“NgoJanuwari 19–25. Ukuwa kuka-Adamu no-Eva: IGenesisi 3–4; Mose 4–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoJanuwari 19–25. Ukuwa kuka-Adamu no-Eva,” Wozani, Ngilandeleni: 2026
Adam and Eve [U-Adamu no-Eva], nguDouglas M. Fryer
NgoJanuwari 19–25: Ukuwa kuka-Adamu no-Eva
IGenesisi 3–4; Mose 4–5
Ekuqaleni, lendaba yoKuwa kuka-Adamu no-Eva ingabukeka sengathi iyinhlekelele. U-Adamu no-Eva baxoshwa eNsimini enhle yase-Edeni. Bakhishelwa emhlabeni lapho kukhona ubuhlungu, usizi, kanye nokufa (bheka IGenesisi 3:16–19). Futhi bahlukaniswa noBaba wabo oseZulwini. Kodwa amaqiniso abuyisiwe ngoMphrofethi uJoseph Smith encwadini kaMose asinika umbono oyingqayizivele ngoKuwa.
Yebo, iNsimu yase-Edeni yayiyinhle. Kodwa u-Adamu no-Eva babedinga okuningi kunendawo enhle. Babedinga—futhi sonke siyalidinga—ithuba lokukhula. Ukushiya iNsimu yase-Edeni kwakuyisinyathelo sokuqala esasidingeka endleleni yokubuyela kuNkulunkulu neyokufana Naye ekugcineni. Lokho kwakusho ukuthi kwakufanele babhekane nokuphikiswa, ukuthatha izinqumo, ukwenza amaphutha, ukufunda ukuphenduka, nokwethemba uMsindisi, iNhlawulo Yakhe yenza sikwazi ukuqhubekela phambili kanye “nenjabulo yokuhlengwa kwethu” (Mose 5:11). Ngakho-ke, uma ufunda ngoKuwa kuka-Adamu no-Eva, ungagxili kulokhu okubonakala kuyinhlekelele kodwa gxila kakhulu kulokho okungamathuba—hhayi kwiparadesi u-Adamu no-Eva elabalahlekela kodwa kwinkazimulo izinqumo zabo ezisivumela ukuthi siyithole.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IGenesisi 3; Mose 4
UKuwa kwakuyingxenye ebalulekile yohlelo lukaNkulunkulu.
Kuyiqiniso ukuthi isinqumo sika-Adamu no-Eva saholela ebunzimeni obuningi esibhekana nabo enyameni. Kodwa lokho akusho ukuthi siyasisola isinqumo sabo. Ngesikhathi ufunda IGenesisi 3 kanye noMose 4, ungahle uzibuze, kungani uKuwa kwakubalulekile ohleweni lukaNkulunkulu?
Ngokuka Mose 5:9–12, u-Adamu no-Eva bazizwa kanjani ngoKuwa? Ungawasebenzisa kanjani amazwi abo kulokho ohlangabezana nakho kulomhlaba owile? Yikuphi okunye esikufundayo ku 2 Nefi 2:19–25?
Futhi bheka uMosiya 3:19; Alima 12:21–37; futhi IMfundiso neziVumelwano 29:39–43.
Leaving Eden [Ukushiya i-Edeni], ngu-Annie Henrie Nader
IGenesisi 3:1–7; Mose 4:22–31; 5:4–15
UJesu Kristu unikeza ngethemba kanye nokuhlengwa.
Indaba ka-Adamu no-Eva iyindaba yethemba kanye nokuhlengwa uJesu Kristu. Ukubona ukuthi kanjani, ungaqala ngokubheka imiphumela yoKuwa ku IGenesisi 3:1–7; Mose 4:22–31 futhi ngokungamaka noma ukubhala uhlu ngokutholayo. Ngabe lemi phumela ikuthinta kanjani? Bese ungacinga kuMose 5:4–15, ubheka isu likaNkulunkulu lokusihlenga kulezi zehlakalo. Kungani u-Adamu no-Eva “babejabulile” emuva kokuba bavakashelwe ingelosi? Ufundani kubo ngesu likaNkulunkulu?
Futhi bheka “Because of Him” (ividiyo), Umtampo woLwazi weVangeli.
Because of Him
IGenesisi 3:16; Mose 4:22
Ngabe kusho ukuthini ukuthi u-Adamu “uyakubusa phezu” kwa-Eva?
