Wozani, Ngilandeleni
NgoDisemba 14–20. “Nginithandile, Kusho uJehova”: UMalaki


“NgoDisemba 14–20. ‘Nginithandile, Kusho uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“NgoDisemba 14–20. ‘Nginithandile, Kusho uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

Isithombe setshe sikaJesu phambi kwesibhakabhaka esigcwele izinkanyezi

NgoDisemba 14–20: “Nginithandile, Kusho uJehova”

UMalaki

“Nginithandile,” iNkosi yatshela abantu Bayo ngamazwi omprofethi uMalaki. Kepha abakwa-Israyeli, abahlupheka isikhathi eside ngenxa yezinkathazo nokuthunjwa, babuza “Usithande kanjani na?” (UMalaki 1:2). Kukho konke abakwa-Israyeli abadlula kukho, kufanele ukuthi bazibuza ukuthi ngabe impela umlando wabo uyindaba yothando lukaNkulunkulu kubantu Bakhe besivumelwano. Ngandlela thize, kulula ukukubona njengendaba yobuthakathaka bomuntu nokuhlubuka. Kepha kukho konke, uNkulunkulu akakaze ayeke ukufinyelela ngothando. Ngesikhathi amadodana kaJakobe ephatha kabi umfowabo uJosefa, iNkosi yaqhubeka yabasindisa esomisweni (bheka UGenesise 45:4–8). Ngesikhathi abakwa-Israyeli bekhalaza ehlane, Wabaphilisa ngemana (bheka ku Eksodusi 16:1–4). Ngisho ngesikhathi abakwa-Israyeli bebheka abanye onkulunkulu futhi bahlakazeka, uNkulunkulu wathembisa ukuthi uma bephenduka, uzobaqoqa futhi abahlenge “ngomusa omkhulu” (bheka U-Isaya 54:7). Impela, iTestamente eliDala yindaba yothando lukaNkulunkulu olubekezelayo noluhlalayo. Futhi lendaba iyaqhubeka namuhla. UJesu Kristu, “iLanga Lokulunga,” njengoba uMalaki ambiza kanjalo, uze “nokuphilisa emaphikweni akhe” (UMalaki 4:2). Ungubufakazi obukhulu bothando lukaNkulunkulu kwabakwa-Israyeli nakithi.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

UMalaki 3:1–4

“Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini”

Esikhathini sikaMalaki, abakwa-Israyeli basebelakhe kabusha ithempeli eJersalema, kepha njengabantu, kwakusamele bakhe ubudlelwano babo noNkulunkulu. Ngesikhathi ufunda uMalaki, bheka imibuzo iNkosi eyabuza abakwa-Israyeli noma leyo abayibuza Yena. Cabanga ngokuzibuza imibuzo ecishe ifane (ezinye izibonelo zinikeziwe ngaphansi) ukukusiza uhlole ubudlelwane bakho neNkosi bese usondelana Nayo.

  • Ngabe ngilizwe ngayiphi indlela uthando lweNkosi na? (bheka ku Malaki 1:2).

  • Ngabe lokho engikunikeza iNkosi kuyayihlonipha ngempela na? (bheka ku Malaki 1:6–11)

  • Yingaziphi izindlela okumele “ngibuyele” eNkosini ngazo na? (bheka ku Malaki 3:7).

  • Ngabe iNkosi ngiyayiphanga nganoma iyiphi indlela na? (bheka ku Malaki 3:8–11).

  • Ngabe ukuziphatha kwami ngezikhathi ezinzima kuyayiveza imizwa yami ngoNkulunkulu na? (bheka ku Malaki 3:13–15; bheka futhi ku 2:17).

UMalaki 1:6–14

INkosi icela “umnikelo omsulwa.”

Njengoba ufunda ngeminikelo echazwe ku Malaki 1, yini oyibonayo ngeminikelo abapristi ababeyenza? Ngabe leminikelo isho ukuthini ngemizwa yabapristi eNkosini na?(Bheka ku Malaki 1:13). Cabanga ngokwenza uhlu lweminikelo, noma imihlatshelo, oyenzela iNkosi. Entweni ngayinye esohlwini, zindla ngokuthi yini engase iyenze ibe umnikelo “ongcolile” noma umnikelo “omsulwa” (UMalakhi 1:7, 11).

UMalakhi 3:8–12

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INkosi ivula amafasitela asezulwini njengoba ngikhombisa ukholo lwami ngokukhokha okweshumi.

Ake ucabange ukuthi unomngani osanda kuthola ukuthi ukhokha okweshumi. “Kungani ukwenza lokho?” kubuza umngani wakho. Cabanga ngalokhu njengoba ufunda ku Malaki 3:8–12. Ngabe yikuphi okutholayo okungasiza ukuphendula umbuzo womngani wakho? Yikuphi okunye ongathanda ukuthi umngani wakho akuqonde mayelana nokweshumi? ­Ukuze uthole usizo olwengeziwe, ungasesha umlayezo weGosa uNeil L. Andersen othi “Tithing: Opening the Windows of Heaven’ (ILiyahona, ngoNovemba 2023, 32–35), ukubheka izimpendulo zemibuzo efana nalena:

  • Kungani iNkosi ifuna ukuthi sikhokhe okweshumi?

  • Yini engase ivimbele umuntu ukuba akhokhe okweshumi, futhi singazinqoba kanjani lezo zithiyo?

  • Ukukhokha okweshumi kuluqinisa kanjani ukholo lwethu kuBaba oseZulwini kanye nakuJesu Kristu?

Ungakwazi futhi ukwabelana nomngane wakho ukuthi iNkosi ikubusise kanjani uma ukhokha okweshumi. - Siba ngabantu abanjani ngokukhokha okweshumi?

