Wozani, Ngilandeleni
Ngo-Okthoba 12–18. “UMhlengi Uyokuza eSiyoni”: Isaya 58–66


“Ngo-Okthoba 12–18. ‘UMhlengi Uyokuza eSiyoni’: Isaya 58–66,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

“Ngo-Okthoba 12–18. ‘UMhlengi Uyokuza eSiyoni,’” Wozani, Ngilandeleni: ITestamente eliDala 2026

UJesu ufundela abantu umqulu esinagogeni

UJesu esinagogeni laseNazaretha, nguGreg Olsen

Ngo-Okthoba 12–18: “UMhlengi Uyokuza eSiyoni”

Isaya 58–66

Ekuqaleni kobufundisi Bakhe, uJesu Kristu wavakashela isinagoge eNazaretha, lapho akhulela khona. Wama lapho ukuze afunde emibhalweni engcwele, wavula incwadi ka-Isaya, futhi wafunda lokho manje esikwazi ngo-Isaya 61:1–2. Wabe esekhuluma ethi, “Namhlanje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.” Lesi kwaba ngesinye sezimemezelo eziqonde kakhulu zoMsindisi zokuthi kwakuNguye oGcotshiweyo, “ozobopha izinhliziyo ezaphukileyo” futhi “ashumayele ukukhululwa kwabathunjiweyo” (bheka NgokukaLuka 4:16–21). Lombhalo ongcwele wagcwaliseka ngempela ngalolosuku. Futhi, njengezinye iziprofetho eziningi zika-Isaya,ziyagcwaliseka osukwini lwethu. UMsindisi uyaqhubeka nokwelapha abadabukile abeza kuye. Basebaningi abathunjwa abasadinga ukukhululwa. Futhi kuneksasa eliqhakazile okufanele sililungiselele—isikhathi lapho iNkosi izodala “izulu elisha nomhlaba omusha” (Isaya 65:17) futhi “iveze ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke” (Isaya 61:11). Ukufunda u-Isaya kuvula amehlo ethu kulokho iNkosi esikwenzile, ukuthi Yenzani, nokuthi yini esazokwenzela abantu Bayo.

uphawu lokufunda

Amasu Okufunda Ekhaya naseBandleni

Isaya 58:3–12

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ukuzila ukudla kwakha amandla omoya futhi kubusisa abantu abaswele.

Kungenziwa yini ukuthi umuntu azikhethele ukungadli uma ukudla kukhona? Njengoba ufunda u-Isaya 58:3–12, ungase ucabange ngezizathu zakho zokuzila ukudla—kanye nezizathu zeNkosi zokunikeza lomthetho. Nansi eminye imibuzo okufanele ucabange ngayo:

  • Kungani ukuzila ngezinye izikhathi kungase kubonakale njengomthwalo omkhulu kunesibusiso? (bheka Isaya 58:3–5). Izimfundiso zeNkosi kulesi sahluko ziwushintsha kanjani lowo mbono kuwe?

  • Kungase kusho ukuthini “ukuthukulula izibopho zenkohlakalo” futhi “ukuphula wonke amajoka”? (Isaya 58:6). Ukuzila kungababusisa kanjani abanye? (bheka ivesi 7).

  • Ukuzila ukudla kukulethele kanjani izibusiso ezichazwe ku Isaya 58:8–12?

Emlayezweni wakhe “Is Not This the Fast That I Have Chosen?” (eLiyahona, Meyi 2015, 22–25), uMongameli uHenry B. Eyring wabe izibonelo ezimbalwa zokuthi abantu babusiswe kanjani ngokuzila ukudla kanye neminikelo yokuzila ukudla. Uzibone kanjani izibusiso ezifanayo empilweni yakho?

Topics and Questions, “Fasting and Fast Offerings,” Umthombo woLwazi weVangeli.