Lendinyana yombhalo ongcwele ngesinye isikhathi ayiqondwa kahle ngoba abaningi bacabanga ukuthi isho ukuthi kulungile ukuba umyeni aphathe kabi umkakhe. Kulesi sikhathi esiphila kuso, abaphrofethi beNkosi bafundise ukuthi umyeni nonkosikazi kumele babonane njengabalingani ekufezeni izibopho zabo ezingcwele emndenini (bheka “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” [Umtapho woLwazi weVangeli]). IGosa uDale G. Renlund noDade uRuth Lybbert Renlund bachaza ukuthi umyeni olungile “uzofuna ukusiza; uzowavuma amaphutha, acele uxolo; uzoshesha ukuthi ancome; uyawacabangela amalungu omndeni wakhe ngezinto abazithandayo; uzozibona enesibopho esinkulu sokuba ahlinzeke umndeni wakhe ‘ngezidingo zempilo kanye nokubavikela’; uzophatha umkakhe ngenhlonipho yonke enokuthoba. … Uzowubusisa umndeni wakhe” (The Melchizedek Priesthood: Understanding the Doctrine, Living the Principles [2018], 23).
Ngiyalidinga ilungelo lokukhetha kanye nokuphikiswa ukuze ngikhule.
IGosa uDale G. Renlund wafundisa, “Umphokophelo kaBaba wethu oseZulwini ngokuba umzali akukona ukuba enze abantwana bakhe benze okulungileyo; kepha ukwenza abantwana bakhe bakhethe ukwenza okulungileyo ukuze ekugcineni bafane Naye” (“Choose You This Day,” iLiyahona, ngoNovemba 2018,104). Kungani kubaluleke kangaka kwisu likaBaba oseZulwini ukuba sikhethe ukwenza okulungileyo?
Ngesikhathi ufunda uMose 4:1–4, bheka ukuthi uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu benzani ukuvikela ilungelo lakho lokuzikhethela—ukukhetha kwakho. Ungafinyelela kanjani emandleni abo okuvikela? Ukuze uthole imibono, cabanga ngokufunda isigaba “Make inspired choices” kwi-For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices 4–5.)
Cabanga futhi ngokufunda okwafundiswa nguLehi ngelungelo lokukhetha ku-2 Nefi 2:11–20, 25–30. Kungani ukuphikiswa kudingekile kwilungelo lokukhetha? Ungakubonisa kanjani ukubonga kwakho kuJesu Kristu ngokukwenza “ukhululeke ukukhetha”? (2 Nefi 2:27).
Futhi bheka uDallin H. Oaks, “Opposition in All Things,” ILiyahona, ngoMeyi 2016, 114–17; IziHloko nemiBuzo, “Ilungelo lokukhetha,” Umtapo Wolwazi weVangeli; “Choose the Right,” Amahubo, no. 239.
Phakamisa ukubamba iqhaza. Imisebenzi eminingi yokufunda ingenziwa umuntu oyedwa, umndeni, noma ikilasi; ngamaqembu amancane; noma ngababili. Sebenzisa izindlela ezahlukahlukene ukuvumela abantu abangavamile ukuthi babambe iqhaza. Kulo msebenzi, ungamema umuntu oyedwa noma iqembu ukuthi lifunde uMose 4 kanye ne For the Strength of Youth(Okwakha Intsha) Isiqondiso ngesikhathi elinye iqembu libe lifunda amavesi aku2 Nefi 2. Bangafundisana ukuthi bafundeni ezigabeni zabo.
USathane ufuna “ukuthi ukukhohlisa futhi aphuphuthekise” mina.
Ngesikhathi ufunda uMose 4:4–12; 5:13–33, cabanga ngokubhala uhlu lwezindlela uSathane azama ngazo ukulinga u-Adamu no-Eva nabantwana babo. Ngabe uzizama kanjani lezizinto namuhla? Ukusiza kanjani uBaba oseZulwini ukuba uzivikele kwizinkohliso zikaSathane?
“Mina, iNkosi uNkulunkulu … ngaba gqokisa.”
Emva kokuba badle isithelo esasingavunyelwe, u-Adamu kanye no-Eva bazama ukufihla ubunqunu babo. Kamuva, iNkosi yanikela ukubagqokisa. Ngesikhathi ufunda uMose 4:13–16, cabanga ngalokhu okulandelayo:
-
Zindla ngokuthi ubunqunu kanye nezembatho zingamelani emibhalweni engcwele (bheka, isibonelo, ISambulo 7:9, 13–15; 2 Nefi 9:14; IMfundiso neziVumelwano 109:22–26, 76). Ufundani kulokho okwenzeka ku-Adamu no-Eva ngobunqunu kanye nezembatho?
