Wozani, Ngilandeleni
NgoJanuwari 26–Februwari 1. “Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubantwana Bakho”: IGenesisi 5; Mose 6


“NgoJanuwari 26–Februwari 1. ‘Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubantwana Bakho’: IGenesisi 5; Mose 6” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJanuwari 26–Februwari 1. ‘Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubantwana Bakho’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

U-Adamu no-Eva

Better Than Paradise [Kungcono kuneParadesi]nguKendal Ray Johnson

Januwari 26–Februwari 1: “Zifundise Lezi Zinto Ngokukhululekileyo Kubantwana Bakho”

IGenesisi 5; Mose 6

Okuningi okutholakala kuGenesisi 5 kuwuhlu lwezizukulwane phakathi kuka-Adamu no-Eva kanye noNowa. Sifunda ngamagama amaningi, kodwa asifundi okuningi ngawo. Bese sifunda ngalo musho ohlaba umxhwele kodwa ongenancazelo: “U-Enoke wayehamba noNkulunkulu: kepha wayengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.” (IGenesisi 5:24). Nakanjani kufanele ukuthi ikhona indaba ehambisana nalelo vesi! Kodwa ngaphandle kwencazelo eyengeziwe uhlu lwezizukulwane luyaqhubeka, kuyaqhutshekwa nokulandisa ngezizukulwane.

Ngokubonga, uMose 6 wembula imininingwane yendaba ka-Enoke—futhi yindaba impela. Sifunda ngokuthobeka kuka-Enoke, ukungazethembi kwakhe, okwabonwa nguNkulunkulu kuye ngokunokwenzeka abe yiko, kanye nomsebenzi omkhulu awenza njengomprofethi kaNkulunkulu. Siphinde futhi sithole isithombe esicacile ngomndeni ka-Adamu no-Eva ngesikhathi ukhula izizukulwane ngezizukulwane. Sifunda “ngokubusa okukhulu” kukaSathane kodwa futhi nangabazali ababefundisa abantwana “izindlela zikaNkulunkulu“ (uMose 6:15, 21). Okuyigugu kakhulu esikutholayo ngemfundiso laba bazali ababeyifundisa: ukholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, kanye nokwamukela uMoya oNgcwele (bheka uMose 6:50–52). Leyo mfundiso, njengobuphristi obuhambisana nayo, “yayikhona ekuqaleni [futhi] iyoba khona nasekupheleni komhlaba futhi” (uMose 6:7).

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uMose 6:26–36

Isono sinciphisa ikhono lami lokubona, ukuzwa, nokulalela izinto zikaNkulunkulu.

Njengoba ufunda uMose 6:26–36, yini oyifundayo ngemiphumela yesono? Uyibone kanjani lemiphumela? Yiziphi izimfanelo u-Enoke ayenazo ezamsiza wanqoba lemiphumela? Wambusisa kanjani uNkulunkulu ngenxa yalokho?

uMose 6:26–47

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
UNkulunkulu ungibiza ukuba ngenze umsebenzi Wakhe naphezu kobuthakathaka bami.

Uma uke wazizwa uphela amandla ngalokho iNkosi ekubizele ukuba ukwenze, awuwedwa. Ngisho no-Enoke wazizwa ngaleyo ndlela ngesikhathi iNkosi imbiza ukuba abe ngumphrofethi. Njengoba ufunda uMose 6:26–36, bheka ukuthi kungani u-Enoke azizwa ephela amandla nokuthi iNkosi yathini ukuze imnike isibindi.

Emavesini 37–47, ungabheka izindlela iNkosi eyasekela ngazo u-Enoke futhi yamnika namandla okwenza umsebenzi Wayo (bheka futhi uMose 7:13). Ungaqhathanis isimo sika-Enoke nalezo zabanye abaphrofethi ababezizwa bengalingene nomsebenzi, njengoMose (bheka ku Iksodusi 4:10–16), uJeremiya (bheka UJeremiya 1:4–10), uNefi (bheka ku 2 Nefi 33:1–4), kanye noMoroni (bheka ku Etere 12:23–29). Yini ocabanga ukuthi uNkulunkulu ufuna uyifunde kule mibhalo mayelana nomsebenzi akunike wona ukuba uwenze?

u-Enoke ekhuleka

A Seer Hath the Lord Raised Up [Umboni iNkosi iMvusile] (uMose 6:36), ngu Eva Timothy

Abaphostoli nabaphrofethi abaningi banamuhla bazwakalise imizwa efana neka Enoke lapho bechaza ngokuthi kwakunjani ukuthola ubizo lwabo. Isibonelo, funda ngobufakazi beGosa u-Ulisses Soares i “Prophets Speak by the Power of the Holy Spirit” (iLiyahona, ngoMeyi 2018, 98–99).

