Wozani, Ngilandeleni
Ngo-Okthoba 26–Novemba 1. “Ngizophendula Ukulila Kwabo Kube Ngukujabula”: Jeremiya 31–33; 36–39; isiLilo 1; 3


“Ngo-Okthoba 26–Novemba 1. ‘Ngizophendula Ukulila Kwabo Kube yiNjabulo’: Jeremiya 31–33; 36–39; isiLilo 1; 3” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“Ngo-Okthoba 26–Novemba 1. ‘Ngizophendula Ukulila Kwabo Kube yiNjabulo,’” Wozani, Ngilandelenii: ITestamente eliDala 2026

UJeremiya eqamelise ikhanda lakhe esandleni sakhe

Jeremiah Lamenting the Destruction of Jerusalem [UJeremiya Ulilela Ukubhujiswa KweJerusalema], nguRembrandt van Rijn

Ngo-Okthobha 26–Novemba 1: “Ngizophendula Ukulila Kwabo Kube Ngukujabula”

Jeremiya 31–33; 36–39; IziLilo 13

Ngesikhathi iNkosi ibiza uJeremiya ukuba abe umprofethi, yamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kwakuzoba “ukusiphula nokudiliza” (Jeremiya 1:10)—futhi eJerusalema kwakukuningi ukukhohlakala okwakumele busiphulwe futhi budilizwe. Kodwa lokhu kwakuyingxenye yokuthunywa kukaJeremiya—futhi wabizelwa “ukwakha, nokutshala” (Jeremiya 1:10). Yini eyayingakhiwa noma itshalwe emanxiweni ayincithakalo ayeshiywe ukuvukela kwabantu besivumelwano? Kubuzwa enye indlela, lapho isono noma ubunzima bushiye impilo yethu iyincithakalo, singakha kanjani kabusha futhi sitshale futhi? Impendulo itholakala “Egatsheni lokulunga” (UJeremiya 33:15), uMesiya othenjisiwe. UMesiya uletha “isivumelwano esisha”(Jeremiya 31:31)—esisoodwa sidinga okungaphezu kokubukeka kwangaphandle kokuzinikela. Umthetho Wakhe kumele ube “ezibilinini [zethu],” ubhalwe “ezinhlizwyeni [zethu].” Yilokho okushiwo yiNkosi ukuba “ibe nguNkulunkulu wethu” futhi nathi sibe “ngabantu bakhe” (Jeremiya 31:33). Kuwumsebenzi wansuku zonke, futhi sisawenza amaphutha futhi sinesizathu sokukhala ngesinye isikhathi. Kodwa lapho senza kanjalo, iNkosi iyathembisa, “Ngiyophendula ukulila kwabo kube yinjabulo” (Jeremiya 31:13).

Ukuze uthole isifinyezo sencwadi yesiLilo, bheka INcwadi yesiLilo” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele

uphawu lokufunda

Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni

Jeremiya 3133

INkosi iyokhipha abantu bayo besivumelwano ekuthunjweni.

Ku Jeremiya 3133 uJehova wakuvuma “isiLilo, nokukhala okumunyu” (UJeremiya 31:15) ama-Israyeli ayeyobhekana nokuthunjwa. Nokho, wanikeza namazwi enduduzo nethemba. Zibheke njengoba ufunda lezi zahluko. Yiziphi izithembiso ozithola zisebenza kuwe?

Jeremiya 31:31–34; 32:37–42

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
“Bazoba ngabantu bami, futhi ngizoba uNkulunkulu wabo.”

Nakuba ama-Israyeli ayephulile izivumelwano zawo, uJeremiya waprofetha ukuthi uJehova wayeyophinde enze “isivumelwano esisha” “nesiphakade” nawo. (Jeremiya 31:31; 32:40). Siyini leso sivumelwano? Cabanga ukubheka ukuqonda encwadini ethi iziHoko zemiBhalo eNgcwele, “Isivumelwano Esisha Nesaphakade,” Umthombo woLwazi lweVangeli.

Njengoba ufunda uJeremiya 31:31–34; 32:37–42, zindla:

  • Kusho ukuthini kuwe ukuba yingxenye yabantu bakaNkulunkulu besivumelwano.

  • Kusho ukuthini ukuba nomthetho Wakhe olotshwe enhliziyweni yakho.

  • Lokho iNkosi ekuthembisayo uma wenza izivumelwano Naye.

  • Indlela ubuhlobo bakho besivumelwano neNkosi bushintsha ngayo.

Yiziphi izithembiso ozenzile kuNkulunkulu njengoba ubambe iqhaza ezimisweni ezingcwele? Uzifeza kanjani izithembiso Zakhe kuwena?

Bheka futhi isihloko sikaDavid A. Bednar, “Abide in Me, and I in You; Therefore Walk with Me,” kwiLiyahona, Meyi 2023, 123–26.

Jeremiya 36

Imibhalo Engcwele inamandla okungisusa kokubi.

