“NgoNovemba 23–29. Amose; Obadiya, Jona: ‘Funani uJehova, NiyoPhila’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoNovemba 23–29. ‘Funani uJehova, futhi NiyoPhila,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya Nasebandleni: ITestamente eliDala 2026
UJona Ogwini lwaseNineve, nguDaniel Lewis
NgoNovemba 23–29: “Funani uJehova, NiyoPhila”
Amos; Obadiya; Jona
UJona wayesemkhunjini oya eTharishishi. Akukho lutho olungalungile ngokuhamba ngomkhumbi uye eTharishishi, ngaphandle kokuthi kukude neNineve, lapho uJona okwakufanele aye khona ukuhambisa umyalezo kaNkulunkulu. Lapho umkhumbi ubhekana nesiphepho esikhulu, uJona wayazi ukuthi kwakungenxa yokungalaleli kwakhe. Ngokuphikelela kukaJona, amatilosi ayekanye naye amphonsa ekujuleni kolwandle ukuvimba isiphepho. Kwabukeka sengathi kwakuwukuphela kukaJona nobufundisi bakhe. Kepha iNkosi ayizange imlahle uJona—njengoba engazange alahle abantu baseNineve, nendlu ka-Israyeli, nanoma ubani kithi.
Ngakho ulokhu ethumela abaprofethi—njengoJona, u-Amose, u-Obadiya, kanye nabaprofethi bethu namuhla—nomyalezo wokuthi uma siphenduka, ngeke silahlwe unomphela. Kuzo zonke “izimfihlo” uNkulunkulu azembulayo (bheka Amose 3:7), lena iphakathi kweziyigugu kakhulu: ukuthi ngenxa kaJesu Kristu, akukephuzi kakhulu ukushintsha. Usafuna ukusisiza ukuthi siphile ngokwezivumelwano esazenza Naye, futhi uzimisele ukusinika elinye ithuba.
Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni
Amose 3:1–8; 7:10–15
INkosi yembula iqiniso ngabaprofethi Bayo.
Ku Amose 3:3–6, umprofethi u-Amose wanikeza izibonelo zeziphetho esingafinyelela kuzo ngezimpawu esizizwayo noma esizibonayo: lapho ibhubesi libhodla, kumelwe ukuba libambe inyamazane; uma inyoni ibanjwe ogibeni, kufanele kube khona isiyelo lapho. Ku mavesi 7–8, u-Amose wasebenzisa lomqondo kubaprofethi. Yiziphi iziphetho esingafinyelela kuzo lapho umprofethi eprofetha? Yini enye oyifundayo ngabaprofethi ku Amose 7:10–15?
Yini iNkosi ekwambulele yona ngabaprofethi Bayo?
IGosa u-Ulisses Soares, lathi “ukuba nabaprofethi kuwuphawu lothando lukaNkulunkulu” (“Prophets Speak by the Power of the Holy Spirit,” eLiyahona, Meyi 2018, 99). Cabanga ukuthi ungawuqedela kanjani lomusho: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyangithanda, ngoba uthumela abaprofethi …” Nansi eminye imibhalo engasiza: Duteronomi 18:18; Hezekile 3:16–17; kwabaseEfesu 4:11–14; 1 Nefi 22:2; Imfundiso Nezivumelwano 21:4–6; 84:36–38; 107:91–92.
Ungathini kumuntu onomuzwa wokuthi abaprofethi abadingeki namuhla?
Bheka futhi Topics and Questions, “Prophets,” Gospel Library.
Amose 4–5
“Funani uJehova, NiyoPhila.”
Ngokusho kukaa Amose 4:6–13, yini iNkosi eyayinethemba lokuthi kwakuzokwenzeka ngemva kokuba ama-Israyeli ehlangabezane nezilingo? (bheka futhi uHelamani 12:3). Nakuba kungenzeka ukuthi izilingo zakho azizange zithunyelwe uNkulunkulu, zikunikeze kanjani amathuba okuphendukela Kuye?