Ungafundani kulaba baphrofethi nabaphostoli ngokuzizwa ungalingani nomsebenzi? Umuzwe nini uMsindisi ekusiza lapho ekucele khona ukuba wenze izinto ezinzima? Cabanga ngokubhala phansi okumbalwa ozohlangana nakho kwikusasa lakho lapho uzodinga ukwethembela osizweni lukaMsindisi. Ungasondela kanjani kulezi zenzakalo ngokholo kuJesu Kristu?

Bheka futhi kuDavid A. Bednar, “Abide in Me, and I in You; Therefore Walk with Me,iLiyahona, ngoMeyi 2023, 123–25; “I’ll Go Where You Want Me to Go,” amaHubo, nombolo. 270.

uMose 6:48–68

Ivangeli likaJesu Kristu lashunyayelwa kusukela ekuqaleni.

Ngenxa yokuthi sinencwadi kaMose, siyazi ukuthi uNkulunkulu ubefundisa abantwana Bakhe ukuthi bangakuthola kanjani ukuhlengwa kusukela ku-Adamu no-Eva. Njengoba ufunda kuMose 6:48–68, cinga lokho okufanele sikwazi nokufanele sikwenze ukuze sithole ukuhlengwa. Qaphela umbuzo ka-Adamu evesini 53. Wake wazibuza lokho ? Ufundani empendulweni yeNkosi emavesini 53–65? Ungahle ucabange ngalamavesi njengomyalezo weNkosi enkonzweni yombhabhadiso ka-Adamu. Yikuphi okufundayo ngombhabhadiso kumyalezo Wayo? Ucabanga ukuthi kungani yaqhathanisa umbhabhadiso noku “zalwa kabusha”? (ivesi 59). Yini ongayenza ukuze uqhubeke noku “zalwa kabusha” impilo yakho yonke?

Bheka izimpawu. Emibhalweni engcwele, izinto noma izehlakalo kungenzeka zivame ukumela noma zibe wuphawu lwamaqiniso angokomoya, ikakhulukazi amaqiniso ngoMsindisi (bheka ku Ukufundisa Ngendlela yoMsindisi7). Lezi zimpawu zinganothisa ukumqonda kwakho nemfundiso Yakhe. Ngokwesibonelo, ufundani ngezimpawu zezinhliziyo nezindlebe kuMose 6:27, amehlo nobumba kuMose 6:35, noma amanzi kuMose 6:59–60?

uMose 6:51–62

“Zifundise lezi zinto ngokukhululekileyo kubantwana bakho.”

Emva kokufundisa u-Adamu amaqiniso evangeli likaJesu Kristu, kuMose 6:51–63, iNkosi yatshela u-Adamu ukuba afundise wona esizukulwaneni ezizayo. Cabanga ngokwenza uhla lwalamaqiniso. (Kungahle kusize ukuhlukanisa lamavesi abe ngamaqoqwana, emavesini afana no vesi 51–52, 53–57, 58–60, 61–63). Kungani lamaqiniso eyigugu esizukulwaneni sanamuhla esikhulayo? Yikuphi okunye ongakufunda kwimiyalelo yeNkosi kubazali ku Mosiya 4:14–15 nakwi Mfundiso neziVumelwano 68:25–28; 93–50?

