“NgoJanuwari 5-11. ‘Lokhu kunguMsebenzi Wami neNkazimulo Yami’: Mose 1; Abrahama 3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: iTestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoJanuwari 5-11. ‘Lokhu kunguMsebenzi Wami neNkazimulo Yami’,” Wozani, Ngilandeleni: 2026
NgoJanuwari 5–11: “Lokhu Kungumsebenzi Wami Nenkazimulo Yami”
Mose 1; Abrahama 3
Ibhayibheli liqala ngamazwi athi “ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba” (IGenesisi 1:1). Kodwa-ke ngabe yini eyayikhona ngaphambi kwalesi “siqalo”? Futhi kungani uNkulunkulu adala konke lokhu ? NgoJoseph Smith uMphrofethi iNkosi isikhanyisele kulemibuzo.
Isibonelo, Yasinika umbhalo ngombono lapho u-Abrahama abona khona ubukhona bethu sinjenge mimoya “umhlaba ungakabi bikho” (bheka ku Abrahama 3:22–28). INkosi yaphinde yasinikeza ukuhunyushwa okugqugquzelwe noma ukubuyekezwa kwezahluko zokuqala eziyisithupha zikaGenesisi, ezibizwa ngokuthi yincwadi kaMose—engaqali ngokuthi “ekuqaleni.” Kunalokho, iqala ngokwenzeka kuMose okunikeza umongo wendaba eyaziwayo yokuDala. Ndawonye lemibhalo engcwele yezinsuku zokugcina iyindawo enhle yokuqala isifundo sethu seTestamente eliDala ngenxa yokuthi iphendula imibuzo eyisisekelo esihlela ukufunda kwethu: Ungubani uNkulunkulu? Singobani thina? Uyini umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngabe iyiphi eyethu indima kuwo na? Izahluko zokuqala zikaGenesisi singazithatha njengempendulo yeNkosi esicelweni sika Mose: “Yiba nomusa encekwini yakho, O Nkulunkulu, futhi ungitshele ngokuphathelene nalomhlaba, nabantu abakuwo, futhi kanye namazulu” (Mose 1:36).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
Njengomntwana kaNkulunkulu, nginesiphetho saphezulu.
UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi: “Ukuba iNkosi ibikhuluma nawe ngqo, into yokuqala ebingayiqinisekisa wukuthi uyabuqonda ubuwena beqiniso” (Choices for Eternity” [inkonzo yokuzinikela yomhlaba wonke yabadala abasebasha, ngoMeyi 2022], uMtapo woLwazi weVangeli). Kulandela ukuthi uSathane angazama ukukudida kulelophuzu elifanayo. Funa le phethini emyalelzweni kaNkulunkulu oya kuMose ku Mose 1:4, 6 nasemiyalezweni kaSathane ku Mose 1:12. Ufundani kulamavesi ngomehluko phakathi kukaNkulunkulu noSathane?
UMongameli uNelson waphinde wasifundisa wathi, “Indlela ocabanga ngayo mayelana nokuthi ngabe ungubani ngempela cishe ithinta zonke izinqumo oyoke uzithathe” (“Choices for Eternity”). Cabanga ngokwenza uhlu lwalokho okukhethayo ngenxa yokuthi lokho oyikho njengomntwana kaNkulunkulu kuza ngaphambi kwezinye izithikithana.
Yimaphi amavesi noma imishwana eyengeziwe ku Mose 1 ekusiza ukuba uqonde ukubaluleka kwesiphetho sakho saphezulu? Ungafunda futhi kabanzi kumyalezo kaMongameli uNelson kwisigaba se “Choices for Eternity” esinesihloko esithi “First: Know the truth about who you are.” Yikuphi ozizwa ugqugquzeleka ukwenza ukuze wenze ubuwena njengomntwana kaNkulunkulu isihlonzi sakho esibaluleke kakhulu?
