Wozani, Ngilandeleni
Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni: Ukufunda iTestamente eliDala


“Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni: Ukufunda iTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)

“Ukufunda iTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

isithonjana semicabango

Imicabango Okumele Uyigcine Emqondweni

Ukufunda iTestamente eliDala

Ngesikathi uNefi efuna ukugqugquzela abafowabo ukuthi bathembele eNkosini, wabelana ngezindaba ezingoMose kanye nezimfundiso ezivela ku-Izaya. Lapho umphostoli uPawula efuna ukukhuthaza amaKristu okuqala ukuba abe nokholo ezithembisweni zikaNkulunkulu, wawakhumbuza ngokholo lukaNowa, u-Abrahama, uSara, uRahabi, kanye nabanye. Futhi lapho uJesu Kristu etshela abaholi bamaJuda ethi “hlolani imibhalo engcwele,” echaza ukuthi yiyo “efakaza ngami” (NgokukaJohane 5:39), imibhalo engcwele Ayekhuluma ngayo kwakuyimibhalo esiyibiza ngeTestamente eliDala.

Ngamanye amazwi, uma ufunda iTestamente eliDala, ufunda amazwi angeve egqugquzele, eduduzile, futhi ekhuthazile abantu baNkulunkulu iminyaka eyizinkulungwane uqobo.

Kepha ingabe into eyabhalwa kudala kangaka ingakusiza ngempela ukuthi uthole amakhambi ezinkingeni zanamuhla na? Yebo, ingakusiza! Ikakhulukazi uma ungakhumbula ukuthi lingobani ngempela iTestamente eliDala.

ITestamente likaJesu Kristu

Noma ngabe iziphi izinselele wena kanye nomndeni wakho enibhekene nazo, impendulo ihle inguJesu Kristu. Ngalokho ke ukuze uthole izimpendulo eTestamenteni eliDala, funa yena. Angeke kube lula njalo. Kuzofanele uzinikeze isikhathi uzindle futhi ufune ukuholwa ngokomoya. Ngezinye izikhathi uma kukhulunywa Ngaye kuyacaca, njengaku Izaya ethi khona “kithina sizalelwe umntwana, kithina umntwana unikiwe: … Futhi igama lakhe liyakubizwa kuthiwe… iNkosi yoKuthula” (U-IZaya 9:6). Kwezinye izindawo, uMsindisi umelwe kakhulu ngezindlela ezingekho sobala, ngezimpawu nangezifaniso—isibonelo, ngokusebenzisa incazelo yomfanekiso womnikelo wezilwane noma indaba kaJosefa exolela abafowabo futhi ebasindisa endlaleni.

UJesu Kristu emi phezu kwedwala ebheke ulwandle

Light of the World [Ukukhanya kweZwe], nguScott Sumner

Uma ufuna ukholo olukhulu kuMsindisi njengoba ufunda iTestamente eliDala, uzoluthola. Mhlawumbe lokhu kungaba inhloso yezifundo zakho kulonyaka. Khulekela ukuthi uMoya ukuhole ukuze uthole futhi ugxile kuleyo mibhalo, izindaba, kanye neziphrofetho ezizokusondeza kuJesu Kristu.

Kugcinwe NgokukaNkulunkulu

Ungalindeli ukuthi iTestamente eliDdala lizothula kahle umlando oqondile wabantu bonke emhlabeni. Lokhu akusikho okwakuhloswe ukwakhiwa ababhali bokuqala kanye nabahlanganisi. Okwakusemqoka kubo wukuthi bafundise okuthile ngoNkulunkulu—ngohlelo Lwakhe ngabantwana Bakhe, ngokuthi ngabe kusho ukuthini ukuba ngabantu Bakhe besivumelwano, kanye nangokuthi singathola kanjani ukuhlengwa lapho sisilela khona. Ngezinye izikhathi babe kwenza lokho ngokulandisa ngezehlakalo zomlando ngendlela ababewazi ngayo, kuhlanganisa nezindaba zezimpilo zabaphrofethi abakhulu. IGenesisi iyisibonelo salokhu, ngokunjalo nezincwadi ezinjengo Joshuwa, Abehluleli, kanye naMakhosi 1 & 2. Kepha abanye ababhali beTestamente eliDala babengahlosile nhlobo ukulanda ngomlando. Kunalokho, babefundisa ngezindlela zobuciko njengezinkondlo kanye nemibhalo yezincwadi. Amahubo kanye neZaga ngezinye zezincwadi ezifundisa ngaloluhlobo. Bese kuba khona amazwi abaphrofethi aligugu, njengo-Izaya kanye noMalakhi, abakhuluma amazwi kaNkulunkulu ku-Israyeli wasemandulo—Kanye nangezimangaliso zeBhayibheli, basakhuluma nathi nanamhlanje.

