“NgoMashi 30–Ephreli 5. ‘Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade’: IPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoMashi 30–Ephreli 5. ‘Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade,’” Wozani, Ngilandeleni: iTestamente eliDala 2026
Umfanekiso wethuna elingenalutho
NgoMashi 30–Ephreli 5: “Uyakugwinya Ukufa Kuze Kube Phakade”
IPhasika
Impilo kaJesu Kristu “ibaluleke kakhulu emlandweni wawo wonke umuntu” (“The Living Christ: The Testimony of the Apostles,” Umtapo woLwazi weVangeli). Ngabe kusho ukuthini lokhu na? Ngokwengxenye, kusho ukuthi impilo yoMsindisi ithinta wonke umuntu owake waphila nosazophila ngokuphathelene nalokho abadalelwe kona ingunaphakade. Ungase futhi uthi uVuko lukaJesu Kristu, ngaleloSonto lokuqala lePhasika, luxhumanisa bonke abantu bakaNkulunkulu emlandweni wonke: labo abazalwa ngaphambi koVuko Lwakhe babelulangazelele ngokholo (bheka ku Jakobe 4:4), kanye nalabo abazalwa ngemva kwalo babheka emuva kulo ngokukholwa. Ngesikhathi sifunda izindaba zeTestamente eliDala neziphrofetho, asihlangani negama likaJesu Kristu, kepha siyabubona ubufakazi bamakholwa asendulo nokulindela kwabo uMesiya noMhlengi wabo. Ngakho-ke nathi esimenyiwe ukuba sikhumbule Yena siyakwazi ukuzwa ukuxhumana nalabo ababemlindele. Ngokuba ngempela uJesu Kristu uthwale “ububi bethu sonke” (Isaya 53:6; kwengezwe ukugcizelela), futhi “kuKristu bonke bayakuphiliswa” (1 KwabaseKorinte 15:22; kwengezwe ukugcizelela).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
Abaphrofethi basendulo nabanamuhla bayafakaza ngomnikelo wenhlawulo yoMsindisi.
Miningi imibhalo kwiTestamente eliDala ekhomba ubufundisi nomnikelo wenhlawulo yoMsindisi. Lapha ngezansi kukhona uhla lwaleyomibhalo. Ngesikhathi ufunda lamavesi, yikuphi okukufikelayo mayelana noMsindisi?
|
ITestamente eliDala |
ITestamente eliSha |
|---|---|
ITestamente eliDala UZakariya 9:9 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 21:1–11 |
ITestamente eliDala UZakariya 11:12–13 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 26:14–16; 27:3–8 |
ITestamente eliDala U-Isaya 53:4 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 8:16–17; 26:36–39 |
ITestamente eliDala U-Isaya 53:7 | ITestamente eliSha NgokukaMarku 14:60–61 |
ITestamente eliDala AmaHubo 22:16 | ITestamente eliSha NgokukaJohane 19:17–18; 20:25–27 |
ITestamente eliDala AmaHubo 22:18 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 27:35 |
ITestamente eliDala AmaHubo 69:21 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 27:34, 48 |
ITestamente eliDala AmaHubo 118:22 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 21:42 |
ITestamente eliDala U-Isaya 53:9, 12 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 27:57–60; NgokukaMarku 15:27–28 |
ITestamente eliDala U-Isaya 25:8 | ITestamente eliSha NgokukaMarku 16:1–6; NgokukaLuka 24:6 |
ITestamente eliDala UDaniyeli 12:2 | ITestamente eliSha NgokukaMathewu 27:52–53 |
Iziphrofetho ezifundisa ngoMsindisi ziningi kakhulu futhi zicacile eNcwadini kaMormoni. Cabanga ngendlela ukholo lwakho oluqina ngayo ngenxa yemibhalo enjengalena: 1 Nefi 11:31–33; 2 Nefi 25:13; Mosiya 3:2–11; Alima 7:10–13.