Ngokuka Jeremiya 36:2–3, kungani uJehova ayala uJeremiya ukuba abhale iziprofetho zakhe? Njengoba ufunda kuJeremiya 36, phawula ukuthi laba bantu abalandelayo bazizwa kanjani ngalezi ziprofetho:

  • INkosi (bheka amavesi 1–3, 27–31)

  • UJeremiya (bheka amavesi 4–7, 32)

  • UBharuki (bheka amavesi 4, 8–10, 14–18)

  • UJehudi kanye neNkosi uJehoyakimi (bheka amavesi 20–26)

  • U-Elnathani, uDelaya, noGemariya (bheka ivesi 25)

Zindla ukuthi uzizwa kanjani ngemibhalo engcwele. Ngabe ikusize kanjani uflathele okubi na?

Jeremiya 37–39

Qina ekulandeleni abaprofethi bakaNkulunkulu.

Ku Jeremiya 37:1–3, 15–21; 38:1–6, 14–28, yibuphi ubufakazi obubonayo bokuthi iNkosi uZedekiya yayikholelwa ukuthi uJeremiya wayengumprofethi weqiniso weNkosi? Yibuphi ubufakazi obubonayo bokuthi uZedekiya akazange abukholelwe? Ufundani kulesi siqhathaniso? Njengoba ufunda kuJeremiya 39, zindla ngomehluko owawuzowenza ukuba uZedekiya kanye nabantu bakhe babelandele umprofethi futhi bagcina imiyalelo yeNkosi. (Qhathanisa okwenzeka kuZedekiya nalokho okwenzeka emndenini kaLehi 1 Nefi 1–2.)

UJeremiya 38:6–13; 39:15–18

Ngingaba nesibindi sokumelela okulungile.

Izikhulu zenkosi zaba nomuzwa wokuthi iziprofetho zikaJeremiya zazenza amasosha azo angafuni ukulwa, ngakho zaphonsa uJeremiya emgodini ongcolile (bheka uJeremiya 38:1–4). Ku Jeremiya 38:6–13, yini ekuhlaba umxhwele ngendlela u-Ebhedi-meleki umTopiya asabela ngayo? Qaphela futhi isibusiso iNkosi eyasinika u Ebhedi-meleki ku Jeremiya 39:15–18.

Ungasilingisa kanjani isibonelo sika-Ebhedi-meleki?

uJeremiya eJerusalema, welula ingalo eyodwa, eqamelisa ikhanda lakhe kwenye

The Cry of Jeremiah the Prophet, from an engraving by the Nazarene School [Isililo sikaJeremiya uMprofethi, okuthathwe kumqopho owenziwe yisiKole sase Nazaretha]

isiLilo 1; 3

INkosi ingaqeda usizi engibhekana nalo ngenxa yesono.

Incwadi yesiLilo iqukethe izinkondlo ezibhalwe emuva kokubhubha kweJerusalema nethempeli layo. Kungani ucabanga ukuthi kubalulekile ukuthi zigcinwe? Cabanga lokho isingathekiso isiLilo 1 nesigaba 3 kukusize uqonde ngosizi olukhulu u-Israyeli aluzwa. Yimiphi imiyalezo oyibonayo ephathelene nethemba kuKristu na? (bheka ikakhulukazi isiLilo 3:20–33; bheka futhi NgokukaMathewu 5:4; Jakobe 4:8–10; Alima 36:17–20).

UMongameli uM. Russell Ballard wakhuluma ngezimo ezimbalwa ezingase zenze abanye balahlekelwe ithemba, futhi wanikeza iseluleko mayelana nokuthi bangalitholaphi ithemba:

“Abanye bethu bangathola izimpilo zethu zigcwele ukukhungatheka, ukudumala nosizi. Abaningi bazizwa bengenamandla okubhekana nezinxushunxushu ezibonakala zidlangile emhlabeni. Abanye baphatheke kabi ngenxa yamalungu omndeni aqhutshwa ngendlela esheshayo neshisayo yezindinganiso eziwohlokayo nezindinganiso zokuziphatha eziwohlokayo. … Abaningi baye bahoxa futhi ukuze bamukele ukukhohlakala nonya lwezwe njengento engenakulungiswa. Sebelilahlile ithemba. …

“… Abanye phakathi kwethu kungenzeka ukuthi sebelahlekelwe yithemba ngenxa yesono nokweqa. Umuntu angagxila kakhulu ezindleleni zezwe aze angaboni indlela yokuphuma futhi alahlekelwe yithemba. Isicelo sami kubo bonke abawele kulolugibe lwesitha ukuthi bangalokothi balahle ithemba! Akukhathaliseki ukuthi izinto zingase zibonakale zinzima kangakanani noma zingase ziphelelwe ithemba kangakanani, ngicela ungikholwe, ungahlala unalo ithemba. Njalo” (“The Joy of Hope Fulfilled,” Ensign, Nov. 1992, 31–32).

