NgoDisemba 29–Januwari 4 ITestamente lokuQala likaJesu Kristu: Isingeniso seTestamente Elidala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“Isingensio seTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni: 2026
NgoDisemba 29–Januwari 4: ITestamente Lokuqala likaJesu Kristu
Isingensio seTestamente Elidala
Uma ucabanga ukufunda iTestamente eliDala kulonyaka, uzizwa kanjani? Ngabe unokulangazelela na? Ngabe unokungabaza na? Ngabe uyesaba na? Yonke lemizwa iyaqondakala ITestamente eliDala lingeminye yemibhalo yakudala ehlanganisiwe ekhona emhlabeni, lokhu kuletha injabulo kanye nokwethuka. Lemibhalo ivela kusiko-mpilo lwasendulo olungabonakala lungaziwa futhi ngezinye izikhathi lungajwayelekile noma olunganiki ukukhululeka. Nakuba kunjalo kulemibhalo sibona abantu bedlula ezimweni esizijwayele. Sibona iziqubulo zevangeli ezifakaza ngobuNkulunkulu bukaJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe. Yebo, abantu abafana noAbrahamu, noSara, noHana, kanye noDaniyeli babephila izimpilo, ngezindlela ezazihluke kakhulu kwezethu. Kodwa nabo babeyazi injabulo yasemndenini kanye nokungezwani emndenini, babeba nazo nezikhathi zokholo kanye zokuba ezimweni ezingaqinisekile, kanye nezempumelelo kanye nokwehluleka—njengathi sonke. Okubaluleke kakhulu, babonisa ukholo, baphenduka, benza izivumelwano, baba nezehlakalo zikamoya, futhi abazange baphele amandla esithembisweni soMsindisi. Njengoba sifunda ukuthi uNkulunkulu wanyakaza kanjani ezimpilweni zabo, siphinde simbone kwezethu izimpilo, futhi sisho kanye nomhubi: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami, kanye nokukhanya endleleni yami. … Ngakho-ke inceku yakho iyalithanda” (AMahubo 119:105, 140).
Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni
ITestamente eliDala lifakaza ngoJesu Kristu.
Indlela eyodwa yokuthola umsoco onothile ngokwamoya kwiTestamente eliDala ukubheka Isinkwa Sokuphila, uJesu Kristu (bheka NgokukaJohane 6:48). Isibonelo, umbona kanjani uMsindisi kulokhu okulandelayo na?
-
Imana (I-Eksodusi 16:4, 11–15; NgokukaJohane 6:35)
-
Iwundlu lomhlatshelo (I-Eksodusi 12:3–5; NgokukaJohane 1:29)
-
Inyoka yethusi (INumeri 21:4–10; NgokukaJohane 3:14)
-
UJona (UJona 1:4–17; NgokukaMathewu 12:38–41)
Zingifundisani lezi zibonelo Ngaye na? Yiziphi ezinye izinkomba ezikhuluma ngoJesu Kristu kwiTestamente eliDala ozijwayele?
Emlayezweni wakhe “Jesus Christ is the Treasure,” Igosa uDale G. Renlund uyasikhuthaza ukuthi “khumbulani futhi gxilani kuJesu Kristu njalo” (iLiyahona, ngoNov. 2023, 98). Cabanga ngokufunda umlayezo wakhe, ubheke izinto ongazenza ukuze uthole uJesu Kristu hhayi kwiTestamente eliDala kuphela kodwa nasempilweni yakho.
Bheka futhi “Izinhlobo noma izimpawu zikaKristu” kwi-Siqondiso semibhalo engcwele, “UJesu Kristu,” Umtapo Wolwazi weVangeli; “Seek the Lord Early,” Incwadi yamaCulo Abantwana, 108.
Bheka Izimpawu Ezifakaza ngoJesu Kristu. INkosi yafundisa u-Adamu, “Zonke izinto zinesifaniso sazo, futhi zonke izinto zadalwa futhi zenziwa ukuba zifakaze ngami” (Mose 6:63). Noma ngabe uyafunda noma uyafundisa, ukugxila kuJesu Kristu kungakusiza ukuthi uthole incazelo emibhalweni engcwele futhi wandise nothando lwakho kanye nokholo Kuye. (Bheka Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi, 7.)