-
Uma usuwembathisiwe ethempelini, cabanga ngalokho u-Adamu no-Eva abangakusho kuwe ngokubaluleka kwesembatho sakho sasethempelini nokuthi simele ini.
Futhi Bheka “Sacred Temple Clothing” (ividiyo), Umtapo Wolwazi weVangeli.
Sacred Temple Clothing
UNkulunkulu uzoyamukela iminikelo yami uma ngiyinikela ngenhliziyo efunayo nelalelayo.
Ngesikhathi ufunda uMose 5:4–9, 16–26, ake ucabange ngesimo sengqondo sika-Adamu kanye no-Eva namadodana abo uKhayini no-Abela uma ubhekisa kumnikelo. Ngabe kungani iNkosi yemukela umnikelo ka-Abela kodwa yawenqaba okaKhayini?
Yikuphi lokho iNkosi ecela unikele ngako? Ngabe kukhona yini okufundayo kulamavesi okuguqula indlela ocabanga ngayo ngaleyomnikelo?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
UJesu Kristu usisindisa Ekuweni.
-
Ukuze usize abantwana bakho baqonde kangcono ngoKuwa kuka-Adamu kanye no-Eva, ungakopisha izithombe kwindaba “U-Adamu kanye no-Eva” (encwadini Izindaba zeTestamente eliDala, 13–16) bese uyazisika uzikhiphe. Ngemva kwalokho ningasebenza ndawonye ukuhlela izithombe ngokulandelana kwazo njengoba nixoxa ngalokho u-Adamu no-Eva abadlule kukho. Njengoba wenza, khuluma ngokuthi kungani kwakubalulekile, ohlelweni lukaBaba oseZulwini, ukuba u-Adamu no-Eva bashiye insimu yase-Edene.
-
Abantwana bakho bangaba nomuzwa wokuthokozela iNhlawulo kaJesu Kristu njengoba beqonda ukuthi Wayinqoba kanjani imiphumela yoKuwa. Ngesikhathi nifunda ndawonye uMose 4:25; 6:48; KwabaseRoma 5:12; 2 Nefi 2:22–23, siza abantwana bakho ukuba bathole izindlela zokuqedela lomusho: “Ngenxa yoKuwa, ngi…” Bese, ngesikhathi nifunda ndawonye uMose 5:8–11, 14–15; 6:59; Alima 11:42, bangaqedela lona umusho: “Ngenxa yaJesu Kristu, ngi…” Yabelana ngokubonga kwakho ngoJesu Kristu komunye nomunye.
Ngingakhetha okulungileyo.
-
Cabangela isifundo esilula sokwethula isimiso selungelo lokukhetha: mema abantwana bakho ukuthi badwebe ekhasini lomsebenzi waleli sonto, kodwa ubanikeze umbala owodwa kuphela abazowusebenzisa. Kungani kungabangcono ukuthi ukwazi ukukhetha? Bese ningafunda ndawonye uMose 4:1–4 nixoxe ngokuthi kungani uNkulunkulu efuna sikwazi ukuzikhethela phakathi kokulungile nokungalunganga. Basisiza kanjani uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu ekukhetheni izinqumo ezilungileyo?
-
Siza abantwana bakho bacabange futhi badwebe izithombe zezinqumo ezinhle abangazenza ukuze balandele uJesu Kristu. Noma ningase nicule ndawonye iculo elimayelana nokwenza izinqumo ezilungileyo, njengokuthi “Choose The Right” (Children’s Songbook, 160–61). Ningase nitshele omunye nomunye ngesikhathi enenza isinqumo esihle futhi nixoxe ngendlela enazizwa ngayo ngemva kwalokho.
The Fall [UKuwa], nguRobert T. Barrett
Ngingakhuleka KuBaba oseZulwini.
-
Ngenkathi u-Adamu no-Eva kumele baphume eNsimini yase-Edeni, babengasakwazi ukuba noBaba oseZulwini. Funda uMose 5:4, 8 nabantwana bakho, futhi ubasize bathole ukuthi u-Adamu no-Eva benzani ukuze bazizwe besondele Kuye futhi nokuthi baMuzwe. Yiziphi ezinye izinto esingazisho kuBaba oseZulwini emikhulekweni yethu?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.
In Similitude of the Sacrifice of the Only Begotten of the Father [Ekufanisweni komhlatshelo woZelwe Yedwa kaBaba, nguMike Malm (bheka uMose 5:5–9)