Wozani, Ngilandeleni
NgoJanuwari 12–18. “Ekuqaleni uNkulunkulu Wadala iZulu noMhlaba”: IGenesisi 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5


“NgoJanuwari 12–18. ‘Ekuqaleni uNkulunkulu Wadala iZulu noMhlaba‘: IGenesisi 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5”, Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoJanuwari 12–18. ‘Ekuqaleni uNkulunkulu Wadala iZulu noMhlaba’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026

umhlaba nenyanga

NgoJanuwari 12–18: “Ekuqaleni uNkulunkulu Wadala iZulu noMhlaba”

IGenesisi 1–2; Mose 2–3; Abrahama 4–5

Ngenxa yokuthi umhlaba esikuwo ave umuhle futhi uyababazeka, kunzima ukucabanga umhlaba ngesikhathi “wawungakahleleki, futhi unesikhala,” futhi “ungenalutho futhi uyihlane” (IGenesisi 1:2; Abrahama 4:2). Okukodwa esikufundayo ngendaba yeNdalo ukuthi uNkulunkulu uyakwazi, ngokuhamba kwesikhathi, ukwakha into enhle ebabazekayo lapho khona kungekho lutho oluhlelekile. Kuyasiza ukukhumbula lokho uma impilo ibonakala inokuphithizela. UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bangabaDali, futhi umsebenzi Wabo wobuciko ngathi awukapheli. Bangenza ukukhanya bukhazimule ezikhathini ezimnyama ezimpilweni zethu. Bangagcwalisa ukungabi nalutho kwethu ngempilo. Bangasiguqula sibe izidalwa zaphezulu esidalelwe ukuba yizo. Yilokho okuchazwa ukudalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, ngokufana Naye (bheka IGenesisi 1:26). Sinamandla okuba njengaYe: sibe ngabaphakanyisiwe, abakhazimulisiwe, ngabasezulwini.

isithonjana sokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IGenesisi 1:1–25; Mose 2:1–25; Abrahama 4:1–25

“NgoZelwe Yeda wami ngazidala lezi zinto.”

Nakuba singakwazi konke mayelana nokuthi umhlaba wadalwa kanjani, kuyathakazelisa ukuqaphela lokho uNkulunkulu akhethe ukukuveza ngeNdalo. Ukufundisani ngayo uNkulunkulu kwi Genesisi 1:1–25; Mose 2:1–25; kanye no Abrahama 4:1–25? Kungani Efuna ukuba uzazi lezi zinto? Njengoba uzindla ngalezi zindaba, ungase futhi ucabange ngalokho ezikufundisa kona ngoBaba oseZulwini, uJesu Kristu, umhlaba, kanye nawe.

Ukucebisa isifundo sakho, cabanga ukufunda lamavesi ngesikhathi uphakathi kwendalo kaNkulunkulu noma ngesikhathi ulalele iculo elifana naleli “All Creatures of Our God and King” (Amaculo, no.62). Ungathola izithombe zendalo Yakhe ezikusiza uzizwe unesizotha kuMdali. Cabanga ngokwabelana ngalezi zithombe, zihambisane nobufakazi bakho kwabanye abantu.

Futhi bheka IMfundiso neziVumelwano 101:32–34.

isithombe seNsimu yase-Edene

The Garden of Eden [INsimu yase-Edene], nguGrant Romney Clawson

IGenesisi 1:26–27; Mose 2:26–27; Abrahama 4:26–27

isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli
Ngidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Ngesikhathi ufunda IGenesisi 1:26–27; Mose 2:26–27; futhi no Abrahama 4:26–27, zindla ngokuthi kuchazani ukudalwa “ngomfanekiso” noma “ufuzo” lukaNkulunkulu, owesilisa kanye nowesifazane. Kungani kubalulekile kuwena ukuthi wazi amaqiniso akulamavesi? Isibonelo, lamaqiniso ayithinta kanjani indlela ozibona ngayo, abanye abantu, kanye noNkulunkulu? Angakusiza kanjani lapho uzizwa unemizwa engemihle ngawe?