Njengoba ufunda u-Amose 5:4, 14–15, zindla ukuthi iNkosi ikwenzele kanjani umusa. Ukumfuna kukulethele kanjani ukuphila?
Amose 8:11–12
Izwi leNkosi linganelisa ukulamba nokoma kwangokomoya.
Njengoba ufunda u-Amose 8:11–12, cabanga ngokuthi kungani indlala iyisiqhathaniso esihle sokuphila ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu (bheka futhi NgokukaJohane 6:26–35; 2 Nefi 9:50–51; 32:3; Enosi 1:4–8). Wazi kanjani uma ulambile ngokomoya?
Lamavesi angasebenza nakuKuhlubuka Okukhulu (bheka Topics and Questions, “Apostasy,” Umtapo woLwazii weVangeli Leyo “ndlala” engokomoya iye yabathinta kanjani abantwana bakaNkulunkulu? Ukubuyiselwa kwanelise kanjani ukulamba kwakho okungokomoya?
Bheka nesihloko esithi “Ukuhlubuka Okukhulu” (ividiyo), Umtapo woLwazi weVangeli.
The Great Apostasy
Obadiya 1:21
Bangobani “abasindisi … entabeni yaseSiyoni” na?
Ebhekise ku Obadiya 1:21, Mongameli uGordon B. Hinckley wachaza ukuthi siba abasindisi Entabeni iSiyoni uma sithola izimiso zabafileyo ethempelini (bheka “Closing Remarks,” eLiyahona, Nov. 2004, 105). Ngabe ukwenza lowomsebenzi kufana kanjani—noma nje ngendlela encane—nalokho uMsindisi asenzela kona? Ukwenza lomsebenzi kukusize kanjani ukuthi uzizwe usondelene noMsindisi?
-
Jona 1–4
INkosi inomusa kubo bonke abaphendukela Kuyo.
INineva yayiyisitha sika-Israyeli esaziwa ngobudlova nonya. KuJona, kwakubonakala kungenangqondo ukuthi base bekulungele ukuphenduka. Kungasiza ukuqhathanisa isimo sengqondo sikaJona (bheka Jona 1; 3–4) emizweni ka-Alima kanye namadodana kaMosiya (bheka Mosiya 28:1–5; Alima 17:23–25). Ufundani ku Jona 3 okukukhuthaza ukuba wabelane ngevangeli ngisho nalabo abangabonakala bengakulungele ukushintsha na?
Njengoba ufunda uJona, bheka izibonelo zomusa weNkosi. Kungani unomuzwa wokuthi uJona “wayengathokozile” futhi “ethukuthele kakhulu” (Jona 4:1) lapho uJehova edlulisela umusa kubantu baseNineva? Yini ocabanga ukuthi iNkosi ibizama ukumfundisa yona kwisahluko 4? Zindla ukuthi uwubone kanjani umusa Wakhe empilweni yakho. Yini oyifunda kuJona engakusiza ukuba ube nesihe ngokwengeziwe?
Amasu okuFundisa abaNtwana
Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lalenyanga, abefundisi beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise okwenziwayo kokufunda okutholakala la “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana ukuba bahambe Izimpilo zabo Zonke Endleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”
Amosi 3:7
Abaprofethi bayizithunywa zikaJesu Kristu.
-
Ukuze usize abantwana bakho baqonde Amose 3:7, ungase uhlebele omunye wabo umyalezo olula futhi umcele ukuba ahlanganyele umlayezo nabanye abantwana. Isithunywa esikulomsebenzi sifana kanjani nomprofethi? Kungani iNkosi isinika abaprofethi?
-
Ukufunda kabanzi ngalokho abaprofethi abakwenzayo, wena kanye nabantwana bakho recent messages from the current President of the Church. - Abelanani omunye nomunye ukuthi kungani nikhetha ukulandela umprofethi k Nkulunkulu.
