noma ivesi lesibili le “Follow the Prophet” (Amaculo Abantwana, 110–11). Ngemva kwalokho ungacela abantwana bakho ukuthi bakusize baphinde baxoxe indaba ngamazwi abo. Izithombe zika-Enoke ezikuloluhlaka zingase zisize.

  • Nansi enye yezindlela ongasiza ngayo abantwana bakho ukuba baqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba “nhliziyonye futhi babe mqondomunye” (uMose 7:18): Yenza inhliziyo yephepha bese uyisika ibe yizicucu, ezanele ukuba umntwana ngamunye abe naso. Bayeke babhale igama labo ocezwini labo lwenhliziyo bese besebenzisana ukuyihlanganisa leyo inhliziyo. Ngesikhathi benza njalo, ungase ukhulume ngezinto ozithandayo ngomntwana ngamunye.

umama esingatha indodakazi
  • Siza abantwana bakho babale ukuthi igama elithi “Siyoni” livela kangaki kuMose 7:18–21, 62–63, 68–69. Ngaso sonke isikhathi lapho bethola igama, basize bathole ukuthi ivesi lithini ngeSiyoni (bheka futhi iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Siyoni,” Umtapo woLwazi weVangeli). Singafana kanjani nabantu abachazwe kulamavesi na?

Khuthaza ukufunda umbhalo ongcwele womuntu siqu. Noma ngabe ufundisa umndeni wakho ekhaya noma ikilasi ngeSonto, enye yezindlela ezinhle kakhulu ongasiza ngayo abanye bakhe ukholo oluhlala njalo kuJesu Kristu ukubasiza ukuba bazijwayeze ukuzifunela ulwazi lwabo ngemibhalo engcwele. Yabelana ngolwazi onalo ngemibhalo engcwele, futhi ukhuthaze amalungu omndeni noma ekilasi ukuthi abelane ngolwazi lwabo. Uma sizwa ukuthi ukufunda imibhalo engcwele kubabusisa kanjani abanye, sivame ukugqugquzeleka ukuthi sifune lezi zibusiso ezifanayo eNkosini. (Bheka encwadini ethi Ukufundisa Ngendlela yoMsindisi25.)

Mose 7:32–33

UBaba oseZulwini ufuna ngikhethe ukulandela Yena.

  • Ukwethula uMose 7:32–33 ebantwaneni bakho, ungase ukhulume nabo mayelana nokukhetha obekufanele bakwenze kamuva nje. Bese nifunda amavesi ndawonye ukuze nithole ukuthi uBaba oseZulwini ufuna ukuthi sikhetheni. Yiziphi izinqumo esingazenza ukukhombisa ukuthi sikhetha Yena? Mhlawumbe abantwana bakho bangashintshana ngokulingisa enye yalezi zinqumo lapho ezinye ziqagela ukuthi isenzo simeleni.

Mose 7:59–67

UJesu uzobuya emhlabeni.

  • Ku Mose 7:59, u-Enoke ubuza iNkosi umbuzo. Mema abantwana bakho ukuthi bawuthole, futhi bese uyacela ukuthi bathole impendulo kwivesi 60. Ungase futhi uxoxe nabo ngesikhathi lapho babelindele ukuthi othize abuyele ekhaya. Babuze ukuthi bazizwa kanjani nokuthi benzeni ukuzilungiselela. Singakulungiselela kanjani ukubuya kukaJesu na?

  • Cabanga ngokubonisa izithombe zezikhathi lapho uMsindisi ebonakala kubantu (njenge Gospel Art Book, nos. 60, 82, 83, and 84). Benzani abantu ezithombeni? Bazizwa kanjani abantu lapho behlangana noJesu? Ungakwazi futhi ukucula iculo mayelana nokuZa kwesiBili kukaMsindisi, njenge lithi “When He Comes Again” (Amaculo Abantwana, 82–83), bese ubuza abantwana ukuthi bacabanga ukuthi kuyoba njani lapho uJesu ebuya futhi. Vumela abantwana babelane ngokuthi bazizwa kanjani ngokubona uJesu lapho Ebuya futhi.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

U-Enoke nabantu abavela edolobheni laseSiyoni beguqulwa

City of Zion Translated [IDoloba laseSiyoni Liguqulwa], nguDel Parson

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: UNkulunkulu ufuna sithandane