Wozani, Ngilandeleni
NgoNovemba 9–15. “Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula”: UDaniyeli 1–7


“NgoNovemba 9–15. “Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula,”: uDaniyeli 1–7” Wozani, Ngilandeleni–Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoNovemba 9–15. ‘Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

uNebukadinesari elalelisisa uDaniyeli

Daniel Interprets Nebuchadnezzar’s Dream [uDaniyeli Uchaza Iphupho likaNebukadinesari], nguGrant Romney Clawson

ngoNovemba 9–15: “Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula”

UDaniyeli 1–7

Cishe akekho noyedwa umuntu ongakusongela ngokukuphonsa esithandweni somlilo noma emphandwini wezingonyama ngenxa yokholo lwakho kuJesu Kristu. Kepha akekho kithi odlula kulempilo ngaphandle kokuvivinywa kokholo. Sonke singazuza ezibonelweni zabantu abanjengoDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego, abathunjwa beseyizinsizwa ngumbuso waseBabiloni onamandla (bheka 2 AmaKhosi 24:10–16). Bezungezwe wusiko ababengalwazi olinamagugu ahlukile, babhekana nezilingo ezinkulu zokulahla izinkolelo namasiko abo alungileyo. Kodwa-ke bahlala bethembekile ezivumelwaneni zabo. Bakwenza kanjani na? Ngokwenza lezozinto ezincane neziwubala uNkulunkulu asicele sonke ukuba sizenze—ukukhuleka, ukuzila ukudla, ukukhetha abangane abahle, ukwethembela kuNkulunkulu, kanye nokuba wukukhanya kwabanye. NjengoJosefa eGibithe no-Esteri ePheresiya, uDaniyeli nabangane bakhe eBhabhiloni balugcina ukholo lwabo kuNkulunkulu, futhi uNkulunkulu wenza izimangaliso ezisakhuthaza amakholwa kuze kube namuhla.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

UDaniyeli 1; 36

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingathembela eNkosini lapho ukholo lwami luvivinywa.

Ngomqondo othile, sonke sihlala eBabiloni. Sivame ukubhekana nezilingo zokuyekethisa izindinganiso zethu futhi sifulathele ukholo kuKristu. Njengoba ufunda UDaniyeli 1, 3, no 6, qaphela izindlela uDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego abacindezelwa ngazo ukuthi benze izinto ababezazi ukuthi zazingalungile. Basabela kanjani kulezi zimo? (bheka UDaniyeli 1:10–13; 3:15–18; 6:10). Yaba yini imiphumela yokholo lwabo? Ngabe yikuphi okufundayo kulezehlakalo okungakusiza ukuthi uthembele eNkosini lapho ubhekene nokuphikiswa na? Futhi cabanga nganansi imibuzo elandelayo:

  • Kunini lapho uke wazizwa ucindezelwa ukuthi wenze into oyaziyo ukuthi ayilungile? Ngabe iNkosi ikubusise kanjani ngokugcina imiyalo Yayo?

  • Kuthiwani uma ukholo lwakho lungaholeli ezimangalisweni ozifunayo? (Isibonelo, bheka u-Alima 14:8–13). Ngalokho okufunde ku Daniyeli 3:13–18, ucabanga ukuthi uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego babengawuphendula kanjani lombuzo na? Isibonelo sabo singayithinta kanjani indlela ohlangabezana ngayo nokuvivinywa kwakho?

  • Ukukhetha kwakho okulungileyo kungabaholela kanjani abanye okholweni olukhulu eNkosini? (bheka uDaniyeli 2:47; 3:28-29). Zindla ngemiphumela izinqumo zakho ezingaba nayo kwabanye.

Bheka futhi uDieter F. Uchtdorf, “Be Not Afriad, Only Believe,” ILiyahona, Nov. 2015, 76–79.