Ucabanga ukuthi umusho othi “ngingayikunivulela amafasitele asezulwini” (uvesi 10) usho ukuthini? Ungase ubuke ngaphandle kwefasitela futhi ucabange ngezinjongo zamafasitela. Kungani “amafasitela asezulwini” kuyindlela enhle yokuchaza ukuthi iNkosi isibusisa kanjani uma sikhokha okweshumi?

uJesu evela kuJospeh Smith eThempelini laseKirtland

Vision in the Kirtland Temple [Umbono eThempelini laseKirtland], nguGary Smith

UMalaki 4:5–6

“Ngiyakunithumela u-Eliya umprofethi.”

Ngesikhathi uMoroni ephinda uMalaki 4:5–6 kuJoseph Smith, wakwenza “nomehluko omncane kwindlela esifundeka ngayo” eBhayibhelini (bona Joseph Smith—Umlando 1:36–39). Ngabe umehluko waMoroni wanezelela ngani ekuqondeni kwakho lesi siprofetho? Ikakhulukazi, cabanga imibuzo ekanje:

  • Bangobani “oyise”? (bheka UDutheronomi 9:9). Yiziphi izithembiso ezenziwe kubo? (bheka ku Abrahama 2:9–11. Usiza kanjani ukugcwalisa lezizethembiso?

  • Yiziphi izimo osube nazo ezikusize uphendule inhliziyo yakho kokhokho bakho? Kungani lokho kubaluleke kangaka ohlelweni lukaBaba oseZulwini?

Ukufunda kabanzi ngokuza kuka-Eliya nokuthi lesi siprofetho sifezeka kanjani namuhla, bheka IMfundiso neziVumelwano 110:13–16 nomyalezo weGosa Ud. Todd Christofferson, “The Sealing Power” (Iliyahona,ILiyahona, ngoNovemba 2023, 19–22) Kungani ubonga ukuthi u-Eliya usezile na?

-ChurchofJesusChrist.org

3:38

The Sealing Power

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa abaNtwana

UMalaki 1:2

INkosi iyangithanda.

  • Abantwana bakho bangawuphendula kanjani umbuzo otholakala ku Malaki 1:2—”Usithande kanjani na?” Yabelanani omunye nomunye ngezizathu enizaziyo ukuthi uyanithanda. Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba izithombe ezibakhumbuza ngothando Lwakhe.

Faka abantwana ezingxoxweni zevangeli. Uma ufundisa abantwana abancane, kungase kudingeke ukuthi ucabange ngezindlela ezahlukile zokuzibandakanya ezingxoxweni zevangeli. Isibonelo, abantwana bakho ngadlulisa ibhola; uma bephethe ibhola, bangabelana ngesizathu abasaziyo esisodwa sokuthi uJesu uyabathanda.

abazali nomfana omncane babheke ngefasitela

UMalaki 3:8–12

INkosi izongibusisa uma ngikhokha okweshumi.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho bafunde ngokweshumi? Ungabacela ukuthi babale izinto ezincane eziyi-10, njengezinhlamvu zemali ekhasini lomsebenzi lalelisonto. Bese bengahlukanisa okukodwa kube eceleni—lokhu kuyinani kwalokho esinikela ngakho eNkosini njengokweshumi. Ngokusho kuka Malaki 3:8–12, kungani iNkosi ifuna ukuthi sikhokhe okweshumi? (bheka futhi “UMalaki uMprofethi” encwadini IziNdaba zeTestamente eliDala, 171–72; “First Things First!” [ividiyo], Umtapo woLwazi weVangeli).

    0:58

    Malachi the Prophet

    1:18

    First Things First!

  • Njengoba nifunda ku Malaki 3:10 ndawonye, ungabamema abantwana bakho ukuba bame ngasefasiteleni lapho nifunda inkulumo ethi “amafasitela asezulwini.” Noma ungase uthele amanzi enkomishini aze achichime ukuze ufanekisele inkulumo ethi “nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.” Tshela abantwana ngezibusiso uNkulunkulu akunike zona njengoba ukhokha okweshumi. Abantwana bakho bangadweba izithombe ezimele lezi zibusiso futhi bazilengise efasiteleni noma eduze kwefasitela ekhaya lakho.

UMalaki 4:5–6

U–Eliya weza ukuzophendulela izinhliziyo zethu emindenini yethu.

  • Ku Malaki 4:5–6, abantwana bakho bangafuna izimpendulo zemibuzo elandelayo mayelana nesiprofetho sikaMalakhi: Ubani uJehova athembisa ukuthumela? Wathi uzofika nini lomuntu? Yikuphi iNkosi ethe lomuntu uzokwenza? Kungani kungadingeka ukuthi lomuntu eze? Sagcwaliseka kuphi lesi siprofetho? (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 110:13–16).

  • Ukuthola ukuthi isithembiso esiku Malaki 4:5 sagcwaliseka kanjani, ungaphinda ubuyekeze “Joseph and Oliver Are Given the Priesthood” encwadini Doctrine and Covenants Stories, 26–30. - Ungase futhi uvakashele iFamilySearch.org/discovery, i FamilySearch Tree app, noma i My Family booklet ukuze uthole imisebenzi engasiza wena nabantwana bakho ukuba niphendulele izinhliziyo zenu kokhokho benu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

owesifazane ebhakuzisa iduku elimhlophe

Mourning’s Hosanna [IHosana yokuLila], nguRose Datoc Dall. Unkosikazi obizwa ngokuthi uMourning ume ezweni lemimoya, ezungezwe okhokho bakhe. Ugubha ukukhululwa kwabo ekuboshweni komoya.

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: INkosi iyangibusisa njengoba ngikhokha okweshumi