“Ngo-Ephreli 6–12. ‘Lukhumbuleni Lolu Suku, Enaphuma Ngalo eGibithe’: I-Eksodusi 7–13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“Ngo-Ephreli 6–12. ‘Lukhumbuleni Lolu Suku, Enaphuma Ngalo eGibithe,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026
Umfanekiso kaMose kanye no-Aroni besenkundleni kaFaro, nguRobert T. Barrett
I-Eksodusi 6–12: “Lukhumbuleni Lolu Suku, Enaphuma Ngalo eGibithe”
I-Eksodusi 7–13
IGibithe yabhekana nezinhlupheko ngokulandelana, kodwa uFaro waqhubeka nokwenqaba ukukhulula abakwa-Israyeli. Kodwa nokho uNkulunkulu waqhubeka ebonisa amandla Akhe futhi enikeza uFaro amathuba okwamukela “ukuthi uyiNkosi” futhi “akekho onjengaye emhlabeni wonke” (I-Eksodusi 7:5; 9:14). Ngalesosikhathi, uMose kanye nama-Israyeli kungenzeka ukuthi babenokubuka benokwesaba njengoba bebona lezi zibonakaliso zamandla kaNkulunkulu emele bona. Ngokuqinisekile lezi zimpawu ezaziqhubeka zaziqinisekisa ukholo lwabo kuNkulunkulu futhi zaqinisa ukuzimisela kwabo ekutheni balandele umphrofethi kaNkulunkulu. Emva kokuhluleka kwezifo eziyisishiyagalolunye ukukhulula ama-Israyeli, kwaba isifo seshumi—ukufa kwamazibulo, okuhlanganisa nezibulo likaFaro—okwaqeda ukuthunjwa ekugcineni. Lokhu kubukeka kufaneleka ngenxa yokuthi kunanoma yisiphi isimo sokuthunjwa ngokomoya, empeleni iyodwa kuphela indlela yokuphuma. Umhlatshelo kaJesu Kristu kuphela, Izibulo—igazi Lemvana engenasici—okuyosisindisa.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
I-Eksodusi 7–11
Ngingakhetha ukuthambisa inhliziyo yami.
Siyathemba, ukuthi intando yakho ayiphikisani nentando kaNkulunkulu njengoba kwakunjalo ngoFaro. Nokho, sonke sinezikhathi lapho izinhliziyo zethu zingathimbile ngokufanelekile . Yini egqamayo kuwe ngezimpendulo zikaFaro kulezizifo ku I-Eksodusi 7:14–25; 8:5–32; 9:1–26; 10:12–29; 12:29–33? Naka incazelo emHumushweni owenziwa uJoseph Smith I-Eksodusi 7:3, 13; 9:12.
Kungani igama elithi “ulukhuni” liyincazelo enhle yenhliziyo kaFaro? Cabanga ngalokho okufundayo kulawa mavesi ngokuba nenhliziyo ethambileyo: 1 Nefi 2:16; Mosiya 3:19; Alima 24:7–8; 62:41; Etere 12:27. Njengoba ufunda ngemiphumela yobulukhuni benhliziyo kaFaro, zindla ngesimo senhliziyo yakho. Ngabe yiziphi izinguquko ozizwa ugqugquzeleka ukuzenza?
I-Eksodusi 12:1–42
UJesu Kristu angangisindisa ngenxa yeNhlawulo Yakhe.
