“NgoDisemba 21–27. UKhisimusi: ‘Simhlalele, Uyakusisindisa,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
“NgoDisemba 21–27. UKhisimusi: ‘Simhlalele, Uyakusisindisa,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026(2021)
Ngokuba Sizalelwa Umntwana, nguSimon Dewey
NgoDisemba 21–27: “Simhlalele, Uyakusisindisa”
UKhisimusi
ITestamente eliDala liqukethe umoya wokulindela ngentokozo. Ngendlela ethize, licishe lifane nesikhathi sikaKhisimusi. Kuqala ku-Adamu no-Eva, abaphatriyakhe beTestamente eliDala, abaprofethi, ababhali bezinkondlo, nabantu ababebheke phambili belindele izinsuku ezingcono, ezigcwele ithemba lokuvuselelwa nokukhululwa nguMesiya. Futhi abakwa-Israyeli babelidinga kakhulu lelothemba—noma babethunjiwe eGibhithe noma eBabele noma beboshiwe ngenxa yesono sabo noma ukuvukela. Kukho konke, abaprofethi babakhumbuza ukuthi uMesiya, uMkhululi, wayezoza “ezomemezela ukukhululwa kwabathunjwa” (U-Isaya 61:1).
Lelo themba laqala ukufezeka ngesikhathi uJesu Kristu ezalwa eBetlehema. UMkhululi omkhulu wa-Israyeli wazalelwa wabekwa emkhombeni (bheka ngokukaLuka 2:7). Kepha wayengayena uMkhululi nje wabakwa-Israyeli basemandulo. Weza ukuzokhulula wena—ukuzotshatha ubuhlungu bethu, ukuzothwala ukudabuka kwakho, ukuzolinyazwa ngenxa yeziphambeko zakho, ukuze nangemivimbo ya[khe] siphilisiwe thina (bheka ku Isaya 53:4–5). Yingakho uKhisimusi ugcwele ukulinda okuyintokozo ngisho nanamuhla. Sekudlule iminyaka eyizi-2000 eza uMesiya, futhi uyaqhubeka ukuza ezimpilweni zethu uma simfuna.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
Ngiyathokoza kuMhlengi wami.
UKhisimusi waziwa njengesikhathi esiyintokozo ngenxa yentokozo elethwa uKristu emhlabeni. Eminyakeni engamakhulu ngaphambi kokuthi uMsindisi azalwe, abaprofethi beTestamente eliDala nabo bezwa intokozo ngesikhathi bekhuluma ngoMesiya ozayo. Funda lemibhalo elandelayo, bese ucabanga ngokuthi kungani yayingabaluleka kubantu ababelindele umsebenzi woMsindisi: AmaHubo 35:9; U-Isaya 25:8–9; 44:21–24; 51:11; UZefaniya 3:14–20; uMose 5:5–11. Kungani lemibhalo ibalulekile kuwe? Yiziphi izizathu ezinikezwa yilemibhalo engcwele zokujabula?
-
Izimpawu zingangisiza ngikhumbule uJesu Kristu.
Amasiko amaningi ahambiselana noKhisimusi angaba nezimpawu ezisikhomba kuKristu. Ngesikhathi ufunda iTestamente eliDala kulonyaka, kungaba ukuthi ubone izimpawu eziningi ezimele uMsindisi. Ezimbalwa zibaliwe ngaphansi. Cabanga ngokufunda lokhu bese ubhala okukufundisayo Ngaye.
-
Inkanyezi (INumeri 24:17; NgokukaMathewu 2:2; IsAmbulo 22:16).
-
UMelusi (AmaHubo 23:; NgokukaLuka15:4–7; NgokukaJohane 10:11)
-
iMvana (UGenesise 22:8; U-Eksodusi 12:5; 1 kaPetru 1:18–20).
-
Amanzi (U-Eksodusi 17:1–6; UJeremiya 2:13; UHezekeli 47:1–12; NgokuJohane 4:7–14).
-
iDwala (1 uSamuweli 2:2; 2 uSamuweli 22:2–3; AmaHubo 118:22–23; U-Isaya 28:16; Kwabase-Efesu 2:20).
-
iGatsha (U-Isaya 11:1–2; UJeremiya 23:5; 33:15).
-
ukuKhanya (AmaHubo 27:1; U-Isaya 9:2; 60:19; UMika 7:8; NgokukaJohane 8:12).
Yiziphi ezinye izimpawu, imibhalo, kanye nezindaba ezitholakala emibhalweni engcwele ezifakaza ngoJesu Kristu na?
Bheka futhi ku 2 Nefi 11:4; Mosiya 3:14–15; Mose 6:63; “Izinhlobo Noma Izimpawu ZikaKristu” no “Jesu Kristu,” kokubili kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (Umtapo woLwazi weVangeli).
“Negama Lakhe Liyakuthiwa uMluleki Omangalisayo.”
UJesu Kristu ubizwa ngamagama nangamabizo amaningi ahlukene. Bheka amabizo kulamavesi alandelayo AmaHubo 23:1; 83:18; U-Isaya 7:14; 9:6; 12:2; 63:16; U-Amose 4:13; UZakhariya 14:16; uMose 7:53. Yimaphi amanye amabizo ongawacabanga na? Ungase futhi ukujabulele ukubhala ohlwini amabizo kaJesu Kristu owatholayo kwizihlabelelo zikaKhisimusi. Ngabe ibizo ngalinye linomthelela kanjani endleleni ocabanga ngayo Ngaye na?
Cabanga ukukhetha ibizo noma indima yoMsindisi ezokusiza ukuthi umkhumbule unyaka wonke ozayo.