Abaprofethi bezinsuku zokugcina bayaqhubeka nokunikeza ubufakazi obukhethekile ngoJesu Kristu kanye nomsebenzi Wakhe wenhlawulo. Njengoba ulalele ingqungquthela yebandla lonke kulempelasonto yePhasika, qaphela ubufakazi bukaKristu obuzwayo. Ngabe bakufundisani Ngaye na?
UJesu Kristu unginika ithemba nenjabulo.
IPhasika liyisikhathi senjabulo, ngoba liyisikhathi sokugubha iNhlawulo kanye noVuko lukaMsindisi. Nokho, ngisho nangePhasika, kunabantu abaningi abangazizwa bejabule ngenxa yezizathu ezahlukahlukene. Yini ongayenza ukuze usabalalise ukuthula nenjabulo yoMsindisi kuleliPhasika?
Omunye umqondo ukuthola imilayezo emibhalweni engcwele mayelana nokuthula nenjabulo uJesu Kristu ayinikezayo, njengalena: AmaHubo 16:8–11; 30:2–5; U-Isaya 12; 25:8–9; 40:28–31; NgokukaJohane 14:27; 16:33; Alima 26:11–22. Cabanga ukuthi ungabelana kanjani ngalemilayezo nabanye. Isibonelo, mhlawumbe ungakha amakhadi ePhasika ukuze wabelane ngawo, ngokusekelwa yilemilayezo. Thandaza ngokuthi ubani odinga ukuthola umyalezo wakho wePhasika. Ungase futhi unqume ukwabelana ngemilayezo yakho ezinkundleni zokuxhumana, lapho abantu abaningi bengayibona khona.
Amahubo ngoKristu kanye noVuko, njengelithi “He Is Risen!” (Amaculo, no. 199), angasisiza futhi ukuthi sizwe ukuthula kanye nenjabulo ngePhasika. Bheka imishwana eculweni, ngokubona kwakho, ekhombisa injabulo yePhasika.
Bheka futhi uJeffrey R. Holland, “Not as the World Giveth,” iLiyahona, ngoMeyi 2021, 35–38; uMark S. Palmer, “Our Sorrow Shall Be Turned into Joy,” iLiyahona, Meyi 2021, 88–90.
Why Weepest Thou [Ukhalelani], nguSimon Dewey (umniningwane)
Ngenxa yeNhlawulo Yakhe, uJesu Kristu unamandla okungisiza nginqobe isono, ukufa, ukuvivinywa, nobuthakathaka.
Nanku umsebenzi ongakusiza ukuthi ubone izibusiso eziningi eziza ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe. Funda imibhalo engcwele engezansi mayelana nalokho uJesu Kristu asisiza ukuba sikunqobe. Zama ukuhlela iziqephu zibe yilezi zigaba: isono, ukufa, izilingo, nobuthakathaka (ezinye iziqephu zingangena ezigabeni ezingaphezu kwesisodwa). Ngesikhathi ufunda, yimiphi imibono onayo ngamandla oMsindisi?
-
U-Izaya 61:1–3
-
UHezekeli 36:26–28
-
NgokukaMathewu 11:28–30
-
NgokukaLuka 1:46–55
-
KwabaseRoma 8:35–39
Ungamchazela kanjani umngani ongeyena umKristu ukuthi kungani uJesu Kristu ebalulekile kuwe? Umyalezo weGosa u-Ahmad S. Corbitt “Do You Know Why I as a Christian Believe in Christ?” (ILiyahona, yangoMeyi 2023, 119–21) ingasiza.
Bheka futhi uReyna I. Aburto, “The Grave Has No Victory,” iLiyahona, ngoMeyi 2021, 85-87; Izihloko neMibuzo, “Inhlawulo kaJesu Kristu,” “Uvuko,” Umtapo woLwazi LweVangeli.
UJesu Kristu wakhokha inani eliphezulu kakhulu lensindiso yami.
Ufundani emavesini alandelayo mayelana nenani uJesu Kristu alikhokha ngensindiso yakho: U-Izaya 53:3–5; Mosiya 3:7; IMfundiso neziVumelwano 19:16–19? Iliphi inani uBaba oseZulwini alikhokha? (Bheka NgokukaJohane 3:16).
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
UJesu Kristu wahlupheka futhi wangifela.