Okwakuyiyonandlela kuphela ama-Israyeli ayengasinda ngayo esifwenio seshumi, esichazwe ku-Eksodusi 11:4–5, kwakukuba alandele iziyalo zeNkosi eyayizinike uMose ku-Eksodusi 12, isiko elaziwa ngokuthi Iphasika. Iphasika lisifundisa ngezimpawu ukuthi njengoba nje iNkosi yakhulula ama-Israyeli ebugqileni baseGibhithe, Ingakwazi futhi ukusisindisa ebugqileni besono. Ukuhlola lezimpawu ku-Eksodusi 12:1–42, ungasebenzisa ishadi elifana naleli:
|
Uphawu |
Izincazelo okungaba yizo |
Umlayezo kaNkulunkulu kimi |
|---|---|---|
Uphawu Ekuqaleni kwezinyanga (ivesi 2; iNkosi yayala ama-Israyeli ukuba asebenzise lesi senzakalo ukuze anze uphawu lokuqala kansukuzonke wabo). | Izincazelo okungaba yizo Lokhu kwakuzoba isiqalo esisha ku-Israyeli. Babeyoba “abazalwe kabusha.” | |
Uphawu Imvana (amavesi 3–5). | Izincazelo okungaba yizo Bheka NgokukaJohane 1:29; 6:54; 1 KaPhethro 1:19. | |
Uphawu Igazi lemvana ezinsikeni zomnyango (amavesi 7, 13, 23). | Izincazelo okungaba yizo Bheka Mosiya 4:2; ISambulo 12:11. | |
Uphawu Isinkwa esingenamvubelo (amavesi 8, 15, 19–20). | Izincazelo okungaba yizo Imvubelo, ingaba uphawu lenkohlakalo ngoba ibola kalula. Bheka NgokukaMathewu 16:6–12; NgokukaJohane 6:35. | |
Uphawu Amakhambi ebabayo (ivesi 8). | Izincazelo okungaba yizo Isikhumbuzo sokubaba kwesono nokuboshwa. Bheka I-Eksodusi 1:14; Mose 6:55. | |
Uphawu Udla ngokuphangisa, ugqokele ukuhamba (ivesi 11). | Izincazelo okungaba yizo Uphawu lokuphuthuma ukushiya ukuthunjwa kwesono. Bheka IGenesisi 39:12; 2 KaThimothewu 2:22. | |
Uphawu Umbhubhisi (amavesi 13, 23). | Izincazelo okungaba yizo | |
Uphawu Ama-Israyeli akhululwa (amavesi 29–32). | Izincazelo okungaba yizo | |
Yini enye oyithola eziyalweni kanye nasezimpawini zePhasika ekukhumbuza ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe na? Yini ephakanyiswa yilezi zimpawu kuwena mayelana nendlela yokuthola izibusiso zeNhlawulo Yakhe na?
Wozani kuKristu ngokukhomba izimpawu ezifakaza Ngaye. “Zonke izinto,” kwamemezela iNkosi, “zadalwa futhi zenziwa ukuba zifakaze ngami” (Mose 6:63; futhi bheka u 2 Nefi 11:4). ku-Eksodusi 12, izimpawu ezifana njenge mvana, igazi, isinkwa esingenamvubelo, izimangaliso, kanye nokukhululwa konke kukhomba kuKristu. “Uma sesazi ukuthi lezizinto zihlobene kanjani noMsindisi, zingasifundisa ngamandla Akhe kanye nangezimfanelo Zakhe” (Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi, 7).
In Remembrance of Me [Ukuba Ningikhumbule], nguWalter Rane
I-Eksodusi 12:14–17, 24–27; 13:1–16
Isidlo esingcwele siyangisiza ukuthi ngikhumbule ngokukhululwa kwami uJesu Kristu.
UMsindisi wayala ama-Israyeli ukuba alandele Iphasika unyaka nonyaka ukuze awasize akhumbule ukuthi Uyena owayewakhululile, ngisho noma ukuthunjwa kwabo kwaba umcabango okude. Njengoba ufunda imiyalelo Yakhe ku-Eksodusi 12:14–17, 24–27; 13:1–16, cabanga ngokuthi yini oyenzayo ukuze ukhumbule izibusiso zikaNkulunkulu kuwena. Ungakugcina kanjani lokho kukhumbula “kuzo zonke izizukulwane zakho” na? (bheka I-Eksodusi 12:14, 26–27).
Yini efanayo oyibona phakathi kwesidlo sePhasika kanye nesidlo esingcwele na? Ngabe yini ongayenza “ukukhumbula njalo” uJesu Kristu? (Moroni 4:3; 5:2).
Futhi ungase uzindle ngezinye izinto iNkosi efuna ukuthi uzikhumbule; isibonelo bheka, uHelamani 5:6–12; Moroni 10:3; IMfundiso neziVumelwano 3:3–5, 10; 18:10; 52:40.
Bheka futhi uKevin W. Pearson, “Are We Still Willing?,” iLiyahona, ngoNov. 2022, 67–69; “Always Remember Him” (umboniso oqoshiwe), Umtapo Wolwazi weVangeli; “In Memory of the Crucified,“ Amaculo, no. 190.