Zama ukuhlanganisa wonke umuntu. UJesu Kristu ubamema “bonke ukuthi beze kuye futhi bahlanganyele ebuhleni bakhe” (2 Nefi 26:33). Uma ufundisa umndeni wakho noma ikilasi, zindla ngezindlela onganikeza ngazo wonke umuntu ithuba lokubamba iqhaza ngandlela thize. Isibonelo, unganikeza umuntu ngamunye indinyana yombhalo ongcwele, ingxenye yomlayezo wengqungquthela yebandla lonke, noma ivesi elivela eculweni ukuze azindle futhi aphawule ngalo. Ungacindezeli muntu ukuthi abambe iqhaza, kodwa banike amathuba.

uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-nego, nomuntu wesine esithandweni

Shadrach, Meshach, and Abednego in the Fiery Furnace [Ushadiraki, uMeshaki, no-Abedi-nego Esithandweni Somlili Ovuthayo], nguWilliam Maughan

UDaniyeli 2

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lingumbuso kaNkulunkulu emhlabeni.

Ngesambulo, uDaniyeli wabona ukuthi iphupho likaNebukadinesari lalibikezela imibuso yezwe yesikhathi esizayo, kanye nombuso kaNkulunkulu wesikhathi esizayo, “ongasoze wachithwa” (UDaniyeli 2:44). “IBandla yilowo mbuso owaprofethwa wezinsuku zokugcina,” kwafundisa iGosa uD. Todd Christofferson, “awudalwanga ngumuntu kepha wamiswa nguNkulunkulu wezulu futhi wagingqika njengetshe ‘elaqheshulwa entabeni kungengazandla’ ukugcwalisa umhlaba” (“Why the Church,” Liahona, ngoNovemba 111). Cabanga ngombuso kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina njengoba ufunda izincazelo ngetshe ku Daniyeli 2:34–35, 44–45. Iyini indima yakho ekusizeni lesi siprofetho ukuba sifezeke?

-ChurchofJesusChrist.org

13:49

God Gave Them Knowledge

UDaniyeli 2:1–30

Ukuthola isambulo kudinga ukulungiselela ngokomoya.

Njengoba ubuyekeza UDaniyeli 2:1–15, cabanga ngokuthi ungazizwa kanjani uma uzithola usesikhundleni sikaDaniyeli. Wenzani uDaniyeli? (bheka ku Daniyeli 16–18). Yini ongayifunda ku Daniyeli 1:17 mayelana nendlela uNkulunkulu alungiselela ngayo uDaniyeli? Yikuphi ongakufunda emazwini nasezenzweni zikaDaniyeli ngemva kokuba ethole usizo lweNkosi? (bheka UDaniyeli 2:19–30).

UDaniyeli 7:13–14

UJesu Kristu uyiNdodana kaBaba waPhakade.

Phakathi nenkonzo yoMsindisi yasemhlabeni, amaJuda amaningi ayebheka isiqu esithi “iNdodana yomuntu” esiku Daniyeli 7:13 njengesibhekisela kuMesiya ozayo. Yini oyifundayo ngoMesiya ku Daniyeli 7:13–14? (bheka uMose 6:57).

UMsindisi wayevame ukuzibiza ngokuthi “iNdodana yomuntu.” Cabanga ngokubuyekeza ezinye izibonelo: NgokukaMathewu 25:31; NgokukaMarku 9:31; 10:45. Ngabe ufundisani Ngaye kulamavesi? Encwadini NgokukaMarku 14:61–64, uJesu wasebenzisa leli bizo ngosuku lokugcina lwempilo Yakhe yasemhlabeni. Qaphela indlela abasabela ngayo abantu abezwa isimemezelo Sakhe. Isiprofetho sikaDaniyeli mayelana neNdodana yomuntu siyithinta kanjani imizwa yakho ngalokho okwenzeka Kuyo NgokukaMarku 15?