-

Siza abanye bazibophezele ekufundeni kwabo. Kwesinye isikhathi kubukeka sengathi indlela elula yokufundisa wukutshela abafundi lokho esicabanga ukuthi kufanele bakwazi. Nokho, indlela elula akuyona njalo indlela engcono kakhulu. IGosa uDavid A. Bednar wafundisa: “Inhloso yethu akufanele kube ukuthi ‘Ngibatshelani?’ Esikhundleni salokho, imibuzo okufanele sizibuze yona wukuthi ‘Ngingabamema ukuthi benzeni na? Yimiphi imibuzo egqugquzelwe engingayibuza, uma bethanda ukuyiphendula, engaqala ukumema uMoya oNgcwele empilweni yabo?’” (evening with a General Authority, Feb. 7, 2020, broadcasts.ChurchofJesusChrist.org; bheka futhi Teaching in the Savior’s Way25). Ziningi izindlela zokusiza abafundi bazibophezele ekufundeni kwabo. Isibonelo, kuloluhlaka abafundi bamenywa ukuba babheke, bazindle, benze uhlu, babuke izithombe, babambe iqhaza ezifundweni zento ethile, badwebe, babelane futhi bakusebenzise abakufundayo.

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa abaNtwana

Jeremiya 31:3

UBaba oseZulwini kanye noJesu bangithanda “ngothando lwaphakade.”

  • Njengoba ufunda UJeremiya 31:3 nabantwana bakho, bangakusiza uthole izinto (noma izithombe zezinto) ezihlala isikhathi eside, njengemali yensimbi, nezinye ezingekho, njengocezu lwesithelo. Ningakhuluma ngokuthi “ingunaphakade” kusho ukuthini futhi nabelane ngokuthi niluzwe kanjani “uthando lwaphakade” lukaBaba oseZulwini.” -

UJeremiya 31:31–34; 32:38–41

UNkulunkulu uzongisiza ngigcine izivumelwano zami.

  • Abantwana bakho bangase bajabulele ukudweba inhliziyo ephepheni bese bebhala enhliziyweni izinto ezifunda kuzo uJeremiya 31:31–34 ngokwenza izivumelwano noNkulunkulu. Ungase uthande ukubuyekeza isivumelwano abasenza ekubhabhadiswenii (bheka Mosiya 18:10, 13) futhi baxoxe ngokuthi kusho ukuthini ukuba nalezi zithembiso zilotshwe ezinhliziyweni zabo.

intombazane ifunda imibhalo engcwele

UJeremiya 36:1–4

Imibhalo engcwele iyizwi likaNkulunkulu.

  • Ikhasi lokwenziwayo lalelisonto lingasiza abantwana bakho ukuthi bafunde ngoJeremiya, uBharuki, kanye nenkosi (bheka uJeremiya 36). Bangakwazi futhi ukwenza izenzo ezihambisana namagama ku Jeremiya 36:4–10, njengokubhala encwadini (bheka ivesi 4) futhi ufundela abantu imibhalo engcwele (bheka amavesi 8, 10).

  • Wena kanye nabantwana bakho ningabheka incwadi yabantwana kanye nekhophi yemibhalo engcwele futhi nikhulume ngokuthi lezi zincwadi zihluke kanjani. Yini eyenza imibhalo ikhetheke? Kungase kukhuthaze ukwabelana omunye nomunye izindinyana zemibhalo engcwele ezibalulekile kuwena.

Jeremiya 38:6–13

Ngiyakwazi ukumela okulungile.

  • Ungasebenzisa isithombe esisekupheleni kohlaka ukuze usize abantwana bakho babone ngeso lengqondo indaba ka-Ebhedi-meleki Jeremiya 38:6–13. Mhlawumbe ungabasiza ukuba bathole ivesi lapho u-Ebhedi-meleki enza khona isibindi ukuze asize umprofethi weNkosi. Yini esingayenza ukukhombisa ukuthi siyazi ukuthi umprofethi wethu namuhla ubizwe nguNkulunkulu?

isiLilo 1:1–2, 16; 3:22–26

UMsindisi wenza ukuba ngithethelelwe izono zami.

  • Ukuze wethule incwadi yesiLilo, ungase uthande ukuchazela abantwana bakho ukuthi ngenxa yokuthi ama-Israyeli ayengaphenduki, iJerusalema nethempeli kwabhujiswa. Beningabelana ngokuthi beningazizwa kanjani ukuba benihlala lapho ngaleso sikhathi (bheka isiLilo 1:1–2, 16). Umlayezo ovela kwisiLilo 3:22–26 ngabe ukunike kanjani ithemba?

  • Ningatshelana nangezikhathi eniphatheke kabi ngazo ngesinqumo esibi enisikhethile. Yini esiyithola kuyo isiLilo 3:22–26 lokho kusisiza ukuba siqonde intethelelo uJesu Kristu ayinikezayo?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

UJeremiya ekhishwa emgodini ngezintambo

I Will Surely Deliver Thee (Jeremiah 39:18) (Impela Ngizokukhulula (Jeremiya 39:18)), nguEva Timothy

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: Imibhalo engcwele iyizwi likaNkulunkulu