Bheka futhi u-Quentin L. Cook, “Personal Peace in Challenging Timese,” ILiyahona, ngoNovemba. 2021, 89–92; “Hark! The Herald Angels Sing,” Hymns, no. 209.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).
Amasu okuFundisa abaNtwana
ITestamente eliDala lingifundisa ngoJesu.
-
Wena kanye nabantwana bakho ningase nibe nemihlobiso kaKhisimusi eningayisebenzisa ukuze niqale ingxoxo ngoJesu Kristu. Mhlawumbe ungakhuluma ngokuthi inkanyezi kaKhisimusi, izibani, noma isipho kusikhumbuza kanjani ngoMsindisi. Emva kwalokho ungabheka embhalweni ongcwele owodwa noma eminingi elandelayo ukuze uthole okuthile okungafanekisela uJesu Kristu: UGenesise 22:8; Inumeri 24:17; AmaHubo 23:1; 27:1. Mhlawumbe abantwana bakho bangaphakamisa isithombe noma umhlobiso ohambisana nevesi ngalinye lapho belifunda. Ufana kanjani uJesu Kristu nemvana, umelusi, noma ukukhanya? -
-
Abantwana bakho bangabheka nesithombe esisekupheleni kwalesi sifundo njengoba uzifundela u-Isaya 9:6. Cela abantwana bakho ukuba bakhombe umntwana uJesu lapho bezwa umusho othi “sizalelwe umntwana.” Yabelana ngobufakazi bakho bokuthi abaprofethi beTestamenti eliDala babazi ukuthi uJesu wayezozalwa.
-
Ngesikhathi ulungisela ukufunda ngempilo kaKristu kwiTestamente eLisha onyakeni ozayo, cabanga ngokubuyekeza nabantwana bakho ngalokho abakufundile Ngaye kwiTestamente eliDala. Ungabuyekeza uhlelo lwalensiza kanye neminye imibhalo yakho ukukusiza ukhumbule lokho okufundile. abantwana abancane bangazuza ngokubheka Izindaba zeTestamente eliDala noma izithombe encwadini Wozani, Ngilandeleni. Yiziphi iziprofetho noma izindaba ezigqamile? Yikuphi esikufundile ngoMsindisi na?
Amasiko kaKhisimusi angasikhomba kuJesu Kristu.
-
Imindeni yabakwa-Israyeli yayinamasiko, njengePhasika kanye neminye imicimbi, okwakumele ikhombe izinhliziyo zayo nemiqondo yayo eNkosini (bheka ku Eksodusi 12). Yimaphi amasiko wena nabantwana bakho eninawo ngesikhathi sikaKhisimusi anisiza nigxile kuJesu Kristu? Yimaphi amasiko owaziyo ayenziwa kumlando womndeni wakho na? Ungase ucabange ngokuxoxa nabantwana bakho ngamasiko eningase nifune ukuwaqala. Izibonelo zingabandakanya ukusiza umuntu oswele, ukukhetha into ozoyinikeza “njengesipho” kuMsindisi, ukumema umngani ukuba azobuka umlayezo wobuMongameli bokuQala waKhisimusi nawe (broadcasts.ChurchofJesusChrist.org), ukubhala iculo lakho likaKhisimusi, noma ukuthola indlela ehlukile yokwabelana ngomlayezo wokuzalwa kukaKristu.
Ekhaya, ukufunda nokuphila akuhlukaniseki. “Ivangeli liqala ukusebenza ngokushesha ekhaya. Lapho abantu ofunda nabo ivangeli kungabantu ozoliphila kanye nabo—nsuku zonke. Eqinisweni, esikhathini esiningi, ukuliphila ivangeli kumayelana nokuthi silifunda kanjani ivangeli. Ngakho-ke ngesikhathi ulifunda futhi uliphila ivangeli ekhaya, bheka izindlela zokuxhumanisa lokho okufundayo nalokho okwenzayo. Ekhaya lakho, ivangeli lenze kube yinto olwela ukuyiphila, hhayi ukukhuluma ngalo nje kuphela” (Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi, 31).
Umfanekiso wesigaba sokuZalwa kukaJesu, ngu-Ethan Brown
UBaba oseZulwini unginike isipho seNdodana Yakhe ukuba ibe nguMsindisi wami.
-
Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba bazwe ubungcwele nentokozo yokuzalwa kukaKristu? Ningabuka ividiyo “The Christ Child” (Umtapo woLwazi weVangeli) noma nifunde ndawonye ku NgokukaMathewu 1:18–25; 2:1–12; NgokukaLuka 1:26–38; 2:1–20. Umntwana ngamunye angakhetha umuntu kwividiyo noma endabeni yombhalo ongcwele abelane ngokuthi lowo muntu ubezizwa kanjani ngoMsindisi. Bese ningabelana omunye nomunye ngemizwa yenu Ngaye.
17:57The Christ Child
-
Mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningaxoxa ngezipho eniziphe noma enizitholile eminyakeni edlule ezilethe injabulo. Ningabe senifunda ku Isaya ndawonye nikhulume ngokuthi kungani nijabulela ukuthi uBaba oseZulwini wasithumelela uMsindisi. Ukuze usize abantwana bakho baqonde kangcono indima kaJesu Kristu njengoMsindisi wethu, bacele ukuba bafunde ku-Izaya 25:8–9; 53:3–5; no Hoziya 13:14. Lemibhalo isifundisani ngendlela iNkosi esisindisa ngayo?
-
Ningakwazi futhi ukucula iculo likaKhisimusi ndawonye.” ” Siza abantwana bakho bathole imishwana eculweni ebasiza bazi ukuthi uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bayabathanda.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).