Ukufunda “ngencwadi yokukhumbula” abomndeni ka-Adamu no-Eva ababeyigcina kungase kukukhuthaze noma abomndeni wakho ukuthi nabo benze eyabo incwadi yokukhumbula. Yini ocabanga ukuthi iNkosi ingathanda ukuthi uyifake? Cabanga ngokugcina ulwazi olusencwadini yakho yokukhumbula FamilySearch.org

Bheka futhi kuDieter F. Uchtdorf, “Jesus Christ Is the Strength of Parents,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 55–59; “Parenting: Touching the Hearts of Our Youth,” “But Why?” (ividiyo), Umtapo Wolwazi Wevangeli.

umndeni ufunda imibhalo engcwele ndawonye

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa abaNtwana

Mose 6:26–34

UNkulunkulu angangisiza ngenze izinto ezinzima.

  • Lapho u-Enoke ebizelwa ukuba ayoshumayela ivangeli, wakhathazeka ngokuthi wayezohluleka. Kodwa uNkulunkulu wamsiza. Fundani ndawonye lendaba kuMose 6:26–34 (bheka futhi indaba ”U-Enoke Umphrofethi” encwadini Izindaba zeTestamende eliDala, 19–21). Kungani u-Enoke ezwa ukuthi wayengeke akwazi ukushumayela ivangeli? (bheka kuMose 6:31). Wamsiza kanjani uNkulunkulu u-Enoke? (bheka kuMose 6:32–34; 7:13).

  • Abantwana bakho bagakuthokozela ukwabelana noma ukulingisa ezinye izibonelo lapho uNkulunkulu esiza abantu ukuba benze izinto ezinzima—isibonelo, uNowa, uDavide, u-Amoni, noma uSamuweli umLamani (bheka Incwadi Yobuciko beVangeli, Izinombolo 7, 19, 7881). Ungabelana futhi ngosudlule kukho wena bese uvumela abantwana bakho bakhulume ngokuthi uNkulunkulu ubasiza kanjani ukuthi bakwazi ukwenza izinto ezinzima.

Mose 6:50–62

Ukholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, umbhabhadiso, nokwamukela uMoya oNgcwele kungilungiselela ukuba ngibuyele kuNkulunkulu.

  • UNkulunkulu wafundisa u-Adamu ukuthi yikuphi okudingeka sikwenze ukuze sibuyele Kuye—ukholo, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, kanye nokwamukela uMoya oNgcwele. Siza abantwana bakho bathole lezi zimiso kuMose 6:52, 57. Ungabe usubasiza babhale inkulumo emfishane mayelana nesinye salezo zimiso. Inkulumo ngayinye ingafaka phakathi nombhalo okuMose 6, osekudlulwe kukho, kanye nobufakazi. Bavumele babelane ngezinkulumo zabo bodwa.

  • Ungakhombisa futhi ngezithombe ezimele imigomo yokuqala yevangeli (bheka umbhalo wokholo wesine). Zibeke ngolayini oholela esithombeni sika Jesu Kristu. Njengoba ufunda ku Mose 6:52, abantwana bakho bangama eduze nesithombe esiyiso lapho bezwa amagama leso sithombe esiwamele.

  • Abantwana bakho bangakuthokozela ukucula amaculo afundisa imigomo ekuMose 6:52, njengo “Faith,” “When I Am Baptized,” kanye “The Holy Ghost” (Children’s Songbook, 96–97, 103, 105.) Basize bathole lemigomo kuMose 6:52.

uMose 6:57–58

UBaba oseZulwini ufuna ukuba abazali bafundise abantwana babo.

  • Ukuze ukhuthaze abantwana bakho ukuthi basekele abazali babo kwindima yabo njengothisha bevangeli, cabanga ngokucela umntwana ukuba afunde kuMose 6:58 bese ekhomba umyalelo uNkulunkulu awunika abazali. Ungabe usukhombisa isithombe sika-Adamu no-Eva befundisa abantwana babo (njengaleso esisekugcineni kwaloluhlaka) bese uvumela abantwana ukuba bakhulume ngokuthi yini abayibonayo esithombeni. Abantwana bakho bangadweba izithombe zemindeni yabo ifunda imibhalo engcwele ndawonye, ikhuleka ndawonye, noma idlala ndawonye.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

u-Adamu no-Eva befundisa abantwana babo ngaphansi kwesihlahla

Adam and Eve Teaching Their Children [U-Adamu no-Eva Befundisa Abantwana Babo], nguDel Parson

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: Ivangeli lingifundisa ukuthi ngibuyela kanjani kuBaba oseZulwini