Ukukusiza ucabange ngalemibuzo, zama ukuqedela umusho ofana nalona: “Ngoba ngiyazi ukuthi ngidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ngikhetha uku…“ Ubuyekeza “Umzimba wakho ungcwele” kwi For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (amakhasi 22–29) kungakusiza. Cabanga ukukhetha into ozoyenza ukuze ubonise uNkulunkulu ukuthi uyazi ukuthi umzimba wakho ungcwele.

Kulevidiyo ethi “God’s Greatest Creation” (Umtapo Wolwazi weVangeli), uMongameli uRussell M. Nelson ufakaza ngesimangaliso somzimba womuntu. Ngesikhathi ubuka lomboniso oqoshiwe, zibuze, “UNkulunkulu ufuna ngizizwe kanjani ngomzimba wami?” Lokhu kuhluke kanjani emilayezweni ongase uyizwe kwabanye abantu?

2:51

God's Greatest Creation

Abanye abantu bangase bathi ukudalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu kusho ukuthi yonke imicabango, imizwa, nezifiso zethu zamukelekile Kuye futhi akudingeki ukuba (noma akwenzeki) sizithuthukise. Ungathini kulokho? Yikuphi ukuqonda okuzuzaya kuMosiya 3:19 Kanye no-Etere 12:27?

Futhi bheka uRussell M. Nelson, “Your Body: A Magnificent Gift to Cherish,” iLiyahona, ngo-Agasti 2019, 50–55.

IGenesisi 1:27–28; 2:18–25; Mose 3:18, 21–24; Abrahama 5:14–18

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu.

“U-Adamu kanye no-Eva bahlanganiswa ndawonye emshadweni walesi sikhathi kanye naphakade ngamandla obuphristi baphakade” (Russell M. Nelson, “Lessons from Eve,” kwi-Ensign, ngoNovemba 1987, 87). Ake uzindle ngalokhu ngesikhathi ufunda kwiGenesisi 1:27–28; 2:18–25; Mose 3:18, 21–25; naku Abrahama 5:14–19. Ungawuphatha kanjani umshado ngobungcwele uNkulunkulu awunike wona?

Futhi Bheka 1 KwabaseKhorinte 11:11; “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” Umtapo Wolwazi weVangeli.

IGenesisi 1:28; Mose 2:28; Abrahama 4:28

Nginesibopho esingimele sokunakekela indalo kaNkulunkulu.

Yikuphi okuphanyiswa IGenesisi 1:28; Mose 2:28; no-Abrahama 4:28 ngesibopho sethu esiqondene nendalo kaNkulunkulu? Yini IMfundiso neziVumelwano 59:16–21 kanye no 104:13–18 ekwengezayo ekuqondeni kwakho?

Futhi Bheka uGérald Caussé, “Our Earthly Stewardship,” iLiyahona, ngoNovemba 2022, 57–59; Izihloko kanye neMibuzo, “Environmental Stewardship and Conservation,” Umtapo Wolwazi weVangeli.

IGenesisi 2:2–3; Mose 3:2–3; Abrahama 5:2–3

UNkulunkulu walubusisa futhi walungcwelisa usuku lweSabatha.

UNkulunkulu wenza usuku lweSabatha lubengcwele, futhi nathi uyasicela ukuba silugcine lungcwele. Ngesikhathi ufunda kwiGenesisi 2:2–3; Mose 3:2–3; no-Abrahama 5:2–3, cabanga ngokuthi yini enza iSabatha “libusisiwe” kuwena.

Futhi Bheka IMfundiso neziVumelwano 59:9–13; “The Sabbath Is a Delight” (ividiyo), Umtapo Wolwazi weVangeli.

0:50

Highlight: The Sabbath Is a Delight

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.

isithonjana sesigaba sabaNtwana 01

Amasu okuFundisa Abantwana

IGenesisi 1:1–25; Mose 2:1–25; Abrahama 4:1–25

UJesu wadala umhlaba.