Bazi abantu obafundisayo. Ukuba uthisha ofana noKristu kubandakanye ukwazana nabantu obafundisayo nokuzama ukuqonda okusezinhlizyweni zabo. … Ungathola ukuthi bafunda kahle ngayiphi indlela. Ungabuza imibuzo, ulalelisise, bese uyanaka. Okubalulekile kunakho konke, ungakhulekela ukuqonda okungalethwa nguMoya kuphela. Uma wazi umuntu kangcono, yilapho okwazi khona ukumsiza kangcono ukuthi athole ukuthi lishoni kuye namandla evangelini likaJesu Kristu. Uma usuqonda ukoma komuntu, uMoya ungakufundisa ukuthi ungasiza kanjani ukukucima ngamanzi aphilayo oMsindisi” (Teaching in the Savior’s Way13).

Isaya 58:13–14

Ukudumisa uJehova ngeSabatha kuletha intokozo.

Ngabe usuku lweSabatha “luyintokozo” kuwe? Njengoba ufunda ku Isaya 58:13–14, cabanga ngendlela ongathola ngayo injabulo eyengeziwe osukwini lweNkosi. Isibonelo, kungase kusho ukuthini ukuyeka “ukwenza intando yakho ngosuku [Lwakhe] olungcwele”? Uyini umehluko phakathi “[kokuzithokozisa] eNkosini” kanye “nokwenza izindlela zakho”?

Bheka futhi uRussell M. Nelson, “The Sabbath Is a Delight,” eLiyahona, Meyi 2015, 129–32.

Isaya 59:9–21; 61:1–3; 63:7–9

UJesu Kristu unguMsindisi noMhlengi wami.

Isaya 58–66 inezinkomba eziningi zomsebenzi wokuhlawulela kaJesu Kristu. Zibheke njengoba ufunda. Ikakhulukazi, qaphela amabizo namagama asetshenziswa ukuchaza uMsindisi. Isibonelo:

  • Yini ekuhlaba umxhwele mayelana nencazelo “yomkhulumeli” ku Isaya 59:16–21? UMsindisi uzinqoba kanjani izimo ezichazwe kumavesi 9–15?

  • Ngesikhathi uJesu Kristu ememezela kubantu base Nazaretha ukuthi unguMesiya, wacaphuna u-Isaya 61:1–3 (bheka NgokukaLuka 4:16–21; bheka nevidiyo ethi “Jesus Declares He Is the Messiah,” Umtapo woLwazi weVangeli). UJesu Kristu ukubusise kanjani wena nabanye ngezindlela ezichazwe kulamavesi? Unikeze kanjani ubuhle esikhundleni somlotha?

    3:24

    Jesus Declares He Is the Messiah

  • Yimuphi “umusa kaJehova” ongakhuluma ngawo na? (bheka Isaya 63:7–9).

  • Yikuphi okunye okukhomba kuMsindisi okutholayo Isaya 58–66?

Bheka futhi Mosiya 3:7; IMfundiso neziVumelwano 133:46–53.

izandla zowesilisa ezilula nesibani samafutha ukukhanyisa isibani sowesifazane

Isipho Sokukhanya, ngu-Eva Timothy

Isaya 60–62 60; 62

“UJehova uyakuba-ngukukhanya okuphakade kuwe.”

U-Isaya 60 kanye no 62 bakhuluma ngokukhanya nobumnyama, amehlo kanye nokubona ukufundisa ngendlela ivangeli likaJesu Kristu elizobusisa ngayo umhlaba ezinsukwini zokugcina. Bheka lemiqondo ku-Isaya 60:1–5, 19–20; 62:1–2. Njengoba ufunda lezi zahluko, zindla ngendlela uNkulunkulu aqoqa ngayo abantwana Bakhe ebumnyameni beze ekukhanyeni Kwakhe. Iyini indima yakho kulomsebenzi na?

Bheka futhi 1 Nefi 22:3–12; 3 Nefi 18:24; IMfundiso neziVumelwano 14:9; Bonnie H. Cordon, “That They May See,” eLiyahona, Meyi 2020, 78–80.

Isaya 64:1–5; 65:17–2566

UKristu uzobusa emhlabeni phakathi neMinyaka eyiziNkulungwane.