Always Remember Him
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) alenyanga.
Amasu okuFundisa Abantwana
I-Eksodusi 7–11
INkosi inamandla phezu kwazo zonke izinto.
-
Izifo ezichazwe ku-Eksodusi 7–11 zakhombisa abaseGibhithe kanye nabakwa-Israyeli ukuthi iNkosi inamandla amakhulu. INkosi izosiza zakho ezimpilweni zabo lapho benethemba emandleni Akhe. Ukuze ubasize bafunde kule ndaba, unganikeza ingane ngayinye iphepha elihlukaniswe izingxenye ezili-10, bese ubamema ukuba badwebe izithombe zezifo ezichazwe kulamavesi: I-Eksodusi 7:17–18; 8:1–4; 8:16–17; 8:20–22; 9:1–6; 9:8–9; 9:22–23; 10:4–5; 10:21–22; 11:4–7 (Futhi bheka “IziNhlupho zaseGibhithe” Izindaba zeTestamente Elidala, 67–69). Fundani ndawonye I-Eksodusi 7:5 futhi 9:14 uchaze ukuthi kungani iNkosi yathumela izifo.
2:3The Plagues of Egypt
-
Abelana nabantwana bakho ukuba iNkosi isikukhombise kanjani ukuthi “akekho ofana njengaye emhlabeni wonke” (I-Eksodusi 9:14). Bavumele babelane ngokuthi bazi kanjani ukuthi iNkosi inamandla.
I-Eksodusi 8:28–32; 9:7
INkosi ingangisiza ukuba ngibe nenhliziyo ethambileyo.
-
Ukuze usize abantwana bakho babone ngeso lengqondo ukuthi kusho ukuthini ukuba nenhliziyo ethambileyo, kungase kube mnandi ukubabonisa into eqinile, njengetshe, kanye nenye ethambile nemuncayo, njengesipontshi. Futhi ungase uthele amanzi phezu kwalezi zinto ukhombise ukuthi inhliziyo ethambileyo ilamukela kalula kanjani izwi leNkosi. Ningase nifunde ndawonye amavesi ambalwa achaza indlela uFaro aphendula ngayo ezifweni ezazithunyelwe iNkosi (bheka I-Eksodusi 8:28–32; 9:7). Yikuphi kulezi zinto ebonisa kahle inhliziyo kaFaro noma isimo sakhe sengqondo? Kuchaza ukuthini ukuba nenhliziyo ethambileyo? (bheka uMosiya 3:19).
-
Wena kanye nabantwana bakho ningenza uhlu lwezinye lwezenzo ezingase zibonise lapho sinenhliziyo elukhuni (isibonelo, ukusebenzisa amagama angenamusa noma ukungathandi ukwabelana nabanye). Siyikhombisa kanjani iNkosi ukuthi sifuna ukuba nezinhliziyo ezithambileyo?
I-Eksodusi 12:1–13
Isidlo esingcwele singangisiza ngikhumbule uJesu.
-
IPhasika lafundisa ama-Israyeli ukuba babheke phambili kuMsindisi kanye nomnikelo Wakhe awenzela thina. Njengoba niphenya I-Eksodusi 12:1–13 ndawonye, siza abantwana bakho babone ukuxhumana kwemininingwane phakathi kwePhasika kanye neNhlawulo kaJesu Kristu (Futhi bheka “IPhasika” Izindaba zeTestamente Elidala, 70–74). Isibonelo, uJesu ufana kanjani nemvana echaziwe evesini 5?
2:54The Passover
-
Namuhla, sithatha isidlo ukuze sikhumbule umnikelo kaJesu. Ungakhombisa abantwana bakho isithombe sesidlo esingcwele bese niyakhuluma ngokuthi lesisimiso sisisiza kanjani ukuba sikhumbule uJesu Kristu. Ungasiza abantwana bakho bathole igama elithi “khumbula” emkhulekweni yesidlo esingcwele (bheka uMoroni 4–5). Noma culani ndawonye ihubo eliyintandokazi ngesidlo esingcwele, futhi usize abantwana bakho baqaphele umuzwa wokuthula ababa nawo ngesikhathi becabanga ngoMsindisi. Yini esingayenza ukuthola lowomuzwa ngesikhathi sithatha isidlo esingcwele?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku le Friend (Umngani) lalenyanga.