UJesu Kristu unguJehova kwiTestamente eliDala.
UMongameli uDallin H. Oaks wafundisa: “UBaba wethula iNdodana Yakhe Ezelwe Yodwa, uJesu Kristu, njengoMsindisi kanye noMhlengi wethu futhi wasinika umyalo wokuba ‘simulalele.’ Kusukela kulesi siqondiso siphetha ngokuthi lamazwi alotshiwe emibhalo engcwele akhulunywa ‘nguNkulunkulu’ noma ‘iNkosi’ futhi cishe kungenzeka ukuthi ngazozonke izikhathi bekungamazwi kaJehova, iNkosi yethu evukile, uJesu Kristu” (”The Teachings of Jesus Christ,” iLiyahona, ngoMeyi 2023, 102).
The Teachings of Jesus Christ
Lapho abaholi bamaJuda bebekela uJesu insilele mayelana nokuthi ungubani, Wathi, “Engakabi bikho u-Abrahama, ngangikhona mina.” Lamazwi ashaqisa abantu abazwa uJesu, futhi base belungele ukumkhanda ngamatshe (bheka NgokukaJohane 8:58–59). Cabanga ngokufunda I-Eksodusi 3:13–15; 6:3–5 ukuze ubone ukuthi kwakungani abanye bamaJuda babethukuthele ngalokho ayekushilo uJesu.
Kubaluleke ngani kuwe ukuba wazi ukuthi uJesu Kristu unguJehova na?
INkosi yabuyisa “izinto eziningi ezisobala futhi eziyigugu” ngokusebenzisa uJoseph Smith.
Ngombono, iNkosi yabonisa uNefi ngokuza kweBhayibheli, ichaza ukuthi “izinto eziningi ezisobala futhi eziyigugu” zizokhishwa kulo. Cabanga ngokufunda u1 Nefi 13:21–29, 38–42, ubheke ukuthi iNkosi yayihlele kanjani ukuthi “iyokwenza kwaziwe ngezinto ezisobala kanye neziyigugu.” Ngokusho kuka 2 Nefi 3:12, iBhayibheli kanye neNcwadi kaMormoni kusebenzisana kanjani ndawonye?
Ngesikhathi ufunda iTestamente eliDala kulonyaka, uzobuye ufunde ezinye “zezinye izincwadi” ezabonwa uNefi. Lezi zifaka phakathi:
-
Incwadi kaMose, iyingxenye yokuhunyushwa kweBhayibheli okwenziwa uJoseph Smith. Ibuyisela amaqiniso kanye nezindaba ezingatholakali embhalweni wamanje kwiGenesisi 1–6.
-
Incwadi ka-Abrahama, eyambulelwa uJoseph Smith lapho ehlola ama-papyrus aseGibhithe asendulo (bheka IziHloko neMibuzo, “Incwadi ka-Abrahama,” Umtapo Wolwazi weVangeli).
-
Iziqephu ezahlukahlukene ezivela kumhumusho kaJoseph Smith, ezinye zivela kwimibhalo yaphansi, nakwiSithasiselo seBhayibheli, kanye neSiqondiso semiBhalo eNgcwele.
Nazi ezinye izibonelo zemibhalo yeTestamente eliDala ebuyiselwe uJoseph Smith: Idolobha la-Enoke iSiyoni (Mose 7:18–19), umbono ka-Abrahama womkhandlu wasezulwini (Abrahama 3:22–28), kanye nenkonzo kaMelkhizedeki (UkuHunyushwa okwenziwa uJoseph Smith, IGenesisi 14:25–40). Kungani lemibhalo “isobala futhi iyigugu” kuwe?
Adam and Eve Offering Sacrifices [U-Adamu no-Eva Banikela Imihlatshelo], nguKeith Larson (umniningwane)
ITestamente eliDala liyangisiza ukuba ngiqonde ubudlelwano bami besivumelwano noNkulunkulu.