Ngabe bonke laba baphrofethi, izimbongi kanye nabahlanganisi balezi zincwadi babazi yini ukuthi amazwi abo ayofundwa ngabantu emhlabeni wonke emva kwezinkulungwane zeminyaka? Asazi. Kepha siyamangala ukuthi yikho ncamashi okwenzekile. Izizwe zavuka zawa, kwanqotshwa amadolobha, amakhosi aphila futhi afa, kepha iTestamente eliDala lalilokhu likhona, kusuka kwizizukulwane ngezizukulwane, kusuka kubabhali ngababhali, kusuka kokunye ukuhunyushwa kuya kokunye. Kunjalo ezinye izinto zalahleka noma zaguqulwa, kepha ngandlela thize kuningi okwagcinwa ngendlela eyisimangaliso.

umphrofethi wasendulo ebhala emqulwini

Old Testament Prophet [UmPhrofethi weTestamente Elidala], nguJudith A. Mehr (imininingwane)

Lezi yizinto ezimbalwa okufanele uzigcine emqondweni ngesikhathi ufunda iTestamente eliDala kulonyaka. UNkulunkulu wayigcina lemibhalo yasendulo ngoba uyakwazi wena kanye nalokhu odlula kuko Ukulungiselele umyalezo wangokomoya oqondene nawe kulamazwi, azokwenza usondelane Naye futhi wakhe ukholo lwakho ohlelweni Lwakhe kanye neNdodana Yakhe eThandekayo. Mhlawumbe Uzokuholela embhalweni noma olwazini oluzobusisa umuntu omaziyo—umyalezo ongawudlulisela kumngani wakho, elungeni lomndeni, noma kulowo okhonza naye. Kuningi okungenzeka. Akujabulisi yini ukukucabanga lokhu na?

UNefi wathi, “Umphefumulo wami uyathokoza ngemibhalo engcwele” (2 Nefi 4:15). Mhlawumbe uzozizwa ngendlela efanayo njengoba ufunda amagama amaningi afanayo nalawa afundwa uNefi—lokho manje esesikubiza ngokuthi iTestamente eliDala.

Izincwadi kwiTestamente eliDala

ETestamenteni eliDala elivamise ukusetshenziswa ngamaKristu amaningi, izincwadi zalo zihlelwe ngendlela ehlukile kunaleyo ndlela ezazihlelwe ngayo ngesikhathi ziqala ukuqoqelwa ndawonye. Ngakho-ke nakuba iBhayibheli lesiHebheru lahlanganisa izincwadi zaba izigaba ezintathu—umthetho, abaphrofethi, nemibhalo—amaBhayibheli amaningi amaKristu ahlela lezi izincwadi ngezigaba ezine: umthetho (iGenesisi–uDutheronomi), umlando (uJoshuwa–u-Esteri), izinkondlo (uJobe–iSihlabelelo Sezihlabelelo), kanye nabaphrofethi (u-Izaya–uMalakhi).

Ngabe kungani lezi zigaba zalezi zincwadi zibalulekile na? Yingoba ukwazi uhlobo lwencwadi oyifundayo kungakusiza wazi ukuthi kufanele uyifunde kanjani.

Nakhu okufanele ukugcine emqondweni ngesikhathi uqala ukufunda “umthetho,” noma izincwadi ezinhlanu zokuqala zeTestamente eliDala. Lezi zincwadi, okuthiwa ngezikaMose, cishe zadlula ezandleni eziningi zababhali kanye nabahlanganisa ndawonye ngokuhamba kwesikhathi. Futhi siyazi ukuthi emva kweminyaka eyamakhulu, “eziningi izingxenye ezisobala futhi eziyigugu” zakhishwa eBhayibhelini (bheka 1 Nefi 13:23–26). Nakuba kunjalo, izincwadi zikaMose zingamazwi kaNkulunkulu agqugquzelwe noma ngabe zinamaphutha enziwa ngabantu—njengayo yonke imisebenzi kaNkulunkulu enikwa abantu basemhlabeni (bheka ku Mose 1:41; ImiBhalo yoKholo 1:8). Amagama kaMoroni, ekhuluma ngemibhalo yeNcwadi engcwele kaMormoni le alekelela ukuba ihlanganiswe ndawonye, ayasisiza la: “Uma kukhona amaphutha kungamaphutha abantu; ngalokho-ke, ungazigxeki izinto zikaNkulunkulu” (ikhasi lesihloko leNcwadi kaMormoni). Ngamanye amazwi, incwadi yemibhalo engcwele akudingeki ukuthi ingabi nawo amaphutha enziwe ngabantu ukuze ibe iziwi likaNkulunkulu.

AmaNothi

  1. Bheka 1 Nefi 4:2–3; 17:23–43; 19:22–23.

  2. Bheka AmaHebheru 11.

  3. Bheka kuRussell M. Nelson, “The Answer Is Always Jesus Christ,” ILiyahona, ngoMeyi 2023, 127–28.

  4. Bheka ILevithikhusi 1:3–4.

  5. Bheka IGenesisi 45–46.

  6. UMongameli uM. Russell Ballard wathi: “Akwenzekanga ngephutha ukuthi sibe neBhayibheli kulesi sikhathi esiphila kuso. Kunabantu abalungileyo ababekhuthazwa uMoya oNgcwele ukuba babhale izinto ezingcwele abazibona kanye namazwi agqugquzelwe abawezwa kanye nabawakhuluma. Kunabanye abantu ababezinikele abakhuthazwa umoya ongcwele ukuba bavikele futhi bagcine lemibhalo” (“The Miracle of the Holy Bible,” ILiyahona, ngoMeyi 2007, 80).