Bheka futhi u “I Am a Child of God,” Hymns (1985), no. 301; “Our True Identity” (ividiyo), uMtapo woLwazi weVangeli; IziHloko nemiBuzo, “Children of God,” uMtapo woLwazi weVangeli.
Our True Identity
Ngosizo lweNkosi, ngingakwazi ukumelana noSathane.
Njengoba u Mose 1 usikhombisa ngokucacile, esidlula kukho ngokomoya okunamandla akusho ukuthi ngeke sisalingwa futhi. Eqinisweni, amanye amaqhinga kaSathane wukusilinga ukuba sikungabaze konke lokho. Njengoba ufunda impendulo kaMose kuSathane emavesini 12–26, yini oyifundayo engakusiza ukuba uhlale ngokweqiniso ebufakazini osubutholile? Yini lena eyasiza uMose ekugcineni ukuba anqobe uSathane?
Esinye isifundo esivela kulokho adlule kukho uMose wukuthi uSathane usilinga ngenkohliso yeqiniso namandla kaNkulunkulu. Cabanga ngezinto eziyinkohliso, njengesitshalo esenziwe noma umntwana ongudoli. Wazi kanjani ukuthi ziyinkohliso? Bese ucabanga ngezinkohliso uSathane azisebenzisayo namuhla ukukulinga. Ufundani ku Mose 1:13–18 mayelana nokuthi uzibona kanjani futhi uzenqaba kanjani izinkohliso zakhe? Ingakusiza kanjani iNkosi? (bheka ku Mose 1:24–26).
Bheka futhi ku NgokukaMathewu 4:1–11; inkulumo kaGary E. Stevenson, “Deceive Me Not,” iLiyahona,, Nov. 2019, 93–96; “I Am a Son of God” (ividiyo), uMtapo woLwazi weVangeli.
I Am a Son of God
Ukufunda ekhaya kungahlelwa kodwa futhi kungazenzakalela. “Amathuba okufundisa emndenini avamise ukuba khona ezikhathini zansuku zonke ezingahleliwe—ngesikhathi kudliwa, kusetshenzwa, kudlalwa imidlalo, [noma] kuhanjwa” (Ukufundisa Ngendlela yoMsindisi, 31). Isibonelo, ngaphezu kokufunda ngokuthi uMose wamelana kanjani noSathane ku Mose 1, ningachitha imizuzwana embalwa ngesikhathi sokudla nikhulume njengomndeni ngokuthi nimelane kanjani nethonya lesitha.
Umsebenzi kaNkulunkulu nenkazimulo Yakhe wukungisiza ukuba ngizuze ukuphila okuphakade.
Emva kokubona umbono wendalo kaNkulunkulu, uMose wathi eNkosini: “Ngitshele … kungani lezi zinto zinje” (Mose 1:30). Yini ekuhlaba umxhwele mayelana nempendulo yeNkosi ku Mose 1:31–39? Yimuphi umehluko phakathi kokungafi nokuphila okuphakade? (Bheka kwi ziHloko nemiBuzo, “Eternal Life,” Umtapo woLwazi weVangeli). Usiza kanjani uKristu ukufeza lokhu kokubili? U-Abrahama naye waba nombono, obhalwe encwadini ka Abrahama 3. Utholani emavesini 24–26 okungasiza ekuphenduleni isicelo sikaMose?
Ngangiphila njengomoya ngaphambi kokuba ngizalwe emhlabeni.
Kuncane kakhulu esikwaziyo ngempilo yethu eyandulela eyasemhlabeni. Kodwa okuningi esikwaziyo kuvela embonweni ka-Abrahama ku Abrahama 3:22–28. Njengoba uwafunda lamavesi, yenza uhlu lwamaqiniso owatholayo—okubalwa kuwo namaqiniso ngawe uqobo nango Jesu Kristu. Kungani lamaqiniso ebalulekile kuwe? Enza mehluko muni empilweni yakho?