  • Uzokwenza kanjani ukufunda ngeNdalo kube mnandi kubantwana bakho? Ungabakhiphela ngaphandle bayocinga izinhlobo zezinto ezakhiwa ngesikhathi sokudala ngasinye. Kungenzeka ukuthi abantwana bakho babuye babheke izithombe zezinto ezadalwa uJesu (bheka”UkuDalwa komHlaba” encwadini Izindaba zeTestamente eliDala, 8–12). Bese wena kanye nabantwana bakho nixoxe ngokuthi ithini imizwa yenu ngoJesu Kristu emva kokufunda ngeNdalo.

  • Cabanga ngokucula ndawonye iculo elingomhlaba wethu omuhle, njenge “My Heavenly Father Loves Me” (Children’s Songbook, 228-29). Mhlawumbe abantwana bakho banganezelela engomeni ezinye izinto uNkulunkulu azidalile ezingabasiza ukuba bezwe uthando Lwakhe.

Siza abantwana baveze ubuciko babo. “Ngesikhathi umema abantwana ukuba badwebe, bakhe, bafake umbala, noma babhale okuthile okuphathelene nomgomo wevangeli, ubasiza ukuba bawuqonde kangcono lowo mgomo futhi ubanika isikhumbuzo esithintekayo esimayelana nabakufundile” (Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi32).

IGenesisi 1:26–27; Mose 2:26–27; Abrahama 4:26–27

Ngadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu.

  • Abantwana bakho bangakhulisa umuzwa wesizotha kanye nokuhlonipha umzimba wabo kanye neyabanye njengoba befunda ukuthi sonke sadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ukubasiza ukuba baqonde ukuthi kuchaza ukuthini lokhu, ungabavumela abantwana bakho ukuba babheke umfanekiso wabo esibukweni noma esithombeni ngesikhathi ubafundela uMose 2:26–27. Ungabuye ubakhombise ukuthi izingane zezilwane zivame “ukufana” kanjani nabazali bazo (isibonelo, bheka isithombe kulolu hlaka). Lokhu kungase kuholele engxoxweni yokuthi kungani kubalulekile kuwena ukwazi ukuthi udalwe ngomfanekiso kaBaba wakho oseZulwini.

    Ibhele namawundlu
  • Wena nabantwana bakho ningase nikuthokozele ukudweba isithombe somzimba womuntu bese niyasisika ukuze nenze amaphazili. Ngesikhathi abantwana bakho behlanganisa amaphazili abo, bangakhuluma ngezindlela abangakhombisa ngayo uBaba oseZulwini ukuthi bayayibonga imizimba yabo.

IGenesisi 2:2–3; Mose 3:2–3; Abrahama 5:2–3

Usuku lweSabatha lungcwele.

  • Ngesikhathi ufunda uMose 3:2–3, cela abantwana bakho ukuba balalele ukuthi uNkulunkulu wenzani ngosuku lwesikhombisa. Siza abantwana bakho bathole noma badwebe izithombe zezinto abangazenza ngeSonto ukuze kube usuku olungcwele futhi luhluke kunezinye izinsuku. Abelanani omunye nomunye ngokuthi kungani kubalulekile kuwena ukugcina usuku leSabatha lungcwele.

  • Siza abantwana bakho balingise ukuchazela umngani ukuthi kungani bekhetha ukwenza izinto ngeSonto ezihlonipha uBaba oseZulwini kanye noJesu. Khuthaza abantwana bakho ukuba basebenzise IGenesisi 2:2–3 ezincazelweni zabo. Ukugcina usuku lweSabatha lungcwele kulukhombisa kanjani uthando lwethu ngoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.

UJehova umi emafwini nesandla Sakhe phezu komhlaba awuhlelayo

The Creation [INdalo], ngu-Annie Henrie Nader

Ikhasi lomsebenzi leNhlangano yabaNtwana: UJesu wadala umhlaba