U-Isaya wakhuluma ngosuku lapho “izinhlupheko zakuqala zikhohlakele” (Isaya 65:16). Nakuba lesi siprofetho sinokugcwaliseka okuningana, ngomqondo waso ophelele, lolo suku lusazofika—lapho uJesu Kristu ezobuya khona. U-Isaya walichaza lolusuku oluzayo Isaya 64:1–5; 65:17–2566. Qaphela ukuthi uwasebenzise kaningi kangakanani amagama anjengokuthi “thokoza” nokuthi “ukujabula.” Kungani ukubuya koMsindisi kuzoba usuku lwentokozo kini? Yini ongayenza ukulungiselela ukuza Kwakhe?

Bheka futhi Izihloko zemiBhalo yoKholo 1:10; Russell M. Nelson, “The Future of the Church: Preparing the World for the Savior’s Second Coming,” Ensign, Apr. 2020, 13–17.

Ukuze uthole okunye, bheka amaphephabhukhu alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana

Amasu okuFundisa abaNtwana

Isaya 58:6–11

Ukuzila kuyangibusisa kanye nabanye abaswele.

  • Mhlawumbe indlela engcono kakhulu yokukhuthaza abantwana bakho ukuthi bazile ukudla—uma sebelungile—ukubasiza baqonde izinhloso zeNkosi zalomthetho. Cabangani ukufunda ndawonye u-Isaya 58:6–11 ukuze nithole izimpendulo zalemibuzo: Kungani sizila ukudla? Sizila kanjani? Ungabheka futhi “Ukuzila ukudla, ukuzila ukudla” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

  • Uma uke waba nesehlakalo esibalulekile ngokuzila ukudla, wabelane ngaso nabantwana bakho. Ungababuza nokuthi bazomchazela kanjani umngane ukuthi kungani iNkosi isinikeze lomthetho.

Isaya 58:13–14

Isabatha lingaba yintokozo kimi.

  • Ngemva kokufunda u-Isaya 58:13–14, ungase ubonise izinsuku zesonto ekhalendeni futhi umeme abantwana bakho ukuba basho izinsuku kanye nawe. Lapho ufika kwiSabatha, bacele ukuba babize lolosuku ngokuthi “ukuthokoza.” Batshele ukuthi kungani iSabatha liyintokozo kini.

  • Yabelanani ngezindlela eninga “zithokozisa ngazo eNkosini” ngeSabatha. Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba imibono yazo futhi bayifake “ebhokisini lezinjabulo zeSabatha.” Khona-ke, lapho bedinga imibono ngezinto okufanele bazenze ngeSabatha, bangakhipha umbono ebhokisini.

isithombe sikaJesu

Ukukhanya Kwethu, nguDan Wilson

Isaya 60:1–3

UMsindisi ufana nokukhanya kimi.

  • Ungase ucele abantwana bakho ukuba bavale amehlo abo njengoba ufunda u-Isaya 60:1–3. Bacele ukuthi bavule amehlo abo lapho bezwa igama elithi “ukukhanya” futhi bawavale futhi lapho bezwa igama elithi “ubumnyama.” Chaza ukuthi uJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe kufana nokukhanya okusisiza ukuthi sibone indlela yethu ebuyela kuBaba oseZulwini.

Isaya 65:17–25

Uma uJesu ebuya futhi, uyoletha ukuthula nenjabulo.

  • U-Isaya 65:17–25 uchaza ukuthi umhlaba uzoba njani uma uMsindisi ebuya futhi. Njengoba ufunda lamavesi nabantwana bakho, basize babheke ukuthi ukuphila kuyoba okuhluke kanjani ‘emhlabeni omusha’ u-Isaya akhuluma ngawo. Kungani lesi kuyoba isikhathi “sokuthokoza nokujabula kuze kube phakade”? (ivesi 18).

  • - Yabelanani omunye nomunye ngalokho enikubheke ngabomvu mayelana nokubuya koMsindisi. Yini esingayenza ukuze silungiselele lolo suku?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

UJesu Kristu esibhakabhakeni, ukukhanya okuvelayo

“Vuka ukhanye; ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza, inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho” (Isaya 60:1). ukuKhanya nokuPhila, nguMark Mabry

Ikhasi lokwenziwayo leNhlangano yabaNtwana: ISabatha lingaba yintokozo kimi