Siza abantwana babambe ngekhanda imibhalo engcwele. IGosa uRichard G. Scott wabelana ngokuthi: “Ukubamba umbhalo ongcwele ngekhanda ukwakha ubungane obusha. Kunjengokuthola umuntu omusha ongakusiza esikhathini esinzima, akukhuthaze futhi akududuze, futhi abe umthombo wesikhuthazo woshintsho oludingekayo” (“The Power of Scripture,” Ensign, Nov. 2011, 6). Ukuze usize abantwana bakho babambe ngekhanda zonke noma ingxenye ka Amose 3:7, ungayibhala phansi bese niyiphinda ndawonye. Ngemva kwalokho ungase usule noma uhlanganise amagama ambalwa ngesikhathi kuze kube yilapho abantwana bakho baliphinda lonke ivesi ngekhanda.
Amose 8:11–12
Ukubuyiswa kwevangeli kwaqeda indlala yokuhlubuka.
-
Mema abantwana bakho ukuthi benze sengathi balambile njengoba ufunda Amose 8:11–12. Sizizwa kanjani lapho silambele izwi likaNkulunkulu? Mhlawumbe abantwana bakho bangenza sengathi bayadla njengoba nixoxa ngemibhalo eniyithanda kakhulu.
-
Ungasebenzisa IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukuhlubuka” (Umtapo woLwazii weVangeli), or “Ngemva kweTestamente Elisha” (in Izindaba zeTestamente Elisha, 167–70) ukuze usize abantwana bakho baqonde “indlala” eyavela Ekuhlubukeni Okukhulu nokuthi yaphela kanjani ngokuBuyiselwa. Yabelanani omunye nomunye ngezizathu enibonga ngazo ukuthi iNkosi ibuyisele ivangeli Layo osukwini lwethu.
2:52After the New Testament
Jona 1–3
INkosi izongisiza ukuba ngiyilalele, ngisho noma kunzima.
-
Ukuze usize abantwana bakho bafunde indaba kaJona, ungabuyekeza “Umprofethi Jona” kwiZindaba zeTestamente eliDala; bhekaa futhi ikhasi lomsebenzi lalelisonto). Ungase ubuze:
-
Kwenzekani lapho uJona engamlaleli uJehova? (bheka Jona 1:4–17).
-
Wenzani uJona ukuze aphenduke? (bheka Jona 1:10–12; 2:1–4, 9; 3:1–4).
-
Kwenzekani lapho uJona elalela? (bheka uJona 3:5).
2:30Jonah the Prophet
-
-
Abantwana bakho bangase bakujabulele ukuphinda baxoxe indaba kaJona noma bayilingise. Abelanani omunye nomunye ngezigigaba ezithile lapho iNkosi ifuna nenze into eyayinzima kini. Wakusiza kanjani ukuthi umlalele?
Jona 1–4
INkosi inomusa kubo bonke abaphendukela Kuyo.
-
Mhlawumbe abantwana bakho bangenza sengathi baxoxa noJona ngalokho okwenzeka kuye. Babezombuza miphi imibuzo? Bakhuthaze ukuthi babuze imibuzo ukuze bathole ukuthi uJona wafundani ngeNkosi. UJona angase athini, isibonelo, ngomusa weNkosi? (bheka, isibonelo, Jona 2:7–10; 3:10; 4:2).
UJesu neNdoda Efe Uhlangothi, nguJ. Kirk Richards
-
Siza abantwana bakho bacabange ngezibonelo lapho uMsindisi ebonisa umusa kwabanye, njeNgokukaMarku 2:3–12; NgokukaLuka 23:33–34; kanye NgokukaJohane 8:1–11. Wena kanye nabantwana bakho ningabheka izithombe zalezi zibonelo. Ymaphi amathuba esinawo okuba nesihe kwabanye?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).