-
Isonto lePhasika yisikhathi esihle sokufundisa abantwana bakho ngalokho uMsindisi asenzela kona eGetsemane kanye nasesiphambanweni. Ungaqala ngokubakhombisa izithombe ezingezansi futhi ubavumele bakhulume ngokwenzeka ezithombeni. Ngesikhathi abantwana bakho bebuka izithombe, ungafunda amavesi achaza lezizigameko (bheka NgokukaMathewu 26:36–46; 27:35–50; NgokukaLuka 22:39–46; NgokukaJohane 19:16–30). Abantwana bakho bangabonisa imininingwane ezithombeni abayizwa emavesini.
Kwesokunxele: Christ in Gethsemane [UKristu eGetsemane], nguHarry Anderson. Kwesokudla: The Crucifixion [Ukubethelwa], nguHarry Anderson
-
Sibusiseke kanjani ngomnikelo kaJesu ngenxa yethu? Siza abantwana bakho babheke amagama nemisho ephendula lombuzo ku-Izaya 53:4–12; Alima 7:11–13; nakwiMfundiso neziVumelwano 19:16–19. Yabelanani ndawonye ngokuthi nizizwa kanjani ngoMsindisi emva kokufunda lemibhalo engcwele.
UJesu Kristu wavuselwa mina.
-
Ungasebenzisa ikhasi lomsebenzi lalelisonto noma ezinye izithombe kuloluhlaka ukuze utshele abantwana bakho indaba yoVuko (bheka futhi “UJesu Uvukile,” kwiziNdaba zeTestamente Elisha, 139–44). Bese uvumela abantwana bakho bakutshele indaba.
-
Cabanga ukuthi ungabasiza kanjani abantwana bakho bathole injabulo kuKristu kuleliPhasika. Isibonelo, ningacula ndawonye iculo enilithanda kakhulu le Phasika, njengelithi “Christ the Lord Is Risen Today” (Amaculo, no. 200) noma “Getsemane” (Umtapo woLwazi lweVangeli). Ukuthola amanye amaculo ngoVuko, ungabheka kunkomba yezihloko ezithi Amaculo kanye Amaculo Abantwana. Wena nabantwana bakho ningabelana omunye nomunye ngokuthi kungani niwathanda lama culo nokuthi nizizwa kanjani uma niwacula. Ngabe lama culo asifundisani ngoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu?
Abantwana bangawuzwa uMoya kodwa bangadinga usizo ukuze babone umthelela Wawo. “Bafundise abantwana ngezindlela ezahlukene uMoya oxhumana ngazo nathi. Basize baliqaphele izwi Lakhe ngesikhathi Ekhuluma nabo. Lokhu kuzobasiza babe nomkhuba wokusifuna nokwenza okuthile ngokulandela isambulo somuntu siqu ezimpilweni zabo zonke” (Ukufundisa ngendlela yoMsindisi, 32). Isibonelo, njengoba nicula amaculo ngoMsindisi nabantwana bakho, bukani izithombe Zakhe, noma nifunde izindaba Ngaye, nabelane ngemizwa yomoya eninayo.
-
Umtapo woLwazi lweVangeli uneqoqo lama- Easter videos abantwana bakho abangawajabulela Mhlawumbe ungabavumela bakhethe eyodwa abazoyibuka. Babuze ukuthi bafundani ngoJesu Kristu kwividiyo. Ungase futhi ubacele ukuthi bafingqe umlayezo wevidiyo ngomusho owodwa.
Abaphrofethi bafakaza ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe.
-
Njengoba wena kanye nabantwana bakho nibukele ingqungquthela yebandla lonke ndawonye kule mpelasonto yePhasika, basize babone lapho ofakazi abakhethekile befakaza ngoVuko. Mhlawumbe ungenza umdlalo ngakho—bameme ukuthi basukume njalo uma bezwa amazwi afana nalawa iPhasika noma INhlawulo noma UVuko. Yabelanani omunye nomunye ukuthi kungani nibonga ngobufakazi kwabaphrofethi abaphilayo boMsindisi.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.