Njengoba nje uJesu azondwa ngenxa yokumemezela ukuthi “uyiNdodana yomuntu,” nawe ungase ubhekane nokushushiswa ngenxa yokumemezela iqiniso. Qhathanisa isiprofetho esiku Daniyeli 7:13–14 nezithembiso kwiMfundiso neziVumelwano 121:29, 46.

Bheka futhi iMfundiso neziVumelwano 49:6–16; Izihloko Zemibhalo Engcwele, “INdodana yoMuntu,” Umtapo woLwazi weVangeli.

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa abaNtwana

UDaniyeli 1; 36

UJesu uzongisiza ngenze okulungile noma kunzima.

  • - Ngemva kwalokho ungabeka izithombe zibheke phansi bese ucela umntwana ukuthi aphendule esinye akhulume ngendaba esimele yona. (Ukuze uthole usizo, bheka “UDaniyeli nabaNgani Bakhe,” “UShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-nego,” kanye “UDaniyeli nomPhandu WezingonyamaeZindabeni zeTestamente eliDala, 154–56, 160–62, 163–65.)

    1:39

    Daniel and His Friends

    1:39

    Shadrach, Meshach, and Abed-nego

    1:45

    Daniel and the Lions’ Den

  • Siza abantwana bakho bacabange ngezimo ezingase bacindezelwe ukuba benze ukukhetha okungalungile, njengoDaniyeli nabangane bakhe ku Daniyeli 1, 3, no 6. Yabelanani omunye nomunye ngokuthi nibusiswe kanjani ngokukhetha okuhle noma kunzima -”

izinsizwa zenqaba ukudla inyama

Daniel and the King’s Meat [UDaniyeli kanye neNyama yeNkosi] ngu Brian Call

UDaniyeli 1:1–17

UBaba oseZulwini ufuna nginakekele uzimba wami.

  • Ukufunda indaba ngoDaniyeli nabangani bakhe benqaba inyama yenkosi nowayini kungase kukhuthaze ingxoxo ngomthetho wezempilo uBaba oseZulwini asinikeze namuhla (bheka IMfundiso neziVumelwano 89). Mhlawumbe ungabheka izibusiso uDaniyeli nabangane bakhe abazitholayo futhi uziqhathanise nezibusiso ezithenjiswe eZwini LokuHlakanipha (bheka UDaniyeli 1:15–17 kanye neMfundiso Nezivumelwano 89:18–21).

UDaniyeli 2

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lingumbuso kaNkulunkulu emhlabeni.

  • Ngenkathi ufunda UDaniyeli 2:31–35, 44–45 nabantwana bakho, ungabamema ukuba badwebe isithombe sephupho likaNebukadinesari. Basize baqonde itshe ephusheni limele iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ngabe yikuphi esikufundayo ngeBandla kuleliphupho? Abantwana bakho bangasho ezinye izinto uBaba oseZulwini azenzayo ukumisa iBandla Lakhe ezinsukwini zokugcina. Ungaphinde ukhombise izithombe zezehlakalo ezivela ekuBuyiselweni kweBandla (bheka iGospel Art Book, inombolo 90–95).

UDaniyeli 6

UBaba Osezulwini ufuna ngikhuleke njalo.

  • Kungani ukukhuleka kuBaba oseZulwini kwakubaluleke kangaka kuDaniyeli? Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningaxoxa ngalowombuzo njengoba nifunda uDaniyeli 6 ndawonye. Ngemva kwalokho ningabelana ngokuthi kungani ukuthandaza kubalulekile kini. Abantwana bakho bangase bajabulele ukudweba izithombe zabo bethandaza ezimweni ezahlukahlukene. Bangasebenzisa imidwebo yabo ukufundisana ukuthi singakhuleka kuBaba oseZulwini noma ngabe sikuphi noma sidingani.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

uDaniyeli emi phambi kweqembu lezingonyama

Daniel in the Lion’s Den [UDanyeli Emphandweni Wamabhubesi], nguBriton Rivière

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: UNkulunkulu uzongibusisa njengoba ngikhetha ukulandela uJesu Kristu