Bheka futhi iziHloko nemiBuzo, “Premortal Life,” UMtapo woLwazi weVangeli.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa abaNtwana
Ngingumtwana kaNkulunkulu.
-
Emva kokufunda ndawonye umyalezo kaNkulunkulu kuMose Mose 1:4, cabanga ngokuvumela abantwana bakho bazibuke esibukweni futhi bazinike umyalezo ofanayo: “Ngingumntwana kaNkulunkulu.” Emva kwalokho banganikezana lowo myalezo ofanayo omunye komunye: “Ungumntwana kaNkulunkulu.” Ungathola ngisho izithombe zabantu abehlukahlukene bese umema abantwana bakho bakhombe ngamunye bese bethi, “Lona ngumntwana kaNkulunkulu.” Yabelanani omunye nomunye ngokuthi kungani nijabule ukwazi ukuthi ningabantwana bakaNkulunkulu. Luyishintsha kanjani lolulwazi indlela oziphatha ngayo wena nabanye?
-
Wena nabantwana bakho ningaqhathanisa umyalezo kaNkulunkulu obhekiswe kunoMose ku Mose 1:4 ngomyalezo kaSathane evesini 12. Ungabasiza kanjani abantwana bakho bahlukanise phakathi komyalezo kaNkulunkulu kubo nokaSathane ?
Moses Sees Jehova [uMose uBona uJehova], ngu Joseph Brickley (umniningwane)
UBaba oseZulwini unomsebenzi afuna ngimenzele wona.
-
Njengoba ufunda ku Mose 1:6 nabantwana bakho, ungahle ukhulume nabo “ngomsebenzi” uNkulunkulu ayenawo ngoMose. Cabanga ngokusebenzisa iGospel Art Book, nos. 13–16, noma Izindaba zeTestamente eliDala, amakhasi 64–84, ukusiza abantwana bakho babone ukuthi yikuphi uMose akufeza ngosizo lukaBaba oseZulwini. Yimuphi umsebenzi uNkulunkulu anawo ukuba siwenze? (Isibonela, bheka IMfundiso neziVumelwano 11:20).
Ngingakwazi ukumelana nezilingo zikaSathane.
-
Njengoba ufunda uMose 1:12–26 nabantwana bakho, basize bathole ukuthi yikuphi okwenziwa nguMose ukumelana noSathane (bheka amavesi 13, 15, 18, 20–22, 26). Kungabajabulisa ukulingisa ngezinto abazenzayo ukumelana nezilingo (njengokukhuleka, ukuhamba, noma ukucela usizo).
Ngangiphila njengomoya ngaphambi kokuba ngizalwe emhlabeni.
-
Ukwazi ngempilo yethu eyandulela eyasemhlabeni kungagqugquzela abantwana bakho ukuba bakhethe okusekelwe amaqiniso aphakade. Ukubasiza bafunde ngalokho, ungabanika amagama nemishwana esemqoka ukuba bakuthole ku Abrahama 3:22–28, njengo “umhlaba ungakabi bikho,” “imimoya,” “yenza umhlaba,” no“vivinya.” Asifundisani lamavesi mayelana nokuthi kungani uBaba oseZulwini asithumela emhlabeni?
-
Iculo elinjengo “I Will Follow God’s Plan” (Amaculo Abantwana, 164–65) lingagcizelela lokho u-Abrahama 3 akufundisayo. Mhlawumbe ungamema abantwana bakho ukuba badwebe izithombe ezihambisana namagama.
-
Siza abantwana bakho bacabange ngezimo lapho kufanele bakhethe khona ukuthi bazokwenza yini lokho uNkulunkulu abacele ukuthi bakwenze noma cha (bheka u-Abrahama 3:25; bheka futhi For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices). Bavumele bazilolongele izimpendulo ezingenzeka kulezi zimo. Angasisiza kanjani uMsindisi lapho sikhetha ukwenza okungalungile?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.