ITestamente eliDala liyidaba kaNkulunkulu efuna ukusenza “igugu elihlukile” Lakhe ngesivumelwano (I-Eksodusi 19:5). Ngaleso sizathu, indlela enhle yokulungiselela ukufunda iTestamente eliDala ukufunda ngezivumelwano—ikakhulukazi isivumelwano saphakade uNkulunkulu asinika abaphrofethi basendulo abafana no-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, kanye nenzalo yabo. Futhi indlela enhle yokufunda ngezivumelwano ukufunda umlayezo kaMongameli uRussell M. Nelson “The Everlasting Covenant” (ILiyahona, ngo-Okthoba 2022, 4–11).
Ngesikhathi ufunda, ake uzibuze ukuthi: Ngabe kungani izivumelwano zibalulekile kimi? Ngabe yiluphi “uhlobo olukhethekile lothando kanye nesihe” engiluthola kuNkulunkulu njengoba ngigcina izivumelwano zami Naye? Njengoba ufunda iTestamente eliDala kulo nyaka, qaphela izinto uNkulunkulu afuna ukukufundisa ngazo ngobudlelwano bakho besivumelwano Naye.
Bheka futhi UJeremiya 31:31–34.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
Ngingafunda ngoJesu Kristu kwiTestamente eliDala.
-
Amagama kanye namasiko eTestamente eliDala angaba nzima ukuthi abantwana bawaqonde, kodwa ungabasiza babone uJesu Kristu ngezimpawu kanye nezindaba ezixoxwayo. Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabuka lesithombe esisezansi, The Prophet Isaiah Foretells Christ’s Birth [UmPhrofethi u-IZaya Ubikezela Ukuzalwa kukaKristu]. Vumela abantwana bakho ukuba bakhombe izinto abazibonayo. Donsa amehlo abo, ikakhulukazi, kumntwana uJesu. Bese usungafunda nabo lokho u-Izaya akulobile ngokuzalwa koMsindisi ku-Izaya 7:14; 9:6. Abelana nabantwana bakho ngokuthi uzizwa kanjani ngokufuna uMsindisi kwiTestamente eliDala kulonyaka.
U-Izaya ubhala ngokuzalwa kukaKristu (UmPhrofethi u-Izaya Ubikezela Ukuzalwa kukaKristu), nguHarry Anderson
-
Wena kanye nabantwana bakho ningaphinde nifunde AMahubo 23 noma U-Izaya 53:3–9 futhi nithole amazwi anikhumbuza ngoJesu Kristu. Ngabe lamazwi asifundisani ngempilo Yakhe kanye neNhlawulo yakhe?
UBaba oseZulwini ufuna ukwenza izivumelwano nami.
-
Izivumelwano ziyindikimba enkulu kwiTestamente eliDala. Ukuze wethule lendikimba ebantwaneni bakho, ungaxoxa nabo ngezithembiso esizenzayo futhi sizigcine nomndeni noma nabangani kanye nokuthi kungani kubalulekile ukugcina lezi zithembiso. Ningabuka isithombe sombhabhadiso bese nikhuluma ngesithembiso, noma isivumelwano, esisenza noNkulunkulu lapho sibhabhadiswa (bheka Mosiya 18:10, 13). Ungakwazi futhi ukubonisa isithombe sethempeli ubuye wabelane ngemizwa yakho ngezivumelwano esizenza khona.
-
Ikhasi lomsebenzi walelisonto lingasiza abantwana bakho ukuba bajabulele ukwenza futhi bagcine izivumelwano noBaba oseZulwini. Ungase futhi ucule iculo ngokwenza izivumelwano.
UJesu Kristu unguJehova kwiTestamente eliDala.
-
Ngabe ukhona owaziwa abantwana bakho owaziwa ngamagama ahlukene ezindaweni ezahlukene? Mhlawumbe umzali noma uthisha ubizwa ngendlela ehlukile emsebenzini, ekhaya, kanye nasebandleni. Khuluma ngalawo magama, bese nifunda I-Eksodusi 6:3 ndawonye futhi umeme abantwana bakho ukuthi bathole amagama uJesu Kristu aziwa ngawo ngaphambi kokuba Azalwe (ubheke futhi umHumusho wa-Joseph Smith kwimibhalo yaphansi c).
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.